Millat al-Islam

Chapter 53 · 62 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah An-Najm in Zulu

Arabic with tafsir Listen to Surah An-Najm (1285 reciters)
Meccanسورة النجم62 verses

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

وَٱلنَّجۡمِ إِذَا هَوَىٰ ١Ngenkanyezi uma yehla مَا ضَلَّ صَاحِبُكُمۡ وَمَا غَوَىٰ ٢Akazange aduke umngane wenu futhi akazange aphambuke وَمَا يَنطِقُ عَنِ ٱلۡهَوَىٰٓ ٣Futhi akakhulumi ngokuthanda (kwakhe) إِنۡ هُوَ إِلَّا وَحۡيٌ يُوحَىٰ ٤Akuyilutho ngaphandle kwesambulo esambuliwe عَلَّمَهُۥ شَدِيدُ ٱلۡقُوَىٰ ٥Wafundiswa onzima onamandla (ingelosi uGabriyeli) ذُو مِرَّةٍ فَٱسۡتَوَىٰ ٦Enamandla amakhulu, manjalo yama yaqonda (ingelosi) وَهُوَ بِٱلۡأُفُقِ ٱلۡأَعۡلَىٰ ٧Futhi yona yayisemkhathini iphakeme kakhulu ثُمَّ دَنَا فَتَدَلَّىٰ ٨Yabe seyiyasondela yeza eduzane فَكَانَ قَابَ قَوۡسَيۡنِ أَوۡ أَدۡنَىٰ ٩Futhi kwaba yibanga elingangemicibisholo emibili noma okuseduze (kunalokho) فَأَوۡحَىٰٓ إِلَىٰ عَبۡدِهِۦ مَآ أَوۡحَىٰ ١٠Ngakho-ke (iNkosi) yembula encekwini yakhe lokho eyakwembula مَا كَذَبَ ٱلۡفُؤَادُ مَا رَأَىٰٓ ١١Inhliziyo ayizange iwaqambe amanga ngalokho eyakubona أَفَتُمَٰرُونَهُۥ عَلَىٰ مَا يَرَىٰ ١٢Ngakube niyaphikisana naye kulokho akubona na وَلَقَدۡ رَءَاهُ نَزۡلَةً أُخۡرَىٰ ١٣Futhi ngempela wayibona (ingelosi) kwesinye isambulo عِندَ سِدۡرَةِ ٱلۡمُنتَهَىٰ ١٤Eduzane nesihlahla somlothi ngasekugcineni komkhawulo عِندَهَا جَنَّةُ ٱلۡمَأۡوَىٰٓ ١٥Eduze kwayo kunesivande sokuphumula (izulu) إِذۡ يَغۡشَى ٱلسِّدۡرَةَ مَا يَغۡشَىٰ ١٦Ngenkathi kumboza isidra loko okumbozayo مَا زَاغَ ٱلۡبَصَرُ وَمَا طَغَىٰ ١٧Akuzange kuphambuke ukubona futhi akuzange kuphule umthetho لَقَدۡ رَأَىٰ مِنۡ ءَايَٰتِ رَبِّهِ ٱلۡكُبۡرَىٰٓ ١٨Ngempela wabona okwezimpawu zeNkosi yakhe ezinkulu أَفَرَءَيۡتُمُ ٱللَّٰتَ وَٱلۡعُزَّىٰ ١٩Ngakube nimbonile yini ullata kanye no uzza وَمَنَوٰةَ ٱلثَّالِثَةَ ٱلۡأُخۡرَىٰٓ ٢٠Kanye noManat esinye (isithixo) sesithathu أَلَكُمُ ٱلذَّكَرُ وَلَهُ ٱلۡأُنثَىٰ ٢١Ngakube okwenu abesilisa abakhe abesifazane na تِلۡكَ إِذًا قِسۡمَةٌ ضِيزَىٰٓ ٢٢Lokho ukwahlukana okungenabo ubulungiswa إِنۡ هِيَ إِلَّآ أَسۡمَآءٌ سَمَّيۡتُمُوهَآ أَنتُمۡ وَءَابَآؤُكُم مَّآ أَنزَلَ ٱللَّهُ بِهَا مِن سُلۡطَٰنٍۚ إِن يَتَّبِعُونَ إِلَّا ٱلظَّنَّ وَمَا تَهۡوَى ٱلۡأَنفُسُۖ وَلَقَدۡ جَآءَهُم مِّن رَّبِّهِمُ ٱلۡهُدَىٰٓ ٢٣Aziyilutho (izithixo) ngaphandle kwamagama eniwaqambe zona, nina kanye naboyihlo, okungukuthi uMvelinqangi akalehliselanga phansi igunya ngako, abalandeli ngaphandle komcabango kanye nalokho okufiswa yimiphefumulo, futhi ngempela kwabafikela ukuholwa okuvela eNkosini yabo أَمۡ لِلۡإِنسَٰنِ مَا تَمَنَّىٰ ٢٤Noma ngakube okomuntu yilokho akufisayo