ملة الإسلام

السورة 15 · 99 آية · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

سورة الحجر باللغة الزولو

السورة بالعربية مع التفسير استمع إلى سورة الحجر (1,272 قارئاً)
مكيةسورة الحجر٩٩ آية

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

الٓرۚ تِلۡكَ ءَايَٰتُ ٱلۡكِتَٰبِ وَقُرۡءَانٍ مُّبِينٍ ١Alif Lam Ra lawa ngamavesi encwadi neQur’an ecacile رُّبَمَا يَوَدُّ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَوۡ كَانُواْ مُسۡلِمِينَ ٢Mhlawumbe labo abangakholwanga bayofisa sengathi babezinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi ذَرۡهُمۡ يَأۡكُلُواْ وَيَتَمَتَّعُواْ وَيُلۡهِهِمُ ٱلۡأَمَلُۖ فَسَوۡفَ يَعۡلَمُونَ ٣Bayeke bazidlele, bazijabulise futhi babanjezelwe ithemba (elingeyilutho) ngakho-ke bazokwazi وَمَآ أَهۡلَكۡنَا مِن قَرۡيَةٍ إِلَّا وَلَهَا كِتَابٌ مَّعۡلُومٌ ٤Futhi asizange silibhubhise idolobha ngaphandle kokuba kwakuyisimemezelo salo esaziwayo مَّا تَسۡبِقُ مِنۡ أُمَّةٍ أَجَلَهَا وَمَا يَسۡتَـٔۡخِرُونَ ٥Asikho isizwe esingajahisa phambili isikhathi saso noma sisilibazise وَقَالُواْ يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِي نُزِّلَ عَلَيۡهِ ٱلذِّكۡرُ إِنَّكَ لَمَجۡنُونٌ ٦Futhi bathi, “Oh wena! Okwembulwe kuye isikhumbuzo (iQur’an) ngempela wena uyahlanya” لَّوۡمَا تَأۡتِينَا بِٱلۡمَلَٰٓئِكَةِ إِن كُنتَ مِنَ ٱلصَّٰدِقِينَ ٧Kungani ungezi kuthina nezingelosi uma kungukuthi ungomunye wabaneqiniso na مَا نُنَزِّلُ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةَ إِلَّا بِٱلۡحَقِّ وَمَا كَانُوٓاْ إِذًا مُّنظَرِينَ ٨Asizithumeli izingelosi phansi ngaphandle uma (ziza) nesijeziso futhi (abangakholwayo) angeke banikwe ithuba إِنَّا نَحۡنُ نَزَّلۡنَا ٱلذِّكۡرَ وَإِنَّا لَهُۥ لَحَٰفِظُونَ ٩Ngempela thina sasembula isikhumbuzo (iQur’an) futhi ngempela thina singabalondolozi baso وَلَقَدۡ أَرۡسَلۡنَا مِن قَبۡلِكَ فِي شِيَعِ ٱلۡأَوَّلِينَ ١٠Futhi ngempela sathumela (izithunywa) ngaphambilini kwakho (Oh Muhammad!) phakathi kwabantu basendulo وَمَا يَأۡتِيهِم مِّن رَّسُولٍ إِلَّا كَانُواْ بِهِۦ يَسۡتَهۡزِءُونَ ١١Futhi sasingafiki kubona isithunywa ngaphandle kokuba basenze inhlekisa كَذَٰلِكَ نَسۡلُكُهُۥ فِي قُلُوبِ ٱلۡمُجۡرِمِينَ ١٢Sikwenze kanjalo ukuba kungene ezinhliziyweni