Millat al-Islam

Chapter 27 · 93 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah An-Naml in Zulu

Arabic with tafsir Listen to Surah An-Naml (1243 reciters)
Meccanسورة النمل93 verses

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

طسٓۚ تِلۡكَ ءَايَٰتُ ٱلۡقُرۡءَانِ وَكِتَابٍ مُّبِينٍ ١TA SEEN. Lawa ngamavesi eQur’an, futhi incwadi eyenza kucace هُدًى وَبُشۡرَىٰ لِلۡمُؤۡمِنِينَ ٢Eholayo nenikeza abakholwayo izindaba ezimnandi ٱلَّذِينَ يُقِيمُونَ ٱلصَّلَوٰةَ وَيُؤۡتُونَ ٱلزَّكَوٰةَ وَهُم بِٱلۡأٓخِرَةِ هُمۡ يُوقِنُونَ ٣Labo abenza umthandazo futhi abakhokha ingxenye yengcebo yabo kwabampofu kulapho bona beqinisekile ngempilo ezayo إِنَّ ٱلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ بِٱلۡأٓخِرَةِ زَيَّنَّا لَهُمۡ أَعۡمَٰلَهُمۡ فَهُمۡ يَعۡمَهُونَ ٤Ngempela labo abangakholelwa empilweni ezayo sibenzele ukuthi imisebenzi yabo ibukeke imihle kubona ukuze bazulazule bephuphutheka أُوْلَٰٓئِكَ ٱلَّذِينَ لَهُمۡ سُوٓءُ ٱلۡعَذَابِ وَهُمۡ فِي ٱلۡأٓخِرَةِ هُمُ ٱلۡأَخۡسَرُونَ ٥Labo-ke bayilabo okwabo okuyisijeziso esibi futhi bona empilweni ezayo bayoba ngabalahlekelwe kakhulu ukwedlula bonke وَإِنَّكَ لَتُلَقَّى ٱلۡقُرۡءَانَ مِن لَّدُنۡ حَكِيمٍ عَلِيمٍ ٦Futhi ngempela wena wenziwe ukuthi wemukela iQur’an konobuhlakani owaziyo إِذۡ قَالَ مُوسَىٰ لِأَهۡلِهِۦٓ إِنِّيٓ ءَانَسۡتُ نَارًا سَـَٔاتِيكُم مِّنۡهَا بِخَبَرٍ أَوۡ ءَاتِيكُم بِشِهَابٍ قَبَسٍ لَّعَلَّكُمۡ تَصۡطَلُونَ ٧Khumbula ngenkathi uMose ethi emndenini wakhe, “ngempela mina ngibona umlilo ngizonilethela izindaba ezivela kuwona noma nginilethele amalahle ashisayo ukuze nizifudumeze” فَلَمَّا جَآءَهَا نُودِيَ أَنۢ بُورِكَ مَن فِي ٱلنَّارِ وَمَنۡ حَوۡلَهَا وَسُبۡحَٰنَ ٱللَّهِ رَبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ ٨Ngenkathi efika kuwona (umlilo) wamenyezwa kwathiwa “ubusisiwe noma ngabe ngubani osemlilweni nanoma ngabe ngubani owuzungelezile” futhi udumo malube kuMvelinqangi iNkosi yemihlaba يَٰمُوسَىٰٓ إِنَّهُۥٓ أَنَا ٱللَّهُ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡحَكِيمُ ٩Oh Mose! Ngempela mina nginguMvelinqangi ophakeme ngamandla onobuhlakani وَأَلۡقِ عَصَاكَۚ فَلَمَّا رَءَاهَا تَهۡتَزُّ كَأَنَّهَا جَآنٌّ وَلَّىٰ مُدۡبِرًا وَلَمۡ يُعَقِّبۡۚ يَٰمُوسَىٰ لَا تَخَفۡ إِنِّي لَا يَخَافُ لَدَيَّ ٱلۡمُرۡسَلُونَ ١٠Futhi phonsa phansi induku yakho, ngakho-ke kwathi lapho eyibona inyakaza sengathi inyoka waphenduka wabaleka wangabheki emumva, “Oh Mose! Ungesabi ngempela azingesabi izithunywa ezikanye nami” إِلَّا مَن ظَلَمَ ثُمَّ بَدَّلَ حُسۡنَۢا بَعۡدَ سُوٓءٍ فَإِنِّي غَفُورٌ رَّحِيمٌ ١١Ngaphandle kwalowo owenza okungenabulungiswa bese eshintsha okuhle emva kokubi, ngakho-ke ngempela mina ngingothethelelayo onesihawu وَأَدۡخِلۡ يَدَكَ فِي جَيۡبِكَ تَخۡرُجۡ بَيۡضَآءَ مِنۡ غَيۡرِ سُوٓءٍۖ فِي تِسۡعِ ءَايَٰتٍ إِلَىٰ فِرۡعَوۡنَ وَقَوۡمِهِۦٓۚ إِنَّهُمۡ كَانُواْ قَوۡمًا فَٰسِقِينَ ١٢Futhi faka isandla sakho ephaketheni lakho sizophuma simhlophe singenabubi (lezi ngezinye) zezimpawu eziyisishiyagalolunye oyoziyisa kuFaro nabantu bakhe, ngempela bona bangabantu abangalungile abayizoni فَلَمَّا جَآءَتۡهُمۡ ءَايَٰتُنَا مُبۡصِرَةً قَالُواْ هَٰذَا سِحۡرٌ مُّبِينٌ ١٣Ngakho-ke kwathi lapho sezifika kubona izimpawu zethu ezibonakalayo bathi, “lona ngumlingo ocacile” وَجَحَدُواْ بِهَا وَٱسۡتَيۡقَنَتۡهَآ أَنفُسُهُمۡ ظُلۡمًا وَعُلُوًّاۚ فَٱنظُرۡ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلۡمُفۡسِدِينَ ١٤Futhi baziphika (lezo zimpawu) ngokungemthetho nangokuqhosha kulapho imiphefumulo yabo yenelisekile, ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sezoni وَلَقَدۡ ءَاتَيۡنَا دَاوُۥدَ وَسُلَيۡمَٰنَ عِلۡمًاۖ وَقَالَا ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ ٱلَّذِي فَضَّلَنَا عَلَىٰ كَثِيرٍ مِّنۡ عِبَادِهِ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ١٥Futhi ngempela samnikeza ulwazi uDavide noSolomoni bobabili base bathi, “Udumo malube kuMvelinqangi okunguyena owasikhetha ngaphezu kwezinceku zakhe eziningi ezingamakholwa” وَوَرِثَ سُلَيۡمَٰنُ دَاوُۥدَۖ وَقَالَ يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ عُلِّمۡنَا مَنطِقَ ٱلطَّيۡرِ وَأُوتِينَا مِن كُلِّ شَيۡءٍۖ إِنَّ هَٰذَا لَهُوَ ٱلۡفَضۡلُ ٱلۡمُبِينُ ١٦USolomoni wadla ifa (ubuphrofethi) kuDavide wayesethi, “Oh Bantu! Sifundiswe ulimi lwezinyoni futhi siphiwe kuzona zonke izinto, ngempela lobu ngububele obugqamile” وَحُشِرَ لِسُلَيۡمَٰنَ جُنُودُهُۥ مِنَ ٱلۡجِنِّ وَٱلۡإِنسِ وَٱلطَّيۡرِ فَهُمۡ يُوزَعُونَ ١٧Futhi kwaqoqelwa ndawonye kuSolomoni amabutho akhe angamaJinn nabantu kanye nezinyoni wonke ayemiswe ngendlela yempi (belungele ukuhamba) حَتَّىٰٓ إِذَآ أَتَوۡاْ عَلَىٰ وَادِ ٱلنَّمۡلِ قَالَتۡ نَمۡلَةٌ يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّمۡلُ ٱدۡخُلُواْ مَسَٰكِنَكُمۡ لَا يَحۡطِمَنَّكُمۡ سُلَيۡمَٰنُ وَجُنُودُهُۥ وَهُمۡ لَا يَشۡعُرُونَ ١٨Kwaze kwaba yilapho befinyelela khona esigodini sezintuthwane enye yezintuthwane yathi, “Oh Zintuthwane! ngenani ezindlini zenu hleze uSolomoni namabutho akhe anifihlize kulapho bona bengaboni” فَتَبَسَّمَ ضَاحِكًا مِّن قَوۡلِهَا وَقَالَ رَبِّ أَوۡزِعۡنِيٓ أَنۡ أَشۡكُرَ نِعۡمَتَكَ ٱلَّتِيٓ أَنۡعَمۡتَ عَلَيَّ وَعَلَىٰ وَٰلِدَيَّ وَأَنۡ أَعۡمَلَ صَٰلِحًا تَرۡضَىٰهُ وَأَدۡخِلۡنِي بِرَحۡمَتِكَ فِي عِبَادِكَ ٱلصَّٰلِحِينَ ١٩Ngakho-ke (uSolomoni) wamomotheka ehleka inkulumo yayo wayesethi, “Nkosi yami ngenze ukuthi ngibonge ububele bakho owangenzela bona kanye nabazali bami futhi ngenze umsebenzi olungileyo owuthokozelayo futhi ngingenise ngomusa wakho phakathi kwezinceku zakho ezilungileyo” وَتَفَقَّدَ ٱلطَّيۡرَ فَقَالَ مَالِيَ لَآ أَرَى ٱلۡهُدۡهُدَ أَمۡ كَانَ مِنَ ٱلۡغَآئِبِينَ ٢٠Futhi wazihlola izinyoni wayesethi, “kwenziwa yini ukuthi ngingamboni uHud Hud noma ungomunye walabo abangekho na?” لَأُعَذِّبَنَّهُۥ عَذَابًا شَدِيدًا أَوۡ لَأَاْذۡبَحَنَّهُۥٓ أَوۡ لَيَأۡتِيَنِّي بِسُلۡطَٰنٍ مُّبِينٍ ٢١Ngempela ngizomjezisa ngesijeziso esinzima noma ngempela ngimbulale ngaphandle uma engitshela isizathu esicacile فَمَكَثَ غَيۡرَ بَعِيدٍ فَقَالَ أَحَطتُ بِمَا لَمۡ تُحِطۡ بِهِۦ وَجِئۡتُكَ مِن سَبَإِۭ بِنَبَإٍ يَقِينٍ ٢٢Akazange ahlale isikhathi eside wayesethi, “ngithole lokho ongazange ukuthole futhi ngikulethele izindaba eziyiqiniso ezivela kuSaba” إِنِّي وَجَدتُّ ٱمۡرَأَةً تَمۡلِكُهُمۡ وَأُوتِيَتۡ مِن كُلِّ شَيۡءٍ وَلَهَا عَرۡشٌ عَظِيمٌ ٢٣Ngempela mina ngifice owesifazane ebabusa futhi uphiwe kuzona zonke izinto futhi unesihlalo sobukhosi esikhulu وَجَدتُّهَا وَقَوۡمَهَا يَسۡجُدُونَ لِلشَّمۡسِ مِن دُونِ ٱللَّهِ وَزَيَّنَ لَهُمُ ٱلشَّيۡطَٰنُ أَعۡمَٰلَهُمۡ فَصَدَّهُمۡ عَنِ ٱلسَّبِيلِ فَهُمۡ لَا يَهۡتَدُونَ ٢٤Ngimfumane ekanye nabantu bakhe bekhonza ilanga esikhundleni sikaMvelinqangi futhi uSathane wabenzela yabukeka imihle imisebenzi yabo kubona wayesebavimbela endleleni (eqondile) ngakho-ke bona abaholekanga أَلَّاۤ يَسۡجُدُواْۤ لِلَّهِ ٱلَّذِي يُخۡرِجُ ٱلۡخَبۡءَ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَيَعۡلَمُ مَا تُخۡفُونَ وَمَا تُعۡلِنُونَ ٢٥Abamkhonzi uMvelinqangi okunguyena oveza okufihlekile emazulwini nasemhlabeni futhi owazi konke lokho enikufihlayo nakho konke lokho enikuvezayo ٱللَّهُ لَآ إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ رَبُّ ٱلۡعَرۡشِ ٱلۡعَظِيمِ ۩ ٢٦UMvelinqangi akekho omunye uMvelinqangi ngaphandle kwakhe uyiNkosi yesihlalo sobukhosi esikhulu ۞ قَالَ سَنَنظُرُ أَصَدَقۡتَ أَمۡ كُنتَ مِنَ ٱلۡكَٰذِبِينَ ٢٧Wathi, “sizobona ukuthi ukhuluma iqiniso noma ungomunye walabo abaqamba amanga” ٱذۡهَب بِّكِتَٰبِي هَٰذَا فَأَلۡقِهۡ إِلَيۡهِمۡ ثُمَّ تَوَلَّ عَنۡهُمۡ فَٱنظُرۡ مَاذَا يَرۡجِعُونَ ٢٨Hamba nalencwadi yami bese uyijikijela kubona bese uyabafulathela bese uyabheka ukuthi yini abayibuyisayo قَالَتۡ يَٰٓأَيُّهَا ٱلۡمَلَؤُاْ إِنِّيٓ أُلۡقِيَ إِلَيَّ كِتَٰبٌ كَرِيمٌ ٢٩Owesifazane wathi, “Oh Baphathi! Ngempela kujikijelwe kumina incwadi engcwele” إِنَّهُۥ مِن سُلَيۡمَٰنَ وَإِنَّهُۥ بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ ٣٠Ngempela yona ivela kuSolomoni futhi ngempela yona ingegama likaMvelinqangi onomusa onesihawu أَلَّا تَعۡلُواْ عَلَيَّ وَأۡتُونِي مُسۡلِمِينَ ٣١Ningaziphakamisi kumina futhi yizani kumina ngokuzinikela قَالَتۡ يَٰٓأَيُّهَا ٱلۡمَلَؤُاْ أَفۡتُونِي فِيٓ أَمۡرِي مَا كُنتُ قَاطِعَةً أَمۡرًا حَتَّىٰ تَشۡهَدُونِ ٣٢Wathi owesifazane, “Oh Baphathi! ngelulekeni odabeni lwami, angeke ngikhiphe isinqumo odabeni kuze kube yilapho nikhona kanye nami.” قَالُواْ نَحۡنُ أُوْلُواْ قُوَّةٍ وَأُوْلُواْ بَأۡسٍ شَدِيدٍ وَٱلۡأَمۡرُ إِلَيۡكِ فَٱنظُرِي مَاذَا تَأۡمُرِينَ ٣٣Bathi, “thina singabanamandla amakhulu futhi singabanempi enkulu, impoqo ingeyakho, ngakho-ke cabanga ukuthi uzophoqa ukuba kwenziweni” قَالَتۡ إِنَّ ٱلۡمُلُوكَ إِذَا دَخَلُواْ قَرۡيَةً أَفۡسَدُوهَا وَجَعَلُوٓاْ أَعِزَّةَ أَهۡلِهَآ أَذِلَّةًۚ وَكَذَٰلِكَ يَفۡعَلُونَ ٣٤Yathi indlovukazi, “ngempela amakhosi uma engena edolobheni enza ukona kulona bese enza abantu balo abahloniphekile ukuthi babesezingeni eliphansi futhi enza kanjalo” وَإِنِّي مُرۡسِلَةٌ إِلَيۡهِم بِهَدِيَّةٍ فَنَاظِرَةُۢ بِمَ يَرۡجِعُ ٱلۡمُرۡسَلُونَ ٣٥Futhi ngempela mina ngizothumela kubona isipho bese ngibheka ukuthi yini izithunywa ezizobuya nayo فَلَمَّا جَآءَ سُلَيۡمَٰنَ قَالَ أَتُمِدُّونَنِ بِمَالٍ فَمَآ ءَاتَىٰنِۦَ ٱللَّهُ خَيۡرٌ مِّمَّآ ءَاتَىٰكُمۚ بَلۡ أَنتُم بِهَدِيَّتِكُمۡ تَفۡرَحُونَ ٣٦Ngakho-ke kwathi lapho sezifika (izithunywa) kuSolomoni nesipho wathi “ngakube ningelekelela ngengcebo na? Lokho uMvelinqangi angipha kona kungcono kunalokho anipha kona kepha nina nithokozile ngesipho senu” ٱرۡجِعۡ إِلَيۡهِمۡ فَلَنَأۡتِيَنَّهُم بِجُنُودٍ لَّا قِبَلَ لَهُم بِهَا وَلَنُخۡرِجَنَّهُم مِّنۡهَآ أَذِلَّةً وَهُمۡ صَٰغِرُونَ ٣٧Phindelani kubona ngempela thina sizoza kubona namabutho empi abangeke