ملة الإسلام

السورة 25 · 77 آية · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

سورة الفرقان باللغة الزولو

السورة بالعربية مع التفسير استمع إلى سورة الفرقان (1,365 قارئاً)
مكيةسورة الفرقان٧٧ آية

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

تَبَارَكَ ٱلَّذِي نَزَّلَ ٱلۡفُرۡقَانَ عَلَىٰ عَبۡدِهِۦ لِيَكُونَ لِلۡعَٰلَمِينَ نَذِيرًا ١Uyingcwele lowo owehlisela phansi isimo sokunquma phezu kwenceku yakhe ukuze ibe ngumxwayisi ezizweni ٱلَّذِي لَهُۥ مُلۡكُ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَلَمۡ يَتَّخِذۡ وَلَدًا وَلَمۡ يَكُن لَّهُۥ شَرِيكٌ فِي ٱلۡمُلۡكِ وَخَلَقَ كُلَّ شَيۡءٍ فَقَدَّرَهُۥ تَقۡدِيرًا ٢Okunguyena okungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba futhi ongakaze abe nendodana futhi ongenaye umhlanganyeli embusweni futhi wadala zonke izinto wazilinganisa ngendlela ezifaneleke ngayo وَٱتَّخَذُواْ مِن دُونِهِۦٓ ءَالِهَةً لَّا يَخۡلُقُونَ شَيۡـًٔا وَهُمۡ يُخۡلَقُونَ وَلَا يَمۡلِكُونَ لِأَنفُسِهِمۡ ضَرًّا وَلَا نَفۡعًا وَلَا يَمۡلِكُونَ مَوۡتًا وَلَا حَيَوٰةً وَلَا نُشُورًا ٣Futhi bazithathela abanye onkulunkulu esikhundleni sakhe abangakwazi ukudala lutho kulapho bona bedaliwe futhi bona uqobo lwabo abanalutho olulimazayo futhi abanalutho oluyinzuzo futhi abakwazi ukudala ukufa nokupha impilo nokuvusa (abafileyo) وَقَالَ ٱلَّذِينَ كَفَرُوٓاْ إِنۡ هَٰذَآ إِلَّآ إِفۡكٌ ٱفۡتَرَىٰهُ وَأَعَانَهُۥ عَلَيۡهِ قَوۡمٌ ءَاخَرُونَۖ فَقَدۡ جَآءُو ظُلۡمًا وَزُورًا ٤Futhi labo abangakholwanga bathi, “lokhu akuyilutho ngaphandle kwamanga awaqambile futhi abanye abantu bamelekelela kuwo ngakho-ke ngempela baveze okungenabulungiswa nokungaimanga” وَقَالُوٓاْ أَسَٰطِيرُ ٱلۡأَوَّلِينَ ٱكۡتَتَبَهَا فَهِيَ تُمۡلَىٰ عَلَيۡهِ بُكۡرَةً وَأَصِيلًا ٥Futhi bathi, “yizinganekwane zasendulo azibhale phansi ngakho-ke uyabizelwa zona ekuseni nakusihlwa” قُلۡ أَنزَلَهُ ٱلَّذِي يَعۡلَمُ ٱلسِّرَّ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۚ إِنَّهُۥ كَانَ غَفُورًا رَّحِيمًا ٦Ithi, “uyehlisele phansi lowo owazi imfihlo emazulwini nasemhlabeni ngempela yena ngasosonke isikhathi uyathethelela unesihawu” وَقَالُواْ مَالِ هَٰذَا ٱلرَّسُولِ يَأۡكُلُ ٱلطَّعَامَ وَيَمۡشِي فِي ٱلۡأَسۡوَاقِ لَوۡلَآ أُنزِلَ إِلَيۡهِ مَلَكٌ فَيَكُونَ مَعَهُۥ نَذِيرًا ٧Futhi bathi, “kungani lesisithunywa sidla ukudla futhi siyahamba siya ezitolo na? Kungani kungehliselwanga phansi kusona ingelosi ukuze ibe ngumxwayisi kanye naso” أَوۡ يُلۡقَىٰٓ إِلَيۡهِ كَنزٌ أَوۡ تَكُونُ لَهُۥ جَنَّةٌ يَأۡكُلُ مِنۡهَاۚ وَقَالَ ٱلظَّٰلِمُونَ إِن تَتَّبِعُونَ إِلَّا رَجُلًا مَّسۡحُورًا ٨Noma anikezwe ingcebo noma abe nesivande adla kusona futhi abayizoni bathi “anilandeli lutho ngaphandle komuntu olunjiwe” ٱنظُرۡ كَيۡفَ ضَرَبُواْ لَكَ ٱلۡأَمۡثَٰلَ فَضَلُّواْ فَلَا يَسۡتَطِيعُونَ سَبِيلًا ٩Bheka ukuthi bakwenzela kanjani izibonelo base beyaduka bangakwazi ukuyifumana indlela تَبَارَكَ ٱلَّذِيٓ إِن شَآءَ جَعَلَ لَكَ خَيۡرًا مِّن ذَٰلِكَ جَنَّٰتٍ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهَا ٱلۡأَنۡهَٰرُ وَيَجۡعَل لَّكَ قُصُورَۢا ١٠Uyingcwele lowo othi uma ethanda akubekele okungcono kunalokho – izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula futhi uzokubekela izindlu ezinkulu zobukhosi بَلۡ كَذَّبُواْ بِٱلسَّاعَةِۖ وَأَعۡتَدۡنَا لِمَن كَذَّبَ بِٱلسَّاعَةِ سَعِيرًا ١١Kepha bayaliphika ihora futhi noma ngabe nguba oliphikayo ihora simlungiselele umlilo ovuthayo إِذَا رَأَتۡهُم مِّن مَّكَانِۭ بَعِيدٍ سَمِعُواْ لَهَا تَغَيُّظًا وَزَفِيرًا ١٢Uma ubabona (umlilo) besendaweni ekude bayokuzwa ulaka olukhulu nokubhonga kwawo وَإِذَآ أُلۡقُواْ مِنۡهَا مَكَانًا ضَيِّقًا مُّقَرَّنِينَ دَعَوۡاْ هُنَالِكَ ثُبُورًا ١٣Futhi uma bephonswa endaweni encane ngobubanzi lapho phakathi beboshwe ngamaketango bayokhalela ukubhujiswa lapho لَّا تَدۡعُواْ ٱلۡيَوۡمَ ثُبُورًا وَٰحِدًا وَٱدۡعُواْ ثُبُورًا كَثِيرًا ١٤Musani namhlanje ukukhalela ukubhujiswa okukodwa kepha khalelani ukubhujiswa okuningi قُلۡ أَذَٰلِكَ خَيۡرٌ أَمۡ جَنَّةُ ٱلۡخُلۡدِ ٱلَّتِي وُعِدَ ٱلۡمُتَّقُونَۚ كَانَتۡ لَهُمۡ جَزَآءً وَمَصِيرًا ١٥Ithi, “ngakubelokhokungcononomaisivandesangunaphakade okuyisona esathenjiswa abagwema okubi na? Lokho ngumvuzo nesiphetho sabo” لَّهُمۡ فِيهَا مَا يَشَآءُونَ خَٰلِدِينَۚ كَانَ عَلَىٰ رَبِّكَ وَعۡدًا مَّسۡـُٔولًا ١٦Okwabo lapho phakathi kuyoba yikona konke lokho abakufisayo, bayohlalakhonaingunaphakade, lesiyisethembiso ukugcwaliseka kwaso kuseNkosini yakho وَيَوۡمَ يَحۡشُرُهُمۡ وَمَا يَعۡبُدُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ فَيَقُولُ ءَأَنتُمۡ أَضۡلَلۡتُمۡ عِبَادِي هَٰٓؤُلَآءِ أَمۡ هُمۡ ضَلُّواْ ٱلسَّبِيلَ ١٧Futhi ngosuku lapho eyobaqoqa ngalo kanye nalokho abakukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi bese ethi, “ngakube nina naziphambukisa yini lezizinceku zami noma zona zaziphambukela ngokwazo endleleni na?” قَالُواْ سُبۡحَٰنَكَ مَا كَانَ يَنۢبَغِي لَنَآ أَن نَّتَّخِذَ مِن دُونِكَ مِنۡ أَوۡلِيَآءَ وَلَٰكِن مَّتَّعۡتَهُمۡ وَءَابَآءَهُمۡ حَتَّىٰ نَسُواْ ٱلذِّكۡرَ وَكَانُواْ قَوۡمَۢا بُورًا ١٨Bayothi, “udumo malube kuwe! Kwakungasifanele ukuthi sithathe abanye abavikeli esikhundleni sakho kepha wena wabenza ukuthi bazithokozise kanye noyise kwaze kwaba yilapho bekhohlwa isexwayiso base bebangabantu abalahlekileyo” فَقَدۡ كَذَّبُوكُم بِمَا تَقُولُونَ فَمَا تَسۡتَطِيعُونَ صَرۡفًا وَلَا نَصۡرًاۚ وَمَن يَظۡلِم مِّنكُمۡ نُذِقۡهُ عَذَابًا كَبِيرًا ١٩Ngakho-ke bazokubiza ngamanga konke lokho enikushoyo bese ningabe nisakwazi ukuqhelelana (nesijeziso) futhi ningalutholi usizo futhi noma ngabe ngubani phakathi kwenu ongenabulungiswa simzwisa isijeziso esikhulu وَمَآ أَرۡسَلۡنَا قَبۡلَكَ مِنَ ٱلۡمُرۡسَلِينَ إِلَّآ إِنَّهُمۡ لَيَأۡكُلُونَ ٱلطَّعَامَ وَيَمۡشُونَ فِي ٱلۡأَسۡوَاقِۗ وَجَعَلۡنَا بَعۡضَكُمۡ لِبَعۡضٍ فِتۡنَةً أَتَصۡبِرُونَۗ وَكَانَ رَبُّكَ بَصِيرًا ٢٠Futhi asizange sithumele ngaphambilini kwakho isithunywa ngaphandle kokuthi zona zazikudla ukudla futhi ziya ezitolo futhi sabenza abanye benu ukuba yizilingo kwabanye, ngakube nizobekezela yini na? futhi iNkosi yakho ngasosonke isikhathi ibhekile

الجزء التاسع عشر

۞ وَقَالَ ٱلَّذِينَ لَا يَرۡجُونَ لِقَآءَنَا لَوۡلَآ أُنزِلَ عَلَيۡنَا ٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ أَوۡ نَرَىٰ رَبَّنَاۗ لَقَدِ ٱسۡتَكۡبَرُواْ فِيٓ أَنفُسِهِمۡ وَعَتَوۡ عُتُوًّا كَبِيرًا ٢١Futhi labo abangakulindele ukuhlangana nathi bathi “azithunyelwangangani phansi kuthina izingelosi noma sibone iNkosi yethu na? Ngempela bazibeke ezingeni eliphezulu futhi bayeyisa ngokukhulu ukuziqhenya lokhu” يَوۡمَ يَرَوۡنَ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةَ لَا بُشۡرَىٰ يَوۡمَئِذٍ لِّلۡمُجۡرِمِينَ وَيَقُولُونَ حِجۡرًا مَّحۡجُورًا ٢٢Ngosuku lapho beyozibona ngalo izingelosi akuyikubakhona izindaba ezinhle kwabayizoni ngalolosuku, futhi (izingelosi) ziyothi, “nenqatshelwe impumelelo” وَقَدِمۡنَآ إِلَىٰ مَا عَمِلُواْ مِنۡ عَمَلٍ فَجَعَلۡنَٰهُ هَبَآءً مَّنثُورًا ٢٣Futhi siyophendukela kuyona yonke imisebenzi abayenzile ngakho-ke siyoyenza (leyomisebenzi) ukuthi ibe njengothuli oluhlakazekile أَصۡحَٰبُ ٱلۡجَنَّةِ يَوۡمَئِذٍ خَيۡرٌ مُّسۡتَقَرًّا وَأَحۡسَنُ مَقِيلًا ٢٤Abahlali basezulwini ngalolosuku bayokuba sendaweni yokuhlala engcono nendawo engcono yokuphumula وَيَوۡمَ تَشَقَّقُ ٱلسَّمَآءُ بِٱلۡغَمَٰمِ وَنُزِّلَ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ تَنزِيلًا ٢٥Futhi ngosuku lapho isibhakabhaka siyobe siklayeka phakathi emafini futhi izingelosi ziyothunyelwa phansi ngokulandelana ٱلۡمُلۡكُ يَوۡمَئِذٍ ٱلۡحَقُّ لِلرَّحۡمَٰنِۚ وَكَانَ يَوۡمًا عَلَى ٱلۡكَٰفِرِينَ عَسِيرًا ٢٦Umbuso ngalolosuku uyobe ungowoNomusa ngokweqiniso futhi kuyoba usuku olunzima kwabangakholwa وَيَوۡمَ يَعَضُّ ٱلظَّالِمُ عَلَىٰ يَدَيۡهِ يَقُولُ يَٰلَيۡتَنِي ٱتَّخَذۡتُ مَعَ ٱلرَّسُولِ سَبِيلًا ٢٧Futhi ngosuku lapho isoni siyobe siluma izandla zaso bese sithi “Oh ngifisa! sengathi ngathatha indlela (eqondile) nesithunywa” يَٰوَيۡلَتَىٰ لَيۡتَنِي لَمۡ أَتَّخِذۡ فُلَانًا خَلِيلًا ٢٨Oh usizi kumina! Ngifisa sengathi angizange ngithathe umuntu othize njengomngane لَّقَدۡ أَضَلَّنِي عَنِ ٱلذِّكۡرِ بَعۡدَ إِذۡ جَآءَنِيۗ وَكَانَ ٱلشَّيۡطَٰنُ لِلۡإِنسَٰنِ خَذُولًا ٢٩Ngempela wangidukisa esikhumbuzweni emva kokuba sesifikile kumina futhi ngasosonke isikhathi usathane akamphumelelisi umuntu وَقَالَ ٱلرَّسُولُ يَٰرَبِّ إِنَّ قَوۡمِي ٱتَّخَذُواْ هَٰذَا ٱلۡقُرۡءَانَ مَهۡجُورًا ٣٠Futhi isithunywa siyothi, “Oh Nkosi yami! Ngempela abantu bami bayithatha leQur’an njengento enganakiwe” وَكَذَٰلِكَ جَعَلۡنَا لِكُلِّ نَبِيٍّ عَدُوًّا مِّنَ ٱلۡمُجۡرِمِينَۗ وَكَفَىٰ بِرَبِّكَ هَادِيًا وَنَصِيرًا ٣١Futhi kanjalo samenzela uMphrofethi ngamunye isitha phakathi kwabayizoni futhi yanele iNkosi yakho ukuba ngumholi nokuba ngumsizi وَقَالَ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَوۡلَا نُزِّلَ عَلَيۡهِ ٱلۡقُرۡءَانُ جُمۡلَةً وَٰحِدَةًۚ كَذَٰلِكَ لِنُثَبِّتَ بِهِۦ فُؤَادَكَۖ وَرَتَّلۡنَٰهُ تَرۡتِيلًا ٣٢Futhi labo abangakholwanga bathi, “ayehliselwanga ngani phansi kuyena iQur’an ngesikhathi esisodwa na?” Kanjalo-ke ukuze siqinise ngayo inhliziyo yakho futhi sayembula kancane kancane وَلَا يَأۡتُونَكَ بِمَثَلٍ إِلَّا جِئۡنَٰكَ بِٱلۡحَقِّ وَأَحۡسَنَ تَفۡسِيرًا ٣٣Futhi abakwazi ukukulethela isibonelo ngaphandle kokuthi sikulethela iqiniso nencazelo engcono kunayo ٱلَّذِينَ يُحۡشَرُونَ عَلَىٰ وُجُوهِهِمۡ إِلَىٰ جَهَنَّمَ أُوْلَٰٓئِكَ شَرٌّ مَّكَانًا وَأَضَلُّ سَبِيلًا ٣٤Labo abayoqoqelwa ndawonye esihogweni ngobuso babo labo basendaweni embi futhi baphambuke kakhulu endleleni وَلَقَدۡ ءَاتَيۡنَا مُوسَى ٱلۡكِتَٰبَ وَجَعَلۡنَا مَعَهُۥٓ أَخَاهُ هَٰرُونَ وَزِيرًا ٣٥Futhi ngempela samnikeza uMose incwadi futhi sabeka umfowabo u-Aroni kanye naye njengomsizi فَقُلۡنَا ٱذۡهَبَآ إِلَى ٱلۡقَوۡمِ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا فَدَمَّرۡنَٰهُمۡ تَدۡمِيرًا ٣٦Sabe sesithi, “nobabili hambani niye ebantwini labo ababephika amavesi ethu sabe sesibabhubhisa ngembubhiso ephelele” وَقَوۡمَ نُوحٍ لَّمَّا كَذَّبُواْ ٱلرُّسُلَ أَغۡرَقۡنَٰهُمۡ وَجَعَلۡنَٰهُمۡ لِلنَّاسِ ءَايَةًۖ وَأَعۡتَدۡنَا لِلظَّٰلِمِينَ عَذَابًا أَلِيمًا ٣٧Nabantu baNowa ngenkathi bephika izithunywa sabaminzisa futhi sabenza ukuthi babe nguphawu ebantwini futhi izoni sazilungiselela isijeziso esibuhlungu وَعَادًا وَثَمُودَاْ وَأَصۡحَٰبَ ٱلرَّسِّ وَقُرُونَۢا بَيۡنَ ذَٰلِكَ كَثِيرًا ٣٨No-A’d noThamud nezihlali zaseRass nezizukulwane eziningi maphakathi وَكُلًّا ضَرَبۡنَا لَهُ ٱلۡأَمۡثَٰلَۖ وَكُلًّا تَبَّرۡنَا تَتۡبِيرًا ٣٩Futhi kuleso naleso sizwe sanikeza isibonelo futhi ngamunye wabo sambhubhisa ngembubhiso ephelele وَلَقَدۡ أَتَوۡاْ عَلَى ٱلۡقَرۡيَةِ ٱلَّتِيٓ أُمۡطِرَتۡ مَطَرَ ٱلسَّوۡءِۚ أَفَلَمۡ يَكُونُواْ يَرَوۡنَهَاۚ بَلۡ كَانُواْ لَا يَرۡجُونَ نُشُورًا ٤٠Futhi ngempela bahamba badlula edolobheni elalinethwe yimvula enzima, ngakube abaliboni yini na? Qha abakwethembi ukuvuswa (ngosuku lokuvuswa kwabafileyo) وَإِذَا رَأَوۡكَ إِن يَتَّخِذُونَكَ إِلَّا هُزُوًا أَهَٰذَا ٱلَّذِي بَعَثَ ٱللَّهُ رَسُولًا ٤١Futhi uma bekubona abakuthathi njengento yalutho ngaphandle kokukwenza inhlekisa (bathi) “ngakube nguyena lona uMvelinqangi amthuma njengesithunywa yini na?” إِن كَادَ لَيُضِلُّنَا عَنۡ ءَالِهَتِنَا لَوۡلَآ أَن صَبَرۡنَا عَلَيۡهَاۚ وَسَوۡفَ يَعۡلَمُونَ حِينَ يَرَوۡنَ ٱلۡعَذَابَ مَنۡ أَضَلُّ سَبِيلًا ٤٢Ucishe wasiphambukisa koNkulunkulu bethu, ukube asizange sibabekezelele, futhi bayokwazi ngenkathi besibona isijeziso ukuthi ngubani ophambuke ngokwedlulele endleleni أَرَءَيۡتَ مَنِ ٱتَّخَذَ إِلَٰهَهُۥ هَوَىٰهُ أَفَأَنتَ تَكُونُ عَلَيۡهِ وَكِيلًا ٤٣Ngakube umbonile yini lowo othatha izifiso zakhe njengoNkulunkulu bakhe na? Ngakube wena uzoba ngumlondi wakhe na أَمۡ تَحۡسَبُ أَنَّ أَكۡثَرَهُمۡ يَسۡمَعُونَ أَوۡ يَعۡقِلُونَۚ إِنۡ هُمۡ إِلَّا كَٱلۡأَنۡعَٰمِ بَلۡ هُمۡ أَضَلُّ سَبِيلًا ٤٤Noma ucabanga ukuthi iningi labo liyezwa noma linomqondo yini na? Abayilutho ngaphandle kokufana nezinkomo, Qhabo bona baphambuke endleleni ngokwedlulele أَلَمۡ تَرَ إِلَىٰ رَبِّكَ كَيۡفَ مَدَّ ٱلظِّلَّ وَلَوۡ شَآءَ لَجَعَلَهُۥ سَاكِنًا ثُمَّ جَعَلۡنَا ٱلشَّمۡسَ عَلَيۡهِ دَلِيلًا ٤٥Awuboni yini ukuthi iNkosi yakho iwelula kanjani umthunzi, ukube yayithanda yayizowenza ukuthi umendawonye sabe sesenza ilanga ukuthi libe yisibonakaliso kuwona ثُمَّ قَبَضۡنَٰهُ إِلَيۡنَا قَبۡضًا يَسِيرًا ٤٦Bese siwuletha kuthina siwuletha kancane kancane وَهُوَ ٱلَّذِي جَعَلَ لَكُمُ ٱلَّيۡلَ لِبَاسًا وَٱلنَّوۡمَ سُبَاتًا وَجَعَلَ ٱلنَّهَارَ نُشُورًا ٤٧Futhi nguyena (uMvelinqangi) owanenzela ubusuku