Millat al-Islam

Chapter 76 · 31 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Al-Insan in Zulu

Arabic with tafsir Listen to Surah Al-Insan (1352 reciters)
Medinanسورة الإنسان31 verses

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

هَلۡ أَتَىٰ عَلَى ٱلۡإِنسَٰنِ حِينٌ مِّنَ ٱلدَّهۡرِ لَمۡ يَكُن شَيۡـًٔا مَّذۡكُورًا ١Ngempela ngakube safika yini kumuntu isikhathi lapho ayengeyilutho engacatshangwa إِنَّا خَلَقۡنَا ٱلۡإِنسَٰنَ مِن نُّطۡفَةٍ أَمۡشَاجٍ نَّبۡتَلِيهِ فَجَعَلۡنَٰهُ سَمِيعَۢا بَصِيرًا ٢Ngempela thina samdala umuntu ngesidoda esihlangene (sowesilisa nowesifazane) samlinga sabe sesimenzela ukuzwa nokubona إِنَّا هَدَيۡنَٰهُ ٱلسَّبِيلَ إِمَّا شَاكِرًا وَإِمَّا كَفُورًا ٣Ngempela thina samholela endleleni ukuze abe ngobongayo noma ongabongi إِنَّآ أَعۡتَدۡنَا لِلۡكَٰفِرِينَ سَلَٰسِلَاْ وَأَغۡلَٰلًا وَسَعِيرًا ٤Ngempela sabalungiselela abangakholwa amaketango namakhamandela nomlilo إِنَّ ٱلۡأَبۡرَارَ يَشۡرَبُونَ مِن كَأۡسٍ كَانَ مِزَاجُهَا كَافُورًا ٥Ngempela abalungile bayophuzela enkomishini (yewayini) elihlanganiswe namakha عَيۡنًا يَشۡرَبُ بِهَا عِبَادُ ٱللَّهِ يُفَجِّرُونَهَا تَفۡجِيرًا ٦Umthombo okuyophuza khona izinceku zikaMvelinqangi, ziyowenza ukuthi uphophoze ukuphophoza okuhle يُوفُونَ بِٱلنَّذۡرِ وَيَخَافُونَ يَوۡمًا كَانَ شَرُّهُۥ مُسۡتَطِيرًا ٧Bafeza izifungo futhi besaba usuku ububi balo oluyokwanda (yonke indawo) وَيُطۡعِمُونَ ٱلطَّعَامَ عَلَىٰ حُبِّهِۦ مِسۡكِينًا وَيَتِيمًا وَأَسِيرًا ٨Futhi banikeza kanti bayakuthanda loko kudla, ngendlela athanda ngayo osweleyo nentandane kanye nesiqgila إِنَّمَا نُطۡعِمُكُمۡ لِوَجۡهِ ٱللَّهِ لَا نُرِيدُ مِنكُمۡ جَزَآءً وَلَا شُكُورًا ٩Futhi bethi sinondlela ubuso bukaMvelinqangi – asiwufuni kunina umvuzo noma ukubongwa إِنَّا نَخَافُ مِن رَّبِّنَا يَوۡمًا عَبُوسًا قَمۡطَرِيرًا ١٠Ngempela siyesaba eNkosini yethu usuku olulukhuni olunzima فَوَقَىٰهُمُ ٱللَّهُ شَرَّ ذَٰلِكَ ٱلۡيَوۡمِ وَلَقَّىٰهُمۡ نَضۡرَةً وَسُرُورًا ١١Manjalo uyobasindisa uMvelinqangi ebubini balolosuku, futhi uyokwenza ukuthi bahlangane nobucwazicwazi kanye nenjabulo وَجَزَىٰهُم بِمَا صَبَرُواْ جَنَّةً وَحَرِيرًا ١٢Futhi uyobanika umvuzo ngokubekezela kwabo ngesivande kanye nosilika مُّتَّكِـِٔينَ فِيهَا عَلَى ٱلۡأَرَآئِكِۖ لَا يَرَوۡنَ فِيهَا شَمۡسًا وَلَا زَمۡهَرِيرًا ١٣Bephumulile lapho kusona (isivande) emibhedeni yokucambalala emini, phakathi abaliboni ilanga noma ukubanda okukhulu وَدَانِيَةً عَلَيۡهِمۡ ظِلَٰلُهَا وَذُلِّلَتۡ قُطُوفُهَا تَذۡلِيلًا ١٤Futhi eduzane ngaphezulu kwabo imithunzi yaso (isivande) futhi izithelo zaso ziyolengiselwa eduze kakhulu (ukuze bazithole kalula) وَيُطَافُ عَلَيۡهِم بِـَٔانِيَةٍ مِّن فِضَّةٍ وَأَكۡوَابٍ كَانَتۡ قَوَارِيرَا۠ ١٥Futhi kuyojikeleziswa kubona izitsha zesiliva kanye nezinkomishi zengilazi قَوَارِيرَاْ مِن