Millat al-Islam

Chapter 80 · 42 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Abasa in Zulu

Arabic with tafsir Listen to Surah Abasa (1306 reciters)
Meccanسورة عبس42 verses

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

عَبَسَ وَتَوَلَّىٰٓ ١Wahwaqabala wafulathela أَن جَآءَهُ ٱلۡأَعۡمَىٰ ٢Ngenxa yokuthi kwafika kuyena impumputhe وَمَا يُدۡرِيكَ لَعَلَّهُۥ يَزَّكَّىٰٓ ٣Futhi yini engakwenza wazi ukuthi angase ahlanzeke أَوۡ يَذَّكَّرُ فَتَنفَعَهُ ٱلذِّكۡرَىٰٓ ٤Noma akhumbule bese kuyamsiza ukukhumbula أَمَّا مَنِ ٱسۡتَغۡنَىٰ ٥Mayelana nalowo obona ukuthi akadingi lutho فَأَنتَ لَهُۥ تَصَدَّىٰ ٦Manjalo wena uyamnaka وَمَا عَلَيۡكَ أَلَّا يَزَّكَّىٰ ٧Futhi alikho (icala) kuwena uma engahlanzeki وَأَمَّا مَن جَآءَكَ يَسۡعَىٰ ٨Futhi mayelana nalowo owafika kuwena egijima وَهُوَ يَخۡشَىٰ ٩Futhi esaba (uMvelinqangi) فَأَنتَ عَنۡهُ تَلَهَّىٰ ١٠Ngakho-ke wena awumnaki كـَلَّآ إِنَّهَا تَذۡكِرَةٌ ١١Lutho! Ngempela wona (amavesi) ayisikhumbuzo فَمَن شَآءَ ذَكَرَهُۥ ١٢Ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akayikhumbule (iQur’an) فِي صُحُفٍ مُّكَرَّمَةٍ ١٣Emaphepheni (emibhalweni) ehloniphekile مَّرۡفُوعَةٍ مُّطَهَّرَةِۭ ١٤Iphakeme ihlanjiwe بِأَيۡدِي سَفَرَةٍ ١٥Ngezandla zababhali (izingelosi) كِرَامِۭ بَرَرَةٍ ١٦Abahloniphekile abangamanxusa قُتِلَ ٱلۡإِنسَٰنُ مَآ أَكۡفَرَهُۥ ١٧Akubhujiswe umuntu ngenxa yokungakholwa kwakhe مِنۡ أَيِّ شَيۡءٍ خَلَقَهُۥ ١٨Wamdala ngani into مِن نُّطۡفَةٍ خَلَقَهُۥ فَقَدَّرَهُۥ ١٩Ngeconsi lesidoda wamdala, manjalo wayeseyamlinganisa (ngokumbumba) ثُمَّ ٱلسَّبِيلَ يَسَّرَهُۥ ٢٠Wayesemenzela lula indlela (yokuzalwa) ثُمَّ أَمَاتَهُۥ فَأَقۡبَرَهُۥ ٢١Wayesemenza ukuthi afe wayesemenzela ingcwaba ثُمَّ إِذَا شَآءَ أَنشَرَهُۥ ٢٢Bese uma ethanda amvuse ekufeni كـَلَّا لَمَّا يَقۡضِ مَآ أَمَرَهُۥ ٢٣Lutho! Akakufezi lokho amphoqa ngakho فَلۡيَنظُرِ ٱلۡإِنسَٰنُ إِلَىٰ طَعَامِهِۦٓ ٢٤Ngakho-ke umuntu akabheke ekudleni kwakhe أَنَّا صَبَبۡنَا ٱلۡمَآءَ صَبًّا ٢٥Thina sathela amanzi amaningi ثُمَّ شَقَقۡنَا ٱلۡأَرۡضَ شَقًّا ٢٦Sabe sesiqhekeza umhlaba ngokuqhekeka (okukhulu) فَأَنۢبَتۡنَا فِيهَا حَبًّا ٢٧Sabe sesimilisa kuwona uhlamvu وَعِنَبًا وَقَضۡبًا ٢٨Kanye namagilebhisi nemfino وَزَيۡتُونًا وَنَخۡلًا ٢٩Kanye nomu-olivi nesundu وَحَدَآئِقَ غُلۡبًا ٣٠Kanye nezivande ezinothile وَفَٰكِهَةً وَأَبًّا ٣١Nezithelo notshani مَّتَٰعًا لَّكُمۡ وَلِأَنۡعَٰمِكُمۡ ٣٢Yinjabulo (yisabelo) senu kanye nezinkomo zenu فَإِذَا جَآءَتِ ٱلصَّآخَّةُ ٣٣Ngakho-ke uma kufika ukukhala okunzima (usuku lokwahlulelwa) يَوۡمَ يَفِرُّ ٱلۡمَرۡءُ مِنۡ أَخِيهِ ٣٤Usuku lapho umuntu eyobalekela umfowabo وَأُمِّهِۦ وَأَبِيهِ ٣٥Nonina noyise وَصَٰحِبَتِهِۦ وَبَنِيهِ ٣٦Nonkosikazi wakhe nezingane zakhe لِكُلِّ ٱمۡرِيٍٕ مِّنۡهُمۡ يَوۡمَئِذٍ شَأۡنٌ يُغۡنِيهِ ٣٧Wonke umuntu phakathi kwabo ngalolosuku uyobe ezinake yena وُجُوهٌ يَوۡمَئِذٍ مُّسۡفِرَةٌ ٣٨Ubuso ngalolosuku buyokhanya ضَاحِكَةٌ مُّسۡتَبۡشِرَةٌ ٣٩Ukuhleka, ukuthokozela izindaba ezimnandi وَوُجُوهٌ يَوۡمَئِذٍ عَلَيۡهَا غَبَرَةٌ ٤٠Futhi (obunye) ubuso ngalolosuku buyokuba nothuli تَرۡهَقُهَا قَتَرَةٌ ٤١Ubumnyamabuyobumboza(ubusobomuntuowayengakwenzi okulungileyo) أُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلۡكَفَرَةُ ٱلۡفَجَرَةُ ٤٢Labo-ke bona abangakholwa, abonayo abenzi bokungalungile

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.