بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
قُلۡ أُوحِيَ إِلَيَّ أَنَّهُ ٱسۡتَمَعَ نَفَرٌ مِّنَ ٱلۡجِنِّ فَقَالُوٓاْ إِنَّا سَمِعۡنَا قُرۡءَانًا عَجَبًا ١Ithi, “kwambulwa kumina ukuthi lilalele iqembu lamajinn ngakho-ke lathi ngempela siyizwile iQur’an emangalisayo يَهۡدِيٓ إِلَى ٱلرُّشۡدِ فَـَٔامَنَّا بِهِۦۖ وَلَن نُّشۡرِكَ بِرَبِّنَآ أَحَدًا ٢Eholela endleleni elungile ngakho-ke sikholelwe kuyona futhi asisoze senzele iNkosi yethu namuntu umhlanganyeli ekuyikhonzeni وَأَنَّهُۥ تَعَٰلَىٰ جَدُّ رَبِّنَا مَا ٱتَّخَذَ صَٰحِبَةً وَلَا وَلَدًا ٣Futhi yona, abuphakanyiswe ubukhulu beNkosi yethu ayizange ithathe unkosikazi nendodana وَأَنَّهُۥ كَانَ يَقُولُ سَفِيهُنَا عَلَى ٱللَّهِ شَطَطًا ٤Futhi izithutha phakathi kwethu zazisho ngoMvelinqangi okubi kakhulu (ukungahloniphi) وَأَنَّا ظَنَنَّآ أَن لَّن تَقُولَ ٱلۡإِنسُ وَٱلۡجِنُّ عَلَى ٱللَّهِ كَذِبًا ٥Futhi sasicabanga ukuthi abantu namajinn abasoze bamqambele uMvelinqangi amanga وَأَنَّهُۥ كَانَ رِجَالٌ مِّنَ ٱلۡإِنسِ يَعُوذُونَ بِرِجَالٍ مِّنَ ٱلۡجِنِّ فَزَادُوهُمۡ رَهَقًا ٦Futhi ngasosonke isikhathi amadoda angabantu ayefuna isiphephelo emadodeni angamajinn ngakho-ke babanezelela ngomthwalo (wezono) وَأَنَّهُمۡ ظَنُّواْ كَمَا ظَنَنتُمۡ أَن لَّن يَبۡعَثَ ٱللَّهُ أَحَدًا ٧Futhi bona bacabanga njengoba nanicabanga ukuthi akasoze uMvelinqangi avuse (athumele ngisho) noyedwa وَأَنَّا لَمَسۡنَا ٱلسَّمَآءَ فَوَجَدۡنَٰهَا مُلِئَتۡ حَرَسًا شَدِيدًا وَشُهُبًا ٨Futhi sasifuna ukufinyelela ezulwini, kepha salifica ligcwaliswe ngabaqaphi abaqatha namalangabi omlilo وَأَنَّا كُنَّا نَقۡعُدُ مِنۡهَا مَقَٰعِدَ لِلسَّمۡعِۖ فَمَن يَسۡتَمِعِ ٱلۡأٓنَ يَجِدۡ لَهُۥ شِهَابًا رَّصَدًا ٩Futhi sasijwayele ukuhlala lapho phakathi (sibe) sezimweni zokulalela kepha noma ngabe ngubani olalelayo manje uzozitholela umlilo (ilangabi) elivuthayo وَأَنَّا لَا نَدۡرِيٓ أَشَرٌّ أُرِيدَ بِمَن فِي ٱلۡأَرۡضِ أَمۡ أَرَادَ بِهِمۡ رَبُّهُمۡ رَشَدًا ١٠Futhi asazi noma okubi kuqondiswe kulabo abasemhlabeni noma iNkosi yabo ihlose ngabo ukuholeka وَأَنَّا مِنَّا ٱلصَّٰلِحُونَ وَمِنَّا دُونَ ذَٰلِكَۖ كُنَّا طَرَآئِقَ قِدَدًا ١١Futhi abanye phakathi kwethu bangabalungileyo futhi abanye phakathi kwethu abayikona lokho, sasiyizindlela ezehlukene وَأَنَّا ظَنَنَّآ أَن لَّن نُّعۡجِزَ ٱللَّهَ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَلَن نُّعۡجِزَهُۥ هَرَبًا ١٢Futhi sasicabanga ukuthi asisoze siphunyuke kuMvelinqangi emhlabeni futhi angeke siphunyuke kuyena ngokubaleka وَأَنَّا لَمَّا سَمِعۡنَا ٱلۡهُدَىٰٓ ءَامَنَّا بِهِۦۖ فَمَن يُؤۡمِنۢ بِرَبِّهِۦ فَلَا يَخَافُ بَخۡسًا وَلَا رَهَقًا ١٣Futhi ngenkathi sizwa ukuholwa sakholelwa kukona, ngakho- ke noma ngabe ngubani okholwa eNkosini yakhe manjalo akesabi ukunciphiselwa noma umthwalo wokwehlulelwa وَأَنَّا مِنَّا ٱلۡمُسۡلِمُونَ وَمِنَّا ٱلۡقَٰسِطُونَۖ فَمَنۡ أَسۡلَمَ فَأُوْلَٰٓئِكَ تَحَرَّوۡاْ رَشَدًا ١٤Futhi phakathi kwethu kunama muslim