ملة الإسلام

السورة 22 · 78 آية · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

سورة الحج باللغة الزولو

السورة بالعربية مع التفسير استمع إلى سورة الحج (1,230 قارئاً)
مدنيةسورة الحج٧٨ آية

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ ٱتَّقُواْ رَبَّكُمۡۚ إِنَّ زَلۡزَلَةَ ٱلسَّاعَةِ شَيۡءٌ عَظِيمٌ ١Oh Bantu! Yesabani iNkosi yenu ngempela ukuzamazama kwehora kuyinto enkulu يَوۡمَ تَرَوۡنَهَا تَذۡهَلُ كُلُّ مُرۡضِعَةٍ عَمَّآ أَرۡضَعَتۡ وَتَضَعُ كُلُّ ذَاتِ حَمۡلٍ حَمۡلَهَا وَتَرَى ٱلنَّاسَ سُكَٰرَىٰ وَمَا هُم بِسُكَٰرَىٰ وَلَٰكِنَّ عَذَابَ ٱللَّهِ شَدِيدٌ ٢Ngosuku lapho niyokubona lokho, bonke abancelisayo bayokhohlwa ilezo zingane abazincelisayo, futhi bonke abesifazane abakhulelwe bayobeletha lokho kwabo abakukhulelwe futhi uyobabona abantu sengathi badakiwe kulapho bona bengadakiwe, kepha isijeziso sikaMvelinqangi sinzima وَمِنَ ٱلنَّاسِ مَن يُجَٰدِلُ فِي ٱللَّهِ بِغَيۡرِ عِلۡمٍ وَيَتَّبِعُ كُلَّ شَيۡطَٰنٍ مَّرِيدٍ ٣Futhi phakathi kwabantu kunalowo owenza impikiswano ngoMvelinqangi engenalo ulwazi futhi elandela bonke osathane abangahloniphi كُتِبَ عَلَيۡهِ أَنَّهُۥ مَن تَوَلَّاهُ فَأَنَّهُۥ يُضِلُّهُۥ وَيَهۡدِيهِ إِلَىٰ عَذَابِ ٱلسَّعِيرِ ٤Kunqunyiwe ngaye (usathane) ukuthi noma ngabe ngubani ongumngane wakhe uzomdukisa futhi amholele esijezisweni somlilo يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ إِن كُنتُمۡ فِي رَيۡبٍ مِّنَ ٱلۡبَعۡثِ فَإِنَّا خَلَقۡنَٰكُم مِّن تُرَابٍ ثُمَّ مِن نُّطۡفَةٍ ثُمَّ مِنۡ عَلَقَةٍ ثُمَّ مِن مُّضۡغَةٍ مُّخَلَّقَةٍ وَغَيۡرِ مُخَلَّقَةٍ لِّنُبَيِّنَ لَكُمۡۚ وَنُقِرُّ فِي ٱلۡأَرۡحَامِ مَا نَشَآءُ إِلَىٰٓ أَجَلٍ مُّسَمًّى ثُمَّ نُخۡرِجُكُمۡ طِفۡلًا ثُمَّ لِتَبۡلُغُوٓاْ أَشُدَّكُمۡۖ وَمِنكُم مَّن يُتَوَفَّىٰ وَمِنكُم مَّن يُرَدُّ إِلَىٰٓ أَرۡذَلِ ٱلۡعُمُرِ لِكَيۡلَا يَعۡلَمَ مِنۢ بَعۡدِ عِلۡمٍ شَيۡـًٔاۚ وَتَرَى ٱلۡأَرۡضَ هَامِدَةً فَإِذَآ أَنزَلۡنَا عَلَيۡهَا ٱلۡمَآءَ ٱهۡتَزَّتۡ وَرَبَتۡ وَأَنۢبَتَتۡ مِن كُلِّ زَوۡجِۭ بَهِيجٍ ٥Oh Bantu! uma nisekungabazeni ngokuvuka kwabafileyo ngakho-ke ngempela thina sanidala ngothuli kwase kuba ukuhlangana koketshezi lowesilisa nelowesifazane kwasekuba ingehlule kwasekuba ingesigaxa senyama eyakhekile kanye nengakhekile ukuze sinenzele kucace futhi senza ukuthi lokho esikuthandayo kuhlale ezizalweni kuze kube yisikhathi esinqunyiwe bese sinikhipha niyizingane ukuze nifinyelele esigabeni senu sobudala futhi phakathi kwenu kunabanye abenziwa ukuthi bafe (besebancane) futhi phakathi kwenu kunalabo abaphindiselwa ezingene lokukhula elikhulu kakhulu ukuze angazi emva kokuba wayenolwazi oluthize futhi ubone umhlaba ungugwadule kepha uma sehlisela phansi kuwona amanzi (imvula) uyavuka ubuyele empilweni futhi ukhukhumale bese uveza zonke izinhlobo ezithandekayo (zokumilayo okungutshani nezihlahla) ذَٰلِكَ بِأَنَّ ٱللَّهَ هُوَ ٱلۡحَقُّ وَأَنَّهُۥ يُحۡيِ ٱلۡمَوۡتَىٰ وَأَنَّهُۥ عَلَىٰ كُلِّ شَيۡءٍ قَدِيرٌ ٦Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi uyiqiniso futhi yena uphilisa abafileyo futhi yena ungamele zonke izinto وَأَنَّ ٱلسَّاعَةَ ءَاتِيَةٌ لَّا رَيۡبَ فِيهَا وَأَنَّ ٱللَّهَ يَبۡعَثُ مَن فِي ٱلۡقُبُورِ ٧Futhi ihora liyeza akukho kungabaza ngalo nokuthi uMvelinqangi uyobavusa labo abasemangcwabeni وَمِنَ ٱلنَّاسِ مَن يُجَٰدِلُ فِي ٱللَّهِ بِغَيۡرِ عِلۡمٍ وَلَا هُدًى وَلَا كِتَٰبٍ مُّنِيرٍ ٨Futhi phakathi kwabantu kunalowo owenza impikiswano ngoMvelinqangi ngaphandle kolwazi futhi engaholiwe futhi engenayo incwadi ekhanyisayo ثَانِيَ عِطۡفِهِۦ لِيُضِلَّ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِۖ لَهُۥ فِي ٱلدُّنۡيَا خِزۡيٌۖ وَنُذِيقُهُۥ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ عَذَابَ ٱلۡحَرِيقِ ٩Eqhelelana neqiniso ukuze adukise abantu endleleni kaMvelinqangi okwakhe emhlabeni yihlazo futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo siyomenza ukuthi ezwe isijeziso somlilo ذَٰلِكَ بِمَا قَدَّمَتۡ يَدَاكَ وَأَنَّ ٱللَّهَ لَيۡسَ بِظَلَّٰمٍ لِّلۡعَبِيدِ ١٠Lokho kungenxa yalokho okulethwe yizandla zakho zombili ngaphambili futhi uMvelinqangi akasiyena ongenabulungiswa ezincekwini وَمِنَ ٱلنَّاسِ مَن يَعۡبُدُ ٱللَّهَ عَلَىٰ حَرۡفٍۖ فَإِنۡ أَصَابَهُۥ خَيۡرٌ ٱطۡمَأَنَّ بِهِۦۖ وَإِنۡ أَصَابَتۡهُ فِتۡنَةٌ ٱنقَلَبَ عَلَىٰ وَجۡهِهِۦ خَسِرَ ٱلدُّنۡيَا وَٱلۡأٓخِرَةَۚ ذَٰلِكَ هُوَ ٱلۡخُسۡرَانُ ٱلۡمُبِينُ ١١Futhi phakathi kwabantu kunalowo okhonza uMvelinqangi ecophelweni ngakho-ke uma ehlelwe okuhle ulapho kanye nako kepha uma isilingo simehlela uyashintsha ebusweni bakhe ulahlekelwe yilomhlaba nempilo ezayo lokho kungukulahlekelwa okusobala يَدۡعُواْ مِن دُونِ ٱللَّهِ مَا لَا يَضُرُّهُۥ وَمَا لَا يَنفَعُهُۥۚ ذَٰلِكَ هُوَ ٱلضَّلَٰلُ ٱلۡبَعِيدُ ١٢Umemeza (ukhonza) esikhundleni sikaMvelinqangi lokho okungamlimazi kanye nalokho okungamzuzisi lokho kungukuduka okukude le يَدۡعُواْ لَمَن ضَرُّهُۥٓ أَقۡرَبُ مِن نَّفۡعِهِۦۚ لَبِئۡسَ ٱلۡمَوۡلَىٰ وَلَبِئۡسَ ٱلۡعَشِيرُ ١٣Umemeza lowo ukulimala kwakhe okuseduzane kakhulu kuyena kunenzuzo yakhe ngempela ngumvikeli omubi futhi ngempela ngumhlanganyeli omubi إِنَّ ٱللَّهَ يُدۡخِلُ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ جَنَّٰتٍ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهَا ٱلۡأَنۡهَٰرُۚ إِنَّ ٱللَّهَ يَفۡعَلُ مَا يُرِيدُ ١٤Ngempela uMvelinqangi uyobangenisa ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ngempela uMvelinqangi wenza lokho akuthandayo مَن كَانَ يَظُنُّ أَن لَّن يَنصُرَهُ ٱللَّهُ فِي ٱلدُّنۡيَا وَٱلۡأٓخِرَةِ فَلۡيَمۡدُدۡ بِسَبَبٍ إِلَى ٱلسَّمَآءِ ثُمَّ لۡيَقۡطَعۡ فَلۡيَنظُرۡ هَلۡ يُذۡهِبَنَّ كَيۡدُهُۥ مَا يَغِيظُ ١٥Noma ngabe ngubani ocabanga ukuthi akasoze uMvelinqangi amlekelele emhlabeni nasempilweni ezayo akadonse intambo eya ezulwini bese eyinqamula bese eyalibona icebo lakhe ukuthi lizokususa yini lokho akuthukuthelelayo na وَكَذَٰلِكَ أَنزَلۡنَٰهُ ءَايَٰتِۭ بَيِّنَٰتٍ وَأَنَّ ٱللَّهَ يَهۡدِي مَن يُرِيدُ ١٦Futhi kanjalo sawehlisela phansi amavesi acacile futhi ngempela uMvelinqangi uholela (endleleni eqondile) lowo amthandayo إِنَّ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَٱلَّذِينَ هَادُواْ وَٱلصَّٰبِـِٔينَ وَٱلنَّصَٰرَىٰ وَٱلۡمَجُوسَ وَٱلَّذِينَ أَشۡرَكُوٓاْ إِنَّ ٱللَّهَ يَفۡصِلُ بَيۡنَهُمۡ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِۚ إِنَّ ٱللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيۡءٍ شَهِيدٌ ١٧Ngempela labo abakholwayo kanye nalabo abangamaJuda namaSabayi namaKrestu namaMajusi (abakhonzi bezithixo) kanye nalabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni ngempela uMvelinqangi uyokwehlulela phakathi kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo, ngempela uMvelinqangi ungufakazi phezu kwazo zonke izinto أَلَمۡ تَرَ أَنَّ ٱللَّهَ يَسۡجُدُۤ لَهُۥۤ مَن فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَن فِي ٱلۡأَرۡضِ وَٱلشَّمۡسُ وَٱلۡقَمَرُ وَٱلنُّجُومُ وَٱلۡجِبَالُ وَٱلشَّجَرُ وَٱلدَّوَآبُّ وَكَثِيرٌ مِّنَ ٱلنَّاسِۖ وَكَثِيرٌ حَقَّ عَلَيۡهِ ٱلۡعَذَابُۗ وَمَن يُهِنِ ٱللَّهُ فَمَا لَهُۥ مِن مُّكۡرِمٍۚ إِنَّ ٱللَّهَ يَفۡعَلُ مَا يَشَآءُ ۩ ١٨Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi ukhothanyelwa yinoma ngabe ngubani osemazulwini nanoma ngabe ngubani osemhlabeni nelanga nenyanga nezinkanyezi nezintaba nezihlahla nezinhlobonhlobo zezilwane neningi labantu nabaningi esifanelekile kubona isijeziso futhi lowo ohlazwe nguMvelinqangi ngakho-ke akekho ozomhlonipha, ngempela uMvelinqangi wenza lokho akuthandayo ۞ هَٰذَانِ خَصۡمَانِ ٱخۡتَصَمُواْ فِي رَبِّهِمۡۖ فَٱلَّذِينَ كَفَرُواْ قُطِّعَتۡ لَهُمۡ ثِيَابٌ مِّن نَّارٍ يُصَبُّ مِن فَوۡقِ رُءُوسِهِمُ ٱلۡحَمِيمُ ١٩Laba ngabaphikisanayo ababili abaphikisana ngeNkosi yabo, ngakho-ke labo abangakholwayo bayonqunyelwa izingubo zomlilo, amanzi abilayo ayothelwa phezu kwamakhanda abo يُصۡهَرُ بِهِۦ مَا فِي بُطُونِهِمۡ وَٱلۡجُلُودُ ٢٠Kuyoncitshilikiswa ngawo lokho okuseziswini zabo nezikhumba (zabo) وَلَهُم مَّقَٰمِعُ مِنۡ حَدِيدٍ ٢١Futhi okwabo kuyoba izagila zensimbi (abayojeziswa ngazo) كُلَّمَآ أَرَادُوٓاْ أَن يَخۡرُجُواْ مِنۡهَا مِنۡ غَمٍّ أُعِيدُواْ فِيهَا وَذُوقُواْ عَذَابَ ٱلۡحَرِيقِ ٢٢Okuyothi uma befisa ukuphunyuka kuzona ngenxa yosizi baphindiselwe kuzona futhi kuyothiwa yizwani isijeziso somlilo” إِنَّ ٱللَّهَ يُدۡخِلُ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ جَنَّٰتٍ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهَا ٱلۡأَنۡهَٰرُ يُحَلَّوۡنَ فِيهَا مِنۡ أَسَاوِرَ مِن ذَهَبٍ وَلُؤۡلُؤًاۖ وَلِبَاسُهُمۡ فِيهَا حَرِيرٌ ٢٣Ngempela uMvelinqangi uyongenisa labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ezivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula, lapho phakathi bayohlotshiswa ngezigqizo zegolide nobuhlalu futhi izembatho zabo lapho phakathi kuyoba ngezikasilika وَهُدُوٓاْ إِلَى ٱلطَّيِّبِ مِنَ ٱلۡقَوۡلِ وَهُدُوٓاْ إِلَىٰ صِرَٰطِ ٱلۡحَمِيدِ ٢٤Futhi bayaholelwa enkulumweni enhle (iKalima) futhi baholelwe endleleni yalowo ofanelwe ukudunyiswa إِنَّ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ وَيَصُدُّونَ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِ وَٱلۡمَسۡجِدِ ٱلۡحَرَامِ ٱلَّذِي جَعَلۡنَٰهُ لِلنَّاسِ سَوَآءً ٱلۡعَٰكِفُ فِيهِ وَٱلۡبَادِۚ وَمَن يُرِدۡ فِيهِ بِإِلۡحَادِۭ بِظُلۡمٍ نُّذِقۡهُ مِنۡ عَذَابٍ أَلِيمٍ ٢٥Ngempela labo abangakholwanga futhi bavimba endleleni kaMvelinqangi naseMasjid engcwele okuyiyona esayibekela abantu abahlala kuyona kanye nabaqhamuka ngaphandle bayalingana futhi noma ngabe ngubani othanda ukwenza ukungathembeki ngokona phakathi kuyona simzwisa esijezisweni esibuhlungu وَإِذۡ بَوَّأۡنَا لِإِبۡرَٰهِيمَ مَكَانَ ٱلۡبَيۡتِ أَن لَّا تُشۡرِكۡ بِي شَيۡـًٔا وَطَهِّرۡ بَيۡتِيَ لِلطَّآئِفِينَ وَٱلۡقَآئِمِينَ وَٱلرُّكَّعِ ٱلسُّجُودِ ٢٦Futhi khumbula ngenkathi lapho sikhombisa u-Abrahamu indawoyendluukuthiungangenzeliluthoolungumhlanganyeli ekungikhonzeni futhi indlu yami yihlanzele labo abayizungelezayo nalabo abamele (ukuthandaza) nabakhothamayo nabaguqayo وَأَذِّن فِي ٱلنَّاسِ بِٱلۡحَجِّ يَأۡتُوكَ رِجَالًا وَعَلَىٰ كُلِّ ضَامِرٍ يَأۡتِينَ مِن كُلِّ فَجٍّ عَمِيقٍ ٢٧Futhi memezela kubantu ihajj (uhambo oluya endaweni engcwele) bazoza kuwena behamba ngezinyawo nangawo wonke amakameli, bekhathele (uhambo) beqhamuka kuzona zonke izindawo ezikude لِّيَشۡهَدُواْ مَنَٰفِعَ لَهُمۡ وَيَذۡكُرُواْ ٱسۡمَ ٱللَّهِ فِيٓ أَيَّامٍ مَّعۡلُومَٰتٍ عَلَىٰ مَا رَزَقَهُم مِّنۢ بَهِيمَةِ ٱلۡأَنۡعَٰمِۖ فَكُلُواْ مِنۡهَا وَأَطۡعِمُواْ ٱلۡبَآئِسَ ٱلۡفَقِيرَ ٢٨Ukuze babone lokho okungusizo kubona futhi bakhumbule igama likaMvelinqangi ngezinsuku ezikhethiweyo (ezinqunyiweyo) ngaphezu kwalokho ababele kona ezilwaneni eziyizinkomo ngakho-ke dlanini kuzona futhi nondle ohluphekayo