فَلِلَّهِ ٱلۡأٓخِرَةُ وَٱلۡأُولَىٰ ٢٥Kepha kungokukaMvelinqangi okokugcina (impilo ezayo) nokokuqala (impilo yalomhlaba) ۞ وَكَم مِّن مَّلَكٍ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ لَا تُغۡنِي شَفَٰعَتُهُمۡ شَيۡـًٔا إِلَّا مِنۢ بَعۡدِ أَن يَأۡذَنَ ٱللَّهُ لِمَن يَشَآءُ وَيَرۡضَىٰٓ ٢٦Futhi zingaki izingelosi ezisemazulwini okungasizi ngalutho ukuncenga kwazo ngaphandle kwangemumva kokuba uma uMvelinqangi evumela lowo amthandayo namthokozelayo إِنَّ ٱلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ بِٱلۡأٓخِرَةِ لَيُسَمُّونَ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةَ تَسۡمِيَةَ ٱلۡأُنثَىٰ ٢٧Ngempela labo abangakholelwa empilweni ezayo baqamba izingelosi ngamagama abesifazane وَمَا لَهُم بِهِۦ مِنۡ عِلۡمٍۖ إِن يَتَّبِعُونَ إِلَّا ٱلظَّنَّۖ وَإِنَّ ٱلظَّنَّ لَا يُغۡنِي مِنَ ٱلۡحَقِّ شَيۡـًٔا ٢٨Futhi abanalo ulwazi ngako (lokho abakushoyo), abalandeli lutho ngaphandle komcabango futhi ngempela umcabango awuzuzi lutho eqinisweni فَأَعۡرِضۡ عَن مَّن تَوَلَّىٰ عَن ذِكۡرِنَا وَلَمۡ يُرِدۡ إِلَّا ٱلۡحَيَوٰةَ ٱلدُّنۡيَا ٢٩Ngakho-ke qhelelana nalowo ofulathela isikhumbuzo sethu futhi ongathandi ngaphandle kwempilo yalomhlaba ذَٰلِكَ مَبۡلَغُهُم مِّنَ ٱلۡعِلۡمِۚ إِنَّ رَبَّكَ هُوَ أَعۡلَمُ بِمَن ضَلَّ عَن سَبِيلِهِۦ وَهُوَ أَعۡلَمُ بِمَنِ ٱهۡتَدَىٰ ٣٠Lokho yisamba sabo solwazi, ngempela iNkosi yakho yona yazi kangcono ngalowo ophambukile endleleni yayo futhi yona yazi kangcono ngalowo oholeleke (endleleni eqondile) وَلِلَّهِ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَا فِي ٱلۡأَرۡضِ لِيَجۡزِيَ ٱلَّذِينَ أَسَٰٓـُٔواْ بِمَا عَمِلُواْ وَيَجۡزِيَ ٱلَّذِينَ أَحۡسَنُواْ بِٱلۡحُسۡنَى ٣١Futhi ngokukaMvelinqangi konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni ukuze anikeze umvuzo labo abenza okubi ngalokho abakwenzayo futhi anikeze umvuzo labo abenza okuhle kakhulu ngokuhle ٱلَّذِينَ يَجۡتَنِبُونَ كَبَٰٓئِرَ ٱلۡإِثۡمِ وَٱلۡفَوَٰحِشَ إِلَّا ٱللَّمَمَۚ إِنَّ رَبَّكَ وَٰسِعُ ٱلۡمَغۡفِرَةِۚ هُوَ أَعۡلَمُ بِكُمۡ إِذۡ أَنشَأَكُم مِّنَ ٱلۡأَرۡضِ وَإِذۡ أَنتُمۡ أَجِنَّةٌ فِي بُطُونِ أُمَّهَٰتِكُمۡۖ فَلَا تُزَكُّوٓاْ أَنفُسَكُمۡۖ هُوَ أَعۡلَمُ بِمَنِ ٱتَّقَىٰٓ ٣٢Labo abagwema izono ezinkulu kanye nemikhuba ngaphandle kwamaphutha amancane, ngempela iNkosi yakho inentethelelo ebanzi, yona yazi kabanzi ngani ngenkathi iniveza emhlabeni nangenkathi nina niseyizingane ezingakazalwa eziswini zonyoko, ngakho-ke ningayiphi imiphefumulo yenu ubumsulwa yena wazi kakhulu ngalowo owesaba (uMvelinqangi nogwema okubi futhi olungileyo) أَفَرَءَيۡتَ ٱلَّذِي تَوَلَّىٰ ٣٣Ngakube umbonile yini lowo owafulathela وَأَعۡطَىٰ قَلِيلًا وَأَكۡدَىٰٓ ٣٤Futhi wapha kancane wabe eseyayeka