بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
الٓرۚ تِلۡكَ ءَايَٰتُ ٱلۡكِتَٰبِ ٱلۡحَكِيمِ ١Alif Lam Ra, Lawa ngamavesi encwadi enobuhlakani أَكَانَ لِلنَّاسِ عَجَبًا أَنۡ أَوۡحَيۡنَآ إِلَىٰ رَجُلٍ مِّنۡهُمۡ أَنۡ أَنذِرِ ٱلنَّاسَ وَبَشِّرِ ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ أَنَّ لَهُمۡ قَدَمَ صِدۡقٍ عِندَ رَبِّهِمۡۗ قَالَ ٱلۡكَٰفِرُونَ إِنَّ هَٰذَا لَسَٰحِرٌ مُّبِينٌ ٢Ngakube kuyisimangaliso yini kubantu ukuthi sembula (isambulo) endodeni ephuma phakathi kwabo ukuthi ixwayise abantu futhi itshene labo abakholwayo izindaba ezimnandi ukuthi okwabo yiqiniso eliseNkosini yabo, abangakholwayo bathi, “ngempela lona ngumlumbi ocacile” إِنَّ رَبَّكُمُ ٱللَّهُ ٱلَّذِي خَلَقَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ فِي سِتَّةِ أَيَّامٍ ثُمَّ ٱسۡتَوَىٰ عَلَى ٱلۡعَرۡشِۖ يُدَبِّرُ ٱلۡأَمۡرَۖ مَا مِن شَفِيعٍ إِلَّا مِنۢ بَعۡدِ إِذۡنِهِۦۚ ذَٰلِكُمُ ٱللَّهُ رَبُّكُمۡ فَٱعۡبُدُوهُۚ أَفَلَا تَذَكَّرُونَ ٣Ngempela iNkosi yenu nguMvelinqangi okunguyena owadala amazulu nomhlaba ezinsukwini eziyisithupha wayesezibeka esihlalweni sobukhosi wahlela udaba, akunamncengeli ngaphandle emumva kwemvume yakhe, lowo nguMvelinqangi iNkosi yenu ngakho-ke mkhonzeni, ngakube anikhumbuli yini na إِلَيۡهِ مَرۡجِعُكُمۡ جَمِيعًاۖ وَعۡدَ ٱللَّهِ حَقًّاۚ إِنَّهُۥ يَبۡدَؤُاْ ٱلۡخَلۡقَ ثُمَّ يُعِيدُهُۥ لِيَجۡزِيَ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ بِٱلۡقِسۡطِۚ وَٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَهُمۡ شَرَابٌ مِّنۡ حَمِيمٍ وَعَذَابٌ أَلِيمُۢ بِمَا كَانُواْ يَكۡفُرُونَ ٤Kukuyena ukubuyela kwenu nonke isithembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso ngempela yena usungula isidalwa bese eyasiphinda ukuze anike umvuzo ngobulungiswa labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle kanye nalabo abangakholwanga okwabo yisiphuzo esingamanzi ashisayo nesijeziso esibuhlungu ngenxa yokuthi babengakholwa هُوَ ٱلَّذِي جَعَلَ ٱلشَّمۡسَ ضِيَآءً وَٱلۡقَمَرَ نُورًا وَقَدَّرَهُۥ مَنَازِلَ لِتَعۡلَمُواْ عَدَدَ ٱلسِّنِينَ وَٱلۡحِسَابَۚ مَا خَلَقَ ٱللَّهُ ذَٰلِكَ إِلَّا بِٱلۡحَقِّۚ يُفَصِّلُ ٱلۡأٓيَٰتِ لِقَوۡمٍ يَعۡلَمُونَ ٥(UMvelinqangi) nguyena owenza ilanga ukuthi libe ukukhanya okucwazimulayo nenyanga ukuthi ibe yisibani wayenza yabonakala ukuze nikwazi ukubala iminyaka nokubala akazange akudale lokho ngaphandle kweqiniso, uzicacisa (kanjalo) izimpawu kubantu abaziyo إِنَّ فِي ٱخۡتِلَٰفِ ٱلَّيۡلِ وَٱلنَّهَارِ وَمَا خَلَقَ ٱللَّهُ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ لَأٓيَٰتٍ لِّقَوۡمٍ يَتَّقُونَ ٦Ngempela ukuguquka kobusuku nemini kanye nalokho okwadalwa nguMvelinqangi