بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
وَٱلصَّٰٓفَّٰتِ صَفًّا ١Ngalabo abahlelwe ngezigaba فَٱلزَّٰجِرَٰتِ زَجۡرًا ٢Ngalabo abahambisa amafu ngendlela enhle فَٱلتَّٰلِيَٰتِ ذِكۡرًا ٣Ngalabo abafunda isikhumbuzo إِنَّ إِلَٰهَكُمۡ لَوَٰحِدٌ ٤Ngempela uMvelinqangi wenu munye رَّبُّ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَمَا بَيۡنَهُمَا وَرَبُّ ٱلۡمَشَٰرِقِ ٥INkosi yamazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili neNkosi yempumalanga إِنَّا زَيَّنَّا ٱلسَّمَآءَ ٱلدُّنۡيَا بِزِينَةٍ ٱلۡكَوَاكِبِ ٦Ngempela thina salihlobisa izulu eliseduzane ngomhlobiso wezinkanyezi وَحِفۡظًا مِّن كُلِّ شَيۡطَٰنٍ مَّارِدٍ ٧Nokulondolozwa kwalo mayelana nabobonke osathane abahlubukayo لَّا يَسَّمَّعُونَ إِلَى ٱلۡمَلَإِ ٱلۡأَعۡلَىٰ وَيُقۡذَفُونَ مِن كُلِّ جَانِبٍ ٨Abakwazi ukulalela inhlangano ephakeme kakhulu futhi bajikijelwa kuwona wonke amacala دُحُورًاۖ وَلَهُمۡ عَذَابٌ وَاصِبٌ ٩Bayaxoshwa futhi okwabo yisijeziso sangunaphakade إِلَّا مَنۡ خَطِفَ ٱلۡخَطۡفَةَ فَأَتۡبَعَهُۥ شِهَابٌ ثَاقِبٌ ١٠Ngaphandle kwalowo ohlwitha okuthize ngokuntshontsha bese elandelwa yilangabi lomlilo elihlabayo فَٱسۡتَفۡتِهِمۡ أَهُمۡ أَشَدُّ خَلۡقًا أَم مَّنۡ خَلَقۡنَآۚ إِنَّا خَلَقۡنَٰهُم مِّن طِينٍ لَّازِبِۭ ١١Ngakho-ke babuze ukuthi ngakube yibona yini abanzima ekudaleni noma yilabo esabadalayo na? Ngempela thina sabadala ngobumba olunamathelayo بَلۡ عَجِبۡتَ وَيَسۡخَرُونَ ١٢Kepha uyamangala kulapho benza inhlekisa وَإِذَا ذُكِّرُواْ لَا يَذۡكُرُونَ ١٣Futhi uma bekhunjuziswa abakhumbuli وَإِذَا رَأَوۡاْ ءَايَةً يَسۡتَسۡخِرُونَ ١٤Futhi uma bebona uphawu benza inhlekisa وَقَالُوٓاْ إِنۡ هَٰذَآ إِلَّا سِحۡرٌ مُّبِينٌ ١٥Futhi bathi, “lokhu akuyilutho ngaphandle komlingo ogqamile” أَءِذَا مِتۡنَا وَكُنَّا تُرَابًا وَعِظَٰمًا أَءِنَّا لَمَبۡعُوثُونَ ١٦Ngakube uma sesifile saphenduka uthuli namathambo ngempela siyovuswa yini na أَوَءَابَآؤُنَا ٱلۡأَوَّلُونَ ١٧Kanye nobaba bethu basendulo na قُلۡ نَعَمۡ وَأَنتُمۡ دَٰخِرُونَ ١٨Ithi, “yebo futhi nina niyothotshiswa فَإِنَّمَا هِيَ زَجۡرَةٌ وَٰحِدَةٌ فَإِذَا هُمۡ يَنظُرُونَ ١٩Kuyoba ukukhala okukodwa kuphela kulapho bona bebhekile وَقَالُواْ يَٰوَيۡلَنَا هَٰذَا يَوۡمُ ٱلدِّينِ ٢٠Futhi bayothi, “Oh usizi kuthina! lolu wusuku lwenhlawulo” هَٰذَا يَوۡمُ ٱلۡفَصۡلِ ٱلَّذِي كُنتُم بِهِۦ تُكَذِّبُونَ ٢١Lolu wusuku lokugcina enaniluphika ۞ ٱحۡشُرُواْ ٱلَّذِينَ ظَلَمُواْ وَأَزۡوَٰجَهُمۡ وَمَا كَانُواْ يَعۡبُدُونَ ٢٢Baqoqeleni ndawonye labo ababeyizoni