futhi phakathi kwethu kunabangenabo ubulungiswa ngakho-ke noma ngabe ngubani ozinikelayo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi manjalo labo baziqokele indlela elungile وَأَمَّا ٱلۡقَٰسِطُونَ فَكَانُواْ لِجَهَنَّمَ حَطَبًا ١٥Futhi mayelana nabangenabo ubulungiswa bayoba yizinkuni (yizithungelo) zesihogo وَأَلَّوِ ٱسۡتَقَٰمُواْ عَلَى ٱلطَّرِيقَةِ لَأَسۡقَيۡنَٰهُم مَّآءً غَدَقًا ١٦Futhi ukube babezigcine besendleleni ngempela sasizobaphuzisa amanzi amaningi لِّنَفۡتِنَهُمۡ فِيهِۚ وَمَن يُعۡرِضۡ عَن ذِكۡرِ رَبِّهِۦ يَسۡلُكۡهُ عَذَابًا صَعَدًا ١٧Ukuze sibalinge lapho futhi noma ngabe ngubani ophambukayo esikhumbuzweni seNkosi yakhe izomngenisa esijezisweni esinzima وَأَنَّ ٱلۡمَسَٰجِدَ لِلَّهِ فَلَا تَدۡعُواْ مَعَ ٱللَّهِ أَحَدًا ١٨Futhi amaMasjid angawaMvelinqangi ngakho-ke ningambizi (omunye) umuntu kanye noMvelinqangi وَأَنَّهُۥ لَمَّا قَامَ عَبۡدُ ٱللَّهِ يَدۡعُوهُ كَادُواْ يَكُونُونَ عَلَيۡهِ لِبَدًا ١٩Futhi ngenkathi isukuma inceku kaMvelinqangi imbiza bacishe basondele kuyona beminyana قُلۡ إِنَّمَآ أَدۡعُواْ رَبِّي وَلَآ أُشۡرِكُ بِهِۦٓ أَحَدًا ٢٠Ithi, “kuphela ngibiza iNkosi yami futhi angiyenzeli namuntu umhlanganyeli ekuyikhonzeni” قُلۡ إِنِّي لَآ أَمۡلِكُ لَكُمۡ ضَرًّا وَلَا رَشَدًا ٢١Ithi, “ngempela mina anginalutho olwenu oluwukulimaza noma ukuhola” قُلۡ إِنِّي لَن يُجِيرَنِي مِنَ ٱللَّهِ أَحَدٌ وَلَنۡ أَجِدَ مِن دُونِهِۦ مُلۡتَحَدًا ٢٢Ithi, “ngempela mina akekho noyedwa ongivikelayo kuMvelinqangi futhi angisoze ngisithole isiphephelo ngaphandle kwakhe” إِلَّا بَلَٰغًا مِّنَ ٱللَّهِ وَرِسَٰلَٰتِهِۦۚ وَمَن يَعۡصِ ٱللَّهَ وَرَسُولَهُۥ فَإِنَّ لَهُۥ نَارَ جَهَنَّمَ خَٰلِدِينَ فِيهَآ أَبَدًا ٢٣(Akuyilutho) ngaphandle kombiko ovela kuMvelinqangi nemiyalezo yakhe, futhi noma ngabe ngubani ongamhloniphi uMvelinqangi nesithunywa sakhe ngakho-ke ngempela okwakhe ngumlilo wesihogo ahlale kuwona ingunaphakade حَتَّىٰٓ إِذَا رَأَوۡاْ مَا يُوعَدُونَ فَسَيَعۡلَمُونَ مَنۡ أَضۡعَفُ نَاصِرًا وَأَقَلُّ عَدَدًا ٢٤Kuze kube yilapho sebebona lokho abathenjiswe kona ngakho-ke bayokwazi ukuthi ngubani obuthakathaka kakhulu ngabalekeleli nabancane ngesibalo قُلۡ إِنۡ أَدۡرِيٓ أَقَرِيبٌ مَّا تُوعَدُونَ أَمۡ يَجۡعَلُ لَهُۥ رَبِّيٓ أَمَدًا ٢٥Ithi, “angazi noma kuseduze lokho enethenjiswe kona noma iNkosi yami imbekele isikhathi esiqhelile” عَٰلِمُ ٱلۡغَيۡبِ فَلَا يُظۡهِرُ عَلَىٰ غَيۡبِهِۦٓ أَحَدًا ٢٦Isazi sokungabonwa futhi asazisi ngisho noma munye imfihlo yaso إِلَّا مَنِ ٱرۡتَضَىٰ مِن رَّسُولٍ فَإِنَّهُۥ يَسۡلُكُ مِنۢ بَيۡنِ يَدَيۡهِ وَمِنۡ خَلۡفِهِۦ رَصَدًا ٢٧Ngaphandle kwalowo (isazi) esimkhethile ezithunyweni bese senza ukuthi kuhambe ngaphambili kwakhe kanye nangemumva kwakhe umqapheli لِّيَعۡلَمَ أَن قَدۡ أَبۡلَغُواْ رِسَٰلَٰتِ رَبِّهِمۡ وَأَحَاطَ بِمَا لَدَيۡهِمۡ وَأَحۡصَىٰ كُلَّ شَيۡءٍ عَدَدَۢا ٢٨Ukuze azi (umqapheli) ukuthi zishumayela imiyalezo yeNkosi yabo futhi isingethe konke lokho okukubona