ompofu ثُمَّ لۡيَقۡضُواْ تَفَثَهُمۡ وَلۡيُوفُواْ نُذُورَهُمۡ وَلۡيَطَّوَّفُواْ بِٱلۡبَيۡتِ ٱلۡعَتِيقِ ٢٩Bese uyabavumela ukuthi bagcine izenzo zabo futhi ukuze bagcwalise izethembiso zabo futhi ukuze bazungeleze indlu yasendulo ذَٰلِكَۖ وَمَن يُعَظِّمۡ حُرُمَٰتِ ٱللَّهِ فَهُوَ خَيۡرٌ لَّهُۥ عِندَ رَبِّهِۦۗ وَأُحِلَّتۡ لَكُمُ ٱلۡأَنۡعَٰمُ إِلَّا مَا يُتۡلَىٰ عَلَيۡكُمۡۖ فَٱجۡتَنِبُواْ ٱلرِّجۡسَ مِنَ ٱلۡأَوۡثَٰنِ وَٱجۡتَنِبُواْ قَوۡلَ ٱلزُّورِ ٣٠Lokho, futhi noma ngabe ngubani ohlonipha izinto ezingcwele zikaMvelinqangi ngakho-ke lokho kungcono kuyena eNkosini yakhe, futhi zenziwe zaba semthethweni kunina izinkomo ngaphandle kwalezo ezizomenyezelwa kunina ngakho-ke qhelelanani nokungcola kwezithixo futhi qhelelanani nenkulumo eyamanga حُنَفَآءَ لِلَّهِ غَيۡرَ مُشۡرِكِينَ بِهِۦۚ وَمَن يُشۡرِكۡ بِٱللَّهِ فَكَأَنَّمَا خَرَّ مِنَ ٱلسَّمَآءِ فَتَخۡطَفُهُ ٱلطَّيۡرُ أَوۡ تَهۡوِي بِهِ ٱلرِّيحُ فِي مَكَانٍ سَحِيقٍ ٣١Nibe qotho kuMvelinqangi, ningabi ngabamenzela abahlanganyeli ekumkhonzeni futhi noma ngabe ngubani owenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni kunjengokuthi uwe esibhakabhakeni wathathwa yizinyoni zahamba naye noma wathathwa ngumoya wahamba naye wamyisa endaweni ekude ذَٰلِكَۖ وَمَن يُعَظِّمۡ شَعَٰٓئِرَ ٱللَّهِ فَإِنَّهَا مِن تَقۡوَى ٱلۡقُلُوبِ ٣٢Lokho, futhi noma ngabe ngubani ozihloniphayo izimpawu zikaMvelinqangingakho-kengempelazonazivelaebuqothweni bezinhliziyo لَكُمۡ فِيهَا مَنَٰفِعُ إِلَىٰٓ أَجَلٍ مُّسَمًّى ثُمَّ مَحِلُّهَآ إِلَى ٱلۡبَيۡتِ ٱلۡعَتِيقِ ٣٣Okwenu lapho kuzona yizinzuzo kuze kube yisikhathi esinqunyiwe bese indawo yomnikelo kuba yindlu yasendulo وَلِكُلِّ أُمَّةٍ جَعَلۡنَا مَنسَكًا لِّيَذۡكُرُواْ ٱسۡمَ ٱللَّهِ عَلَىٰ مَا رَزَقَهُم مِّنۢ بَهِيمَةِ ٱلۡأَنۡعَٰمِۗ فَإِلَٰهُكُمۡ إِلَٰهٌ وَٰحِدٌ فَلَهُۥٓ أَسۡلِمُواْۗ وَبَشِّرِ ٱلۡمُخۡبِتِينَ ٣٤Futhi leso naleso sizwe sasenzela izindlela zokukhonza ukuze zikhumbule igama likaMvelinqangi kulokho azabela kona okuyizilwane eziyizinkomo ngakho-ke uNkulunkulu wenu nguNkulunkulu oyedwa, zithobeni ngaphansi kwentando yakhe futhi banike izindaba ezinhle labo abazithobayo ٱلَّذِينَ إِذَا ذُكِرَ ٱللَّهُ وَجِلَتۡ قُلُوبُهُمۡ وَٱلصَّٰبِرِينَ عَلَىٰ مَآ أَصَابَهُمۡ وَٱلۡمُقِيمِي ٱلصَّلَوٰةِ وَمِمَّا رَزَقۡنَٰهُمۡ يُنفِقُونَ ٣٥Labo okuthi uma kukhunjulwa uMvelinqangi izinhliziyo zabo zigcwala ukwesaba futhi bangabakubekezelelayo okubehlelayo futhi benza umthandazo futhi basebenzisa kulokho esibaphe kona وَٱلۡبُدۡنَ جَعَلۡنَٰهَا لَكُم مِّن شَعَٰٓئِرِ ٱللَّهِ لَكُمۡ فِيهَا خَيۡرٌۖ فَٱذۡكُرُواْ ٱسۡمَ ٱللَّهِ عَلَيۡهَا صَوَآفَّۖ فَإِذَا وَجَبَتۡ جُنُوبُهَا فَكُلُواْ مِنۡهَا وَأَطۡعِمُواْ ٱلۡقَانِعَ وَٱلۡمُعۡتَرَّۚ كَذَٰلِكَ سَخَّرۡنَٰهَا لَكُمۡ لَعَلَّكُمۡ تَشۡكُرُونَ ٣٦Futhi sanenzela amakameli ukuthi abe ngezinye zezimpawu zikaMvelinqangiokwenulaphoubuhlengakho-kekhumbulani igama lika Mvelinqangi kuzona (izilwane zomnikelo) uma sezingolayini (zilungele ukwenziwa umnikelo) uma seziwile ngamacala azo (emva kokuba sezihlinziwe) ngakho-ke yidlani kuzona niphe ompofu nocelayo, sinenzele kwaba kanjalo ukuze nibonge لَن يَنَالَ ٱللَّهَ لُحُومُهَا وَلَا دِمَآؤُهَا وَلَٰكِن يَنَالُهُ ٱلتَّقۡوَىٰ مِنكُمۡۚ كَذَٰلِكَ سَخَّرَهَا لَكُمۡ لِتُكَبِّرُواْ ٱللَّهَ عَلَىٰ مَا هَدَىٰكُمۡۗ وَبَشِّرِ ٱلۡمُحۡسِنِينَ ٣٧Ayisoze yafinyelela kuMvelinqangi inyama yazo (izilwane zomnikelo) negazi lazo kepha kuyafinyelela kuyena ukwesaba okuvela kunina, kanjalo sizenze ukuthi zinithobele ukuze nidumise uMvelinqangi ngenxa yokunihola kwakhe futhi batshele izindaba ezimnandi abenzi bokuhle ۞ إِنَّ ٱللَّهَ يُدَٰفِعُ عَنِ ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْۗ إِنَّ ٱللَّهَ لَا يُحِبُّ كُلَّ خَوَّانٍ كَفُورٍ ٣٨Ngempela uMvelinqangi uyabavikela labo abakholwayo, ngempela uMvelinqangi akamthandi noma ngabe ngubani ongathembekile, ongabongi أُذِنَ لِلَّذِينَ يُقَٰتَلُونَ بِأَنَّهُمۡ ظُلِمُواْۚ وَإِنَّ ٱللَّهَ عَلَىٰ نَصۡرِهِمۡ لَقَدِيرٌ ٣٩Imvume yokulwa yanikezwa labo ekuliwa nabo ngenxa yokuthi bona benziwa okungenabulungiswa futhi ngempela uMvelinqangi uyakwazi ukubanika usizo ٱلَّذِينَ أُخۡرِجُواْ مِن دِيَٰرِهِم بِغَيۡرِ حَقٍّ إِلَّآ أَن يَقُولُواْ رَبُّنَا ٱللَّهُۗ وَلَوۡلَا دَفۡعُ ٱللَّهِ ٱلنَّاسَ بَعۡضَهُم بِبَعۡضٍ لَّهُدِّمَتۡ صَوَٰمِعُ وَبِيَعٌ وَصَلَوَٰتٌ وَمَسَٰجِدُ يُذۡكَرُ فِيهَا ٱسۡمُ ٱللَّهِ كَثِيرًاۗ وَلَيَنصُرَنَّ ٱللَّهُ مَن يَنصُرُهُۥٓۚ إِنَّ ٱللَّهَ لَقَوِيٌّ عَزِيزٌ ٤٠Labo abakhishwa ezindlini zabo ngokungeyisilona iqiniso ngenxa yokuthi bathi “iNkosi yethu nguMvelinqangi” futhi ukube uMvelinqangi akabavimbi abanye babantu ngabanye wawuzobhidlizwa umuzi wamaRoma namasonto namasinagogi namamasjid ekukhunjulwa kuwona igama likaMvelinqangi kakhulu, futhi ngempela uyamsiza uMvelinqangi lowo omsizayo futhi ngempela uMvelinqangi uqatha unamandla ٱلَّذِينَ إِن مَّكَّنَّٰهُمۡ فِي ٱلۡأَرۡضِ أَقَامُواْ ٱلصَّلَوٰةَ وَءَاتَوُاْ ٱلزَّكَوٰةَ وَأَمَرُواْ بِٱلۡمَعۡرُوفِ وَنَهَوۡاْ عَنِ ٱلۡمُنكَرِۗ وَلِلَّهِ عَٰقِبَةُ ٱلۡأُمُورِ ٤١Labo okuthi uma sibazinzisa emhlabeni benze umthandazo bakhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhelwa abampofu) futhi benze izenzo ezinhle banqabele okubi futhi singesikaMvelinqangi isiphetho sezindaba وَإِن يُكَذِّبُوكَ فَقَدۡ كَذَّبَتۡ قَبۡلَهُمۡ قَوۡمُ نُوحٍ وَعَادٌ وَثَمُودُ ٤٢Futhi uma bekuphika, babaphika ngaphambilini kwabo abantu baNowa naba-Adi nobaThamud وَقَوۡمُ إِبۡرَٰهِيمَ وَقَوۡمُ لُوطٍ ٤٣Kanye nabantu ba-Ibrahim nabantu baLothi وَأَصۡحَٰبُ مَدۡيَنَۖ وَكُذِّبَ مُوسَىٰۖ فَأَمۡلَيۡتُ لِلۡكَٰفِرِينَ ثُمَّ أَخَذۡتُهُمۡۖ فَكَيۡفَ كَانَ نَكِيرِ ٤٤Kanye nabahlali baseMidiyane futhi noMose waphikwa ngakho-ke ngabanika ithuba abangakholwayo ngabe sengiyabathatha, ngakho-ke sasinjani isijeziso sami فَكَأَيِّن مِّن قَرۡيَةٍ أَهۡلَكۡنَٰهَا وَهِيَ ظَالِمَةٌ فَهِيَ خَاوِيَةٌ عَلَىٰ عُرُوشِهَا وَبِئۡرٍ مُّعَطَّلَةٍ وَقَصۡرٍ مَّشِيدٍ ٤٥Mangaki amadolobha esawabhubhisa kulapho wona ayenza ukona uphahla lwawo lwawa kanye nomthombo wamanzi woma kanye nendlu enkulu eyinqaba edephile أَفَلَمۡ يَسِيرُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ فَتَكُونَ لَهُمۡ قُلُوبٌ يَعۡقِلُونَ بِهَآ أَوۡ ءَاذَانٌ يَسۡمَعُونَ بِهَاۖ فَإِنَّهَا لَا تَعۡمَى ٱلۡأَبۡصَٰرُ وَلَٰكِن تَعۡمَى ٱلۡقُلُوبُ ٱلَّتِي فِي ٱلصُّدُورِ ٤٦Ngakube abazange yini bahambe ezweni ukuze babe nezinhliziyo eziqondayo ngako noma izindlebe abezwa ngazo na? Ngakho-ke ngempela lokho akwenzi amehlo ukuthi angaboni kepha kwenza izinhliziyo ezisezifubeni ukuthi zingaboni وَيَسۡتَعۡجِلُونَكَ بِٱلۡعَذَابِ وَلَن يُخۡلِفَ ٱللَّهُ وَعۡدَهُۥۚ وَإِنَّ يَوۡمًا عِندَ رَبِّكَ كَأَلۡفِ سَنَةٍ مِّمَّا تَعُدُّونَ ٤٧Futhi bakwenza ukuthi usheshise ngesijeziso futhi uMvelinqangi akasoze ehluleke esethembisweni sakhe, futhi ngempela usuku (olulodwa) eNkosini yakho lunjengeminyaka eyinkulungwane kulokho enikubalayo وَكَأَيِّن مِّن قَرۡيَةٍ أَمۡلَيۡتُ لَهَا وَهِيَ ظَالِمَةٌ ثُمَّ أَخَذۡتُهَا وَإِلَيَّ ٱلۡمَصِيرُ ٤٨Futhi mangaki amadolobha engawanika ithuba kulapho wona ayenza ukungalungi ngabe sengiyawathatha, futhi kukumina ukubuyela (kwazo zonke izidalwa) قُلۡ يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ إِنَّمَآ أَنَا۠ لَكُمۡ نَذِيرٌ مُّبِينٌ ٤٩Ithi, “Oh Bantu! Kuphela mina ngingumxwayisi wenu ogqamile” فَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ لَهُم مَّغۡفِرَةٌ وَرِزۡقٌ كَرِيمٌ ٥٠Ngakho-ke labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo okwabo intethelelo nesabelo esihloniphekile وَٱلَّذِينَ سَعَوۡاْ فِيٓ ءَايَٰتِنَا مُعَٰجِزِينَ أُوْلَٰٓئِكَ أَصۡحَٰبُ ٱلۡجَحِيمِ ٥١Futhi labo abazabalaza kanzima ukuphikisana namavesi ethu ukuze kungabibikho impumelelo, labo bangabangane besihogo وَمَآ أَرۡسَلۡنَا مِن قَبۡلِكَ مِن رَّسُولٍ وَلَا نَبِيٍّ إِلَّآ إِذَا تَمَنَّىٰٓ أَلۡقَى ٱلشَّيۡطَٰنُ فِيٓ أُمۡنِيَّتِهِۦ فَيَنسَخُ ٱللَّهُ مَا يُلۡقِي ٱلشَّيۡطَٰنُ ثُمَّ يُحۡكِمُ ٱللَّهُ ءَايَٰتِهِۦۗ وَٱللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ ٥٢Futhi asizange sisithumele isithunywa ngaphambilini kwakho ngisho nomphrofethi asimuthumelanga ngaphandle kokuthi uma eyifunda (iQur’an) usathane uphonsa (okungeyisilona iqiniso) kukona kepha uMvelinqangi uyakususa lokho akuphonsayo usathane bese uMvelinqangi eyawaqinisa amavesi akhe futhi uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani لِّيَجۡعَلَ مَا يُلۡقِي ٱلشَّيۡطَٰنُ فِتۡنَةً لِّلَّذِينَ فِي قُلُوبِهِم مَّرَضٌ وَٱلۡقَاسِيَةِ قُلُوبُهُمۡۗ وَإِنَّ ٱلظَّٰلِمِينَ لَفِي شِقَاقِۭ بَعِيدٍ ٥٣Ukuze enze lokho usathane akuphonsayo kube yisilingo kulabo ezinhliziyweni zabo okunokugula kanye nabanezinhliziyo ezilukhuni futhi ngempela izoni zisekuphikisaneni okukude le وَلِيَعۡلَمَ ٱلَّذِينَ أُوتُواْ ٱلۡعِلۡمَ أَنَّهُ ٱلۡحَقُّ مِن رَّبِّكَ فَيُؤۡمِنُواْ بِهِۦ فَتُخۡبِتَ لَهُۥ قُلُوبُهُمۡۗ وَإِنَّ ٱللَّهَ لَهَادِ ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ إِلَىٰ صِرَٰطٍ مُّسۡتَقِيمٍ ٥٤Futhi ukuze bazi labo abanikezwa ulwazi ukuthi yona (iQur’an) iyiqiniso elivela eNkosini yakho ngakho-ke mabakholelwe kuyona ukuze izinhliziyo zabo zizithobe ngaphansi kwakhe futhi ngempela uMvelinqangi ungumholi walabo abakholwayo ebaholela endleleni eqondile وَلَا يَزَالُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ فِي مِرۡيَةٍ مِّنۡهُ حَتَّىٰ تَأۡتِيَهُمُ ٱلسَّاعَةُ بَغۡتَةً أَوۡ يَأۡتِيَهُمۡ عَذَابُ يَوۡمٍ عَقِيمٍ ٥٥Futhi angeke bayeke labo abangakholwanga ukuba sekungabazeni ngayo kuze kube ihora liyabafikela bengalindele noma bafikelwe isijeziso sosuku lokuvuka kwabafileyo ٱلۡمُلۡكُ يَوۡمَئِذٍ لِّلَّهِ يَحۡكُمُ بَيۡنَهُمۡۚ فَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ فِي جَنَّٰتِ ٱلنَّعِيمِ ٥٦UbukhosingalolosukubungobukaMvelinqangiuyokwehlulela phakathi kwabo ngakho-ke abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo bayokuba sezivandeni zenjabulo وَٱلَّذِينَ كَفَرُواْ وَكَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا فَأُوْلَٰٓئِكَ لَهُمۡ عَذَابٌ مُّهِينٌ ٥٧Futhi labo abangakholwanga futhi abaphika amavesi ethu labo-ke okwabo isijeziso esidumazayo وَٱلَّذِينَ هَاجَرُواْ فِي سَبِيلِ ٱللَّهِ ثُمَّ قُتِلُوٓاْ أَوۡ مَاتُواْ لَيَرۡزُقَنَّهُمُ ٱللَّهُ رِزۡقًا حَسَنًاۚ وَإِنَّ ٱللَّهَ لَهُوَ خَيۡرُ ٱلرَّٰزِقِينَ ٥٨Futhi labo abafudukayo endleleni kaMvelinqangi base bebulawa noma bafa ngempela uMvelinqangi uzobabela isabelo esihle futhi ngempela uMvelinqangi ungongcono kunabo bonke ababayo لَيُدۡخِلَنَّهُم مُّدۡخَلًا يَرۡضَوۡنَهُۥۚ وَإِنَّ ٱللَّهَ لَعَلِيمٌ حَلِيمٌ ٥٩Ngempela uyobenza ukuthi bangene endaweni yokungena abayoyithokozela futhi ngempela uMvelinqangi ungonolwazi obekezelayo ۞ ذَٰلِكَۖ وَمَنۡ عَاقَبَ بِمِثۡلِ مَا عُوقِبَ بِهِۦ ثُمَّ بُغِيَ عَلَيۡهِ لَيَنصُرَنَّهُ ٱللَّهُۚ إِنَّ ٱللَّهَ لَعَفُوٌّ غَفُورٌ ٦٠Lokho, futhi noma ngabe ngubani ophindiselayo ngokufana nalokho ahlushwe ngakho bese ehlushwa okwesibili, ngempela uMvelinqangi uzomelekelela ngempela uMvelinqangi uyaxolela uyathethelela ذَٰلِكَ بِأَنَّ ٱللَّهَ يُولِجُ ٱلَّيۡلَ فِي ٱلنَّهَارِ وَيُولِجُ ٱلنَّهَارَ فِي ٱلَّيۡلِ وَأَنَّ ٱللَّهَ سَمِيعُۢ بَصِيرٌ ٦١Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi wenza ukuthi ubusuku bungene osukwini futhi wenza ukuthi usuku lungene ebusukwini futhi uMvelinqangi uyezwa uyabona ذَٰلِكَ بِأَنَّ ٱللَّهَ هُوَ ٱلۡحَقُّ وَأَنَّ مَا يَدۡعُونَ مِن دُونِهِۦ هُوَ ٱلۡبَٰطِلُ وَأَنَّ ٱللَّهَ هُوَ ٱلۡعَلِيُّ ٱلۡكَبِيرُ ٦٢Lokho kungenxa yokuthi uMvelinqangi uyiqiniso nokuthi abangamemezi omunye esikhundleni sakhe lokho akusilona iqiniso nokuthi uMvelinqangi ungophakeme omkhulu أَلَمۡ تَرَ أَنَّ ٱللَّهَ أَنزَلَ مِنَ ٱلسَّمَآءِ مَآءً فَتُصۡبِحُ ٱلۡأَرۡضُ مُخۡضَرَّةًۚ إِنَّ ٱللَّهَ لَطِيفٌ خَبِيرٌ ٦٣Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi wehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni wabe sewuphenduka umhlaba wabo oluhlaza ngempela uMvelinqangi umnene ungamele konke ngolwazi لَّهُۥ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَا فِي ٱلۡأَرۡضِۚ وَإِنَّ ٱللَّهَ لَهُوَ ٱلۡغَنِيُّ ٱلۡحَمِيدُ ٦٤Kungokwakhe konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni futhi ngempela uMvelinqangi yena akaswele lutho ungodunyiswayo أَلَمۡ تَرَ أَنَّ ٱللَّهَ سَخَّرَ لَكُم مَّا فِي ٱلۡأَرۡضِ وَٱلۡفُلۡكَ تَجۡرِي فِي ٱلۡبَحۡرِ بِأَمۡرِهِۦ وَيُمۡسِكُ ٱلسَّمَآءَ أَن تَقَعَ عَلَى ٱلۡأَرۡضِ إِلَّا بِإِذۡنِهِۦٓۚ إِنَّ ٱللَّهَ بِٱلنَّاسِ لَرَءُوفٌ رَّحِيمٌ ٦٥Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi wanenzela ukuthi konke okusemhlabeni kunithobele kanye nemikhumbi entweza olwandle ngempoqo yakhe futhi ubambe isibhakabhaka ukuthi singaweli phezu komhlaba ngaphandle kokuba kungemvume yakhe, ngempela uMvelinqangi kubantu unobubele unesihawu وَهُوَ ٱلَّذِيٓ أَحۡيَاكُمۡ ثُمَّ يُمِيتُكُمۡ ثُمَّ يُحۡيِيكُمۡۗ إِنَّ ٱلۡإِنسَٰنَ لَكَفُورٌ ٦٦Futhi nguyena owanipha ukuphila wayesenenza ukuthi nife wayesenenza ukuthi niphile ngempela umuntu akabongi لِّكُلِّ أُمَّةٍ جَعَلۡنَا مَنسَكًا هُمۡ نَاسِكُوهُۖ فَلَا يُنَٰزِعُنَّكَ فِي ٱلۡأَمۡرِۚ وَٱدۡعُ إِلَىٰ رَبِّكَۖ إِنَّكَ لَعَلَىٰ هُدًى مُّسۡتَقِيمٍ ٦٧Zonke izizwe sazenzela izindlela zazo zokukhonza ekufanele zenze ngazo ngakho-ke mabangaphikisani nawe odabeni futhi memela eNkosini yakho ngempela wena usekuholweni okuqondile وَإِن جَٰدَلُوكَ فَقُلِ ٱللَّهُ أَعۡلَمُ بِمَا تَعۡمَلُونَ ٦٨Futhi uma bephikisana nawe ngakho-ke ithi “uMvelinqangi owazi kangcono ngalokho enikwenzayo” ٱللَّهُ يَحۡكُمُ بَيۡنَكُمۡ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ فِيمَا كُنتُمۡ فِيهِ تَخۡتَلِفُونَ ٦٩UMvelinqangi uyokwehlulela phakathi kwenu ngosuku lokuvuka kwabafileyo kulokho enaniphikisana ngakho أَلَمۡ تَعۡلَمۡ أَنَّ ٱللَّهَ يَعۡلَمُ مَا فِي ٱلسَّمَآءِ وَٱلۡأَرۡضِۚ إِنَّ ذَٰلِكَ فِي كِتَٰبٍۚ إِنَّ ذَٰلِكَ عَلَى ٱللَّهِ يَسِيرٌ ٧٠Awazi yini ukuthi uMvelinqangi uyakwazi konke lokho okusesibhakabhakeni nokusemhlabeni na? Ngempela lokho kusencwadini, ngempela lokho kuMvelinqangi kulula وَيَعۡبُدُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ مَا لَمۡ يُنَزِّلۡ بِهِۦ سُلۡطَٰنًا وَمَا لَيۡسَ لَهُم بِهِۦ عِلۡمٌۗ وَمَا لِلظَّٰلِمِينَ مِن نَّصِيرٍ ٧١Futhi bakhonza esikhundleni sikaMvelinqangi lokho okungazangekwehliselwephansiigunyangakhokanyenalokho