ملة الإسلام

السورة 71 · 28 آية · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

سورة نوح باللغة الزولو

السورة بالعربية مع التفسير استمع إلى سورة نوح (1,290 قارئاً)
مكيةسورة نوح٢٨ آية

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

إِنَّآ أَرۡسَلۡنَا نُوحًا إِلَىٰ قَوۡمِهِۦٓ أَنۡ أَنذِرۡ قَوۡمَكَ مِن قَبۡلِ أَن يَأۡتِيَهُمۡ عَذَابٌ أَلِيمٌ ١Ngempela samthumela uNowa ebantwini bakhe (sathi) xwayisa abantu bakho ngaphambi kokuba sifike kubona isijeziso esibuhlungu قَالَ يَٰقَوۡمِ إِنِّي لَكُمۡ نَذِيرٌ مُّبِينٌ ٢Wathi, “Oh Bantu bami! Ngempela mina kunina ngingumxwayisi ocacile” أَنِ ٱعۡبُدُواْ ٱللَّهَ وَٱتَّقُوهُ وَأَطِيعُونِ ٣Ukuthi nikhonze uMvelinqangi futhi nimesabe futhi ningihloniphe يَغۡفِرۡ لَكُم مِّن ذُنُوبِكُمۡ وَيُؤَخِّرۡكُمۡ إِلَىٰٓ أَجَلٍ مُّسَمًّىۚ إِنَّ أَجَلَ ٱللَّهِ إِذَا جَآءَ لَا يُؤَخَّرُۚ لَوۡ كُنتُمۡ تَعۡلَمُونَ ٤Uyonithethelela izono zenu bese eninika ithuba kuze kube yisikhathi esinqunyiwe, ngempela isikhathi sikaMvelinqangi uma sifika angeke sihlehliswe ukube benazi قَالَ رَبِّ إِنِّي دَعَوۡتُ قَوۡمِي لَيۡلًا وَنَهَارًا ٥Wathi, “Nkosi yami ngempela ngibamemile abantu bami ubusuku nemini” فَلَمۡ يَزِدۡهُمۡ دُعَآءِيٓ إِلَّا فِرَارًا ٦Kepha akuzange kubanezelele (ngalutho) ukubamema kwami ngaphandle kokubaleka وَإِنِّي كُلَّمَا دَعَوۡتُهُمۡ لِتَغۡفِرَ لَهُمۡ جَعَلُوٓاْ أَصَٰبِعَهُمۡ فِيٓ ءَاذَانِهِمۡ وَٱسۡتَغۡشَوۡاْ ثِيَابَهُمۡ وَأَصَرُّواْ وَٱسۡتَكۡبَرُواْ ٱسۡتِكۡبَارًا ٧Futhi ngempela, ngasosonke isikhathi uma ngibamema ukuze ubathethelele babeka iminwe yabo emadlebeni abo futhi bazimboze ngezingubo zabo futhi babelesela, futhi beqholosha ngokuqholosha okukhulu ثُمَّ إِنِّي دَعَوۡتُهُمۡ جِهَارًا ٨Bese ngempela mina ngibabiza ngaphambili kwabo bonke abantu ثُمَّ إِنِّيٓ أَعۡلَنتُ لَهُمۡ وَأَسۡرَرۡتُ لَهُمۡ إِسۡرَارًا ٩Bese ngempela mina ngamemezela kubona futhi (ngakhuluma) nabo kwabayimfihlo esithe فَقُلۡتُ ٱسۡتَغۡفِرُواْ رَبَّكُمۡ إِنَّهُۥ كَانَ غَفَّارًا ١٠Ngakho-ke ngathi celani intethelelo yeNkosi yenu, ngempela yona ngasosonke isikhathi iyathethelela يُرۡسِلِ ٱلسَّمَآءَ عَلَيۡكُم مِّدۡرَارًا ١١Iyokwehlisela isibhakabhaka (imvula) phezulu kwenu iphophoza وَيُمۡدِدۡكُم بِأَمۡوَٰلٍ وَبَنِينَ وَيَجۡعَل لَّكُمۡ جَنَّٰتٍ وَيَجۡعَل لَّكُمۡ أَنۡهَٰرًا ١٢Futhi inandisele engcebweni nasezinganeni bese inenzele izivande futhi inenzele imifula مَّا لَكُمۡ لَا تَرۡجُونَ لِلَّهِ وَقَارًا ١٣Kungani ngani ukuthi ningathembeli ebukhulwini obuvela kuMvelinqangi وَقَدۡ خَلَقَكُمۡ أَطۡوَارًا ١٤Kulapho (uMvelinqangi) anidala izigaba ezehlukene أَلَمۡ تَرَوۡاْ كَيۡفَ خَلَقَ ٱللَّهُ سَبۡعَ سَمَٰوَٰتٍ طِبَاقًا ١٥Aniboni yini ukuthi wawadala kanjani uMvelinqangi amazulu ayisikhombisa elinye phezulu kwelinye وَجَعَلَ ٱلۡقَمَرَ فِيهِنَّ نُورًا وَجَعَلَ ٱلشَّمۡسَ سِرَاجًا ١٦Futhi wabeka inyanga kuwona yaba ukukhanya, futhi wabeka ilanga labayisibani وَٱللَّهُ أَنۢبَتَكُم مِّنَ ٱلۡأَرۡضِ نَبَاتًا ١٧Futhi uMvelinqangi wanikhulisa emhlabeni ngokukhula ثُمَّ يُعِيدُكُمۡ فِيهَا وَيُخۡرِجُكُمۡ إِخۡرَاجًا ١٨Bese enibuyisela kuwona (umhlaba) futhi anikhiphe وَٱللَّهُ جَعَلَ لَكُمُ ٱلۡأَرۡضَ بِسَاطًا ١٩Futhi uMvelinqangi wanenzela umhlaba wandlaleka لِّتَسۡلُكُواْ مِنۡهَا سُبُلًا فِجَاجًا ٢٠Ukuze nihambe kuwona ezindleleni ezibanzi قَالَ نُوحٌ رَّبِّ إِنَّهُمۡ عَصَوۡنِي وَٱتَّبَعُواْ مَن لَّمۡ يَزِدۡهُ مَالُهُۥ وَوَلَدُهُۥٓ إِلَّا خَسَارًا ٢١UNowawathi,“Nkosiyamingempelabonaabangihloniphanga balandela lowo eyingamnezeleli (ngalutho) ingcebo yakhe nezingane zakhe ngaphandle kokulahlekelwa” وَمَكَرُواْ مَكۡرًا كُبَّارًا ٢٢Futhi benza icebo, icebo elikhulu وَقَالُواْ لَا تَذَرُنَّ ءَالِهَتَكُمۡ وَلَا تَذَرُنَّ وَدًّا وَلَا سُوَاعًا وَلَا يَغُوثَ وَيَعُوقَ وَنَسۡرًا ٢٣Futhi bathi, “ningabashiyi onkulunkulu benu (izithixo zenu) futhi ningamshiyi uwadd noma usuwa’a noma uyaghuth noma uya’uq no nasr” وَقَدۡ أَضَلُّواْ كَثِيرًاۖ وَلَا تَزِدِ ٱلظَّٰلِمِينَ إِلَّا ضَلَٰلًا ٢٤Futhi ngempela badukisa abaningi futhi akuzinezezeli (ngalutho) izoni ngaphandle kokuduka مِّمَّا خَطِيٓـَٰٔتِهِمۡ أُغۡرِقُواْ فَأُدۡخِلُواْ نَارًا فَلَمۡ يَجِدُواْ لَهُم مِّن دُونِ ٱللَّهِ أَنصَارًا ٢٥Ngenxa yezono zabo baminziswa base bengeniswa emlilweni ngakho-ke bangazitholeli abalekeleli ngaphandle kukaMvelinqangi وَقَالَ نُوحٌ رَّبِّ لَا تَذَرۡ عَلَى ٱلۡأَرۡضِ مِنَ ٱلۡكَٰفِرِينَ دَيَّارًا ٢٦Futhi uNowa wathi, “ungazishiyi emhlabeni izihlali ezingakholwa” إِنَّكَ إِن تَذَرۡهُمۡ يُضِلُّواْ عِبَادَكَ وَلَا يَلِدُوٓاْ إِلَّا فَاجِرًا كَفَّارًا ٢٧Ngempela wena uma ubashiya baphambukisa izinceku zakho futhi angeke bazale (lutho) ngaphandle kwesoni esingakholwa رَّبِّ ٱغۡفِرۡ لِي وَلِوَٰلِدَيَّ وَلِمَن دَخَلَ بَيۡتِيَ مُؤۡمِنًا وَلِلۡمُؤۡمِنِينَ وَٱلۡمُؤۡمِنَٰتِۖ وَلَا تَزِدِ ٱلظَّٰلِمِينَ إِلَّا تَبَارَۢا ٢٨Nkosi yami ngithethelele kanye nabazali bami kanye nalowo ongena endlini yami eyikholwa kanye namakholwa esilisa namakholwa esifazane futhi akubanezeleli (ngalutho) abayizoni ngaphandle kokubhubha

الترجمة: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.