فِضَّةٍ قَدَّرُوهَا تَقۡدِيرًا ١٦Izingilazi (ezenziwe) ngesiliva, ukwenziwa kwazo okulinganisiwe وَيُسۡقَوۡنَ فِيهَا كَأۡسًا كَانَ مِزَاجُهَا زَنجَبِيلًا ١٧Futhi bayophuziswa lapho phakathi enkomishini (yewayini) inhlanganisela yayo yijinja عَيۡنًا فِيهَا تُسَمَّىٰ سَلۡسَبِيلًا ١٨Umthombo lapho phakathi (esivandeni) obizwa ngokuthi isalsabil ۞ وَيَطُوفُ عَلَيۡهِمۡ وِلۡدَٰنٌ مُّخَلَّدُونَ إِذَا رَأَيۡتَهُمۡ حَسِبۡتَهُمۡ لُؤۡلُؤًا مَّنثُورًا ١٩Futhi bayojikeleza phakathi kwabo abafana bangunaphakade, uma ubabona ucabanga ukuthi bawubuhlalu obuhlakazekile وَإِذَا رَأَيۡتَ ثَمَّ رَأَيۡتَ نَعِيمًا وَمُلۡكًا كَبِيرًا ٢٠Futhi uma ubheka (esivandeni ezulwini) uzobona injabulo nombuso omkhulu عَٰلِيَهُمۡ ثِيَابُ سُندُسٍ خُضۡرٌ وَإِسۡتَبۡرَقٌۖ وَحُلُّوٓاْ أَسَاوِرَ مِن فِضَّةٍ وَسَقَىٰهُمۡ رَبُّهُمۡ شَرَابًا طَهُورًا ٢١Phezulu kwabo kuyokuba yizingubo zikasilika ezicolisisekile eziluhlaza nendwangu ehlotshiswe ngokugqamile futhi bayohlotshiswa ngamabhengela esiliva futhi iNkosi yabo iyobaphuzisa isiphuzo esihlanzayo إِنَّ هَٰذَا كَانَ لَكُمۡ جَزَآءً وَكَانَ سَعۡيُكُم مَّشۡكُورًا ٢٢Ngempela lona ngumvuzo wenu futhi ukuzama (ukuzabalaza) kwenu kuyobongeka (kwamukeleke) إِنَّا نَحۡنُ نَزَّلۡنَا عَلَيۡكَ ٱلۡقُرۡءَانَ تَنزِيلًا ٢٣Ngempela thina sayembula kuwena iQur’an kancane kancane فَٱصۡبِرۡ لِحُكۡمِ رَبِّكَ وَلَا تُطِعۡ مِنۡهُمۡ ءَاثِمًا أَوۡ كَفُورًا ٢٤Ngakho-ke bekezelela umthetho weNkosi yakho futhi ungamhloniphi phakathi kwabo oyisoni noma ongakholwa وَٱذۡكُرِ ٱسۡمَ رَبِّكَ بُكۡرَةً وَأَصِيلًا ٢٥Futhi khumbula igama leNkosi yakho (thandaza) ekuseni nakusihlwa وَمِنَ ٱلَّيۡلِ فَٱسۡجُدۡ لَهُۥ وَسَبِّحۡهُ لَيۡلًا طَوِيلًا ٢٦Kanye nasebusuku uyikhothamele (uyiguqele) futhi uyidumise ubusuku obude إِنَّ هَٰٓؤُلَآءِ يُحِبُّونَ ٱلۡعَاجِلَةَ وَيَذَرُونَ وَرَآءَهُمۡ يَوۡمًا ثَقِيلًا ٢٧Ngempela laba bathanda okwamanje (impilo yalomhlaba) bashiya ngemumva kwabo usuku olunzima نَّحۡنُ خَلَقۡنَٰهُمۡ وَشَدَدۡنَآ أَسۡرَهُمۡۖ وَإِذَا شِئۡنَا بَدَّلۡنَآ أَمۡثَٰلَهُمۡ تَبۡدِيلًا ٢٨Thina sabadala saqinisa isimo sabo futhi uma sithanda singabashintsha ngabafana nabo ukubashintsha okuphelele إِنَّ هَٰذِهِۦ تَذۡكِرَةٌۖ فَمَن شَآءَ ٱتَّخَذَ إِلَىٰ رَبِّهِۦ سَبِيلًا ٢٩Ngempela lokhu yisikhumbuzo, ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akathathe indlela eya eNkosini yakhe وَمَا تَشَآءُونَ إِلَّآ أَن يَشَآءَ ٱللَّهُۚ إِنَّ ٱللَّهَ كَانَ عَلِيمًا حَكِيمًا ٣٠Futhi angeke nithande ngaphandle kokuba uma ethanda uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyisazi unobuhlakani يُدۡخِلُ مَن يَشَآءُ فِي رَحۡمَتِهِۦۚ وَٱلظَّٰلِمِينَ أَعَدَّ لَهُمۡ عَذَابًا أَلِيمَۢا ٣١Ungenisa lowo amthandayo emseni wakhe futhi izoni wazilungiselela isijeziso esibuhlungu

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.