zezoni لَا يُؤۡمِنُونَ بِهِۦ وَقَدۡ خَلَتۡ سُنَّةُ ٱلۡأَوَّلِينَ ١٣Abakholelwa kuyona (iQur’an) futhi ngempela sesadlula isibonelo salabo basendulo وَلَوۡ فَتَحۡنَا عَلَيۡهِم بَابًا مِّنَ ٱلسَّمَآءِ فَظَلُّواْ فِيهِ يَعۡرُجُونَ ١٤Futhi noma ngabe sabavulela umnyango wezulu babezoqhubeka bakhuphuke lapho لَقَالُوٓاْ إِنَّمَا سُكِّرَتۡ أَبۡصَٰرُنَا بَلۡ نَحۡنُ قَوۡمٌ مَّسۡحُورُونَ ١٥Babezothi, “kuphela amehlo ethu abexhoshiwe kepha thina singabantu abalunjiwe.” وَلَقَدۡ جَعَلۡنَا فِي ٱلسَّمَآءِ بُرُوجًا وَزَيَّنَّٰهَا لِلنَّٰظِرِينَ ١٦Futhi ngempela sabeka izinkanyezi ezinkulu ezulwini futhi sazenza zabukeka zizinhle kwabazibonayo وَحَفِظۡنَٰهَا مِن كُلِّ شَيۡطَٰنٍ رَّجِيمٍ ١٧Futhi saliqaphela kubona bonke osathane abagxoshiwe (embusweni kaMvelinqangi) إِلَّا مَنِ ٱسۡتَرَقَ ٱلسَّمۡعَ فَأَتۡبَعَهُۥ شِهَابٌ مُّبِينٌ ١٨Ngaphandle kwalowo (sathane) ontshontsha ukulalela ngakho-ke ulandelwa ilangabi eligqamile وَٱلۡأَرۡضَ مَدَدۡنَٰهَا وَأَلۡقَيۡنَا فِيهَا رَوَٰسِيَ وَأَنۢبَتۡنَا فِيهَا مِن كُلِّ شَيۡءٍ مَّوۡزُونٍ ١٩Nomhlaba sawendlala senza kuwona izintaba ezisimeme futhi senza ukuthi kumile kuwona zonke izinto ngendlela efanele وَجَعَلۡنَا لَكُمۡ فِيهَا مَعَٰيِشَ وَمَن لَّسۡتُمۡ لَهُۥ بِرَٰزِقِينَ ٢٠Futhi sanenzela kuwona izindlela zokuphila kanye nalezo (zidalwa) eningazondli (izinkomo nokunye) وَإِن مِّن شَيۡءٍ إِلَّا عِندَنَا خَزَآئِنُهُۥ وَمَا نُنَزِّلُهُۥٓ إِلَّا بِقَدَرٍ مَّعۡلُومٍ ٢١Futhi akukho lutho olungekho kepha kuthina kunokugcinwa kwako futhi angeke sikwehlisele phansi ngaphandle ngesilinganiso esaziwayo وَأَرۡسَلۡنَا ٱلرِّيَٰحَ لَوَٰقِحَ فَأَنزَلۡنَا مِنَ ٱلسَّمَآءِ مَآءً فَأَسۡقَيۡنَٰكُمُوهُ وَمَآ أَنتُمۡ لَهُۥ بِخَٰزِنِينَ ٢٢Futhi sathumela imimoya ukuze ivundise sabe sesinethisa imvula evela esibhakabhakeni ukuze siniphuzise yona futhi nina aniyibona abagcini bayo (imvula) وَإِنَّا لَنَحۡنُ نُحۡيِۦ وَنُمِيتُ وَنَحۡنُ ٱلۡوَٰرِثُونَ ٢٣Futhi ngempela thina siyaphilisa futhi siyabulala futhi siyizindlalifa وَلَقَدۡ عَلِمۡنَا ٱلۡمُسۡتَقۡدِمِينَ مِنكُمۡ وَلَقَدۡ عَلِمۡنَا ٱلۡمُسۡتَـٔۡخِرِينَ ٢٤Futhi ngempela siyabazi abeza kuqala kunani (izizukulwane ezafika ngaphambilini kwenu) futhi ngempela siyabazi abayoza