okusemazulwini nasemhlabeni ngempela kunezimpawu kubantu abesaba uMvelinqangi إِنَّ ٱلَّذِينَ لَا يَرۡجُونَ لِقَآءَنَا وَرَضُواْ بِٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا وَٱطۡمَأَنُّواْ بِهَا وَٱلَّذِينَ هُمۡ عَنۡ ءَايَٰتِنَا غَٰفِلُونَ ٧Ngempela labo abangakwethembi ukuhlangana nathi futhi bathokoziswa yimpilo yalomhlaba beneliseka ngayo kanye nalabo abangawanaki amavesi ethu أُوْلَٰٓئِكَ مَأۡوَىٰهُمُ ٱلنَّارُ بِمَا كَانُواْ يَكۡسِبُونَ ٨Labo indawo yabo yokuhlala kuyoba umlilo ngenxa yalokho abakusebenzelayo إِنَّ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ يَهۡدِيهِمۡ رَبُّهُم بِإِيمَٰنِهِمۡۖ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهِمُ ٱلۡأَنۡهَٰرُ فِي جَنَّٰتِ ٱلنَّعِيمِ ٩Ngempela labo abakholwayo futhi benza izenzo ezinhle (ezilungileyo) iyabahola iNkosi yabo ngokukholwa kwabo, kuyogeleza imifula ngaphansi kwabo ezivandeni zentokozo دَعۡوَىٰهُمۡ فِيهَا سُبۡحَٰنَكَ ٱللَّهُمَّ وَتَحِيَّتُهُمۡ فِيهَا سَلَٰمٌۚ وَءَاخِرُ دَعۡوَىٰهُمۡ أَنِ ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ رَبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ ١٠Ukumemeza kwabo lapho (ezivandeni kuyoba ukuthi bathi), “inkazimulo mayibe kuwe Oh. Mvelinqangi!” futhi isibingelelo sabo lapho kuyoba ukuthi bathi, “ukuthula” futhi ukumemeza kwabo kokugcina kuyoba ukuthi (bathi) “udumo lungolukaMvelinqangi iNkosi yemihlaba” ۞ وَلَوۡ يُعَجِّلُ ٱللَّهُ لِلنَّاسِ ٱلشَّرَّ ٱسۡتِعۡجَالَهُم بِٱلۡخَيۡرِ لَقُضِيَ إِلَيۡهِمۡ أَجَلُهُمۡۖ فَنَذَرُ ٱلَّذِينَ لَا يَرۡجُونَ لِقَآءَنَا فِي طُغۡيَٰنِهِمۡ يَعۡمَهُونَ ١١Futhi ukube uMvelinqangi wayebasheshisela abantu okubi njengoba besheshisa kokuhle kwakuzoba ngempela sesigcwalisekile kubona isikhathi sabo esinqunyiweyo ngakho- ke sibashiya bodwa ekudukeni labo abangakwethembi ukuhlangana nathi sibashiya bodwa ekudukeni bezula zula bephuphutheka وَإِذَا مَسَّ ٱلۡإِنسَٰنَ ٱلضُّرُّ دَعَانَا لِجَنۢبِهِۦٓ أَوۡ قَاعِدًا أَوۡ قَآئِمًا فَلَمَّا كَشَفۡنَا عَنۡهُ ضُرَّهُۥ مَرَّ كَأَن لَّمۡ يَدۡعُنَآ إِلَىٰ ضُرٍّ مَّسَّهُۥۚ كَذَٰلِكَ زُيِّنَ لِلۡمُسۡرِفِينَ مَا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ ١٢Futhi uma kuthinta umuntu ukuhlupheka uyasibiza noma ngabe ulele ngohlangothi lwakhe noma ngabe uhleli noma ngabe umile, kepha uma sesikususile kuyena ukuhlupheka kwakhe ungathi akazange asimemezele ukuhlupheka okwamthinta, ngokunjalo benzelwa kwakuhle abephuli bomthetho lokho ababekwenza وَلَقَدۡ أَهۡلَكۡنَا ٱلۡقُرُونَ مِن قَبۡلِكُمۡ لَمَّا ظَلَمُواْ وَجَآءَتۡهُمۡ رُسُلُهُم بِٱلۡبَيِّنَٰتِ وَمَا كَانُواْ لِيُؤۡمِنُواْۚ كَذَٰلِكَ نَجۡزِي ٱلۡقَوۡمَ ٱلۡمُجۡرِمِينَ ١٣Futhi ngempela