ملة الإسلام

السورة 65 · 12 آية · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

سورة الطلاق باللغة الزولو

السورة بالعربية مع التفسير استمع إلى سورة الطلاق (1,126 قارئاً)
مدنيةسورة الطلاق١٢ آية

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّبِيُّ إِذَا طَلَّقۡتُمُ ٱلنِّسَآءَ فَطَلِّقُوهُنَّ لِعِدَّتِهِنَّ وَأَحۡصُواْ ٱلۡعِدَّةَۖ وَٱتَّقُواْ ٱللَّهَ رَبَّكُمۡۖ لَا تُخۡرِجُوهُنَّ مِنۢ بُيُوتِهِنَّ وَلَا يَخۡرُجۡنَ إِلَّآ أَن يَأۡتِينَ بِفَٰحِشَةٍ مُّبَيِّنَةٍۚ وَتِلۡكَ حُدُودُ ٱللَّهِۚ وَمَن يَتَعَدَّ حُدُودَ ٱللَّهِ فَقَدۡ ظَلَمَ نَفۡسَهُۥۚ لَا تَدۡرِي لَعَلَّ ٱللَّهَ يُحۡدِثُ بَعۡدَ ذَٰلِكَ أَمۡرًا ١Oh mphrofethi! Uma nenza isehlukaniso somshado nabesifazane ngakho-ke yenzani isehlukaniso somshado nabo ngokwesikhathi sabo (nilinde isikhathi sabo) futhi nibale isikhathi (sabo) futhi nesabe uMvelinqangi iNkosi yenu, ningabakhiphi abesifazane ezindlini zabo futhi (bona uqobo) bangaphumi (bangahambi) ngaphandle kokuba uma benza umkhuba wokonakala ocacile futhi leyo yimikhawulo kaMvelinqangi futhi noma ngabe ngubani owedlula imikhawulo kaMvelinqangi ngempela wenza okungalungile emphefumulweni wakhe, awazi uMvelinqangi angaletha emumva kwalokho (okunye) udaba فَإِذَا بَلَغۡنَ أَجَلَهُنَّ فَأَمۡسِكُوهُنَّ بِمَعۡرُوفٍ أَوۡ فَارِقُوهُنَّ بِمَعۡرُوفٍ وَأَشۡهِدُواْ ذَوَيۡ عَدۡلٍ مِّنكُمۡ وَأَقِيمُواْ ٱلشَّهَٰدَةَ لِلَّهِۚ ذَٰلِكُمۡ يُوعَظُ بِهِۦ مَن كَانَ يُؤۡمِنُ بِٱللَّهِ وَٱلۡيَوۡمِ ٱلۡأٓخِرِۚ وَمَن يَتَّقِ ٱللَّهَ يَجۡعَل لَّهُۥ مَخۡرَجًا ٢Ngakho-ke uma sebesigcwalisekisile isikhathi sabo sokulinda, manjalo babambeni ngendlela enhle (esemthethweni) noma nibadedele abesifazane ngendlela enhle, futhi nibabizele ofakazi ababili abanobulungiswa phakathi kwenu futhi nenzele uMvelinqangi ubufakazi, lokho uyala ngako noma ngabe ngubani okholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina, futhi noma ngabe ngubani owesaba uMvelinqangi umenzela indlela ephumayo وَيَرۡزُقۡهُ مِنۡ حَيۡثُ لَا يَحۡتَسِبُۚ وَمَن يَتَوَكَّلۡ عَلَى ٱللَّهِ فَهُوَ حَسۡبُهُۥٓۚ إِنَّ ٱللَّهَ بَٰلِغُ أَمۡرِهِۦۚ قَدۡ جَعَلَ ٱللَّهُ لِكُلِّ شَيۡءٍ قَدۡرًا ٣Futhi umnika isabelo ngalapho engacabanganga khona futhi noma ngabe ngubani owethembela kuMvelinqangi ngakho- ke yena umenele, ngempela uMvelinqangi uyayifeza inhloso yakhe, ngempela uMvelinqangi