abangenalo ulwazi ngakho futhi abenzi bokungalungile abanamsizi وَإِذَا تُتۡلَىٰ عَلَيۡهِمۡ ءَايَٰتُنَا بَيِّنَٰتٍ تَعۡرِفُ فِي وُجُوهِ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ ٱلۡمُنكَرَۖ يَكَادُونَ يَسۡطُونَ بِٱلَّذِينَ يَتۡلُونَ عَلَيۡهِمۡ ءَايَٰتِنَاۗ قُلۡ أَفَأُنَبِّئُكُم بِشَرٍّ مِّن ذَٰلِكُمُۚ ٱلنَّارُ وَعَدَهَا ٱللَّهُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْۖ وَبِئۡسَ ٱلۡمَصِيرُ ٧٢Futhi uma befundelwa amavesi ethu acacile uyakwazi ukubona ubuso balabo abangakholwanga bunqaba, kusala kancane ukuthi bahlasele labo ababafundela amavesi ethu, ithi “ngakho-ke ngakube kufanele yini nginitshele ngokubi kakhulu kunalokho na?” Umlilo uMvelinqangi awulungiselela labo abangakholwanga futhi okubi (yileso) siphetho يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ ضُرِبَ مَثَلٌ فَٱسۡتَمِعُواْ لَهُۥٓۚ إِنَّ ٱلَّذِينَ تَدۡعُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ لَن يَخۡلُقُواْ ذُبَابًا وَلَوِ ٱجۡتَمَعُواْ لَهُۥۖ وَإِن يَسۡلُبۡهُمُ ٱلذُّبَابُ شَيۡـًٔا لَّا يَسۡتَنقِذُوهُ مِنۡهُۚ ضَعُفَ ٱلطَّالِبُ وَٱلۡمَطۡلُوبُ ٧٣Oh Bantu! nenzelwe isibonelo ngakho-ke silaleleni ngempela labo enibamemezayo (enibakhonzayo) esikhundleni sikaMvelinqangi abakwazi ngisho nokudala impukane ngisho noma ngabe bonke bayakuhlanganisela ukuyidala, futhi uma impukane ithatha okuthize kubona abanawo amandla okukuthatha (lokho) kuyona, akanamandla ocelayo nocelwayo (lokhu kubheke kulowo okhonza isithixo kanye nesithixo uqobo lwaso) مَا قَدَرُواْ ٱللَّهَ حَقَّ قَدۡرِهِۦٓۚ إِنَّ ٱللَّهَ لَقَوِيٌّ عَزِيزٌ ٧٤Abamnaki uMvelinqangi ngendlela ekufaneleke ukuthi anakwe ngayo ngempela uMvelinqangi unamandla uphakeme ngamandla ٱللَّهُ يَصۡطَفِي مِنَ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةِ رُسُلًا وَمِنَ ٱلنَّاسِۚ إِنَّ ٱللَّهَ سَمِيعُۢ بَصِيرٌ ٧٥UMvelinqangi ukhetha izithunywa ezingelosini kanye nakubantu ngempela uMvelinqangi uyezwa uyabona يَعۡلَمُ مَا بَيۡنَ أَيۡدِيهِمۡ وَمَا خَلۡفَهُمۡۚ وَإِلَى ٱللَّهِ تُرۡجَعُ ٱلۡأُمُورُ ٧٦Uyakwazi lokho okungaphambi kwabo kanye nalokho okungemumva kwabo futhi ikuMvelinqangi lapho izindaba zibuyiselwa khona يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ ٱرۡكَعُواْ وَٱسۡجُدُواْۤ وَٱعۡبُدُواْ رَبَّكُمۡ وَٱفۡعَلُواْ ٱلۡخَيۡرَ لَعَلَّكُمۡ تُفۡلِحُونَ ۩ ٧٧Oh nina enakholwayo! Khothamani niguqe futhi nikhonze iNkosi yenu futhi nenze okuhle ukuze mhlawumbe niphumelele وَجَٰهِدُواْ فِي ٱللَّهِ حَقَّ جِهَادِهِۦۚ هُوَ ٱجۡتَبَىٰكُمۡ وَمَا جَعَلَ عَلَيۡكُمۡ فِي ٱلدِّينِ مِنۡ حَرَجٍۚ مِّلَّةَ أَبِيكُمۡ إِبۡرَٰهِيمَۚ هُوَ سَمَّىٰكُمُ ٱلۡمُسۡلِمِينَ مِن قَبۡلُ وَفِي هَٰذَا لِيَكُونَ ٱلرَّسُولُ شَهِيدًا عَلَيۡكُمۡ وَتَكُونُواْ شُهَدَآءَ عَلَى ٱلنَّاسِۚ فَأَقِيمُواْ ٱلصَّلَوٰةَ وَءَاتُواْ ٱلزَّكَوٰةَ وَٱعۡتَصِمُواْ بِٱللَّهِ هُوَ مَوۡلَىٰكُمۡۖ فَنِعۡمَ ٱلۡمَوۡلَىٰ وَنِعۡمَ ٱلنَّصِيرُ ٧٨FuthimuzabalazelenikanzimauMvelinqangiukumuzabalazela okuyiqiniso, yena wanikhetha futhi akazange abeke phezu kwenu ubunzima enkolweni, inkolo kayihlo u-Abrahamu, ngaphambilini yena wanibiza ngokuthi ningabazinikeleyo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi futhi nakulesi (sambulo) ukuze isithunywa (uMuhammad) sibengufakazi kunina nokuthi nibe ngofakazi kubantu ngakho-ke yenzani umthandazo futhi nikhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhelwa abampofu) futhi nibambelele kuMvelinqangi yena ungumvikeli wenu ngakho-ke ungumvikeli omnene nomsizi omnene

الترجمة: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.