بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ وَصَدُّواْ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِ أَضَلَّ أَعۡمَٰلَهُمۡ ١Labo abangakholwanga futhi abavimba endleleni kaMvelinqangi uyoyenza ize leze imisebenzi yabo وَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ وَءَامَنُواْ بِمَا نُزِّلَ عَلَىٰ مُحَمَّدٍ وَهُوَ ٱلۡحَقُّ مِن رَّبِّهِمۡ كَفَّرَ عَنۡهُمۡ سَيِّـَٔاتِهِمۡ وَأَصۡلَحَ بَالَهُمۡ ٢Futhi labo abakholwayo abenza izenzo ezinhle ezilungileyo futhi abakholelwa kulokho okwembulwa kuMuhammad futh kona kuyiqiniso elivela eNkosini yabo, iyozisusa kubona izenzo zabo ezimbi bese ilungisa isimo sabo ذَٰلِكَ بِأَنَّ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ ٱتَّبَعُواْ ٱلۡبَٰطِلَ وَأَنَّ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ ٱتَّبَعُواْ ٱلۡحَقَّ مِن رَّبِّهِمۡۚ كَذَٰلِكَ يَضۡرِبُ ٱللَّهُ لِلنَّاسِ أَمۡثَٰلَهُمۡ ٣Lokho kungenxa yokuthi labo abangakholwanga balandela okungesilona iqiniso kepha labo abakholwayo balandela iqiniso elivela eNkosini yabo, kanjalo uMvelinqangi wenzela abantu imifanekiso yabo فَإِذَا لَقِيتُمُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ فَضَرۡبَ ٱلرِّقَابِ حَتَّىٰٓ إِذَآ أَثۡخَنتُمُوهُمۡ فَشُدُّواْ ٱلۡوَثَاقَ فَإِمَّا مَنَّۢا بَعۡدُ وَإِمَّا فِدَآءً حَتَّىٰ تَضَعَ ٱلۡحَرۡبُ أَوۡزَارَهَاۚ ذَٰلِكَۖ وَلَوۡ يَشَآءُ ٱللَّهُ لَٱنتَصَرَ مِنۡهُمۡ وَلَٰكِن لِّيَبۡلُوَاْ بَعۡضَكُم بِبَعۡضٍۗ وَٱلَّذِينَ قُتِلُواْ فِي سَبِيلِ ٱللَّهِ فَلَن يُضِلَّ أَعۡمَٰلَهُمۡ ٤Ngakho-keumanihlangana(empini) nalaboabangakholwanga bashayeni ezintanyeni zabo kuze kube yilapho nibehlula ngokugcwele, bese niqinisa ubudlelwane, emva kwalokho yisikhathi sesihe noma inhlengo kuze kube impi ibeka phansi umthwalo wayo, lokho ukube ubethanda uMvelinqangi wayezoziphindisela kubona, kepha ukuze avivinye abanye benu ngabanye, kepha labo ababulawa endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke akasoze alahle imisebenzi yabo سَيَهۡدِيهِمۡ وَيُصۡلِحُ بَالَهُمۡ ٥Uyobahola futhi alungise isimo sabo وَيُدۡخِلُهُمُ ٱلۡجَنَّةَ عَرَّفَهَا لَهُمۡ ٦Futhi abangenise ezulwini alazise bona يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ إِن تَنصُرُواْ ٱللَّهَ يَنصُرۡكُمۡ وَيُثَبِّتۡ أَقۡدَامَكُمۡ ٧Oh Nina enikholwayo! Uma nimelekelela uMvelinqangi uyonilekelela futhi asimamise izinyawo zenu وَٱلَّذِينَ كَفَرُواْ فَتَعۡسًا لَّهُمۡ وَأَضَلَّ أَعۡمَٰلَهُمۡ ٨Futhi labo abangakholwanga