أَعِندَهُۥ عِلۡمُ ٱلۡغَيۡبِ فَهُوَ يَرَىٰٓ ٣٥Ngakube unalo yini ulwazi lokungabonwa ukuze yena abone أَمۡ لَمۡ يُنَبَّأۡ بِمَا فِي صُحُفِ مُوسَىٰ ٣٦Noma akazange yini atshelwe ngalokho okusemibhalweni kaMose وَإِبۡرَٰهِيمَ ٱلَّذِي وَفَّىٰٓ ٣٧Kanye no-Abrahamu owayegcwalisekisa (lokho okudingekayo kuyena) أَلَّا تَزِرُ وَازِرَةٌ وِزۡرَ أُخۡرَىٰ ٣٨Ukuthi akekho umthwali wemithwalo oyothwala umthwalo womunye وَأَن لَّيۡسَ لِلۡإِنسَٰنِ إِلَّا مَا سَعَىٰ ٣٩Futhi akukho okomuntu ngaphandle kwalokho akwenzayo وَأَنَّ سَعۡيَهُۥ سَوۡفَ يُرَىٰ ٤٠Futhi imisebenzi yakhe iyobonakala ثُمَّ يُجۡزَىٰهُ ٱلۡجَزَآءَ ٱلۡأَوۡفَىٰ ٤١Bese (uMvelinqangi) emnika umvuzo, umvuzo ogcwele وَأَنَّ إِلَىٰ رَبِّكَ ٱلۡمُنتَهَىٰ ٤٢Futhi iseNkosini yakho lapho kuyisiphetho khona وَأَنَّهُۥ هُوَ أَضۡحَكَ وَأَبۡكَىٰ ٤٣Futhi iyona eyenza ukuhleka nokukhala وَأَنَّهُۥ هُوَ أَمَاتَ وَأَحۡيَا ٤٤Futhi iyona edala ukufa nenika impilo وَأَنَّهُۥ خَلَقَ ٱلزَّوۡجَيۡنِ ٱلذَّكَرَ وَٱلۡأُنثَىٰ ٤٥Nokuthi yadala ngakubili, isilisa nesifazane مِن نُّطۡفَةٍ إِذَا تُمۡنَىٰ ٤٦Ngesidoda uma sikhishwa وَأَنَّ عَلَيۡهِ ٱلنَّشۡأَةَ ٱلۡأُخۡرَىٰ ٤٧Futhi kuyena (uMvelinqangi) kunokunye ukuvezwa (indalo noma ukuvuswa kwabafileyo) وَأَنَّهُۥ هُوَ أَغۡنَىٰ وَأَقۡنَىٰ ٤٨Nokuthi nguyena ophanayo (ngomnotho) nokwaneliseka وَأَنَّهُۥ هُوَ رَبُّ ٱلشِّعۡرَىٰ ٤٩Nokuthi yena (uMvelinqangi) uyiNkosi ye-As’shiri (inkanyezi eyayikhonzwa yingxenye yama-Arab) وَأَنَّهُۥٓ أَهۡلَكَ عَادًا ٱلۡأُولَىٰ ٥٠Nokuthi yona yabhubhisa i-A’D yokuqala وَثَمُودَاْ فَمَآ أَبۡقَىٰ ٥١NeThamud (abantu baseThamud) akazange abashiye (wababhubhisa) وَقَوۡمَ نُوحٍ مِّن قَبۡلُۖ إِنَّهُمۡ كَانُواْ هُمۡ أَظۡلَمَ وَأَطۡغَىٰ ٥٢Kanye nabantu baNowa (babhujiswa) ngaphambilini, ngempela bona babengenabo ubulungiswa ngokudlulele futhi bephula umthetho ngokudlulele وَٱلۡمُؤۡتَفِكَةَ أَهۡوَىٰ ٥٣Futhi wabhubhisa amadolobha agumbukeqiswa phansi فَغَشَّىٰهَا مَا غَشَّىٰ ٥٤Ngakho-ke (amadolobha) ambozwa yilokho akwambozwa فَبِأَيِّ ءَالَآءِ رَبِّكَ تَتَمَارَىٰ ٥٥Ngakho-ke yikuphi kobubele beNkosi yakho okungabazayo na هَٰذَا نَذِيرٌ مِّنَ ٱلنُّذُرِ ٱلۡأُولَىٰٓ ٥٦Lona ngumxwayisi wabaxwayisi bakudala (basemandulo) أَزِفَتِ ٱلۡأٓزِفَةُ ٥٧Usuku lokuvuka kwabafileyo luyasondela لَيۡسَ لَهَا مِن دُونِ ٱللَّهِ كَاشِفَةٌ ٥٨Akekho namunye ongalivimba ngaphandle kukaMvelinqangi أَفَمِنۡ هَٰذَا ٱلۡحَدِيثِ تَعۡجَبُونَ ٥٩Ngakube niyamangala yini kulenkulumo na وَتَضۡحَكُونَ وَلَا تَبۡكُونَ ٦٠Futhi niyahleka anikhali وَأَنتُمۡ سَٰمِدُونَ ٦١Kulapho nina nizijabulisa فَٱسۡجُدُواْۤ لِلَّهِۤ وَٱعۡبُدُواْ ۩ ٦٢Ngakho-ke guqelani uMvelinqangi futhi nimkhonze

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.