ملة الإسلام

السورة 54 · 55 آية · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

سورة القمر باللغة الزولو

السورة بالعربية مع التفسير استمع إلى سورة القمر (1,232 قارئاً)
مكيةسورة القمر٥٥ آية

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

ٱقۡتَرَبَتِ ٱلسَّاعَةُ وَٱنشَقَّ ٱلۡقَمَرُ ١Ihora liyasondela nenyanga yahlephuka phakathi وَإِن يَرَوۡاْ ءَايَةً يُعۡرِضُواْ وَيَقُولُواْ سِحۡرٌ مُّسۡتَمِرٌّ ٢Futhi uma bebona uphawu bayafulathela futhi bathi, “(lona) ngumlingo oqhubekayo” وَكَذَّبُواْ وَٱتَّبَعُوٓاْ أَهۡوَآءَهُمۡۚ وَكُلُّ أَمۡرٍ مُّسۡتَقِرٌّ ٣Futhi baziphika (izimpawu zikaMvelinqangi) base belandela izinkanuko zabo, kepha zonke izindaba ziyohlelwa (uma sekufika isikhathi sazo) وَلَقَدۡ جَآءَهُم مِّنَ ٱلۡأَنۢبَآءِ مَا فِيهِ مُزۡدَجَرٌ ٤Futhi ngempela sezafika kubona izindaba ezixwayisayo nezinezifundo حِكۡمَةُۢ بَٰلِغَةٌۖ فَمَا تُغۡنِ ٱلنُّذُرُ ٥Ubuhlakani obuhle, kepha (ukushumayela) kwabaxwayisi akuzange kubasize فَتَوَلَّ عَنۡهُمۡۘ يَوۡمَ يَدۡعُ ٱلدَّاعِ إِلَىٰ شَيۡءٍ نُّكُرٍ ٦Ngakho-ke qhelelana nabo, bese ukhumbule usuku lapho ummemi eyomemela entweni embi kakhulu (esabisayo) خُشَّعًا أَبۡصَٰرُهُمۡ يَخۡرُجُونَ مِنَ ٱلۡأَجۡدَاثِ كَأَنَّهُمۡ جَرَادٌ مُّنتَشِرٌ ٧Amehlo abo ezithobile, bephuma emangcwabeni kube sengathi bona bayizintethe ezisakazekile مُّهۡطِعِينَ إِلَى ٱلدَّاعِۖ يَقُولُ ٱلۡكَٰفِرُونَ هَٰذَا يَوۡمٌ عَسِرٌ ٨Bejahe kummemezi abangakholwanga bethi, “lolu wusuku olunzima” ۞ كَذَّبَتۡ قَبۡلَهُمۡ قَوۡمُ نُوحٍ فَكَذَّبُواْ عَبۡدَنَا وَقَالُواْ مَجۡنُونٌ وَٱزۡدُجِرَ ٩Ngaphambilini kwabo abantu baNowa bayiphika inceku yethu futhi bathi “uhlanya” yagxoshwa فَدَعَا رَبَّهُۥٓ أَنِّي مَغۡلُوبٌ فَٱنتَصِرۡ ١٠Ngakho-ke (inceku yethu) yabiza iNkosi yayo (yathi) “nginqotshiwe ngakho-ke ngisize فَفَتَحۡنَآ أَبۡوَٰبَ ٱلسَّمَآءِ بِمَآءٍ مُّنۡهَمِرٍ ١١Ngakho-ke sawavula amasango ezulu ngamanzi amaningi وَفَجَّرۡنَا ٱلۡأَرۡضَ عُيُونًا فَٱلۡتَقَى ٱلۡمَآءُ عَلَىٰٓ أَمۡرٍ قَدۡ قُدِرَ ١٢Futhi sawenza umhlaba ukuthi uqhekeke ngemithombo ngakho-ke amanzi ahlanganela udaba olwaselunqunyiwe ngaphambilini وَحَمَلۡنَٰهُ عَلَىٰ ذَاتِ أَلۡوَٰحٍ وَدُسُرٍ ١٣Futhi samthwala (uNowa ngomkhumbi) owakhiwe ngamapulangwe kanye nezipikili تَجۡرِي بِأَعۡيُنِنَا جَزَآءً لِّمَن كَانَ كُفِرَ ١٤Untanta ngaphansi kwamehlo ethu, umvuzo walowo owayephikwa وَلَقَد تَّرَكۡنَٰهَآ ءَايَةً فَهَلۡ مِن مُّدَّكِرٍ ١٥Futhi ngempela sakushiya (lokho) ukuthi kube wuphawu, ngakho-ke ngakube ukhona yini oyokhumbula فَكَيۡفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ ١٦Manjalo, sasinjani isijeziso sami nesexwayiso sami وَلَقَدۡ يَسَّرۡنَا ٱلۡقُرۡءَانَ لِلذِّكۡرِ فَهَلۡ مِن مُّدَّكِرٍ ١٧Futhi ngempela sayenza iQur’an yabalula ukuze ikhumbuleke ngakho-ke ngakube ukhona yini ozokhumbula كَذَّبَتۡ عَادٌ فَكَيۡفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ ١٨Waphika u-AD kepha sasinjani isijeziso sami nesexwayiso sami إِنَّآ أَرۡسَلۡنَا عَلَيۡهِمۡ رِيحًا صَرۡصَرًا فِي يَوۡمِ نَحۡسٍ مُّسۡتَمِرٍّ ١٩Ngempela thina sawuthumela umoya oyisibhengubhengu ngosuku lwesehlakalo esiqhubekayo تَنزِعُ ٱلنَّاسَ كَأَنَّهُمۡ أَعۡجَازُ نَخۡلٍ مُّنقَعِرٍ ٢٠(Umoya) ukhipha abantu kube sengathi bona bayiziqu zemithi yesundu esimbuliwe فَكَيۡفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ ٢١Manjalo sasinjani isijeziso sami kanye nesexwayiso sami وَلَقَدۡ يَسَّرۡنَا ٱلۡقُرۡءَانَ لِلذِّكۡرِ فَهَلۡ مِن مُّدَّكِرٍ ٢٢Futhi ngempela sayenza iQur’an yabalula ukuthi ikhumbuleke ngakube ukhona yini okhumbulayo كَذَّبَتۡ ثَمُودُ بِٱلنُّذُرِ ٢٣UThamud waziphika izexwayiso فَقَالُوٓاْ أَبَشَرًا مِّنَّا وَٰحِدًا نَّتَّبِعُهُۥٓ إِنَّآ إِذًا لَّفِي ضَلَٰلٍ وَسُعُرٍ ٢٤Kepha bathi, “ngakube umuntu oyedwa ophuma phakathi kwethu simlandele? Ngempela thina ngabe sisekudukeni nasekuhlanyeni” أَءُلۡقِيَ ٱلذِّكۡرُ عَلَيۡهِ مِنۢ بَيۡنِنَا بَلۡ هُوَ كَذَّابٌ أَشِرٌ ٢٥Ngakube sesathunyelwa yini kuyena isikhumbuzo esivela phakathi kwethu, kepha yena ungumqambi wamanga ozigabisayo سَيَعۡلَمُونَ غَدًا مَّنِ ٱلۡكَذَّابُ ٱلۡأَشِرُ ٢٦Bazokwazi kusasa ukuthi ngubani ongumqambi wamanga ozigabisayo إِنَّا مُرۡسِلُواْ ٱلنَّاقَةِ فِتۡنَةً لَّهُمۡ فَٱرۡتَقِبۡهُمۡ وَٱصۡطَبِرۡ ٢٧Ngempela sithumela ikameli lensikazi njengesilingo kubona ngakho-ke babuke futhi ubekezele وَنَبِّئۡهُمۡ أَنَّ ٱلۡمَآءَ قِسۡمَةُۢ بَيۡنَهُمۡۖ كُلُّ شِرۡبٍ مُّحۡتَضَرٌ ٢٨Futhi batshene ukuthi amanzi azohlukaniswa phakathi kwabo, konke ukuphuza kwabo kwenziwe فَنَادَوۡاْ صَاحِبَهُمۡ فَتَعَاطَىٰ فَعَقَرَ ٢٩Kepha bamemeza abakanye nabo (abangane babo) wayesethatha (inkemba) wayeselibulala (ikameli lensikazi) فَكَيۡفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ ٣٠Manjalo sasinjani isijeziso sami kanye nesexwayiso sami إِنَّآ أَرۡسَلۡنَا عَلَيۡهِمۡ صَيۡحَةً وَٰحِدَةً فَكَانُواْ كَهَشِيمِ ٱلۡمُحۡتَظِرِ ٣١Futhi ngempela sawuthumela kubona umsindo owesabekayo owodwa babe sebeba njengoluthi olomile وَلَقَدۡ يَسَّرۡنَا ٱلۡقُرۡءَانَ لِلذِّكۡرِ فَهَلۡ مِن مُّدَّكِرٍ ٣٢Futhi ngempela sayenza iQur’an yabalula ukuze ikhumbuleke ngakube ukhona yini okhumbulayo كَذَّبَتۡ قَوۡمُ لُوطِۭ بِٱلنُّذُرِ ٣٣Abantu baLothi baziphika izexwayiso إِنَّآ أَرۡسَلۡنَا عَلَيۡهِمۡ حَاصِبًا إِلَّآ ءَالَ لُوطٍۖ نَّجَّيۡنَٰهُم بِسَحَرٍ ٣٤Ngempela sathumela kubona isichotho samatshe esinamandla ngaphandle komndeni kaLothi sabaphephisa entathakusa نِّعۡمَةً مِّنۡ عِندِنَاۚ كَذَٰلِكَ نَجۡزِي مَن شَكَرَ ٣٥Umusa ovela kuthina, kanjalo simnika umvuzo lowo obongayo وَلَقَدۡ أَنذَرَهُم بَطۡشَتَنَا فَتَمَارَوۡاْ بِٱلنُّذُرِ ٣٦Futhi ngempela wabaxwayisa ngokushaya kwethu (ngesijeziso sethu) kepha abazethembanga izexwayiso وَلَقَدۡ رَٰوَدُوهُ عَن ضَيۡفِهِۦ فَطَمَسۡنَآ أَعۡيُنَهُمۡ فَذُوقُواْ عَذَابِي وَنُذُرِ ٣٧Futhi ngempela baphoqa kuyena izivakashi zakhe manjalo sawavala amehlo abo (sathi) “yizwani isijeziso sami kanye nezexwayiso zami” وَلَقَدۡ صَبَّحَهُم بُكۡرَةً عَذَابٌ مُّسۡتَقِرٌّ ٣٨Futhi ngempela bavuka ekuseni ngesijeziso esingasuki (esingapheli) فَذُوقُواْ عَذَابِي وَنُذُرِ ٣٩Ngakho-ke yizwani isijeziso sami kanye nezexwayiso وَلَقَدۡ يَسَّرۡنَا ٱلۡقُرۡءَانَ لِلذِّكۡرِ فَهَلۡ مِن مُّدَّكِرٍ ٤٠Futhi ngempela sayenza iQur’an yabalula ukuze ikhumbuleke, ngakube ukhona yini okhumbulayo na وَلَقَدۡ جَآءَ ءَالَ فِرۡعَوۡنَ ٱلنُّذُرُ ٤١Futhi ngempela bafika kubantu baFaro abaxwayisi كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَا كُلِّهَا فَأَخَذۡنَٰهُمۡ أَخۡذَ عَزِيزٍ مُّقۡتَدِرٍ ٤٢Baziphika izimpawu zethu zonke, manjalo sababamba ngokubamba kophakeme ngamandla okwaziyo (ukwenza zonke izinto) أَكُفَّارُكُمۡ خَيۡرٌ مِّنۡ أُوْلَٰٓئِكُمۡ أَمۡ لَكُم بَرَآءَةٌ فِي ٱلزُّبُرِ ٤٣Ngakube abangakholwa benu bangcono kunabo noma abanacala ezincwadini (emibhalweni) أَمۡ يَقُولُونَ نَحۡنُ جَمِيعٌ مُّنتَصِرٌ ٤٤Noma ngakube bathi, “thina sihlangene siyalekelelana” سَيُهۡزَمُ ٱلۡجَمۡعُ وَيُوَلُّونَ ٱلدُّبُرَ ٤٥Ibutho (labo) liyohlulwa bese beyafulathela beveza imihlane (yabo) بَلِ ٱلسَّاعَةُ مَوۡعِدُهُمۡ وَٱلسَّاعَةُ أَدۡهَىٰ وَأَمَرُّ ٤٦Kepha ihora yisethembiso sabo, futhi ihora liyobanzima kakhulu futhi liyobamuncu kakhulu إِنَّ ٱلۡمُجۡرِمِينَ فِي ضَلَٰلٍ وَسُعُرٍ ٤٧Ngempela abayizoni basekudukeni nasekuhlanyeni يَوۡمَ يُسۡحَبُونَ فِي ٱلنَّارِ عَلَىٰ وُجُوهِهِمۡ ذُوقُواْ مَسَّ سَقَرَ ٤٨Khumbula ngosuku lapho beyodonselwa emlilweni ngobuso babo, kuyothiwa yizwani ukuthintwa yisihogo إِنَّا كُلَّ شَيۡءٍ خَلَقۡنَٰهُ بِقَدَرٍ ٤٩Ngempela zonke izinto sazidala ngesilinganiso وَمَآ أَمۡرُنَآ إِلَّا وَٰحِدَةٌ كَلَمۡحِۭ بِٱلۡبَصَرِ ٥٠Futhi impoqo yethu ayiyilutho ngaphandle kokucwazima kweso okukodwa وَلَقَدۡ أَهۡلَكۡنَآ أَشۡيَاعَكُمۡ فَهَلۡ مِن مُّدَّكِرٍ ٥١Futhi ngempela sababhubhisa abafana nani ngakho-ke ngakube ukhona yini okhumbulayo na وَكُلُّ شَيۡءٍ فَعَلُوهُ فِي ٱلزُّبُرِ ٥٢Futhi zonke izinto abazenzayo zishicilelwe kwiZubur (incwadi ekushicilelwa kuyona izenzo zabo) وَكُلُّ صَغِيرٍ وَكَبِيرٍ مُّسۡتَطَرٌ ٥٣Futhi konke okuncane nokukhulu kushicilelwe phansi (kulotshiwe) إِنَّ ٱلۡمُتَّقِينَ فِي جَنَّٰتٍ وَنَهَرٍ ٥٤Ngempela abalungileyo bayokuba sezivandeni nasemifuleni فِي مَقۡعَدِ صِدۡقٍ عِندَ مَلِيكٍ مُّقۡتَدِرِۭ ٥٥Esihlalweni seqiniso eduzane neNkosi enkulu eyenza (zonke izinto)

الترجمة: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.