sazibhubhisa izizukulwane ngaphambilini kwenu kwathi lapho sezenza okungalungile zafika kubona izithunywa zazo nezimpawu ezicacile futhi (izizukulwane) azizange zikholwe, kanjalo-ke sibanika umvuzo abantu abayizoni ثُمَّ جَعَلۡنَٰكُمۡ خَلَٰٓئِفَ فِي ٱلۡأَرۡضِ مِنۢ بَعۡدِهِمۡ لِنَنظُرَ كَيۡفَ تَعۡمَلُونَ ١٤Sabe sesinenza ukuthi nibe ngabalandelayo emhlabeni emva kwabo ukuze sibone ukuthi nizokwenza kanjani وَإِذَا تُتۡلَىٰ عَلَيۡهِمۡ ءَايَاتُنَا بَيِّنَٰتٍ قَالَ ٱلَّذِينَ لَا يَرۡجُونَ لِقَآءَنَا ٱئۡتِ بِقُرۡءَانٍ غَيۡرِ هَٰذَآ أَوۡ بَدِّلۡهُۚ قُلۡ مَا يَكُونُ لِيٓ أَنۡ أُبَدِّلَهُۥ مِن تِلۡقَآيِٕ نَفۡسِيٓۖ إِنۡ أَتَّبِعُ إِلَّا مَا يُوحَىٰٓ إِلَيَّۖ إِنِّيٓ أَخَافُ إِنۡ عَصَيۡتُ رَبِّي عَذَابَ يَوۡمٍ عَظِيمٍ ١٥Futhi uma befundelwa izimpawu zethu eziwubufakazi obucacile labo abangakwethembi ukuhlangana nathi bathi, “letha enye iQur’an ekungesiyona lena noma uyishintshe” yithi, “akusikona okwami ukuthi ngiyiguqule (iQur’an) ngokuthanda kwami, angilandeli lutho ngaphandle kwalokho okwembulwe kumina ngempela mina ngiyesaba uma ngingayihloniphi iNkosi yami ngiyothola isijeziso sosuku olukhulu” قُل لَّوۡ شَآءَ ٱللَّهُ مَا تَلَوۡتُهُۥ عَلَيۡكُمۡ وَلَآ أَدۡرَىٰكُم بِهِۦۖ فَقَدۡ لَبِثۡتُ فِيكُمۡ عُمُرًا مِّن قَبۡلِهِۦٓۚ أَفَلَا تَعۡقِلُونَ ١٦Yithi, “ukube uMvelinqangi wayethanda ngangingeke nginifundele yona (iQur’an) noma enze yazeke kunina ngakho-ke ngempela ngihlalile phakathi kwenu isikhathi eside ngaphambi kokuba ifike, ngakube aninawo yini umqondo na?” فَمَنۡ أَظۡلَمُ مِمَّنِ ٱفۡتَرَىٰ عَلَى ٱللَّهِ كَذِبًا أَوۡ كَذَّبَ بِـَٔايَٰتِهِۦٓۚ إِنَّهُۥ لَا يُفۡلِحُ ٱلۡمُجۡرِمُونَ ١٧Ngakho-ke ngubani ongenabo ubulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga noma ophika izimpawu akhe na? Ngempela yena (uMvelinqangi) akasoze abaphumelelise abayizoni وَيَعۡبُدُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ مَا لَا يَضُرُّهُمۡ وَلَا يَنفَعُهُمۡ وَيَقُولُونَ هَٰٓؤُلَآءِ شُفَعَٰٓؤُنَا عِندَ ٱللَّهِۚ قُلۡ أَتُنَبِّـُٔونَ ٱللَّهَ بِمَا لَا يَعۡلَمُ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَلَا فِي ٱلۡأَرۡضِۚ سُبۡحَٰنَهُۥ وَتَعَٰلَىٰ عَمَّا يُشۡرِكُونَ ١٨Futhi bakhonza esikhundleni sika-Mvelinqangi lokho okungeke kubalimaze futhi okungeke kubazuzise futhi bathi, “laba ngabancengeli bethu kuMvelinqangi (besho izithixo)” ithi, “ngakube nitshela uMvelinqangi ngalokho angakwazi emazulwini nasemhlabeni na?” Udumo malube kuye futhi uphakame ngaphezulu kwalokho abamenzela abahlanganyeli ekumkhonzeni ngakho وَمَا كَانَ ٱلنَّاسُ إِلَّآ أُمَّةً وَٰحِدَةً فَٱخۡتَلَفُواْۚ وَلَوۡلَا كَلِمَةٌ سَبَقَتۡ مِن رَّبِّكَ لَقُضِيَ بَيۡنَهُمۡ فِيمَا فِيهِ يَخۡتَلِفُونَ ١٩Futhi abantu babengeyilutho ngaphandle kokuthi babeyisizwe esisodwa (ekugcineni) behlukana futhi ukube lalingekho izwi elalivela eNkosini yakho kwakuzobe sekulungisiwe phakathi kwabo lokho ababephikisene ngakho وَيَقُولُونَ لَوۡلَآ أُنزِلَ عَلَيۡهِ ءَايَةٌ مِّن رَّبِّهِۦۖ فَقُلۡ إِنَّمَا ٱلۡغَيۡبُ لِلَّهِ فَٱنتَظِرُوٓاْ إِنِّي مَعَكُم مِّنَ ٱلۡمُنتَظِرِينَ ٢٠Futhi bathi, “kungani kungathunyelwanga phansi kuyena uphawu oluvela eNkosini yakhe na?” Ngakho-ke ithi, “okungabonwayo kungokukaMvelinqangi kuphela, lindani ngempela mina ngikanye nani kwabalindileyo” وَإِذَآ أَذَقۡنَا ٱلنَّاسَ رَحۡمَةً مِّنۢ بَعۡدِ ضَرَّآءَ مَسَّتۡهُمۡ إِذَا لَهُم مَّكۡرٌ فِيٓ ءَايَاتِنَاۚ قُلِ ٱللَّهُ أَسۡرَعُ مَكۡرًاۚ إِنَّ رُسُلَنَا يَكۡتُبُونَ مَا تَمۡكُرُونَ ٢١Futhi kwathi lapho sizwisa khona abantu umusa emva kokuba sebethintwe ukuhlupheka kwaba yilapho bona benzela khona izimpawu ethu amacebo, ithi uMvelinqangi oshesha ngokwedlulele ekwenzeni amacebo ngempela izithunywa zethu (izingelosi) ziyakubhala phansi lokho enikucebayo هُوَ ٱلَّذِي يُسَيِّرُكُمۡ فِي ٱلۡبَرِّ وَٱلۡبَحۡرِۖ حَتَّىٰٓ إِذَا كُنتُمۡ فِي ٱلۡفُلۡكِ وَجَرَيۡنَ بِهِم بِرِيحٍ طَيِّبَةٍ وَفَرِحُواْ بِهَا جَآءَتۡهَا رِيحٌ عَاصِفٌ وَجَآءَهُمُ ٱلۡمَوۡجُ مِن كُلِّ مَكَانٍ وَظَنُّوٓاْ أَنَّهُمۡ أُحِيطَ بِهِمۡ دَعَوُاْ ٱللَّهَ مُخۡلِصِينَ لَهُ ٱلدِّينَ لَئِنۡ أَنجَيۡتَنَا مِنۡ هَٰذِهِۦ لَنَكُونَنَّ مِنَ ٱلشَّٰكِرِينَ ٢٢Nguyena owenza ukuthi nikwazi ukuhamba ezweni nasolwandle kuze kuthi uma nina nisemikhunjini ihamba nabo kushaya umoya omnandi bakuthokozela lokho, kwafika isivunguvungu somoya kwafika kubona namagagasi aqhamuka kuzona zonke izindawo futhi bacabanga ukuthi ngempela bona babezungeleziwe base bememeza (bethandaza) kuMvelinqangi ngobuqotho, ingeyakhe inkolo (bathi), “uma usisindisile kulokhu ngempela siyoba ngababongayo” فَلَمَّآ أَنجَىٰهُمۡ إِذَا هُمۡ يَبۡغُونَ فِي ٱلۡأَرۡضِ بِغَيۡرِ ٱلۡحَقِّۗ يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ إِنَّمَا بَغۡيُكُمۡ عَلَىٰٓ أَنفُسِكُمۖ مَّتَٰعَ ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَاۖ ثُمَّ إِلَيۡنَا مَرۡجِعُكُمۡ فَنُنَبِّئُكُم بِمَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ ٢٣Ngakho-ke kwathi lapho esebasindisile kwaba yilapho bona benza okungalindelekile ezweni okungesilona iqiniso, Oh Bantu! Ukungalaleli kwenu (uAllah) kungukuzilimaza nina uqobo, kuphela kuyinjabulo yempilo yalomhlaba, kukuthina ukubuyela kwenu ngakho-ke siyonitshela ngalokho enanikwenza إِنَّمَا مَثَلُ ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا كَمَآءٍ أَنزَلۡنَٰهُ مِنَ ٱلسَّمَآءِ فَٱخۡتَلَطَ بِهِۦ نَبَاتُ ٱلۡأَرۡضِ مِمَّا يَأۡكُلُ ٱلنَّاسُ وَٱلۡأَنۡعَٰمُ حَتَّىٰٓ إِذَآ أَخَذَتِ ٱلۡأَرۡضُ زُخۡرُفَهَا وَٱزَّيَّنَتۡ وَظَنَّ أَهۡلُهَآ أَنَّهُمۡ قَٰدِرُونَ عَلَيۡهَآ أَتَىٰهَآ أَمۡرُنَا لَيۡلًا أَوۡ نَهَارًا فَجَعَلۡنَٰهَا حَصِيدًا كَأَن لَّمۡ تَغۡنَ بِٱلۡأَمۡسِۚ كَذَٰلِكَ نُفَصِّلُ ٱلۡأٓيَٰتِ لِقَوۡمٍ يَتَفَكَّرُونَ ٢٤Kuphela ukufana kwempilo yalomhlaba kunjengamanzi (imvula) esiwehlisela phansi evela esibhakabhakeni emilisa izitshalo zomhlaba abadla kuzona abantu nezinkomo kuze kube yilapho umhlaba uphenduka ohlobisekileyo nobukeka umuhle futhi abantu abahlala kuwona bacabanga ukuthi bona banamandla kuwona, kufike kuwona impoqo yethu ebusuku noma emini, sawenza ukuthi ube ngowezivuno (ukuhamba kwesikhathi) kube sengathi awuzange uchume izolo kanjalo siwachaza ngobunjalo bawo amavesi kubantu abacabangayo وَٱللَّهُ يَدۡعُوٓاْ إِلَىٰ دَارِ ٱلسَّلَٰمِ وَيَهۡدِي مَن يَشَآءُ إِلَىٰ صِرَٰطٍ مُّسۡتَقِيمٍ ٢٥Futhi uMvelinqangi unimemela ekhaya lokuthula futhi uholela lowo amthandayo endleleni eqondileyo ۞ لِّلَّذِينَ أَحۡسَنُواْ ٱلۡحُسۡنَىٰ وَزِيَادَةٌۖ وَلَا يَرۡهَقُ وُجُوهَهُمۡ قَتَرٌ وَلَا ذِلَّةٌۚ أُوْلَٰٓئِكَ أَصۡحَٰبُ ٱلۡجَنَّةِۖ هُمۡ فِيهَا خَٰلِدُونَ ٢٦Okwalabo abenze okuhle (umvuzo) omuhle kakhulu nokungaphezulu kwalokho futhi angeke kubekhona ubumnyama nakudumazeka okuyomboza ubuso babo, labo-ke bangabangane besivande bona bayohlala khona ingunaphakade وَٱلَّذِينَ كَسَبُواْ ٱلسَّيِّـَٔاتِ جَزَآءُ سَيِّئَةِۭ بِمِثۡلِهَا وَتَرۡهَقُهُمۡ ذِلَّةٌۖ مَّا لَهُم مِّنَ ٱللَّهِ مِنۡ عَاصِمٍۖ كَأَنَّمَآ أُغۡشِيَتۡ وُجُوهُهُمۡ قِطَعًا مِّنَ ٱلَّيۡلِ مُظۡلِمًاۚ أُوْلَٰٓئِكَ أَصۡحَٰبُ ٱلنَّارِۖ هُمۡ فِيهَا خَٰلِدُونَ ٢٧Futhi labo abenza imisebenzi emibi umvuzo womsebenzi omubi uyalingana nawo futhi ukudumala kuyobamboza angeke babenomvikeli ovela kuMvelinqangi, kuyoba sengathi ubuso babo bumbozwe ngamakhekheba obumnyama bobusuku labo ngabangani bomlilo bona bayohlala khona ingunaphakade وَيَوۡمَ نَحۡشُرُهُمۡ جَمِيعًا ثُمَّ نَقُولُ لِلَّذِينَ أَشۡرَكُواْ مَكَانَكُمۡ أَنتُمۡ وَشُرَكَآؤُكُمۡۚ فَزَيَّلۡنَا بَيۡنَهُمۡۖ وَقَالَ شُرَكَآؤُهُم مَّا كُنتُمۡ إِيَّانَا تَعۡبُدُونَ ٢٨Nangosuku lapho sibaqoqela ndawonye bonke bese sithi kulabo ababekhonza izithixo (hlalani) endaweni yenu nina kanye nezithixo zenu (enanizikhonza) ngakho-ke siyobe sesiyabahlukanisa izithixo zabo ziyothi, “nina naningasikhonzi thina” فَكَفَىٰ بِٱللَّهِ شَهِيدَۢا بَيۡنَنَا وَبَيۡنَكُمۡ إِن كُنَّا عَنۡ عِبَادَتِكُمۡ لَغَٰفِلِينَ ٢٩Ngakho-ke uMvelinqangi wanele njengofakazi phakathi kwethu naphakathi kwenu, uma nanisikhonza (ukusikhonza) kwenu sasingakunakile هُنَالِكَ تَبۡلُواْ كُلُّ نَفۡسٍ مَّآ أَسۡلَفَتۡۚ وَرُدُّوٓاْ إِلَى ٱللَّهِ مَوۡلَىٰهُمُ ٱلۡحَقِّۖ وَضَلَّ عَنۡهُم مَّا كَانُواْ يَفۡتَرُونَ ٣٠Lapho-ke yonke imiphefumulo iyolingwa bese (iyazi) lokho eyayikwenza ngaphambilini futhi iphindiselwe (imiphefumulo) kuMvelinqangi umvikeli wayo weqiniso futhi okwabadukela yilokho ababekuqamba قُلۡ مَن يَرۡزُقُكُم مِّنَ ٱلسَّمَآءِ وَٱلۡأَرۡضِ أَمَّن يَمۡلِكُ ٱلسَّمۡعَ وَٱلۡأَبۡصَٰرَ وَمَن يُخۡرِجُ ٱلۡحَيَّ مِنَ ٱلۡمَيِّتِ وَيُخۡرِجُ ٱلۡمَيِّتَ مِنَ ٱلۡحَيِّ وَمَن يُدَبِّرُ ٱلۡأَمۡرَۚ فَسَيَقُولُونَ ٱللَّهُۚ فَقُلۡ أَفَلَا تَتَّقُونَ ٣١Ithi ngubani onipha (okokuziphilisa) okuvela esibhakabhakeni nasemhlabeni, noma ngubani ongumnikazi wokuzwa nokubona futhi ngubani oveza okuphilayo kokufileyo noveza okufileyo kokuphilayo futhi ngubani owenza icebo odabeni na? Ngakho-ke bayothi “uMvelinqangi” ngakho-ke wena bese uthi, “ngakube animesabi yini na” فَذَٰلِكُمُ ٱللَّهُ رَبُّكُمُ ٱلۡحَقُّۖ فَمَاذَا بَعۡدَ ٱلۡحَقِّ إِلَّا ٱلضَّلَٰلُۖ فَأَنَّىٰ تُصۡرَفُونَ ٣٢Lowo nguMvelinqangi iNkosi yenu yeqiniso ngakho-ke yini ekhona emva kweqiniso ngaphandle kokuduka, ngakho-ke baphendulelwa kanjani emumva كَذَٰلِكَ حَقَّتۡ كَلِمَتُ رَبِّكَ عَلَى ٱلَّذِينَ فَسَقُوٓاْ أَنَّهُمۡ لَا يُؤۡمِنُونَ ٣٣Kanjalo-ke laqiniseka izwi leNkosi yakho kulabo abephula umthetho ukuthi bona angeke bakholwe قُلۡ هَلۡ مِن شُرَكَآئِكُم مَّن يَبۡدَؤُاْ ٱلۡخَلۡقَ ثُمَّ يُعِيدُهُۥۚ قُلِ ٱللَّهُ يَبۡدَؤُاْ ٱلۡخَلۡقَ ثُمَّ يُعِيدُهُۥۖ فَأَنَّىٰ تُؤۡفَكُونَ ٣٤Ithi, “ngakube ukhona yini phakathi kwezithixo zenu okwazi ukusungula indalo bese eyivuselela kabusha na”? Ithi, “uMvelinqangi oveza indalo yokuqala bese eyiveza kabusha niphambuka kanjani (eqinisweni) na” قُلۡ هَلۡ مِن شُرَكَآئِكُم مَّن يَهۡدِيٓ إِلَى ٱلۡحَقِّۚ قُلِ ٱللَّهُ يَهۡدِي لِلۡحَقِّۗ أَفَمَن يَهۡدِيٓ إِلَى ٱلۡحَقِّ أَحَقُّ أَن يُتَّبَعَ أَمَّن لَّا يَهِدِّيٓ إِلَّآ أَن يُهۡدَىٰۖ فَمَا لَكُمۡ كَيۡفَ تَحۡكُمُونَ ٣٥Ithi, “ngakube ukhona yini phakathi kwezithixo zenu okwazi ukuholela eqinisweni na?” ithi, “uMvelinqangi oholela eqinisweni” ngakube ukhona yini oholela eqinisweni ofanelwe kakhulu ukuthi alandelwe noma lowo ongaholi ngaphandle kokuba aholwe, kwenzekani ngani nehlulela kanjani وَمَا يَتَّبِعُ أَكۡثَرُهُمۡ إِلَّا ظَنًّاۚ إِنَّ ٱلظَّنَّ لَا يُغۡنِي مِنَ ٱلۡحَقِّ شَيۡـًٔاۚ إِنَّ ٱللَّهَ عَلِيمُۢ بِمَا يَفۡعَلُونَ ٣٦Futhi abaningi babo abalandeli lutho ngaphandle kwemicabango, ngempela umcabango awusizi ngalutho kuneqiniso, ngempela uMvelinqangi uyisazi ngalokho abakwenzayo وَمَا كَانَ هَٰذَا ٱلۡقُرۡءَانُ أَن يُفۡتَرَىٰ مِن دُونِ ٱللَّهِ وَلَٰكِن تَصۡدِيقَ ٱلَّذِي بَيۡنَ يَدَيۡهِ وَتَفۡصِيلَ ٱلۡكِتَٰبِ لَا