بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
سَأَلَ سَآئِلُۢ بِعَذَابٍ وَاقِعٍ ١Wabuza umbuzi mayelana nesijeziso esizokwenzeka لِّلۡكَٰفِرِينَ لَيۡسَ لَهُۥ دَافِعٌ ٢Kwabangakholwa – akekho umvimbi waso مِّنَ ٱللَّهِ ذِي ٱلۡمَعَارِجِ ٣Sivela kuMvelinqangi umnikazi wezindlela ezenyukayo تَعۡرُجُ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ وَٱلرُّوحُ إِلَيۡهِ فِي يَوۡمٍ كَانَ مِقۡدَارُهُۥ خَمۡسِينَ أَلۡفَ سَنَةٍ ٤Zenyukela kuyena izingelosi kanye nomoya ngosuku isilinganiso salo esiyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu zeminyaka فَٱصۡبِرۡ صَبۡرًا جَمِيلًا ٥Ngakho-ke bekezela ukubekezela kuhle إِنَّهُمۡ يَرَوۡنَهُۥ بَعِيدًا ٦Ngempela bona bakubona kukude وَنَرَىٰهُ قَرِيبًا ٧Kepha sikubona (lokho) kuseduzane يَوۡمَ تَكُونُ ٱلسَّمَآءُ كَٱلۡمُهۡلِ ٨Ngosuku lapho isibhakabhaka siyoba njengethusi elincibilikayo (noma njengensalela yamafutha) وَتَكُونُ ٱلۡجِبَالُ كَٱلۡعِهۡنِ ٩Futhi izintaba ziyoba njengovolo (angeke zehlukaniseke) وَلَا يَسۡـَٔلُ حَمِيمٌ حَمِيمًا ١٠Futhi akekho umngane oyobuza (omunye) umngane يُبَصَّرُونَهُمۡۚ يَوَدُّ ٱلۡمُجۡرِمُ لَوۡ يَفۡتَدِي مِنۡ عَذَابِ يَوۡمِئِذِۭ بِبَنِيهِ ١١Bayokwenziwa ukuthi babonane, isigebengu (onecala) uyofisa ukuthi azihlenge esijezisweni salolosuku ngezingane zakhe وَصَٰحِبَتِهِۦ وَأَخِيهِ ١٢Kanye nonkosikazi wakhe nomfowabo وَفَصِيلَتِهِ ٱلَّتِي تُـٔۡوِيهِ ١٣Kanye nesihlobo esiseduze okuyisona esamvikela وَمَن فِي ٱلۡأَرۡضِ جَمِيعًا ثُمَّ يُنجِيهِ ١٤Kanye nabobonke abasemhlabeni bese kuyamsindisa كـَلَّآۖ إِنَّهَا لَظَىٰ ١٥Lutho! Ngempela kona kungumlilo wesihogo نَزَّاعَةً لِّلشَّوَىٰ ١٦(Umlilo wesihogo) ususa isikhumba (kuze kungasali lutho) تَدۡعُواْ مَنۡ أَدۡبَرَ وَتَوَلَّىٰ ١٧Umeme (bonke) labo ababefulathelisa imihlane (yabo) futhi bafulathela (endleleni eqondile) وَجَمَعَ فَأَوۡعَىٰٓ ١٨Futhi aqoqe (ingcebo) bese eyayigodla ۞ إِنَّ ٱلۡإِنسَٰنَ خُلِقَ هَلُوعًا ١٩Ngempela umuntu wadalwa wangabi nokubekezela إِذَا مَسَّهُ ٱلشَّرُّ جَزُوعًا ٢٠Uma ethintwa okubi akabekezeli وَإِذَا مَسَّهُ ٱلۡخَيۡرُ مَنُوعًا ٢١Futhi uma ethintwa okuhle uyancishana إِلَّا ٱلۡمُصَلِّينَ ٢٢Ngaphandle kwabathandazayo ٱلَّذِينَ هُمۡ عَلَىٰ صَلَاتِهِمۡ دَآئِمُونَ ٢٣Labo abasemthandazweni wabo njalo وَٱلَّذِينَ فِيٓ أَمۡوَٰلِهِمۡ حَقٌّ مَّعۡلُومٌ ٢٤Kanye nalabo emnothweni wabo ekunelungelo elaziwayo لِّلسَّآئِلِ وَٱلۡمَحۡرُومِ ٢٥Lesicelo kanye nonqatshelwe وَٱلَّذِينَ يُصَدِّقُونَ بِيَوۡمِ ٱلدِّينِ ٢٦Kanye nalabo abakholelwa osukwini lokwahlulelwa