babayisembozo kanye nokulala kwaba ukuphumula futhi wenza imini kwaba ngeyokuvuka (kusetshenzwe) وَهُوَ ٱلَّذِيٓ أَرۡسَلَ ٱلرِّيَٰحَ بُشۡرَۢا بَيۡنَ يَدَيۡ رَحۡمَتِهِۦۚ وَأَنزَلۡنَا مِنَ ٱلسَّمَآءِ مَآءً طَهُورًا ٤٨Futhi nguyena othumela imimoya njengezindaba ezinhle ngaphambi komusa wakhe futhi sawehlisela phansi amanzi (imvula) emsulwa ephuma esibhakabhakeni لِّنُحۡـِۧيَ بِهِۦ بَلۡدَةً مَّيۡتًا وَنُسۡقِيَهُۥ مِمَّا خَلَقۡنَآ أَنۡعَٰمًا وَأَنَاسِيَّ كَثِيرًا ٤٩Ukuze siphilise ngawo izwe elifile futhi siwaphuzise lokho esakudalayo izinkomo kanye nabantu abaningi وَلَقَدۡ صَرَّفۡنَٰهُ بَيۡنَهُمۡ لِيَذَّكَّرُواْ فَأَبَىٰٓ أَكۡثَرُ ٱلنَّاسِ إِلَّا كُفُورًا ٥٠Futhi ngempela sayisabalalisa phakathi kwabo ukuze bakhumbule kepha iningi labantu alivumi lutho ngaphandle kwabangakholwayo وَلَوۡ شِئۡنَا لَبَعَثۡنَا فِي كُلِّ قَرۡيَةٍ نَّذِيرًا ٥١Futhi ukube sasithanda sasizoveza umexwayisi kuwona wonke amadolobha فَلَا تُطِعِ ٱلۡكَٰفِرِينَ وَجَٰهِدۡهُم بِهِۦ جِهَادًا كَبِيرًا ٥٢Ngakho-ke ningabahloniphi (ningabalaleli) abangakholwa futhi zabalaza ubhekane nabo ngayo (iQur’an) ukuzabalaza kanzima ۞ وَهُوَ ٱلَّذِي مَرَجَ ٱلۡبَحۡرَيۡنِ هَٰذَا عَذۡبٌ فُرَاتٌ وَهَٰذَا مِلۡحٌ أُجَاجٌ وَجَعَلَ بَيۡنَهُمَا بَرۡزَخًا وَحِجۡرًا مَّحۡجُورًا ٥٣Futhi nguyena owadedela izinhlobo ezimbili zolwandle lolu oluhlwabusile olumtoti kanye nalolu olusasawoti olubabayo futhi wabeka isehlukaniso phakathi kwazo zombili, isehlukaniso ekungavumelekile ukuba seqiwe وَهُوَ ٱلَّذِي خَلَقَ مِنَ ٱلۡمَآءِ بَشَرًا فَجَعَلَهُۥ نَسَبًا وَصِهۡرًاۗ وَكَانَ رَبُّكَ قَدِيرًا ٥٤Futhi nguyena owadala umuntu ngamanzi futhi wamenzela izinhlobonhlobo zegazi nomshado futhi ngasosonke isikhathi iNkosi yakho inamandla okwenza zonke izinto وَيَعۡبُدُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ مَا لَا يَنفَعُهُمۡ وَلَا يَضُرُّهُمۡۗ وَكَانَ ٱلۡكَافِرُ عَلَىٰ رَبِّهِۦ ظَهِيرًا ٥٥Futhi esikhundleni sikaMvelinqangi bakhonza lokho okungeke kubasize nokungeke kubalimaze futhi ngasosonke isikhathi ongakholwayo ungumsizi ekulweni neNkosi yakhe وَمَآ أَرۡسَلۡنَٰكَ إِلَّا مُبَشِّرًا وَنَذِيرًا ٥٦Futhi asizange sikuthumele ngaphandle kokuba ube ngumlethi wezindaba ezimnandi nomxwayisi قُلۡ مَآ أَسۡـَٔلُكُمۡ عَلَيۡهِ مِنۡ أَجۡرٍ إِلَّا مَن شَآءَ أَن يَتَّخِذَ إِلَىٰ رَبِّهِۦ سَبِيلًا ٥٧Ithi, “awukho umvuzo engiwucela kunina ngakho ngaphandle kwanoma ngabe ngubani othanda ukuthatha indlela eya eNkosini yakhe” وَتَوَكَّلۡ عَلَى ٱلۡحَيِّ ٱلَّذِي لَا يَمُوتُ وَسَبِّحۡ بِحَمۡدِهِۦۚ وَكَفَىٰ بِهِۦ بِذُنُوبِ عِبَادِهِۦ خَبِيرًا ٥٨Futhi thembela kophilayo (u-Allah), ongafi futhi ugubhe indumiso yakhe futhi wanele njengowengamele izono zezinceku zakhe ٱلَّذِي خَلَقَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ وَمَا بَيۡنَهُمَا فِي سِتَّةِ أَيَّامٍ ثُمَّ ٱسۡتَوَىٰ عَلَى ٱلۡعَرۡشِۖ ٱلرَّحۡمَٰنُ فَسۡـَٔلۡ بِهِۦ خَبِيرًا ٥٩Yilowo owadala amazulu nomhlaba nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngezinsuku eziyisithupha wayesezibeka esihlalweni sobukhosi onomusa (uMvelinqangi), ngakho-ke buza ngaye kowaziyo وَإِذَا قِيلَ لَهُمُ ٱسۡجُدُواْۤ لِلرَّحۡمَٰنِ قَالُواْ وَمَا ٱلرَّحۡمَٰنُ أَنَسۡجُدُ لِمَا تَأۡمُرُنَا وَزَادَهُمۡ نُفُورًا ۩ ٦٠Futhi uma kuthiwa kubona, “khothamelani onomusa” bathi “ngubani (uMvelinqangi) onomusa na? Ngakube singakhothamela lokho osiphoqelela kukona na? Futhi kubanezelela ekungezwanini تَبَارَكَ ٱلَّذِي جَعَلَ فِي ٱلسَّمَآءِ بُرُوجًا وَجَعَلَ فِيهَا سِرَٰجًا وَقَمَرًا مُّنِيرًا ٦١Ungcwele lowo owabeka izinkanyezi ezulwini wayesebeka ukukhanya lapho nenyanga eveza ukukhanya وَهُوَ ٱلَّذِي جَعَلَ ٱلَّيۡلَ وَٱلنَّهَارَ خِلۡفَةً لِّمَنۡ أَرَادَ أَن يَذَّكَّرَ أَوۡ أَرَادَ شُكُورًا ٦٢Futhi yena uyilowo owenza ukuthi ubusuku nemini kushitshane, kunoma ngabe ngubani ofisa ukukhumbula noma ofisa ukubonga وَعِبَادُ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلَّذِينَ يَمۡشُونَ عَلَى ٱلۡأَرۡضِ هَوۡنًا وَإِذَا خَاطَبَهُمُ ٱلۡجَٰهِلُونَ قَالُواْ سَلَٰمًا ٦٣Futhi izinceku zoNomusa yilabo abahamba emhlabeni ngokuzithoba futhi uma abangazi lutho bekhuluma nabo bathi, “ukuthula” وَٱلَّذِينَ يَبِيتُونَ لِرَبِّهِمۡ سُجَّدًا وَقِيَٰمًا ٦٤Futhi nalabo abachitha ubusuku bebuchithela iNkosi yabo beguqile ngokuzithoba futhi bemile وَٱلَّذِينَ يَقُولُونَ رَبَّنَا ٱصۡرِفۡ عَنَّا عَذَابَ جَهَنَّمَۖ إِنَّ عَذَابَهَا كَانَ غَرَامًا ٦٥Futhi bayilabo abathi, “Nkosi yethu siqhelelanise nathi isijeziso sesihogo, ngempela isijeziso saso ngasosonke isikhathi sikhona.” إِنَّهَا سَآءَتۡ مُسۡتَقَرًّا وَمُقَامًا ٦٦Ngempela sona siyindawo embi yokuhlala neyokuphumula وَٱلَّذِينَ إِذَآ أَنفَقُواْ لَمۡ يُسۡرِفُواْ وَلَمۡ يَقۡتُرُواْ وَكَانَ بَيۡنَ ذَٰلِكَ قَوَامًا ٦٧Futhi nalabo okuthi uma besebenzisa okuthize bangamoshi futhi bangancishani kepha babephakathi kwalokho وَٱلَّذِينَ لَا يَدۡعُونَ مَعَ ٱللَّهِ إِلَٰهًا ءَاخَرَ وَلَا يَقۡتُلُونَ ٱلنَّفۡسَ ٱلَّتِي حَرَّمَ ٱللَّهُ إِلَّا بِٱلۡحَقِّ وَلَا يَزۡنُونَۚ وَمَن يَفۡعَلۡ ذَٰلِكَ يَلۡقَ أَثَامًا ٦٨Futhi nalabo abangambizi omunye uNkulunkulu ngaphandle kukaMvelinqangi futhi abangawubulali umphefumulo uMvelinqangi akwenza kwangavumeleki ukuba ubulawe ngokungeyilona iqiniso futhi abangaphingi, noma ngabe ngubani owenza lokho uyothola isijeziso يُضَٰعَفۡ لَهُ ٱلۡعَذَابُ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ وَيَخۡلُدۡ فِيهِۦ مُهَانًا ٦٩Siyophindwa kabili isijeziso kuyena ngosuku lokuvuka kwabafileyo futhi uyohlala lapho ekujabhisweni ingunaphakade إِلَّا مَن تَابَ وَءَامَنَ وَعَمِلَ عَمَلًا صَٰلِحًا فَأُوْلَٰٓئِكَ يُبَدِّلُ ٱللَّهُ سَيِّـَٔاتِهِمۡ حَسَنَٰتٍۗ وَكَانَ ٱللَّهُ غَفُورًا رَّحِيمًا ٧٠Ngaphandlekwalowoophendukayongokuzisolafuthiakholwe enze nemisebenzi emihle elungileyo, labo uMvelinqangi ushintsha imisebenzi yabo emibi ngemihle futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu وَمَن تَابَ وَعَمِلَ صَٰلِحًا فَإِنَّهُۥ يَتُوبُ إِلَى ٱللَّهِ مَتَابًا ٧١Futhi noma ngabe ngubani ophendukela (kuMvelinqangi) ngokuzisola futhi enze imisebenzi elungileyo ngempela yena ungozisolayo kuMvelinqangi ukuzisola kweqiniso وَٱلَّذِينَ لَا يَشۡهَدُونَ ٱلزُّورَ وَإِذَا مَرُّواْ بِٱللَّغۡوِ مَرُّواْ كِرَامًا ٧٢Nalabo abangabethuli bobufakazi ngamanga futhi okuthi uma bedlula ezinkulumweni eziyize badlula ngesizotha وَٱلَّذِينَ إِذَا ذُكِّرُواْ بِـَٔايَٰتِ رَبِّهِمۡ لَمۡ يَخِرُّواْ عَلَيۡهَا صُمًّا وَعُمۡيَانًا ٧٣Kanye nalabo okuthi uma bekhunjuzwa ngamavesi eNkosi yabo abaweli phezu kwawo beyizithuli nezimpumputhe وَٱلَّذِينَ يَقُولُونَ رَبَّنَا هَبۡ لَنَا مِنۡ أَزۡوَٰجِنَا وَذُرِّيَّٰتِنَا قُرَّةَ أَعۡيُنٍ وَٱجۡعَلۡنَا لِلۡمُتَّقِينَ إِمَامًا ٧٤Kanye nalabo abathi, “Nkosi yethu siphe emakhosikazini ethu nasenzalweni yethu ukuthokoza kwamehlo futhi senza thina sibe abaholi balabo abagwema okubi” أُوْلَٰٓئِكَ يُجۡزَوۡنَ ٱلۡغُرۡفَةَ بِمَا صَبَرُواْ وَيُلَقَّوۡنَ فِيهَا تَحِيَّةً وَسَلَٰمًا ٧٥Labo bayonikwa umvuzo wendawo ephakeme ngenxa yokubekezela kwabo futhi lapho phakathi bayohlangatshezwa ngesibingelelo nangokuthula خَٰلِدِينَ فِيهَاۚ حَسُنَتۡ مُسۡتَقَرًّا وَمُقَامًا ٧٦Bayohlala lapho phakathi ingunaphakade, indawo yokuhlala engcono neyokunethezeka قُلۡ مَا يَعۡبَؤُاْ بِكُمۡ رَبِّي لَوۡلَا دُعَآؤُكُمۡۖ فَقَدۡ كَذَّبۡتُمۡ فَسَوۡفَ يَكُونُ لِزَامَۢا ٧٧Ithi, “iNkosi yami yayingeke ininakekele ukube kwakungesingenxa yemithandazo yenu kepha manje niyayiphika ngakho-ke isijeziso kuyoba ngesenu ingunaphakade”

الترجمة: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.