رَيۡبَ فِيهِ مِن رَّبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ ٣٧Futhi leQur’an ayivezwanga ngabanye ngaphandle kukaMvelinqangi kepha iyisiqinisekiso saleso sambulo esasingaphambi kwaso nencazelo yencwadi, akukho ukungabaza kuyona ivela eNkosini yemihlaba أَمۡ يَقُولُونَ ٱفۡتَرَىٰهُۖ قُلۡ فَأۡتُواْ بِسُورَةٍ مِّثۡلِهِۦ وَٱدۡعُواْ مَنِ ٱسۡتَطَعۡتُم مِّن دُونِ ٱللَّهِ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ ٣٨Noma bathi, “(umphrofethi Muhammad) wayakha na? Ithi, “lethani isahluko esifana nayo futhi bizani noma ngabe ngubani kunina (okwazi ukuletha isahluko esifana nayo) ngaphandle kukaMvelinqangi uma kungukuthi nina ningabaneqiniso” بَلۡ كَذَّبُواْ بِمَا لَمۡ يُحِيطُواْ بِعِلۡمِهِۦ وَلَمَّا يَأۡتِهِمۡ تَأۡوِيلُهُۥۚ كَذَٰلِكَ كَذَّبَ ٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡۖ فَٱنظُرۡ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلظَّٰلِمِينَ ٣٩Qha bakuphika lokho angeke bakwazi ukuhlanganisa ulwazi lwakho futhi okungakafiki kubona ukuhumushwa kwayo, ngokunjalo babephika labo ababengaphambilini kwabo ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sezoni وَمِنۡهُم مَّن يُؤۡمِنُ بِهِۦ وَمِنۡهُم مَّن لَّا يُؤۡمِنُ بِهِۦۚ وَرَبُّكَ أَعۡلَمُ بِٱلۡمُفۡسِدِينَ ٤٠Futhi phakathi kwabo kunalabo abakholelwa kuyona (incwadi) futhi phakathi kwabo kunalabo abangakholelwa kuyona futhi iNkosi yakho yazi kabanzi ngezoni وَإِن كَذَّبُوكَ فَقُل لِّي عَمَلِي وَلَكُمۡ عَمَلُكُمۡۖ أَنتُم بَرِيٓـُٔونَ مِمَّآ أَعۡمَلُ وَأَنَا۠ بَرِيٓءٌ مِّمَّا تَعۡمَلُونَ ٤١Futhi uma bekuphika ithi, “Okwami umsebenzi wami nokwenu umsebenzi wenu nina nimsulwa kwengikwenzayo nami ngimsulwa kwenikwenzayo” وَمِنۡهُم مَّن يَسۡتَمِعُونَ إِلَيۡكَۚ أَفَأَنتَ تُسۡمِعُ ٱلصُّمَّ وَلَوۡ كَانُواْ لَا يَعۡقِلُونَ ٤٢Futhi phakathi kwabo kunalabo abakulalelayo, ngakube uyakwazi yini wena ukuthi wenze izithuli ukuba zizwe noma ngabe zingenawo umqondo na وَمِنۡهُم مَّن يَنظُرُ إِلَيۡكَۚ أَفَأَنتَ تَهۡدِي ٱلۡعُمۡيَ وَلَوۡ كَانُواْ لَا يُبۡصِرُونَ ٤٣Futhi phakathi kwabo kunalabo abakubukayo ngakube wena uyazihola yini izimpumputhe yize noma zingaboni na إِنَّ ٱللَّهَ لَا يَظۡلِمُ ٱلنَّاسَ شَيۡـًٔا وَلَٰكِنَّ ٱلنَّاسَ أَنفُسَهُمۡ يَظۡلِمُونَ ٤٤Ngempela uMvelinqangi akakwenzi okungenabo ubulungiswa kubantu kepha abantu bayona bona imiphefumulo yabo وَيَوۡمَ يَحۡشُرُهُمۡ كَأَن لَّمۡ يَلۡبَثُوٓاْ إِلَّا سَاعَةً مِّنَ ٱلنَّهَارِ يَتَعَارَفُونَ بَيۡنَهُمۡۚ قَدۡ خَسِرَ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِلِقَآءِ ٱللَّهِ وَمَا كَانُواْ مُهۡتَدِينَ ٤٥Futhi ngosuku lapho eyobaqoqela ndawonye kube sengathi abazange bahlale ngaphandle kwehora