وَٱلَّذِينَ هُم مِّنۡ عَذَابِ رَبِّهِم مُّشۡفِقُونَ ٢٧Kanye nalabo abesaba isijeziso seNkosi yabo إِنَّ عَذَابَ رَبِّهِمۡ غَيۡرُ مَأۡمُونٍ ٢٨Ngempela isijeziso seNkosi yabo akusona abazizwa bephephile kusona وَٱلَّذِينَ هُمۡ لِفُرُوجِهِمۡ حَٰفِظُونَ ٢٩Kanye nalabo abalondoloza izitho zabo zangasese إِلَّا عَلَىٰٓ أَزۡوَٰجِهِمۡ أَوۡ مَا مَلَكَتۡ أَيۡمَٰنُهُمۡ فَإِنَّهُمۡ غَيۡرُ مَلُومِينَ ٣٠Ngaphandle kumakhosikazi abo noma labo abasezandleni zabo zokunene, ngakho-ke ngempela bona abasibona bokusolwa فَمَنِ ٱبۡتَغَىٰ وَرَآءَ ذَٰلِكَ فَأُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلۡعَادُونَ ٣١Ngakho-ke noma ngabe ngobani abafisa okungale kwaloko manjalo labo, bona bephula umthetho وَٱلَّذِينَ هُمۡ لِأَمَٰنَٰتِهِمۡ وَعَهۡدِهِمۡ رَٰعُونَ ٣٢Nalabo, bona abakugcinayo loko abathenjwe ngako kanye nesivumelwano وَٱلَّذِينَ هُم بِشَهَٰدَٰتِهِمۡ قَآئِمُونَ ٣٣Kanye nalabo, bona abama baqine ebufakazini babo وَٱلَّذِينَ هُمۡ عَلَىٰ صَلَاتِهِمۡ يُحَافِظُونَ ٣٤Kanye nalabo, bona abagcina umthandazo wabo أُوْلَٰٓئِكَ فِي جَنَّٰتٍ مُّكۡرَمُونَ ٣٥Labo bayokuba sezivandeni behloniphekile فَمَالِ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ قِبَلَكَ مُهۡطِعِينَ ٣٦Ngakho-ke kwenziwa yini ukuthi labo abangakholwanga bajahe ngaphambili kwakho عَنِ ٱلۡيَمِينِ وَعَنِ ٱلشِّمَالِ عِزِينَ ٣٧Ngakwesokunene nangakwesobunxele isixuku sabantu أَيَطۡمَعُ كُلُّ ٱمۡرِيٍٕ مِّنۡهُمۡ أَن يُدۡخَلَ جَنَّةَ نَعِيمٍ ٣٨Ngakube wonke umuntu phakathi kwabo ufisa ukungena esivandeni senjabulo كـَلَّآۖ إِنَّا خَلَقۡنَٰهُم مِّمَّا يَعۡلَمُونَ ٣٩Lutho! Ngempela sabadala ngalokho abakwaziyo فَلَآ أُقۡسِمُ بِرَبِّ ٱلۡمَشَٰرِقِ وَٱلۡمَغَٰرِبِ إِنَّا لَقَٰدِرُونَ ٤٠Manjalo ngifunga ngeNkosi yezimpumalanga nezintshonalanga, ukuthi ngempela siyakwazi ukwenza عَلَىٰٓ أَن نُّبَدِّلَ خَيۡرًا مِّنۡهُمۡ وَمَا نَحۡنُ بِمَسۡبُوقِينَ ٤١Ukuthi sibashintshe ngabangcono kunabo futhi thina asibona abokushiywa فَذَرۡهُمۡ يَخُوضُواْ وَيَلۡعَبُواْ حَتَّىٰ يُلَٰقُواْ يَوۡمَهُمُ ٱلَّذِي يُوعَدُونَ ٤٢Ngakho-ke bayeke bagxambuze enkulumweni eyize futhi badlale kuze kube bayahlangana ngosuku lwabo lolo abathenjiswa lona يَوۡمَ يَخۡرُجُونَ مِنَ ٱلۡأَجۡدَاثِ سِرَاعًا كَأَنَّهُمۡ إِلَىٰ نُصُبٍ يُوفِضُونَ ٤٣Ngosuku abayophuma ngalo emathuneni ngokushesha, okusengathi bona bajahe esithixweni خَٰشِعَةً أَبۡصَٰرُهُمۡ تَرۡهَقُهُمۡ ذِلَّةٌۚ ذَٰلِكَ ٱلۡيَوۡمُ ٱلَّذِي كَانُواْ يُوعَدُونَ ٤٤Amehlo abo athotshisiwe ukudumazeka kuyobamboza, lolo wusuku ababethenjiswe lona