bakwazi ukuwavimba futhi ngempela sizobakhipha lapho ngechilo, futhi bayobe bethotshisiwe” قَالَ يَٰٓأَيُّهَا ٱلۡمَلَؤُاْ أَيُّكُمۡ يَأۡتِينِي بِعَرۡشِهَا قَبۡلَ أَن يَأۡتُونِي مُسۡلِمِينَ ٣٨Wathi, “Oh Baphathi! Ngubani phakathi kwenu ozongilethela isihlalo sobukhosi sakhe owesifazane ngaphambi kokuba bafike kumina bezinikele ngokuzithoba” قَالَ عِفۡرِيتٌ مِّنَ ٱلۡجِنِّ أَنَا۠ ءَاتِيكَ بِهِۦ قَبۡلَ أَن تَقُومَ مِن مَّقَامِكَۖ وَإِنِّي عَلَيۡهِ لَقَوِيٌّ أَمِينٌ ٣٩Elinye lamaJinn lathi, “Mina ngizosiletha kuwena ngaphambi kokuba usukume endaweni yakho futhi ngempela mina nginamandla ngethembekile” قَالَ ٱلَّذِي عِندَهُۥ عِلۡمٌ مِّنَ ٱلۡكِتَٰبِ أَنَا۠ ءَاتِيكَ بِهِۦ قَبۡلَ أَن يَرۡتَدَّ إِلَيۡكَ طَرۡفُكَۚ فَلَمَّا رَءَاهُ مُسۡتَقِرًّا عِندَهُۥ قَالَ هَٰذَا مِن فَضۡلِ رَبِّي لِيَبۡلُوَنِيٓ ءَأَشۡكُرُ أَمۡ أَكۡفُرُۖ وَمَن شَكَرَ فَإِنَّمَا يَشۡكُرُ لِنَفۡسِهِۦۖ وَمَن كَفَرَ فَإِنَّ رَبِّي غَنِيٌّ كَرِيمٌ ٤٠Lowo onolwazi lencwadi wathi, “ngizosiletha kuwena ngaphambi kokuphazima kweso lakho” Mina ngizosiletha kuwena ngaphambi kokuphazima kweso lakho” ngakho- ke kwathi lapho esibona sibekwe eduzane naye wathi “lokhu kungomusa weNkosi yami ukuze ingivivinye ukuthi ngiyabonga noma angibongi futhi noma ngabe ngubani obongayo kuphela ubongela umphefumulo wakhe f u t h i noma ngabe ngubani ongabongi ngakho-ke ngempela iNkosi yami ayidingi lutho ihloniphekile” قَالَ نَكِّرُواْ لَهَا عَرۡشَهَا نَنظُرۡ أَتَهۡتَدِيٓ أَمۡ تَكُونُ مِنَ ٱلَّذِينَ لَا يَهۡتَدُونَ ٤١Wathi, “sisithezeleni owesifazane isihlalo sakhe sobukhosi (ukuze angasiboni ukuthi yisona noma akusiyona) ukuze sibone ukuthi owesifazane ungoholiweyo noma ungomunye walabo abangaholiwe” فَلَمَّا جَآءَتۡ قِيلَ أَهَٰكَذَا عَرۡشُكِۖ قَالَتۡ كَأَنَّهُۥ هُوَۚ وَأُوتِينَا ٱلۡعِلۡمَ مِن قَبۡلِهَا وَكُنَّا مُسۡلِمِينَ ٤٢Ngakho-ke kwathi lapho esefika owesifazane kwathiwa “ngakube sinjena yini na isihlalo sakho sobukhosi?” Owesifazane wathi,“ungathi yisona” (uSolomoni wathi) “futhi sinikeziwe ulwazi ngaphambilini kwakhe owesifazane futhi sasizinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi” وَصَدَّهَا مَا كَانَت تَّعۡبُدُ مِن دُونِ ٱللَّهِۖ إِنَّهَا كَانَتۡ مِن قَوۡمٍ كَٰفِرِينَ ٤٣Futhi kwamvimba lokho ayekukhonza esikhundleni sikaMvelinqangi ngempela yena owesifazane wayengomunye walabobantu abangakholwa قِيلَ لَهَا ٱدۡخُلِي ٱلصَّرۡحَۖ فَلَمَّا رَأَتۡهُ حَسِبَتۡهُ لُجَّةً وَكَشَفَتۡ عَن سَاقَيۡهَاۚ قَالَ إِنَّهُۥ صَرۡحٌ مُّمَرَّدٌ مِّن قَوَارِيرَۗ قَالَتۡ رَبِّ إِنِّي ظَلَمۡتُ نَفۡسِي وَأَسۡلَمۡتُ مَعَ سُلَيۡمَٰنَ لِلَّهِ رَبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ ٤٤Kwathiwa kuyena owesifazane, “ngena endlini yobukhosi edephile” kwathi lapho owesifazane eseyibona wacabanga ukuthi indawo yayo yaphansi yakhiwe ngamanzi (noma kunedamu lamanzi ngaphansi kwendlu enkulu yobukhosi waphakamisa izingubo zakhe) kwavela imilenze yakhe (uSolomoni) wathi “ngempela yindlu yobukhosi eyenziwe ngengilazi” owesifazane wathi “Nkosi yami ngempela mina ngenze okungalungile emphefumulweni wami futhi ngiyazinikela kanye noSolomoni kuMvelinqangi iNkosi yemihlaba” وَلَقَدۡ أَرۡسَلۡنَآ إِلَىٰ ثَمُودَ أَخَاهُمۡ صَٰلِحًا أَنِ ٱعۡبُدُواْ ٱللَّهَ فَإِذَا هُمۡ فَرِيقَانِ يَخۡتَصِمُونَ ٤٥Futhi ngempela sathumela kuThamud umfowabo uSalih ukuthi khonzani uMvelinqangi kulapho bona bengamaqembu amabili angaboni ngasolinye قَالَ يَٰقَوۡمِ لِمَ تَسۡتَعۡجِلُونَ بِٱلسَّيِّئَةِ قَبۡلَ ٱلۡحَسَنَةِۖ لَوۡلَا تَسۡتَغۡفِرُونَ ٱللَّهَ لَعَلَّكُمۡ تُرۡحَمُونَ ٤٦Wathi, “Oh Bantu bami! kungani nijaha ebubini ngaphambi kokuhle na? Aniyiceli ngani intethelelo kaMvelinqangi ukuze mhlawumbe ninikwe umusa na?” قَالُواْ ٱطَّيَّرۡنَا بِكَ وَبِمَن مَّعَكَۚ قَالَ طَٰٓئِرُكُمۡ عِندَ ٱللَّهِۖ بَلۡ أَنتُمۡ قَوۡمٌ تُفۡتَنُونَ ٤٧Bathi, “sihlahla umhlola kuwena kanye nalabo abakanye nawe” wathi, “umhlola wenu ukuMvelinqangi kepha nina ningabantu abavivinywayo” وَكَانَ فِي ٱلۡمَدِينَةِ تِسۡعَةُ رَهۡطٍ يُفۡسِدُونَ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَلَا يُصۡلِحُونَ ٤٨Futhi edolobheni kwakukhona abantu abayisishiyagalolunye ababenza ukona ezweni futhi bangalungisi قَالُواْ تَقَاسَمُواْ بِٱللَّهِ لَنُبَيِّتَنَّهُۥ وَأَهۡلَهُۥ ثُمَّ لَنَقُولَنَّ لِوَلِيِّهِۦ مَا شَهِدۡنَا مَهۡلِكَ أَهۡلِهِۦ وَإِنَّا لَصَٰدِقُونَ ٤٩Bathi, “makafunge omunye komunye ngoMvelinqangi ukuthi ngempela sizomhlasela ebusuku kanye nomndeni wakhe bese ngempela sithi esihlotsheni sakhe “asikubonanga okubhubhise abantu bakhe futhi ngempela thina sikhuluma iqiniso” وَمَكَرُواْ مَكۡرًا وَمَكَرۡنَا مَكۡرًا وَهُمۡ لَا يَشۡعُرُونَ ٥٠Futhi benza icebo nathi senza icebo kulapho bona bengaboni فَٱنظُرۡ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ مَكۡرِهِمۡ أَنَّا دَمَّرۡنَٰهُمۡ وَقَوۡمَهُمۡ أَجۡمَعِينَ ٥١Ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho secebo labo, ngempela sababhubhisa kanye nabantu babo ndawonye فَتِلۡكَ بُيُوتُهُمۡ خَاوِيَةَۢ بِمَا ظَلَمُوٓاْۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَةً لِّقَوۡمٍ يَعۡلَمُونَ ٥٢Ngakho-ke lezozindlu zabo zadilika ngenxa yokuthi babonile ngempela kulokho kunophawu (nesifundo) kubantu abaziyo وَأَنجَيۡنَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَكَانُواْ يَتَّقُونَ ٥٣Futhi sabasindisa labo ababekholwa futhi ababemesaba uMvelinqangi وَلُوطًا إِذۡ قَالَ لِقَوۡمِهِۦٓ أَتَأۡتُونَ ٱلۡفَٰحِشَةَ وَأَنتُمۡ تُبۡصِرُونَ ٥٤Kanye noLothi khumbula ngenkathi ethi kubantu bakhe, “ngakube nenza izenzo ezingalungile kulapho nina nibona na?” أَئِنَّكُمۡ لَتَأۡتُونَ ٱلرِّجَالَ شَهۡوَةً مِّن دُونِ ٱلنِّسَآءِۚ بَلۡ أَنتُمۡ قَوۡمٌ تَجۡهَلُونَ ٥٥Ngakube ngempela nina nikhanukela amadoda esikhundleni sabesifazane na? Qhabo! Nina ningabantu abangenalo ulwazi

Juz 20

۞ فَمَا كَانَ جَوَابَ قَوۡمِهِۦٓ إِلَّآ أَن قَالُوٓاْ أَخۡرِجُوٓاْ ءَالَ لُوطٍ مِّن قَرۡيَتِكُمۡۖ إِنَّهُمۡ أُنَاسٌ يَتَطَهَّرُونَ ٥٦Ayibanga yilutho impendulo yabantu bakhe ngaphandle kokuthi bathi “asiwukhipheni umndeni kaLothi edolobheni lenu ngempela bona bayibantu abahlanzekile abamsulwa” فَأَنجَيۡنَٰهُ وَأَهۡلَهُۥٓ إِلَّا ٱمۡرَأَتَهُۥ قَدَّرۡنَٰهَا مِنَ ٱلۡغَٰبِرِينَ ٥٧Ngakho-ke samsindisa kanye nomdeni wakhe ngaphandle konkosikazi wakhe samenza ukuba abe ngomunye wabasalela ngemumva وَأَمۡطَرۡنَا عَلَيۡهِم مَّطَرًاۖ فَسَآءَ مَطَرُ ٱلۡمُنذَرِينَ ٥٨Futhi sayinethisa phezu kwabo imvula kangangoba kwakuyimvula embi yalabo ababexwayisiwe قُلِ ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ وَسَلَٰمٌ عَلَىٰ عِبَادِهِ ٱلَّذِينَ ٱصۡطَفَىٰٓۗ ءَآللَّهُ خَيۡرٌ أَمَّا يُشۡرِكُونَ ٥٩Ithi, “udumo lungolukaMvelinqangi futhi ukuthula makube ezincekwini zakhe lezo azikhetha, ngakuba uMvelinqangi ungcono noma yilokho abamenzela ngakho abahlanganyeli ekumkhonzeni na?” أَمَّنۡ خَلَقَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ وَأَنزَلَ لَكُم مِّنَ ٱلسَّمَآءِ مَآءً فَأَنۢبَتۡنَا بِهِۦ حَدَآئِقَ ذَاتَ بَهۡجَةٍ مَّا كَانَ لَكُمۡ أَن تُنۢبِتُواْ شَجَرَهَآۗ أَءِلَٰهٌ مَّعَ ٱللَّهِۚ بَلۡ هُمۡ قَوۡمٌ يَعۡدِلُونَ ٦٠Ubani owadala amazulu nomhlaba futhi wanehlisela phansi amanzi avela esibhakabhakeni sabe sesikhulisa ngayo izivande ezinhle ezijabulile? Angeke nibe nawo amandla okukhulisa izihlahla zawo, ngakube ukhona yini unkulunkulu okanye noMvelinqangi na? Kepha bona bangabantu abenza abalingani أَمَّن جَعَلَ ٱلۡأَرۡضَ قَرَارًا وَجَعَلَ خِلَٰلَهَآ أَنۡهَٰرًا وَجَعَلَ لَهَا رَوَٰسِيَ وَجَعَلَ بَيۡنَ ٱلۡبَحۡرَيۡنِ حَاجِزًاۗ أَءِلَٰهٌ مَّعَ ٱللَّهِۚ بَلۡ أَكۡثَرُهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ ٦١Akusiyena yini owenza umhlaba waba yindawo yokuhlala wayesebeka imifula kuwona futhi wabeka izintaba kuwona futhi wabeka isehlukaniso phakathi kwezilwandle ezimbili, ngakube ukhona yini unkulunkulu okanye noMvelinqangi na? Kepha iningi labo alazi أَمَّن يُجِيبُ ٱلۡمُضۡطَرَّ إِذَا دَعَاهُ وَيَكۡشِفُ ٱلسُّوٓءَ وَيَجۡعَلُكُمۡ خُلَفَآءَ ٱلۡأَرۡضِۗ أَءِلَٰهٌ مَّعَ ٱللَّهِۚ قَلِيلًا مَّا تَذَكَّرُونَ ٦٢Ubani ophendula lowo ophelelwe yithemba uma emmemeza futhi asuse okubi bese enenza nibe yisizukulwane esilandelayo emhlabeni na? Ngakube ukhona yini unkululnkulu okanye noMvelinqangi na? Kuncane enikukhumbulayo أَمَّن يَهۡدِيكُمۡ فِي ظُلُمَٰتِ ٱلۡبَرِّ وَٱلۡبَحۡرِ وَمَن يُرۡسِلُ ٱلرِّيَٰحَ بُشۡرَۢا بَيۡنَ يَدَيۡ رَحۡمَتِهِۦٓۗ أَءِلَٰهٌ مَّعَ ٱللَّهِۚ تَعَٰلَى ٱللَّهُ عَمَّا يُشۡرِكُونَ ٦٣Ubani oniholayo ebumnyameni bezwe nolwandle futhi othumela imimoya njengezindaba ezimnandi ngaphambi komusa wakhe na? Uphakeme uMvelinqangi ngaphezu kwalokho abamenzela ngako abahlanganyeli ekumkhonzeni أَمَّن يَبۡدَؤُاْ ٱلۡخَلۡقَ ثُمَّ يُعِيدُهُۥ وَمَن يَرۡزُقُكُم مِّنَ ٱلسَّمَآءِ وَٱلۡأَرۡضِۗ أَءِلَٰهٌ مَّعَ ٱللَّهِۚ قُلۡ هَاتُواْ بُرۡهَٰنَكُمۡ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ ٦٤Ubani osungula indalo bese eyiphinda futhi anabele ngokuvela ezulwini nasemhlabeni ngakube ukhona yini unkulunkulu okanye noMvelinqangi na? Ithi “lethani ubufakazi benu uma kungukuthi nina nineqiniso” قُل لَّا يَعۡلَمُ مَن فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ ٱلۡغَيۡبَ إِلَّا ٱللَّهُۚ وَمَا يَشۡعُرُونَ أَيَّانَ يُبۡعَثُونَ ٦٥Ithi, “akekho ngisho noyedwa osemazulwini nasemhlabeni owazi okungabonwayo ngaphandle kukaMvelinqangi futhi abazi ukuthi bayovuswa nini kwabafileyo” بَلِ ٱدَّٰرَكَ عِلۡمُهُمۡ فِي ٱلۡأٓخِرَةِۚ بَلۡ هُمۡ فِي شَكٍّ مِّنۡهَاۖ بَلۡ هُم مِّنۡهَا عَمُونَ ٦٦Qhabo! abanalo ulwazi ngempilo ezayo qhabo bona basekungabazeni ngayo Kepha bona bayizimpumputhe ngayo وَقَالَ ٱلَّذِينَ كَفَرُوٓاْ أَءِذَا كُنَّا تُرَٰبًا وَءَابَآؤُنَآ أَئِنَّا لَمُخۡرَجُونَ ٦٧Futhi labo abangakholwanga bathi ngakube uma sesiwuthuli kanye nobaba bethu ngempela siyovezwa (sibe yizidalwa ezintsha yini na) لَقَدۡ وُعِدۡنَا هَٰذَا نَحۡنُ وَءَابَآؤُنَا مِن قَبۡلُ إِنۡ هَٰذَآ إِلَّآ أَسَٰطِيرُ ٱلۡأَوَّلِينَ ٦٨Ngempela sathenjiswa lokhu thina kanye nabobaba bethu ngaphambilini lokhu akuyilutho ngaphandle kokuthi kuyizinganekwane zabantu basendulo قُلۡ سِيرُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ فَٱنظُرُواْ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلۡمُجۡرِمِينَ ٦٩Ithi hambani ezweni bese niyabona ukuthi sabayini isiphetho sezoni وَلَا تَحۡزَنۡ عَلَيۡهِمۡ وَلَا تَكُن فِي ضَيۡقٍ مِّمَّا يَمۡكُرُونَ ٧٠Futhi ungaphatheki kabi ngabo futhi ungabi lusizi ngalokho abenza ngako icebo وَيَقُولُونَ مَتَىٰ هَٰذَا ٱلۡوَعۡدُ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ ٧١Futhi bathi, “siyogcwaliseka nini lesisithembiso uma kungukuthi nina nineqeniso na?” قُلۡ عَسَىٰٓ أَن يَكُونَ رَدِفَ لَكُم بَعۡضُ ٱلَّذِي تَسۡتَعۡجِلُونَ ٧٢Ithi, “mhlawumbe kuseduzane emumva kwenu okunye kwalokho enifuna ukuba kusheshe” وَإِنَّ رَبَّكَ لَذُو فَضۡلٍ عَلَى ٱلنَّاسِ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَهُمۡ لَا يَشۡكُرُونَ ٧٣Futhi ngempela iNkosi yakho ingumnikazi womusa ebantwini kepha iningi labo alibongi وَإِنَّ رَبَّكَ لَيَعۡلَمُ مَا تُكِنُّ صُدُورُهُمۡ وَمَا يُعۡلِنُونَ ٧٤Futhi ngempela iNkosi yakho iyakwazi lokho izifuba zabo ezikufihlayo kanye nalokho ezikuvezayo وَمَا مِنۡ غَآئِبَةٍ فِي ٱلسَّمَآءِ وَٱلۡأَرۡضِ إِلَّا فِي كِتَٰبٍ مُّبِينٍ ٧٥Futhi akukho lutho olufihlekile ezulwini nasemhlabeni ngaphandle kokuthi kusencwadini ecacile إِنَّ هَٰذَا ٱلۡقُرۡءَانَ يَقُصُّ عَلَىٰ بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ أَكۡثَرَ ٱلَّذِي هُمۡ فِيهِ يَخۡتَلِفُونَ ٧٦Ngempela leQur’an izekela abantwana bakwa-Israyeli labo abaningi babo abaphikisanayo ngako وَإِنَّهُۥ لَهُدًى وَرَحۡمَةٌ لِّلۡمُؤۡمِنِينَ ٧٧Futhi ngempela ukuholwa nomusa kungokwabakholwayo إِنَّ رَبَّكَ يَقۡضِي بَيۡنَهُم بِحُكۡمِهِۦۚ وَهُوَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡعَلِيمُ ٧٨Ngempela iNkosi yakho iyokwehlulela phakathi kwabo ngesehlulelo sayo futhi yona iphakeme ngamandla inolwazi فَتَوَكَّلۡ عَلَى ٱللَّهِۖ إِنَّكَ عَلَى ٱلۡحَقِّ ٱلۡمُبِينِ ٧٩Ngakho-ke yethembela kuMvelinqangi ngempela wena useqinisweni eligqamile إِنَّكَ لَا تُسۡمِعُ ٱلۡمَوۡتَىٰ وَلَا تُسۡمِعُ ٱلصُّمَّ ٱلدُّعَآءَ إِذَا وَلَّوۡاْ مُدۡبِرِينَ ٨٠Ngempela wena angeke wenze abafile ukuthi bezwe futhi angeke wenze izithuli ukuba zizwe ukumenyezwa uma sezifulathele zibaleka وَمَآ أَنتَ بِهَٰدِي ٱلۡعُمۡيِ عَن ضَلَٰلَتِهِمۡۖ إِن تُسۡمِعُ إِلَّا مَن يُؤۡمِنُ بِـَٔايَٰتِنَا فَهُم مُّسۡلِمُونَ ٨١Futhi wena angeke uzihole izimpumputhe ekudukeni kwazo, ungenza ukuthi bezwe labo abakholelwa emavesini ethu ngakho-ke labo bangabazinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi ۞ وَإِذَا وَقَعَ ٱلۡقَوۡلُ عَلَيۡهِمۡ أَخۡرَجۡنَا لَهُمۡ دَآبَّةً مِّنَ ٱلۡأَرۡضِ تُكَلِّمُهُمۡ أَنَّ ٱلنَّاسَ كَانُواْ بِـَٔايَٰتِنَا لَا يُوقِنُونَ ٨٢Futhi uma behlelwa yizwi sizobavezela isidalwa esinyakazayo esiphuma emhlabeni ukuthi sikhulume nabo ngoba abantu abazange baqiniseke ngamavesi ethu وَيَوۡمَ نَحۡشُرُ مِن كُلِّ أُمَّةٍ فَوۡجًا مِّمَّن يُكَذِّبُ بِـَٔايَٰتِنَا فَهُمۡ يُوزَعُونَ ٨٣Futhi ngosuku lapho siyoqoqa kuleso nalesosizwe iqembu