wazibekela zonke izinto isilinganiso وَٱلَّٰٓـِٔي يَئِسۡنَ مِنَ ٱلۡمَحِيضِ مِن نِّسَآئِكُمۡ إِنِ ٱرۡتَبۡتُمۡ فَعِدَّتُهُنَّ ثَلَٰثَةُ أَشۡهُرٍ وَٱلَّٰٓـِٔي لَمۡ يَحِضۡنَۚ وَأُوْلَٰتُ ٱلۡأَحۡمَالِ أَجَلُهُنَّ أَن يَضَعۡنَ حَمۡلَهُنَّۚ وَمَن يَتَّقِ ٱللَّهَ يَجۡعَل لَّهُۥ مِنۡ أَمۡرِهِۦ يُسۡرًا ٤Futhi labo abangalindele ukuya esikhathini phakathi kwabesifazane benu, uma ninokungabaza ngakho-ke isikhathi sabesifazane sokulinda yizinyanga ezintathu kanye nalabo abangayanga esikhathini kanye nalabo abesifazane abakhulelwe isikhathi sabo sokulinda ukuthi kuze kube babeka phansi umthwalo wabo (kuze kube bayabeletha) futhi noma ngabe ngubani owesaba uMvelinqangi umenzela odabeni lwakhe ubulula ذَٰلِكَ أَمۡرُ ٱللَّهِ أَنزَلَهُۥٓ إِلَيۡكُمۡۚ وَمَن يَتَّقِ ٱللَّهَ يُكَفِّرۡ عَنۡهُ سَيِّـَٔاتِهِۦ وَيُعۡظِمۡ لَهُۥٓ أَجۡرًا ٥Leyo yimpoqo kaMvelinqangi ayehlisela phansi kunina futhi noma ngabe ngubani owesaba uMvelinqangi uyamsusela izenzo zakhe ezimbi bese emenzela ubemkhulu umvuzo wakhe أَسۡكِنُوهُنَّ مِنۡ حَيۡثُ سَكَنتُم مِّن وُجۡدِكُمۡ وَلَا تُضَآرُّوهُنَّ لِتُضَيِّقُواْ عَلَيۡهِنَّۚ وَإِن كُنَّ أُوْلَٰتِ حَمۡلٍ فَأَنفِقُواْ عَلَيۡهِنَّ حَتَّىٰ يَضَعۡنَ حَمۡلَهُنَّۚ فَإِنۡ أَرۡضَعۡنَ لَكُمۡ فَـَٔاتُوهُنَّ أُجُورَهُنَّ وَأۡتَمِرُواْ بَيۡنَكُم بِمَعۡرُوفٍۖ وَإِن تَعَاسَرۡتُمۡ فَسَتُرۡضِعُ لَهُۥٓ أُخۡرَىٰ ٦Bahlaliseni abesifazane lapho nihlala khona ngokungangamandla enu futhi ningabalimazi (ningabahluphi) abesifazane okusengathi niyabacindezela (nifuna bahambe singakashayi isikhathi sabo sokulinda) futhi uma bekhulelwe ngakho-ke chithani (umnotho) kubona kuze kube babeka phansi umthwalo wabo (kuze kube bayabeletha) manjalo uma abesifazane benincelisela ngakho-ke banikezeni imivuzo yabo (iholo labo) bese nenza okuhle phakathi kwenu kepha uma nenzelana ubunzima ngakho-ke uzomncelisela omunye wesifazane لِيُنفِقۡ ذُو سَعَةٍ مِّن سَعَتِهِۦۖ وَمَن قُدِرَ عَلَيۡهِ رِزۡقُهُۥ فَلۡيُنفِقۡ مِمَّآ ءَاتَىٰهُ ٱللَّهُۚ لَا يُكَلِّفُ ٱللَّهُ نَفۡسًا إِلَّا مَآ ءَاتَىٰهَاۚ سَيَجۡعَلُ ٱللَّهُ بَعۡدَ عُسۡرٍ يُسۡرًا ٧(Lowo) onomnotho (onengcebo) makasebenzise engcebweni yakhe futhi noma ngabe ngubani onciphiselwe isabelo sakhe manjalo makasebenzise kulokho akunikwa nguMvelinqangi, uMvelinqangi akawethwesi umphefumulo (okungaphezulu kwawo) ngaphandle kwalokho