emveni (kwalokho) وَإِنَّ رَبَّكَ هُوَ يَحۡشُرُهُمۡۚ إِنَّهُۥ حَكِيمٌ عَلِيمٌ ٢٥Futhi ngempela iNkosi yakho iyobaqoqela ndawonye, ngempela yona inobuhlakani iyazi وَلَقَدۡ خَلَقۡنَا ٱلۡإِنسَٰنَ مِن صَلۡصَٰلٍ مِّنۡ حَمَإٍ مَّسۡنُونٍ ٢٦Futhi ngempela samdala umuntu ngobumba olomile olubhucukile oluqhamuka emhlabathini ecwelekile وَٱلۡجَآنَّ خَلَقۡنَٰهُ مِن قَبۡلُ مِن نَّارِ ٱلسَّمُومِ ٢٧NamaJinn sawadala ngaphambilini ngamalangabi omlilo وَإِذۡ قَالَ رَبُّكَ لِلۡمَلَٰٓئِكَةِ إِنِّي خَٰلِقُۢ بَشَرًا مِّن صَلۡصَٰلٍ مِّنۡ حَمَإٍ مَّسۡنُونٍ ٢٨Futhi (khumbula) ngenkathi iNkosi yakho ithi ezingelosini ngempela mina ngingumdali womuntu ngobumba olomileyo ocubuzekile oluqhamuka emhlabathini ocwelekileyo فَإِذَا سَوَّيۡتُهُۥ وَنَفَخۡتُ فِيهِ مِن رُّوحِي فَقَعُواْ لَهُۥ سَٰجِدِينَ ٢٩Ngakho-ke kwathi lapho sengimenzile (u-Adam) ngaphefumulela umoya wami kuyena ngakho-ke ngathi yiwani nimkhothamele فَسَجَدَ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ كُلُّهُمۡ أَجۡمَعُونَ ٣٠Ngakho-ke izingelosi zamkhothamela zonke إِلَّآ إِبۡلِيسَ أَبَىٰٓ أَن يَكُونَ مَعَ ٱلسَّٰجِدِينَ ٣١Ngaphandle kuka-Iblis wenqaba ukuthi abe kanye nabakhothamayo قَالَ يَٰٓإِبۡلِيسُ مَا لَكَ أَلَّا تَكُونَ مَعَ ٱلسَّٰجِدِينَ ٣٢(UMvelinqangi) wathi, “Oh Iblis! kwenzenjani ngawe ukuthi ungabi kanye nabakhothamayo na?” قَالَ لَمۡ أَكُن لِّأَسۡجُدَ لِبَشَرٍ خَلَقۡتَهُۥ مِن صَلۡصَٰلٍ مِّنۡ حَمَإٍ مَّسۡنُونٍ ٣٣Wathi (u-Iblis) “angeke ngikwazi ukukhothamela umuntu owamdala ngobumba olucubuzekileyo oluphuma emhlabathini ocwelekileyo” قَالَ فَٱخۡرُجۡ مِنۡهَا فَإِنَّكَ رَجِيمٌ ٣٤Wathi (uMvelinqangi) phuma kulona (izulu) ngakho-ke ngempela wena ungogxoshiweyo (embusweni wezulu) وَإِنَّ عَلَيۡكَ ٱللَّعۡنَةَ إِلَىٰ يَوۡمِ ٱلدِّينِ ٣٥Futhi ngempela phezu kwakho kunesiqalekiso kuze kube ilanga lokuvuka kwabafileyo.” قَالَ رَبِّ فَأَنظِرۡنِيٓ إِلَىٰ يَوۡمِ يُبۡعَثُونَ ٣٦(U-Iblis) wathi, “Nkosi yami nginike ithuba kuze kube usuku lokuvuswa kwabafileyo” قَالَ فَإِنَّكَ مِنَ ٱلۡمُنظَرِينَ ٣٧Wathi (uMvelinqangi) ngempela wena ungomunye wabanikwe ithuba إِلَىٰ يَوۡمِ ٱلۡوَقۡتِ ٱلۡمَعۡلُومِ ٣٨Kuze kube usuku lwesikhathi esiqokiwe قَالَ رَبِّ بِمَآ أَغۡوَيۡتَنِي لَأُزَيِّنَنَّ لَهُمۡ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَلَأُغۡوِيَنَّهُمۡ أَجۡمَعِينَ ٣٩(U-Iblis) wathi, “Nkosi yami ngokuba ungidukisile ngempela ngizokwenza (ukona) kubukeke kukuhle kubona (abantu) emhlabeni futhi ngempela ngizobadukisa bonke.” إِلَّا عِبَادَكَ مِنۡهُمُ ٱلۡمُخۡلَصِينَ ٤٠Ngaphandle kwezinceku zakho (eziholiwe) phakathi kwabo قَالَ هَٰذَا صِرَٰطٌ عَلَيَّ مُسۡتَقِيمٌ ٤١Wathi “lena indlela yami eqondile (elungileyo).” إِنَّ عِبَادِي لَيۡسَ لَكَ عَلَيۡهِمۡ سُلۡطَٰنٌ إِلَّا مَنِ ٱتَّبَعَكَ مِنَ ٱلۡغَاوِينَ ٤٢Ngempela ezincekwini zami awunagunya phezu kwazo ngaphandle kwalezo ezikulandelayo ezidukileyo وَإِنَّ جَهَنَّمَ لَمَوۡعِدُهُمۡ أَجۡمَعِينَ ٤٣Futhi ngempela isihogo siyisithembiso sabo bonke (labo abalandela u-Iblis) لَهَا سَبۡعَةُ أَبۡوَٰبٍ لِّكُلِّ بَابٍ مِّنۡهُمۡ جُزۡءٌ مَّقۡسُومٌ ٤٤Sinamasango ayisikhombisa isango nesango lalawomasango kunengxenye (yezoni) ebekiwe (kulona) إِنَّ ٱلۡمُتَّقِينَ فِي جَنَّٰتٍ وَعُيُونٍ ٤٥Ngempela abenza okulungileyo bayohlala ezivandeni nasemithonjeni yamanzi ٱدۡخُلُوهَا بِسَلَٰمٍ ءَامِنِينَ ٤٦(Kuyothiwa kubona), “Ngenani kusona (isivande) ngokuthula niphephile” وَنَزَعۡنَا مَا فِي صُدُورِهِم مِّنۡ غِلٍّ إِخۡوَٰنًا عَلَىٰ سُرُرٍ مُّتَقَٰبِلِينَ ٤٧Futhi siyosusa konke okusezifubeni zabo okubi okuyinzondo bahlale njengabazalwane ezihlalweni eziqhwakele ezibhekene لَا يَمَسُّهُمۡ فِيهَا نَصَبٌ وَمَا هُم مِّنۡهَا بِمُخۡرَجِينَ ٤٨Angeke kubathinte ukukhathazeka khona lapho (esivandeni) futhi bona angeke bakhishwe kusona ۞ نَبِّئۡ عِبَادِيٓ أَنِّيٓ أَنَا ٱلۡغَفُورُ ٱلرَّحِيمُ ٤٩Zitshele izinceku zami ukuthi mina ngiyathethelela nginesihawu ۞ وَأَنَّ عَذَابِي هُوَ ٱلۡعَذَابُ ٱلۡأَلِيمُ ٥٠Nokuthi isijeziso sami siyisijeziso esibuhlungu وَنَبِّئۡهُمۡ عَن ضَيۡفِ إِبۡرَٰهِيمَ ٥١Futhi batshele ngezivakashi zika-Abrahamu إِذۡ دَخَلُواْ عَلَيۡهِ فَقَالُواْ سَلَٰمًا قَالَ إِنَّا مِنكُمۡ وَجِلُونَ ٥٢Khumbula ngenkathi zingena kuyena ngakho-ke zathi, “ukuthula” yena wathi “ngempela siyanesaba” قَالُواْ لَا تَوۡجَلۡ إِنَّا نُبَشِّرُكَ بِغُلَٰمٍ عَلِيمٍ ٥٣Izivakashi (izingelosi) zathi, “ungesabi ngempela thina sikulethela izindaba ezimnandi zomfana onolwazi.” قَالَ أَبَشَّرۡتُمُونِي عَلَىٰٓ أَن مَّسَّنِيَ ٱلۡكِبَرُ فَبِمَ تُبَشِّرُونَ ٥٤Wathi (u-Abrahamu), “Ngakube ningilethele izindaba ezimnandi kulapho sengificwe ukukhula (ukuguga) ningitshela izindaba ezimnandi ngani na قَالُواْ بَشَّرۡنَٰكَ بِٱلۡحَقِّ فَلَا تَكُن مِّنَ ٱلۡقَٰنِطِينَ ٥٥Zathi (izingelosi) sikulethele izindabaezimnandingokweqiniso ngakho-ke ungabi ngomunye wabalahlekelwe yithemba قَالَ وَمَن يَقۡنَطُ مِن رَّحۡمَةِ رَبِّهِۦٓ إِلَّا ٱلضَّآلُّونَ ٥٦Wathi (u-Abrahamu) “ngubani ongalahlekelwa yithemba lomusa weNkosi yakhe ngaphandle kwabadukileyo na?” قَالَ فَمَا خَطۡبُكُمۡ أَيُّهَا ٱلۡمُرۡسَلُونَ ٥٧(U-Abrahamu waphinde) wathi “nizokwenzani (lapha) Oh! Nina! zithunywa na?” قَالُوٓاْ إِنَّآ أُرۡسِلۡنَآ إِلَىٰ قَوۡمٍ مُّجۡرِمِينَ ٥٨Zathi (izingelosi), “ngempela thina sithunywe ebantwini abayizoni.” إِلَّآ ءَالَ لُوطٍ إِنَّا لَمُنَجُّوهُمۡ أَجۡمَعِينَ ٥٩Ngaphandle komndeni kaLothi ngempela sizobasindisa bonke (ekubhujisweni) إِلَّا ٱمۡرَأَتَهُۥ قَدَّرۡنَآ إِنَّهَا لَمِنَ ٱلۡغَٰبِرِينَ ٦٠Ngaphandle konkosikazi wakhe esimthatha njengokuthi ngempela yena ungomunye wabasalela ngemumva فَلَمَّا جَآءَ ءَالَ لُوطٍ ٱلۡمُرۡسَلُونَ ٦١Ngakho-ke kwathi lapho sezifika izithunywa ebantwini baLothi قَالَ إِنَّكُمۡ قَوۡمٌ مُّنكَرُونَ ٦٢Wathi “ngempela nina ningabantu abangaziwa” قَالُواْ بَلۡ جِئۡنَٰكَ بِمَا كَانُواْ فِيهِ يَمۡتَرُونَ ٦٣Zathi, (izithunywa) “Qhabo size lapha kuwena nalokho abangabaza ngakho” وَأَتَيۡنَٰكَ بِٱلۡحَقِّ وَإِنَّا لَصَٰدِقُونَ ٦٤Futhi size kuwena neqiniso, ngempela thina singabaneqiniso فَأَسۡرِ بِأَهۡلِكَ بِقِطۡعٍ مِّنَ ٱلَّيۡلِ وَٱتَّبِعۡ أَدۡبَٰرَهُمۡ وَلَا يَلۡتَفِتۡ مِنكُمۡ أَحَدٌ وَٱمۡضُواْ حَيۡثُ تُؤۡمَرُونَ ٦٥Ngakho-ke hamba nomndeni wakho ngengxenye yobusuku futhi ubalandele ngemumva futhi kungabi khona ngisho noyedwa wenu ozobheka ngemumva futhi niye lapho eniphoqwe ukuya khona وَقَضَيۡنَآ إِلَيۡهِ ذَٰلِكَ ٱلۡأَمۡرَ أَنَّ دَابِرَ هَٰٓؤُلَآءِ مَقۡطُوعٌ مُّصۡبِحِينَ ٦٦Futhi salwenza lwazeka kuyena lelo daba ukuthi izimpande zalaba (abayizoni) zizonqunywa ekuseni وَجَآءَ أَهۡلُ ٱلۡمَدِينَةِ يَسۡتَبۡشِرُونَ ٦٧Futhi abantu bedolobha bafika begcwele injabulo قَالَ إِنَّ هَٰٓؤُلَآءِ ضَيۡفِي فَلَا تَفۡضَحُونِ ٦٨Wathi “ngempela lezi izihambeli zami ngakho-ke ningangihlazi.” وَٱتَّقُواْ ٱللَّهَ وَلَا تُخۡزُونِ ٦٩Futhi sabani uMvelinqangi futhi ningangihlazi قَالُوٓاْ أَوَلَمۡ نَنۡهَكَ عَنِ ٱلۡعَٰلَمِينَ ٧٠Bathi (abantu baLothi) “asizange yini sikwenqabele (ekungeniseni) abantu na?” قَالَ هَٰٓؤُلَآءِ بَنَاتِيٓ إِن كُنتُمۡ فَٰعِلِينَ ٧١Wathi (uLothi) “lawa ngamadodakazi ami uma nina ningabenzi (bokuhle).” لَعَمۡرُكَ إِنَّهُمۡ لَفِي سَكۡرَتِهِمۡ يَعۡمَهُونَ ٧٢(Isifungo) ngempilo yakho! Ngempela bona badideke umqondo bayaphuphutheka njengezimpumputhe فَأَخَذَتۡهُمُ ٱلصَّيۡحَةُ مُشۡرِقِينَ ٧٣Ngakho-ke bathathwa ukukhala (umsindo) owesabekayo ngesikhathi sokuphuma kwelanga فَجَعَلۡنَا عَٰلِيَهَا سَافِلَهَا وَأَمۡطَرۡنَا عَلَيۡهِمۡ حِجَارَةً مِّن سِجِّيلٍ ٧٤Ngakho-ke (idolobha lase-Sodom) saligumbuqela phansi futhi sanethisa phezu kwabo amatshe obumba olugazingiwe إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَٰتٍ لِّلۡمُتَوَسِّمِينَ ٧٥Ngempela kulokhu kunezimpawu kulabo ababonayo وَإِنَّهَا لَبِسَبِيلٍ مُّقِيمٍ ٧٦Futhi ngempela lona (idolobha laseSodom) lalisemgaqweni omkhulu إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَةً لِّلۡمُؤۡمِنِينَ ٧٧Ngempela kulokho kunophawu kubantu abakholwayo وَإِن كَانَ أَصۡحَٰبُ ٱلۡأَيۡكَةِ لَظَٰلِمِينَ ٧٨Futhi izihlali zasehlathini (abantu baseMidyan) ngempela babengalungile فَٱنتَقَمۡنَا مِنۡهُمۡ وَإِنَّهُمَا لَبِإِمَامٍ مُّبِينٍ ٧٩Ngakho-ke saziphindisela kubona futhi ngempela wona womabili (amadolobha) asemgaqweni osobala وَلَقَدۡ كَذَّبَ أَصۡحَٰبُ ٱلۡحِجۡرِ ٱلۡمُرۡسَلِينَ ٨٠Futhi ngempela izihlali zase-Hijr zaziphika izithunywa وَءَاتَيۡنَٰهُمۡ ءَايَٰتِنَا فَكَانُواْ عَنۡهَا مُعۡرِضِينَ ٨١Futhi sabanikeza izimpawu zethu kepha abazinakanga (bazifulathela) وَكَانُواْ يَنۡحِتُونَ مِنَ ٱلۡجِبَالِ بُيُوتًا ءَامِنِينَ ٨٢Futhi babeqopha izintaba ukuze bakhe izindlu (bazizwe) bephephile فَأَخَذَتۡهُمُ ٱلصَّيۡحَةُ مُصۡبِحِينَ ٨٣Ngakho-ke umsindo owesabekayo wabathatha ngesikhathi sasekuseni فَمَآ أَغۡنَىٰ عَنۡهُم مَّا كَانُواْ يَكۡسِبُونَ ٨٤Ngakho-ke akubazuzelanga lutho lokho ababekusebenzela وَمَا خَلَقۡنَا ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ وَمَا بَيۡنَهُمَآ إِلَّا بِٱلۡحَقِّۗ وَإِنَّ ٱلسَّاعَةَ لَأٓتِيَةٌۖ فَٱصۡفَحِ ٱلصَّفۡحَ ٱلۡجَمِيلَ ٨٥Futhi asizange siwadale amazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngaphandle kweqiniso futhi ngempela ihora liyeza ngakho-ke thethelela ngentethelelo emnene إِنَّ رَبَّكَ هُوَ ٱلۡخَلَّٰقُ ٱلۡعَلِيمُ ٨٦Ngempela iNkosi yakho ingumdali (wamazulu nomhlaba) iyisazi وَلَقَدۡ ءَاتَيۡنَٰكَ سَبۡعًا مِّنَ ٱلۡمَثَانِي وَٱلۡقُرۡءَانَ ٱلۡعَظِيمَ ٨٧Futhi ngempela sikunikezile (amavesi) ayisikhombisa aphindaphindiwe (Surah Fatiha) kanye neQur’an enkulu (engcwele) لَا تَمُدَّنَّ عَيۡنَيۡكَ إِلَىٰ مَا مَتَّعۡنَا بِهِۦٓ أَزۡوَٰجًا مِّنۡهُمۡ وَلَا تَحۡزَنۡ عَلَيۡهِمۡ وَٱخۡفِضۡ جَنَاحَكَ لِلۡمُؤۡمِنِينَ ٨٨Ungaphonsi amehlo akho kulokho esikuphe abanye phakathi kwabo njengesipho ukuze bazitike ngakho futhi ungabi lusizi ngabo yehlisela amaphiko akho (umusa wakho) phezu kwabakholwayo وَقُلۡ إِنِّيٓ أَنَا ٱلنَّذِيرُ ٱلۡمُبِينُ ٨٩Futhi uthi, “ngempela mina ngingumxwayisi ogqamile” كَمَآ أَنزَلۡنَا عَلَى ٱلۡمُقۡتَسِمِينَ ٩٠Njengoba sehlisa phezu kwalabo ababehlukanisa ٱلَّذِينَ جَعَلُواْ ٱلۡقُرۡءَانَ عِضِينَ ٩١Labo abenza iQur’an ukuthi ibe izingxenye فَوَرَبِّكَ لَنَسۡـَٔلَنَّهُمۡ أَجۡمَعِينَ ٩٢Ngakho-ke ngifunga ngeNkosi yakho! Siyobabuza bonke ndawonye عَمَّا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ ٩٣Mayelana nalokho ababekwenza فَٱصۡدَعۡ بِمَا تُؤۡمَرُ وَأَعۡرِضۡ عَنِ ٱلۡمُشۡرِكِينَ ٩٤Ngakho-ke memezela ngokusobala ngalokho ophoqwe ngakho futhi uqhelelane nabakhonzi bezithixo إِنَّا كَفَيۡنَٰكَ ٱلۡمُسۡتَهۡزِءِينَ ٩٥Ngempela thina sikwenele ukubhekana nabenza inhlekisa ٱلَّذِينَ يَجۡعَلُونَ مَعَ ٱللَّهِ إِلَٰهًا ءَاخَرَۚ فَسَوۡفَ يَعۡلَمُونَ ٩٦Labo abenza omunye unkulunkulu (isithixo) basihlanganise noMvelinqangi ngakho-ke bayokwazi وَلَقَدۡ نَعۡلَمُ أَنَّكَ يَضِيقُ صَدۡرُكَ بِمَا يَقُولُونَ ٩٧Futhi ngempela siyazi ukuthi wena siyacinana isifuba sakho ngenxa yalokho abakushoyo فَسَبِّحۡ بِحَمۡدِ رَبِّكَ وَكُن مِّنَ ٱلسَّٰجِدِينَ ٩٨Ngakho-ke dumisa udumo lweNkosi yakho futhi ube ngomunye wabazithobayo وَٱعۡبُدۡ رَبَّكَ حَتَّىٰ يَأۡتِيَكَ ٱلۡيَقِينُ ٩٩Futhi khonza iNkosi yakho kuze kube ufikelwe isiqiniseko (ukufa)

الترجمة: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.