phakathi kwalabo ababephika amavesi ethu bese beyiswa (endaweni yokwahlulelwa) حَتَّىٰٓ إِذَا جَآءُو قَالَ أَكَذَّبۡتُم بِـَٔايَٰتِي وَلَمۡ تُحِيطُواْ بِهَا عِلۡمًا أَمَّاذَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ ٨٤Kuzekuthi uma befika athi ngakube naniwaphika yini amavesi ami kulapho naningenalo ulwazi ngawo, kwakuyini lena enayiyenza na وَوَقَعَ ٱلۡقَوۡلُ عَلَيۡهِم بِمَا ظَلَمُواْ فَهُمۡ لَا يَنطِقُونَ ٨٥Futhi izwi liyogcwaliseka kubona ngenxa yokuthi bebenza okungenabo ubulungiswa ngakho-ke bona angeke bakhulume أَلَمۡ يَرَوۡاْ أَنَّا جَعَلۡنَا ٱلَّيۡلَ لِيَسۡكُنُواْ فِيهِ وَٱلنَّهَارَ مُبۡصِرًاۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَٰتٍ لِّقَوۡمٍ يُؤۡمِنُونَ ٨٦Ababoni yini ukuthi sabenza ubusuku ukuthi baphumule kubona nemini ukuze ibanike ukukhanya na? ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abakholwayo وَيَوۡمَ يُنفَخُ فِي ٱلصُّورِ فَفَزِعَ مَن فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَن فِي ٱلۡأَرۡضِ إِلَّا مَن شَآءَ ٱللَّهُۚ وَكُلٌّ أَتَوۡهُ دَٰخِرِينَ ٨٧Futhi ngosuku lapho kuyobe kushawa ngalo icilongo, noma ngabe ngubani osemazulwini noma ngabe ngubani osemhlabeni uyokwesaba ngaphandle kwalabo ngokuthanda kukaMvelinqangi, futhi bonke bayoza kuyena bezithobile وَتَرَى ٱلۡجِبَالَ تَحۡسَبُهَا جَامِدَةً وَهِيَ تَمُرُّ مَرَّ ٱلسَّحَابِۚ صُنۡعَ ٱللَّهِ ٱلَّذِيٓ أَتۡقَنَ كُلَّ شَيۡءٍۚ إِنَّهُۥ خَبِيرُۢ بِمَا تَفۡعَلُونَ ٨٨Futhi uyobona izintaba ucabange ukuthi zisimeme kulapho zona ziyobe zidlula njengokudlula kwamafu, okwenziwe nguMvelinqangi okunguyena owenzisisa kahle zonke izinto, ngempela yena unolwazi olunzulu ngalokho enikwenzayo مَن جَآءَ بِٱلۡحَسَنَةِ فَلَهُۥ خَيۡرٌ مِّنۡهَا وَهُم مِّن فَزَعٍ يَوۡمَئِذٍ ءَامِنُونَ ٨٩Noma ngabe ngubani ofike nokuhle ngakho-ke okwakhe okungcono kunako futhi bona bayophepha ekwesabeni kwangalolosuku وَمَن جَآءَ بِٱلسَّيِّئَةِ فَكُبَّتۡ وُجُوهُهُمۡ فِي ٱلنَّارِ هَلۡ تُجۡزَوۡنَ إِلَّا مَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ ٩٠Futhi noma ngabe ngubani oyofika nokubi buyophonswa emlilweni ubuso babo, ngakube niyonikezwa omunye umvuzo ngaphandle kwalokho enanikwenza na إِنَّمَآ أُمِرۡتُ أَنۡ أَعۡبُدَ رَبَّ هَٰذِهِ ٱلۡبَلۡدَةِ ٱلَّذِي حَرَّمَهَا وَلَهُۥ كُلُّ شَيۡءٍۖ وَأُمِرۡتُ أَنۡ أَكُونَ مِنَ ٱلۡمُسۡلِمِينَ ٩١Kuphela ngiphoqiwe ukuba ngikhonze iNkosi yalelidolobha (Makkag) elenze labangcwele futhi kungokwakhe, futhi ngiphoqiwe ukuthi ngibe ngomunye wabazinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi وَأَنۡ أَتۡلُوَاْ ٱلۡقُرۡءَانَۖ فَمَنِ ٱهۡتَدَىٰ فَإِنَّمَا يَهۡتَدِي لِنَفۡسِهِۦۖ وَمَن ضَلَّ فَقُلۡ إِنَّمَآ أَنَا۠ مِنَ ٱلۡمُنذِرِينَ ٩٢Futhi (ngiphoqiwe) ukuba ngifunde iQur’an ngakho-ke noma ngabe ngubani oholiwe kuphela uholelwe umphefumulo wakhe futhi noma ngabe ngubani odukayo ngakho-ke ithi, “kuphela mina ngingomunye wabaxwayisi” وَقُلِ ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ سَيُرِيكُمۡ ءَايَٰتِهِۦ فَتَعۡرِفُونَهَاۚ وَمَا رَبُّكَ بِغَٰفِلٍ عَمَّا تَعۡمَلُونَ ٩٣Futhi ithi, “Udumo lungolukaMvelinqangi uzonikhombisa amavesi akhe ukuze niwazi futhi akusikona ukuthi iNkosi yakho ayikunakile lokho enikwenzayo”

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.