akunika wona, uMvelinqangi uyobeka emumva kobunzima ubulula وَكَأَيِّن مِّن قَرۡيَةٍ عَتَتۡ عَنۡ أَمۡرِ رَبِّهَا وَرُسُلِهِۦ فَحَاسَبۡنَٰهَا حِسَابًا شَدِيدًا وَعَذَّبۡنَٰهَا عَذَابًا نُّكۡرًا ٨Futhi maningi amadolobha ayevukela impoqo yeNkosi yawo nezithunywa zawo ngakho-ke sawabalela (sawehlulela) ukwehlulela okunzima futhi sawajezisa ngesijeziso esesabekayo فَذَاقَتۡ وَبَالَ أَمۡرِهَا وَكَانَ عَٰقِبَةُ أَمۡرِهَا خُسۡرًا ٩Ngakho-ke (amadolobha) ezwa umphumela wodaba lwawo, futhi ngasosonke isikhathi isiphetho sodaba lwawo ukulahlekelwa أَعَدَّ ٱللَّهُ لَهُمۡ عَذَابًا شَدِيدًاۖ فَٱتَّقُواْ ٱللَّهَ يَٰٓأُوْلِي ٱلۡأَلۡبَٰبِ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْۚ قَدۡ أَنزَلَ ٱللَّهُ إِلَيۡكُمۡ ذِكۡرًا ١٠UMvelinqangi wabalungiselela isijeziso esinzima ngakho-ke yesabani uMvelinqangi Oh nina Bantu bokuqonda! Labo abakholwayo ngempela uMvelinqangi wasehlisela phansi kunina isikhumbuzo (iQur’an) رَّسُولًا يَتۡلُواْ عَلَيۡكُمۡ ءَايَٰتِ ٱللَّهِ مُبَيِّنَٰتٍ لِّيُخۡرِجَ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ مِنَ ٱلظُّلُمَٰتِ إِلَى ٱلنُّورِۚ وَمَن يُؤۡمِنۢ بِٱللَّهِ وَيَعۡمَلۡ صَٰلِحًا يُدۡخِلۡهُ جَنَّٰتٍ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهَا ٱلۡأَنۡهَٰرُ خَٰلِدِينَ فِيهَآ أَبَدًاۖ قَدۡ أَحۡسَنَ ٱللَّهُ لَهُۥ رِزۡقًا ١١(Wathumela phansi) isithunywa sinifundela amavesi kaMvelinqangi acacile ukuze sikhiphe labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungile ebumnyameni sibayise ekukhanyeni futhi noma ngabe ngubani okholwa kuMvelinqangi futhi owenza izenzo ezilungileyo uyomfaka ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula uyohlala lapho phakathi kuzona ingunaphakade, uMvelinqangi uyomenzela isabelo esihle kakhulu ٱللَّهُ ٱلَّذِي خَلَقَ سَبۡعَ سَمَٰوَٰتٍ وَمِنَ ٱلۡأَرۡضِ مِثۡلَهُنَّۖ يَتَنَزَّلُ ٱلۡأَمۡرُ بَيۡنَهُنَّ لِتَعۡلَمُوٓاْ أَنَّ ٱللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيۡءٍ قَدِيرٌ وَأَنَّ ٱللَّهَ قَدۡ أَحَاطَ بِكُلِّ شَيۡءٍ عِلۡمَۢا ١٢UMvelinqangi nguyena owadala amazulu ayisikhombisa nokomhlaba okufana nawo, impoqo (yakhe) yehlela phakathi kwako (kokubili) ukuze nazi ukuthi uMvelinqangi uyakwazi ukwenza zonke izinto, nokuthi uMvelinqangi usingethe zonke izinto ngolwazi (lwakhe)

الترجمة: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.