okwabo yimbubhiso futhi uMvelinqangi uyoyilahla imisebenzi yabo ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمۡ كَرِهُواْ مَآ أَنزَلَ ٱللَّهُ فَأَحۡبَطَ أَعۡمَٰلَهُمۡ ٩Lokhu kungenxa yokuthi bayakuzonda lokho uMvelinqangi akwembulayo ngakho-ke wazenza zaba yize leze izenzo zabo ۞ أَفَلَمۡ يَسِيرُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ فَيَنظُرُواْ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡۖ دَمَّرَ ٱللَّهُ عَلَيۡهِمۡۖ وَلِلۡكَٰفِرِينَ أَمۡثَٰلُهَا ١٠Ngakube abazange yini bahambe emhlabeni ukuze babone ukuthi sasinjani isiphetho salabo ababengaphambilini kwabo, uMvelinqangi wababhubhisa nokufana nako (kulinde) kulabo abangakholwa ذَٰلِكَ بِأَنَّ ٱللَّهَ مَوۡلَى ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَأَنَّ ٱلۡكَٰفِرِينَ لَا مَوۡلَىٰ لَهُمۡ ١١Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi ungumvikeli walabo abakholwayo futhi abangakholwa abanaye umvikeli إِنَّ ٱللَّهَ يُدۡخِلُ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ جَنَّٰتٍ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهَا ٱلۡأَنۡهَٰرُۖ وَٱلَّذِينَ كَفَرُواْ يَتَمَتَّعُونَ وَيَأۡكُلُونَ كَمَا تَأۡكُلُ ٱلۡأَنۡعَٰمُ وَٱلنَّارُ مَثۡوًى لَّهُمۡ ١٢Ngempela uMvelinqangi ungenisa labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo amanzi kulapho labo abangazange bakholwe bezithokozisa futhi bedla ngendlela okudla ngayo izinkomo futhi umlilo yindawo yabo yokuhlala وَكَأَيِّن مِّن قَرۡيَةٍ هِيَ أَشَدُّ قُوَّةً مِّن قَرۡيَتِكَ ٱلَّتِيٓ أَخۡرَجَتۡكَ أَهۡلَكۡنَٰهُمۡ فَلَا نَاصِرَ لَهُمۡ ١٣Futhi mangaki amadolobha ayenamandla amakhulu ukwedlula idolobha lakho lelo elakuxosha, sababhubhisa abazange babenaye umelekeleli أَفَمَن كَانَ عَلَىٰ بَيِّنَةٍ مِّن رَّبِّهِۦ كَمَن زُيِّنَ لَهُۥ سُوٓءُ عَمَلِهِۦ وَٱتَّبَعُوٓاْ أَهۡوَآءَهُم ١٤Ngakube lowo osebufakazini obucacile obuvela eNkosini yakhe uyefana yini nalowo owenziwele sasihle isenzo sakhe esimbi, futhi balandela izifiso zabo مَّثَلُ ٱلۡجَنَّةِ ٱلَّتِي وُعِدَ ٱلۡمُتَّقُونَۖ فِيهَآ أَنۡهَٰرٌ مِّن مَّآءٍ غَيۡرِ ءَاسِنٍ وَأَنۡهَٰرٌ مِّن لَّبَنٍ لَّمۡ يَتَغَيَّرۡ طَعۡمُهُۥ وَأَنۡهَٰرٌ مِّنۡ خَمۡرٍ لَّذَّةٍ لِّلشَّٰرِبِينَ وَأَنۡهَٰرٌ مِّنۡ عَسَلٍ مُّصَفًّىۖ وَلَهُمۡ فِيهَا مِن كُلِّ ٱلثَّمَرَٰتِ وَمَغۡفِرَةٌ مِّن رَّبِّهِمۡۖ كَمَنۡ هُوَ خَٰلِدٌ فِي ٱلنَّارِ وَسُقُواْ مَآءً حَمِيمًا فَقَطَّعَ أَمۡعَآءَهُمۡ ١٥Incazelo yesivande leso esethenjiswa abalungileyo kusona phakathi kunemifula yamanzi angashintshi ubuwona kanye nemifula yobisi okungashintshi ukunambitheka kwayo kanye nemifula yewayini elimnandi kwabaliphuzayo kanye nemifula yoju olwenziwe kahle futhi okwabo lapho phakathi yizona zonke izinhlobonhlobo zezithelo nentethelelo evela eNkosini yabo, njengalabo abasemlilweni ingunaphakade futhi baphuziswe amanzi abilayo bese enquma amathumbu abo وَمِنۡهُم مَّن يَسۡتَمِعُ إِلَيۡكَ حَتَّىٰٓ إِذَا خَرَجُواْ مِنۡ عِندِكَ قَالُواْ لِلَّذِينَ أُوتُواْ ٱلۡعِلۡمَ مَاذَا قَالَ ءَانِفًاۚ أُوْلَٰٓئِكَ ٱلَّذِينَ طَبَعَ ٱللَّهُ عَلَىٰ قُلُوبِهِمۡ وَٱتَّبَعُوٓاْ أَهۡوَآءَهُمۡ ١٦Futhi phakathi kwabo kunalabo abakulalelayo kuze kuthi lapho uma besuka kuwena bathi kulabo abaphiwa ulwazi, “yini leyo ayishilo” labo bayilabo uMvelinqagi asicilele izinhliziyo zabo futhi abalandela izifiso zabo وَٱلَّذِينَ ٱهۡتَدَوۡاْ زَادَهُمۡ هُدًى وَءَاتَىٰهُمۡ تَقۡوَىٰهُمۡ ١٧Futhi labo abaholeleke (endleleni eqondile) uyabenyusela ekuholweni futhi ubanika ukulunga kwabo فَهَلۡ يَنظُرُونَ إِلَّا ٱلسَّاعَةَ أَن تَأۡتِيَهُم بَغۡتَةًۖ فَقَدۡ جَآءَ أَشۡرَاطُهَاۚ فَأَنَّىٰ لَهُمۡ إِذَا جَآءَتۡهُمۡ ذِكۡرَىٰهُمۡ ١٨Ngakube balindile ngaphandle kwehora ukuthi lifike kubona masinyane na? Kepha sezafika izimpawu zalo, ngakho-ke kuyokubanjani kubona uma sebefikelwa yisikhumbuzo sabo na فَٱعۡلَمۡ أَنَّهُۥ لَآ إِلَٰهَ إِلَّا ٱللَّهُ وَٱسۡتَغۡفِرۡ لِذَنۢبِكَ وَلِلۡمُؤۡمِنِينَ وَٱلۡمُؤۡمِنَٰتِۗ وَٱللَّهُ يَعۡلَمُ مُتَقَلَّبَكُمۡ وَمَثۡوَىٰكُمۡ ١٩Ngakho-ke yazi ukuthi ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kukaMvelinqangi futhi cela intethelelo ngesono sakho nesabesilisa abakholwayo nabesifazane abakholwayo futhi uMvelinqangi uyakwazi ukuhamba kwenu nendawo yenu yokuphumula وَيَقُولُ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ لَوۡلَا نُزِّلَتۡ سُورَةٌۖ فَإِذَآ أُنزِلَتۡ سُورَةٌ مُّحۡكَمَةٌ وَذُكِرَ فِيهَا ٱلۡقِتَالُ رَأَيۡتَ ٱلَّذِينَ فِي قُلُوبِهِم مَّرَضٌ يَنظُرُونَ إِلَيۡكَ نَظَرَ ٱلۡمَغۡشِيِّ عَلَيۡهِ مِنَ ٱلۡمَوۡتِۖ فَأَوۡلَىٰ لَهُمۡ ٢٠Futhi bathi labo abakholwayo, “kungani singembulwanga isahluko” kepha uma sesambulwa isahluko esinqumayo ekukhuluma ngokulwa kusona طَاعَةٌ وَقَوۡلٌ مَّعۡرُوفٌۚ فَإِذَا عَزَمَ ٱلۡأَمۡرُ فَلَوۡ صَدَقُواْ ٱللَّهَ لَكَانَ خَيۡرًا لَّهُمۡ ٢١Ukuhlonipha nenkulumo enhle uma udaba selunqunyiwe, ukube babeneqiniso kuMvelinqangi kwakuzokuba ngcono kubona فَهَلۡ عَسَيۡتُمۡ إِن تَوَلَّيۡتُمۡ أَن تُفۡسِدُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَتُقَطِّعُوٓاْ أَرۡحَامَكُمۡ ٢٢Ngakho-ke uma niphenduka nenza inkohlakalo emhlabeni futhi ninqamula ubuhlobo benu أُوْلَٰٓئِكَ ٱلَّذِينَ لَعَنَهُمُ ٱللَّهُ فَأَصَمَّهُمۡ وَأَعۡمَىٰٓ أَبۡصَٰرَهُمۡ ٢٣Labo-ke bayilabo abaqalekisile uMvelinqangi wabenza babayizithuli futhi wavala ukubona kwabo أَفَلَا يَتَدَبَّرُونَ ٱلۡقُرۡءَانَ أَمۡ عَلَىٰ قُلُوبٍ أَقۡفَالُهَآ ٢٤Ngakube abacabangi yini ngeQur’an noma ezinhliziyweni zabo kunezihluthulelo إِنَّ ٱلَّذِينَ ٱرۡتَدُّواْ عَلَىٰٓ أَدۡبَٰرِهِم مِّنۢ بَعۡدِ مَا تَبَيَّنَ لَهُمُ ٱلۡهُدَى ٱلشَّيۡطَٰنُ سَوَّلَ لَهُمۡ وَأَمۡلَىٰ لَهُمۡ ٢٥Ngempela labo abaphendukela emumva, ngemva kokuba sekusobala kubona ukuholwa, usathane wabayenga futhi wabagcwalisela ithemba ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمۡ قَالُواْ لِلَّذِينَ كَرِهُواْ مَا نَزَّلَ ٱللَّهُ سَنُطِيعُكُمۡ فِي بَعۡضِ ٱلۡأَمۡرِۖ وَٱللَّهُ يَعۡلَمُ إِسۡرَارَهُمۡ ٢٦Lokho kungenxa yokuthi bona bathi kulabo abazonda lokho akwembula uMvelinqangi “siyonihlonipha kwezinye izindaba” futhi uMvelinqangi uyazazi izimfihlo zabo فَكَيۡفَ إِذَا تَوَفَّتۡهُمُ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ يَضۡرِبُونَ وُجُوهَهُمۡ وَأَدۡبَٰرَهُمۡ ٢٧Kepha kuyobanjani uma izingelosi zibenza ukuthi bafe zibashaya ebusweni babo nasemihlane yabo na ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمُ ٱتَّبَعُواْ مَآ أَسۡخَطَ ٱللَّهَ وَكَرِهُواْ رِضۡوَٰنَهُۥ فَأَحۡبَطَ أَعۡمَٰلَهُمۡ ٢٨Lokho kungenxa yokuthi bona babelandela lokho okucasula uMvelinqangi futhi bezonda injabulo yakhe, ngakho-ke wenza zaba yize leze izenzo zabo أَمۡ حَسِبَ ٱلَّذِينَ فِي قُلُوبِهِم مَّرَضٌ أَن لَّن يُخۡرِجَ ٱللَّهُ أَضۡغَٰنَهُمۡ ٢٩Noma labo abanokugula ezinhliziyweni zabo bacabanga ukuthi angeke uMvelinqangi ayiveze inzondo yabo وَلَوۡ نَشَآءُ لَأَرَيۡنَٰكَهُمۡ فَلَعَرَفۡتَهُم بِسِيمَٰهُمۡۚ وَلَتَعۡرِفَنَّهُمۡ فِي لَحۡنِ ٱلۡقَوۡلِۚ وَٱللَّهُ يَعۡلَمُ أَعۡمَٰلَكُمۡ ٣٠Futhi uma sithanda sasizokukhombisa bona ukuze ubazi ngezimpawu zabo, futhi ubazi ngephimbo enkulumweni (yabo) futhi uMvelinqangi uyazazi izenzo zenu وَلَنَبۡلُوَنَّكُمۡ حَتَّىٰ نَعۡلَمَ ٱلۡمُجَٰهِدِينَ مِنكُمۡ وَٱلصَّٰبِرِينَ وَنَبۡلُوَاْ أَخۡبَارَكُمۡ ٣١Futhi ngempela sizonilinga kuze kube yilapho sibazi abazabalazayo phakathi kwenu kanye nababekezelayo futhi sivivinye izindaba zenu إِنَّ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ وَصَدُّواْ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِ وَشَآقُّواْ ٱلرَّسُولَ مِنۢ بَعۡدِ مَا تَبَيَّنَ لَهُمُ ٱلۡهُدَىٰ لَن يَضُرُّواْ ٱللَّهَ شَيۡـًٔا وَسَيُحۡبِطُ أَعۡمَٰلَهُمۡ ٣٢Ngempela labo abangakholwanga futhi bevimba endleleni kaMvelinqangi futhi bephikisa isithunywa emva kokuba sekucacile kubona ukuholwa, ayisoze yamlimaza uMvelinqangi into futhi uyokwenza imisebenzi yabo ize leze ۞ يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ أَطِيعُواْ ٱللَّهَ وَأَطِيعُواْ ٱلرَّسُولَ وَلَا تُبۡطِلُوٓاْ أَعۡمَٰلَكُمۡ ٣٣Oh Nina enakholwayo! Hloniphani uMvelinqangi futhi nihloniphe isithunywa futhi ningenzi imisebenzi yenu ize leze إِنَّ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ وَصَدُّواْ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِ ثُمَّ مَاتُواْ وَهُمۡ كُفَّارٌ فَلَن يَغۡفِرَ ٱللَّهُ لَهُمۡ ٣٤Ngempela labo abangakholwanga futhi bevimba endleleni kaMvelinqangi babesebeyafa kulapho bona bengakholwa ngakho-ke akasoze abathethelele uMvelinqangi فَلَا تَهِنُواْ وَتَدۡعُوٓاْ إِلَى ٱلسَّلۡمِ وَأَنتُمُ ٱلۡأَعۡلَوۡنَ وَٱللَّهُ مَعَكُمۡ وَلَن يَتِرَكُمۡ أَعۡمَٰلَكُمۡ ٣٥Ngakho-ke ungaphatheki kabi bese nimemezela ukuthula kulapho nina ningaphezulu, futhi uMvelinqangi ukanye nani futhi akasoze anephuce imisebenzi yenu إِنَّمَا ٱلۡحَيَوٰةُ ٱلدُّنۡيَا لَعِبٌ وَلَهۡوٌۚ وَإِن تُؤۡمِنُواْ وَتَتَّقُواْ يُؤۡتِكُمۡ أُجُورَكُمۡ وَلَا يَسۡـَٔلۡكُمۡ أَمۡوَٰلَكُمۡ ٣٦Kuphela impilo yalomhlaba ngumdlalo nesilibaziso futhi uma nikholwa futhi nesaba (uMvelinqangi) uyoninika imivuzo yenu futhi akayiceli ingcebo yenu إِن يَسۡـَٔلۡكُمُوهَا فَيُحۡفِكُمۡ تَبۡخَلُواْ وَيُخۡرِجۡ أَضۡغَٰنَكُمۡ ٣٧Uma enganicela kona enicindezela, benizoncishana futhi ubezoyiveza inzondo yenu (ukungathandi kwenu) هَٰٓأَنتُمۡ هَٰٓؤُلَآءِ تُدۡعَوۡنَ لِتُنفِقُواْ فِي سَبِيلِ ٱللَّهِ فَمِنكُم مَّن يَبۡخَلُۖ وَمَن يَبۡخَلۡ فَإِنَّمَا يَبۡخَلُ عَن نَّفۡسِهِۦۚ وَٱللَّهُ ٱلۡغَنِيُّ وَأَنتُمُ ٱلۡفُقَرَآءُۚ وَإِن تَتَوَلَّوۡاْ يَسۡتَبۡدِلۡ قَوۡمًا غَيۡرَكُمۡ ثُمَّ لَا يَكُونُوٓاْ أَمۡثَٰلَكُم ٣٨Nilapha nina niyilabo enimenyelwe ukuthi nisebenzise endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke phakathi kwenu kunalabo abancishanayo futhi noma ngabe ngubani oncishanayo kuphela uncishanela umphefumulo wakhe futhi uMvelinqangi akaswele kepha nina 39. ningabaswele futhi uma niphendukela emumva uzoletha abanye abantu esikhundleni senu bese bengafani njengani