kanye namaqembu abo kanye nakho konke loko ababekukhonza مِن دُونِ ٱللَّهِ فَٱهۡدُوهُمۡ إِلَىٰ صِرَٰطِ ٱلۡجَحِيمِ ٢٣Esikhundleni sikaMvelinqangi bese nibaholela endleleni yesihogo وَقِفُوهُمۡۖ إِنَّهُم مَّسۡـُٔولُونَ ٢٤Futhi nibamise ngempela ukuze babuzwe مَا لَكُمۡ لَا تَنَاصَرُونَ ٢٥Kwenzenjani ngani nangalekelelani na بَلۡ هُمُ ٱلۡيَوۡمَ مُسۡتَسۡلِمُونَ ٢٦Kepha bona ngalolosuku bayozinikela وَأَقۡبَلَ بَعۡضُهُمۡ عَلَىٰ بَعۡضٍ يَتَسَآءَلُونَ ٢٧Futhi abanye babo bayophendukela kwabanye bebuzana bodwa قَالُوٓاْ إِنَّكُمۡ كُنتُمۡ تَأۡتُونَنَا عَنِ ٱلۡيَمِينِ ٢٨Bayothi, “ngempela nina naniza kuthina niqhamuka ngakwesokudla” قَالُواْ بَل لَّمۡ تَكُونُواْ مُؤۡمِنِينَ ٢٩Bayothi, “kepha naningeyiwona amakholwa” وَمَا كَانَ لَنَا عَلَيۡكُم مِّن سُلۡطَٰنِۭۖ بَلۡ كُنتُمۡ قَوۡمًا طَٰغِينَ ٣٠Futhi sasingenalo igunya phezulu kwenu, kepha nina naningabantu abephula umthetho فَحَقَّ عَلَيۡنَا قَوۡلُ رَبِّنَآۖ إِنَّا لَذَآئِقُونَ ٣١Ngakho-ke liyaqiniseka kuthina izwi leNkosi yethu ngempela thina sizozwa فَأَغۡوَيۡنَٰكُمۡ إِنَّا كُنَّا غَٰوِينَ ٣٢Manjalo saniphambukisa (endleleni eqondile) ngempela nathi sasiphambukile فَإِنَّهُمۡ يَوۡمَئِذٍ فِي ٱلۡعَذَابِ مُشۡتَرِكُونَ ٣٣Ngakho-ke ngempela bona ngalolosuku bazoba ngababelanayo esijezisweni إِنَّا كَذَٰلِكَ نَفۡعَلُ بِٱلۡمُجۡرِمِينَ ٣٤Ngempela sibenza kanjalo abayizoni إِنَّهُمۡ كَانُوٓاْ إِذَا قِيلَ لَهُمۡ لَآ إِلَٰهَ إِلَّا ٱللَّهُ يَسۡتَكۡبِرُونَ ٣٥Ngempela bona kwakuthi uma kuthiwa kubona, “ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kukaMvelinqangi” bese bayaziqhayisa وَيَقُولُونَ أَئِنَّا لَتَارِكُوٓاْ ءَالِهَتِنَا لِشَاعِرٍ مَّجۡنُونِۭ ٣٦Futhi bathi, “ngakube thina sizoyeka onkulunkulu bethu ngenxa yembongi ehlanyayo na بَلۡ جَآءَ بِٱلۡحَقِّ وَصَدَّقَ ٱلۡمُرۡسَلِينَ ٣٧Kepha ulethe iqiniso futhi uqinisekisa izithunywa إِنَّكُمۡ لَذَآئِقُواْ ٱلۡعَذَابِ ٱلۡأَلِيمِ ٣٨Ngempela nina nizosizwa isijeziso esibuhlungu وَمَا تُجۡزَوۡنَ إِلَّا مَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ ٣٩Futhi angeke ninikezwe umvuzo ngaphandle kwalokho enanikwenza إِلَّا عِبَادَ ٱللَّهِ ٱلۡمُخۡلَصِينَ ٤٠Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa أُوْلَٰٓئِكَ لَهُمۡ رِزۡقٌ مَّعۡلُومٌ ٤١Labo-ke okwabo yisabelo esaziwayo فَوَٰكِهُ وَهُم مُّكۡرَمُونَ ٤٢Izithelo, futhi bona bangabahlonishwa فِي جَنَّٰتِ ٱلنَّعِيمِ ٤٣Ezivandeni zenjabulo عَلَىٰ سُرُرٍ مُّتَقَٰبِلِينَ ٤٤Ezihlalweni zobukhosi bebhekene يُطَافُ عَلَيۡهِم بِكَأۡسٍ مِّن مَّعِينِۭ ٤٥Siyozungeleziswa kubona isitsha esinewayini بَيۡضَآءَ لَذَّةٍ لِّلشَّٰرِبِينَ ٤٦Elimhlophe, elimtoti kwabaliphuzayo لَا فِيهَا غَوۡلٌ وَلَا هُمۡ عَنۡهَا يُنزَفُونَ ٤٧Abukho ubungozi kulona futhi bona abakutholi ukudakwa kulona وَعِندَهُمۡ قَٰصِرَٰتُ ٱلطَّرۡفِ عِينٌ ٤٨Futhi eduzane nabo kuyoba nabesifazane abamsulwa abanamehlo amahle كَأَنَّهُنَّ بَيۡضٌ مَّكۡنُونٌ ٤٩Okusengathi bona abesifazane bangamaqanda angakaze athintwe فَأَقۡبَلَ بَعۡضُهُمۡ عَلَىٰ بَعۡضٍ يَتَسَآءَلُونَ ٥٠Ngakho-ke abanye babo bayophendukela kwabanye bebuzana قَالَ قَآئِلٌ مِّنۡهُمۡ إِنِّي كَانَ لِي قَرِينٌ ٥١Isikhulumi phakathi kwabo siyothi, “ngempela mina nganginomngane” يَقُولُ أَءِنَّكَ لَمِنَ ٱلۡمُصَدِّقِينَ ٥٢Owayethi, “ngakube ngempela wena ungomunye wabakholwayo na أَءِذَا مِتۡنَا وَكُنَّا تُرَابًا وَعِظَٰمًا أَءِنَّا لَمَدِينُونَ ٥٣Ngakube uma sesifile sabawuthuli namathambo ngakube ngempela siyojeziswa” قَالَ هَلۡ أَنتُم مُّطَّلِعُونَ ٥٤Wathi, “Singaya yini ukuyobabona?” فَٱطَّلَعَ فَرَءَاهُ فِي سَوَآءِ ٱلۡجَحِيمِ ٥٥Ngakho-ke wabheka phansi wambona esesihogweni قَالَ تَٱللَّهِ إِن كِدتَّ لَتُرۡدِينِ ٥٦Wathi, “ngoMvelinqangi! Ucishe wangenza ngabhubha” وَلَوۡلَا نِعۡمَةُ رَبِّي لَكُنتُ مِنَ ٱلۡمُحۡضَرِينَ ٥٧Futhi ukube bekungesingenxa yomusa weNkosi yami ngempela bengizokuba ngomunye wabalethiwe أَفَمَا نَحۡنُ بِمَيِّتِينَ ٥٨Ngakube thina angeke sife إِلَّا مَوۡتَتَنَا ٱلۡأُولَىٰ وَمَا نَحۡنُ بِمُعَذَّبِينَ ٥٩Ngaphandle kokufa kwethu kwasekuqaleni futhi ngakube angeke yini sibe ngabajeziswayo na إِنَّ هَٰذَا لَهُوَ ٱلۡفَوۡزُ ٱلۡعَظِيمُ ٦٠Ngempela lokhu kungukuphumelela okukhulu لِمِثۡلِ هَٰذَا فَلۡيَعۡمَلِ ٱلۡعَٰمِلُونَ ٦١Okufana nalokhu ziyakusebenzela izisebenzi أَذَٰلِكَ خَيۡرٌ نُّزُلًا أَمۡ شَجَرَةُ ٱلزَّقُّومِ ٦٢Ngakube lokhu kungukujabula okungcono noma yisihlahla sezaQum na إِنَّا جَعَلۡنَٰهَا فِتۡنَةً لِّلظَّٰلِمِينَ ٦٣Ngempela sasenza saba yisivivinyo kwabayizoni إِنَّهَا شَجَرَةٌ تَخۡرُجُ فِيٓ أَصۡلِ ٱلۡجَحِيمِ ٦٤Ngempela sona siphuma esiqwini sesihogo طَلۡعُهَا كَأَنَّهُۥ رُءُوسُ ٱلشَّيَٰطِينِ ٦٥Izithelo zaso zinjengamakhanda osathane فَإِنَّهُمۡ لَأٓكِلُونَ مِنۡهَا فَمَالِـُٔونَ مِنۡهَا ٱلۡبُطُونَ ٦٦Ngakho-ke ngempela bona bayodla kusona bagcwalise izisu ngaso ثُمَّ إِنَّ لَهُمۡ عَلَيۡهَا لَشَوۡبًا مِّنۡ حَمِيمٍ ٦٧Besekuthi ngempela okwabo phezulu kwaso kube ngamanzi abilayo ثُمَّ إِنَّ مَرۡجِعَهُمۡ لَإِلَى ٱلۡجَحِيمِ ٦٨Besekuthi ngempela ukuphindela kwabo kube semlilweni ovuthayo wesihogo إِنَّهُمۡ أَلۡفَوۡاْ ءَابَآءَهُمۡ ضَآلِّينَ ٦٩Ngempela bona bathola oyise bedukile فَهُمۡ عَلَىٰٓ ءَاثَٰرِهِمۡ يُهۡرَعُونَ ٧٠Ngakho-ke bona bashesha ezinyathelweni zabo وَلَقَدۡ ضَلَّ قَبۡلَهُمۡ أَكۡثَرُ ٱلۡأَوَّلِينَ ٧١Futhi ngempela ngaphambilini kwabo laduka iningi labasendulo وَلَقَدۡ أَرۡسَلۡنَا فِيهِم مُّنذِرِينَ ٧٢Futhi ngempela sabathumela kubona abaxwayisi فَٱنظُرۡ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلۡمُنذَرِينَ ٧٣Ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sababexwayisiwe إِلَّا عِبَادَ ٱللَّهِ ٱلۡمُخۡلَصِينَ ٧٤Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa وَلَقَدۡ نَادَىٰنَا نُوحٌ فَلَنِعۡمَ ٱلۡمُجِيبُونَ ٧٥Futhi ngempela uNowa wasibiza, singabaphenduli abangcono kakhulu وَنَجَّيۡنَٰهُ وَأَهۡلَهُۥ مِنَ ٱلۡكَرۡبِ ٱلۡعَظِيمِ ٧٦Futhi samsindisa kanye nabantu bakhe ekuhluphekeni okukhulu وَجَعَلۡنَا ذُرِّيَّتَهُۥ هُمُ ٱلۡبَاقِينَ ٧٧Futhi sayenza inzalo yakhe yaba ngabasalayo وَتَرَكۡنَا عَلَيۡهِ فِي ٱلۡأٓخِرِينَ ٧٨Futhi samshiyela (udumo) ezizukulwaneni ezilandelayo سَلَٰمٌ عَلَىٰ نُوحٍ فِي ٱلۡعَٰلَمِينَ ٧٩Ukuthula makube kuNowa emihlabeni إِنَّا كَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلۡمُحۡسِنِينَ ٨٠Ngempela sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle إِنَّهُۥ مِنۡ عِبَادِنَا ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ٨١Ngempela yena ungomunye wezinceku zethu ezikholwayo ثُمَّ أَغۡرَقۡنَا ٱلۡأٓخَرِينَ ٨٢Sabe sesiyabaminzisa abanye ۞ وَإِنَّ مِن شِيعَتِهِۦ لَإِبۡرَٰهِيمَ ٨٣Futhi ngempela eqenjini lakhe kwakukhona u-Abrahamu إِذۡ جَآءَ رَبَّهُۥ بِقَلۡبٍ سَلِيمٍ ٨٤Khumbula ngenkathi eza eNkosini yakhe ngenhliziyo ephelele إِذۡ قَالَ لِأَبِيهِ وَقَوۡمِهِۦ مَاذَا تَعۡبُدُونَ ٨٥Khumbula ngenkathi ethi kuyise nakubantu bakhe, “yini eniyikhonzayo na” أَئِفۡكًا ءَالِهَةً دُونَ ٱللَّهِ تُرِيدُونَ ٨٦Ngakube ngamanga izithixo enizifisayo esikhundleni sikaMvelinqangi na فَمَا ظَنُّكُم بِرَبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ ٨٧Ngakube yimuphi umcabango wenu ngeNkosi yemihlaba na فَنَظَرَ نَظۡرَةً فِي ٱلنُّجُومِ ٨٨Ngakho-ke wajeqeza izinkanyezi kanye فَقَالَ إِنِّي سَقِيمٌ ٨٩Wayesethi, “ngempela mina ngiyagula” فَتَوَلَّوۡاْ عَنۡهُ مُدۡبِرِينَ ٩٠Ngakho-ke bamfulathela bahamba فَرَاغَ إِلَىٰٓ ءَالِهَتِهِمۡ فَقَالَ أَلَا تَأۡكُلُونَ ٩١Ngakho-ke waphendukela ezithixweni zabo wayesethi, “Ngakube anidli yini na مَا لَكُمۡ لَا تَنطِقُونَ ٩٢Kungani ningakhulumi na فَرَاغَ عَلَيۡهِمۡ ضَرۡبَۢا بِٱلۡيَمِينِ ٩٣Ngakho-ke waphendukela phezulu kwazo, wazishaya ngesandla sokunene فَأَقۡبَلُوٓاْ إِلَيۡهِ يَزِفُّونَ ٩٤Manjalo beza kuyena beshesha قَالَ أَتَعۡبُدُونَ مَا تَنۡحِتُونَ ٩٥Wathi, “Ngakube nikhonza loko enikuqophayo na وَٱللَّهُ خَلَقَكُمۡ وَمَا تَعۡمَلُونَ ٩٦Kulapho uMvelinqangi anidala kanye nalokho enikwenzayo قَالُواْ ٱبۡنُواْ لَهُۥ بُنۡيَٰنًا فَأَلۡقُوهُ فِي ٱلۡجَحِيمِ ٩٧Bathi, “makheleni isakhiwo bese nimposa emlilweni ovuthayo” فَأَرَادُواْ بِهِۦ كَيۡدًا فَجَعَلۡنَٰهُمُ ٱلۡأَسۡفَلِينَ ٩٨Base bemdalela icebo ngakho-ke sabenza babangabehlisiweyo وَقَالَ إِنِّي ذَاهِبٌ إِلَىٰ رَبِّي سَيَهۡدِينِ ٩٩Futhi wathi, “ngempela mina ngiya eNkosini yami izongihola” رَبِّ هَبۡ لِي مِنَ ٱلصَّٰلِحِينَ ١٠٠Nkosi yami ngiphe (indodana) kubenzi bokuhle فَبَشَّرۡنَٰهُ بِغُلَٰمٍ حَلِيمٍ ١٠١Ngakho-ke samnika izindaba ezinhle zomfana obekezelayo فَلَمَّا بَلَغَ مَعَهُ ٱلسَّعۡيَ قَالَ يَٰبُنَيَّ إِنِّيٓ أَرَىٰ فِي ٱلۡمَنَامِ أَنِّيٓ أَذۡبَحُكَ فَٱنظُرۡ مَاذَا تَرَىٰۚ قَالَ يَٰٓأَبَتِ ٱفۡعَلۡ مَا تُؤۡمَرُۖ سَتَجِدُنِيٓ إِن شَآءَ ٱللَّهُ مِنَ ٱلصَّٰبِرِينَ ١٠٢Manjalo kwathi lapho (indodana yakhe) seyikhule ngokwanele ukuhamba naye wathi, “Oh ndodana yami! Ngempela mina ngibone ephusheni lami ngikunikela, ngakho-ke bheka ubonani, yathi (indodana yakhe) Oh baba wami! Yenza lokho okuphoqwayo, uzongithola ngingowababekezelayo uma uMvelinqangi ethanda فَلَمَّآ أَسۡلَمَا وَتَلَّهُۥ لِلۡجَبِينِ ١٠٣Ngakho-ke kwathi lapho bobabili sebezinikele (entandweni kaMvelinqangi) esembeke phansi ngesiphongo وَنَٰدَيۡنَٰهُ أَن يَٰٓإِبۡرَٰهِيمُ ١٠٤Sammemeza sathi, “Oh Abrahamu!” قَدۡ صَدَّقۡتَ ٱلرُّءۡيَآۚ إِنَّا كَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلۡمُحۡسِنِينَ ١٠٥Ngempela uwufezile umbono, ngempela nathi ngokunjalo sibanika umvuzo abenzi bokuhle إِنَّ هَٰذَا لَهُوَ ٱلۡبَلَٰٓؤُاْ ٱلۡمُبِينُ ١٠٦Ngempela lokhu kuwukuvivinywa okucacile وَفَدَيۡنَٰهُ بِذِبۡحٍ عَظِيمٍ ١٠٧Futhi samhlenga ngomnikelo omkhulu وَتَرَكۡنَا عَلَيۡهِ فِي ٱلۡأٓخِرِينَ ١٠٨Futhi samshiyela (udumo) kwabanye سَلَٰمٌ عَلَىٰٓ إِبۡرَٰهِيمَ ١٠٩Ukuthula makube ku-Abrahamu كَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلۡمُحۡسِنِينَ ١١٠Sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle إِنَّهُۥ مِنۡ عِبَادِنَا ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ١١١Ngempela yena wayengomunye wezinceku zethu ezikholwayo وَبَشَّرۡنَٰهُ بِإِسۡحَٰقَ نَبِيًّا مِّنَ ٱلصَّٰلِحِينَ ١١٢Futhi samnika izindaba ezinhle zika-Isaka kumphrofethi ongomunye wabalungileyo وَبَٰرَكۡنَا عَلَيۡهِ وَعَلَىٰٓ إِسۡحَٰقَۚ وَمِن ذُرِّيَّتِهِمَا مُحۡسِنٌ وَظَالِمٌ لِّنَفۡسِهِۦ مُبِينٌ ١١٣Futhi sambusisa yena kanye no-Isaka, futhi enzalweni yabo bobabili kunabenzi bokuhle kanye nabazona bona uqobo lwabo ngokusobala وَلَقَدۡ مَنَنَّا عَلَىٰ مُوسَىٰ وَهَٰرُونَ ١١٤Futhi ngempela umusa sawethwesa uMose kanye no-Aroni وَنَجَّيۡنَٰهُمَا وَقَوۡمَهُمَا مِنَ ٱلۡكَرۡبِ ٱلۡعَظِيمِ ١١٥Futhi sabasindisa bobabili kanye nabantu babo bobabili ekuhluphekeni okukhulu وَنَصَرۡنَٰهُمۡ فَكَانُواْ هُمُ ٱلۡغَٰلِبِينَ ١١٦Futhi sabasiza ngakho-ke bona babangabanqobayo وَءَاتَيۡنَٰهُمَا ٱلۡكِتَٰبَ ٱلۡمُسۡتَبِينَ ١١٧Futhi bobabili sabanikeza incwadi ecacile وَهَدَيۡنَٰهُمَا ٱلصِّرَٰطَ ٱلۡمُسۡتَقِيمَ ١١٨Futhi bobabili sabahola endleleni eqondile وَتَرَكۡنَا عَلَيۡهِمَا فِي ٱلۡأٓخِرِينَ ١١٩Futhi bobabili sabashiyela (udumo) ezizukulwaneni zangamumva سَلَٰمٌ عَلَىٰ مُوسَىٰ وَهَٰرُونَ ١٢٠Ukuthula makube kuMose naku-Aroni إِنَّا كَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلۡمُحۡسِنِينَ ١٢١Ngempela sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle إِنَّهُمَا مِنۡ عِبَادِنَا ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ١٢٢Ngempela bona bobaili babengabanye bezinceku zethu ezikholwayo وَإِنَّ إِلۡيَاسَ لَمِنَ ٱلۡمُرۡسَلِينَ ١٢٣Futhi ngempela u-Elyas wayengomunye wezithunywa إِذۡ قَالَ لِقَوۡمِهِۦٓ أَلَا تَتَّقُونَ ١٢٤Ngenkathi ethi kubantu bakhe, “ngakube animesabi yini (uMvelinqangi) na أَتَدۡعُونَ بَعۡلًا وَتَذَرُونَ أَحۡسَنَ ٱلۡخَٰلِقِينَ ١٢٥Ngakube nimemeza uBali niyeka ongcono kunabo bonke abadali ٱللَّهَ رَبَّكُمۡ وَرَبَّ ءَابَآئِكُمُ ٱلۡأَوَّلِينَ ١٢٦UMvelinqangi yiNkosi yenu neNkosi yoyihlo basendulo فَكَذَّبُوهُ فَإِنَّهُمۡ لَمُحۡضَرُونَ ١٢٧Kepha bamphika ngakho-ke ngempela bona bayolethwa ngaphambili إِلَّا عِبَادَ ٱللَّهِ ٱلۡمُخۡلَصِينَ ١٢٨Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa وَتَرَكۡنَا عَلَيۡهِ فِي ٱلۡأٓخِرِينَ ١٢٩Futhi samshiyela (udumo) ezizukulwaneni zangamumva سَلَٰمٌ عَلَىٰٓ إِلۡ يَاسِينَ ١٣٠Ukuthula makube ku-Elyas إِنَّا كَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلۡمُحۡسِنِينَ ١٣١Ngempela sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle إِنَّهُۥ مِنۡ عِبَادِنَا ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ١٣٢Ngempela yena wayengomunye wezinceku zethu ezikholwayo وَإِنَّ لُوطًا لَّمِنَ ٱلۡمُرۡسَلِينَ ١٣٣Futhi ngempela uLothi wayengomunye wezithunywa إِذۡ نَجَّيۡنَٰهُ وَأَهۡلَهُۥٓ أَجۡمَعِينَ ١٣٤Khumbula ngenkathi simsindisa kanye nabantu bakhe bonke إِلَّا عَجُوزًا فِي ٱلۡغَٰبِرِينَ ١٣٥Ngaphandle kowesifazane omdala (unkosikazi wakhe) owayekanye nabasalele ngemumva ثُمَّ دَمَّرۡنَا ٱلۡأٓخَرِينَ ١٣٦Sabe sesiyababhubhisa abanye وَإِنَّكُمۡ لَتَمُرُّونَ عَلَيۡهِم مُّصۡبِحِينَ ١٣٧Futhi ngempela nina nidlula ngakubona ekuseni وَبِٱلَّيۡلِۚ أَفَلَا تَعۡقِلُونَ ١٣٨Nasebusuku, ngakube aninawo yini umqondo وَإِنَّ يُونُسَ لَمِنَ ٱلۡمُرۡسَلِينَ ١٣٩Futhi ngempela uYunus (uJona) wayengomunye wezithunywa إِذۡ أَبَقَ إِلَى ٱلۡفُلۡكِ ٱلۡمَشۡحُونِ ١٤٠Khumbula ngenkathi egijima eya emkhunjini ogcwele فَسَاهَمَ فَكَانَ مِنَ ٱلۡمُدۡحَضِينَ ١٤١Manjalo waphonsa inkatho wayeseba ngomunye wabalahlekelweyo فَٱلۡتَقَمَهُ ٱلۡحُوتُ وَهُوَ مُلِيمٌ ١٤٢Ngakho-ke inhlanzi yamgwinya kulapho yena efanelwe ukusolwa فَلَوۡلَآ أَنَّهُۥ كَانَ مِنَ ٱلۡمُسَبِّحِينَ ١٤٣Kepha ukuba wayengesiyena omunye wabadumisayo لَلَبِثَ فِي بَطۡنِهِۦٓ إِلَىٰ يَوۡمِ يُبۡعَثُونَ ١٤٤Ngempela wayezohlala esiswini sayo (inhlanzi) kuze kube wusuku lokuvuka kwabafileyo ۞ فَنَبَذۡنَٰهُ بِٱلۡعَرَآءِ وَهُوَ سَقِيمٌ ١٤٥Ngakho-ke samphonsa ogwini olomile kulapho yena egula وَأَنۢبَتۡنَا عَلَيۡهِ شَجَرَةً مِّن يَقۡطِينٍ ١٤٦Futhi samilisa isihlahla soselwa phezulu kwakhe وَأَرۡسَلۡنَٰهُ إِلَىٰ مِاْئَةِ أَلۡفٍ أَوۡ يَزِيدُونَ ١٤٧Futhi samthumela kwabayinkulungwane noma ngaphezulu فَـَٔامَنُواْ فَمَتَّعۡنَٰهُمۡ إِلَىٰ حِينٍ ١٤٨Ngakho-ke bakholwa, sabe sesibanika injabulo okwesikhashana فَٱسۡتَفۡتِهِمۡ أَلِرَبِّكَ ٱلۡبَنَاتُ وَلَهُمُ ٱلۡبَنُونَ ١٤٩Ngakho-ke babuze ngakube okweNkosi yakho ngamadodakazi okwabo ngamadodana na أَمۡ خَلَقۡنَا ٱلۡمَلَٰٓئِكَةَ إِنَٰثًا وَهُمۡ شَٰهِدُونَ ١٥٠Noma sadala izingelosi zabangabesifazane kulapho bona bebhekile أَلَآ إِنَّهُم مِّنۡ إِفۡكِهِمۡ لَيَقُولُونَ ١٥١Ngempela kungamanga abo abakushoyo وَلَدَ ٱللَّهُ وَإِنَّهُمۡ لَكَٰذِبُونَ ١٥٢(Ukuthi) Umvelinqangi wazala futhi ngempela bona banamanga أَصۡطَفَى ٱلۡبَنَاتِ عَلَى ٱلۡبَنِينَ ١٥٣Wakhetha amadodakazi ngaphezulu kwamadodana na مَا لَكُمۡ كَيۡفَ تَحۡكُمُونَ ١٥٤Kwenzekani ngani nehlulela kanjani أَفَلَا تَذَكَّرُونَ ١٥٥Lapho-ke ngeke ukhunjuzwe أَمۡ لَكُمۡ سُلۡطَٰنٌ مُّبِينٌ ١٥٦Noma ninegunya elicacile na فَأۡتُواْ بِكِتَٰبِكُمۡ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ ١٥٧Ngakho-ke lethani incwadi yenu uma kungukuthi nineqiniso وَجَعَلُواْ بَيۡنَهُۥ وَبَيۡنَ ٱلۡجِنَّةِ نَسَبًاۚ وَلَقَدۡ عَلِمَتِ ٱلۡجِنَّةُ إِنَّهُمۡ لَمُحۡضَرُونَ ١٥٨Futhi benza ubudlelwane phakathi kwakhe namaJinn, futhi ngempela amaJinn azi kahle ukuthi ngempela wona ayolethwa ngaphambili سُبۡحَٰنَ ٱللَّهِ عَمَّا يَصِفُونَ ١٥٩Makadunyiswe uMvelinqangi ngaphezulu kwalokho abakuchazayo إِلَّا عِبَادَ ٱللَّهِ ٱلۡمُخۡلَصِينَ ١٦٠Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa فَإِنَّكُمۡ وَمَا تَعۡبُدُونَ ١٦١Ngakho-ke nina kanye nalokho enikukhonzayo مَآ أَنتُمۡ عَلَيۡهِ بِفَٰتِنِينَ ١٦٢Angeke nibalinge ngaye إِلَّا مَنۡ هُوَ صَالِ ٱلۡجَحِيمِ ١٦٣Ngaphandle kwalowo onqunyelwe ukusha esihogweni وَمَا مِنَّآ إِلَّا لَهُۥ مَقَامٌ مَّعۡلُومٌ ١٦٤Futhi akekho namunye wethu ngaphandle kwalowo onendawo eyaziwayo وَإِنَّا لَنَحۡنُ ٱلصَّآفُّونَ ١٦٥Futhi ngempela thina sime ngolayini وَإِنَّا لَنَحۡنُ ٱلۡمُسَبِّحُونَ ١٦٦Futhi ngempela thina singabadumisayo وَإِن كَانُواْ لَيَقُولُونَ ١٦٧Futhi babejwayele ukuthi لَوۡ أَنَّ عِندَنَا ذِكۡرًا مِّنَ ٱلۡأَوَّلِينَ ١٦٨Ukube sasinaso isikhumbuzo esinjengesabantu basendulo لَكُنَّا عِبَادَ ٱللَّهِ ٱلۡمُخۡلَصِينَ ١٦٩Sasizoba yizinceku zikaMvelinqangi eziqotho فَكَفَرُواْ بِهِۦۖ فَسَوۡفَ يَعۡلَمُونَ ١٧٠Kepha abakholelwanga kusona, ngakho-ke bayokwazi وَلَقَدۡ سَبَقَتۡ كَلِمَتُنَا لِعِبَادِنَا ٱلۡمُرۡسَلِينَ ١٧١Futhi ngempela izwi lethu selahamba ngaphambili laya ezincekwini zethu, izithunywa إِنَّهُمۡ لَهُمُ ٱلۡمَنصُورُونَ ١٧٢Ngempela zona okwazo ukwelekelelwa وَإِنَّ جُندَنَا لَهُمُ ٱلۡغَٰلِبُونَ ١٧٣Futhi ngempela amabutho ethu okwawo ukunqoba فَتَوَلَّ عَنۡهُمۡ حَتَّىٰ حِينٍ ١٧٤Ngakho-ke suka kubona kuze kube yisikhashana وَأَبۡصِرۡهُمۡ فَسَوۡفَ يُبۡصِرُونَ ١٧٥Futhi babone ngakho-ke nabo bazobona أَفَبِعَذَابِنَا يَسۡتَعۡجِلُونَ ١٧٦Ngakube yisijeziso sethu abafuna ukuthi sisheshe فَإِذَا نَزَلَ بِسَاحَتِهِمۡ فَسَآءَ صَبَاحُ ٱلۡمُنذَرِينَ ١٧٧Ngakho-ke uma (isijeziso) sesehlela egcekeni labo ngakho-ke kuyokuba kubi ukusa kulabo abaxwayiswayo وَتَوَلَّ عَنۡهُمۡ حَتَّىٰ حِينٍ ١٧٨Ngakho-ke suka kubona kuze kube yisikhashana وَأَبۡصِرۡ فَسَوۡفَ يُبۡصِرُونَ ١٧٩Futhi bheka, ngakho-ke nabo bayobona سُبۡحَٰنَ رَبِّكَ رَبِّ ٱلۡعِزَّةِ عَمَّا يَصِفُونَ ١٨٠Mayidunyiswe iNkosi yakho, iNkosi yamandla ngaphezulu kwalokho abakuchazayo وَسَلَٰمٌ عَلَى ٱلۡمُرۡسَلِينَ ١٨١Futhi ukuthula makube phezulu kwezithunywa وَٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ رَبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ ١٨٢Futhi udumo lungolukaMvelinqangi iNkosi yemihlaba