lasemini bayokwazana ukuthi balahlekelwa labo abaphika ukuhlangana noMvelinqangi futhi babengesibona abaholiweyo وَإِمَّا نُرِيَنَّكَ بَعۡضَ ٱلَّذِي نَعِدُهُمۡ أَوۡ نَتَوَفَّيَنَّكَ فَإِلَيۡنَا مَرۡجِعُهُمۡ ثُمَّ ٱللَّهُ شَهِيدٌ عَلَىٰ مَا يَفۡعَلُونَ ٤٦Noma ngabe sikukhombisa okunye kwalokho esikwethembisa kona noma sikwenze ukuba ufe ngakho-ke kukuthina ukubuyela kwabo, uMvelinqangi ungufakazi kulokho abakwenzayo وَلِكُلِّ أُمَّةٍ رَّسُولٌۖ فَإِذَا جَآءَ رَسُولُهُمۡ قُضِيَ بَيۡنَهُم بِٱلۡقِسۡطِ وَهُمۡ لَا يُظۡلَمُونَ ٤٧Futhi kuleso naleso sizwe kunesithunywa ngakho-ke uma sifika isithunywa sabo kuyehlulelwa phakathi kwabo ngobulungiswa futhi bona abenziwa okungesibona ubulungiswa وَيَقُولُونَ مَتَىٰ هَٰذَا ٱلۡوَعۡدُ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ ٤٨Futhi bathi, “sinini lesisithembiso uma nina nineqiniso na” قُل لَّآ أَمۡلِكُ لِنَفۡسِي ضَرًّا وَلَا نَفۡعًا إِلَّا مَا شَآءَ ٱللَّهُۗ لِكُلِّ أُمَّةٍ أَجَلٌۚ إِذَا جَآءَ أَجَلُهُمۡ فَلَا يَسۡتَـٔۡخِرُونَ سَاعَةً وَلَا يَسۡتَقۡدِمُونَ ٤٩Ithi, “ngomphefumulo wami angikuphathi ukulimaza futhi angiyiphathi inzuzo ngaphandle uma uMvelinqangi ethanda,” isizwe nesizwe sinesikhathi (esinqunyelwe sona) uma zifika izikhathi zazo (ezinqunyiwe) ngakho-ke angeke bakwazi ukulihlehlisa ihora noma baliqhubekise قُلۡ أَرَءَيۡتُمۡ إِنۡ أَتَىٰكُمۡ عَذَابُهُۥ بَيَٰتًا أَوۡ نَهَارًا مَّاذَا يَسۡتَعۡجِلُ مِنۡهُ ٱلۡمُجۡرِمُونَ ٥٠Ithi “ngakube nibonile yini ukuthi uma nifikelwa yisijeziso sakhe ebusuku noma emini, yikuphi lokhu abakujahayo abayizoni na” أَثُمَّ إِذَا مَا وَقَعَ ءَامَنتُم بِهِۦٓۚ ءَآلۡـَٰٔنَ وَقَدۡ كُنتُم بِهِۦ تَسۡتَعۡجِلُونَ ٥١Bese kuthi uma kwenzeka nikholwe yikona na? Manje inina enikusheshisayo ثُمَّ قِيلَ لِلَّذِينَ ظَلَمُواْ ذُوقُواْ عَذَابَ ٱلۡخُلۡدِ هَلۡ تُجۡزَوۡنَ إِلَّا بِمَا كُنتُمۡ تَكۡسِبُونَ ٥٢Bese kuyothiwa kulabo abangakwenzanga ubulungiswa, “yizwani isijeziso esingapheliyo ngakube ninikwa umvuzo ngaphandle kwalokho enanikusebenzela na” ۞ وَيَسۡتَنۢبِـُٔونَكَ أَحَقٌّ هُوَۖ قُلۡ إِي وَرَبِّيٓ إِنَّهُۥ لَحَقٌّۖ وَمَآ أَنتُم بِمُعۡجِزِينَ ٥٣Futhi bayakubuza (bathi) ngakube (lesisijeziso) siyiqiniso yini na? Ithi, “yebo ngifunga ngeNkosi yami ngempela sona siyiqiniso kakhulu futhi nina angeke nikwazi uphunyuka (kusona). ” وَلَوۡ أَنَّ لِكُلِّ نَفۡسٍ ظَلَمَتۡ مَا فِي ٱلۡأَرۡضِ لَٱفۡتَدَتۡ بِهِۦۗ وَأَسَرُّواْ ٱلنَّدَامَةَ لَمَّا رَأَوُاْ ٱلۡعَذَابَۖ وَقُضِيَ بَيۡنَهُم بِٱلۡقِسۡطِ وَهُمۡ لَا يُظۡلَمُونَ ٥٤Futhi ukube wonke umuntu owayenza ububi wayezothatha konke okusemhlabeni ukukhokhela izenzo zabo kwakungeke kwamukelwe ngakho futhi babeyokufihla ukudumala kwabo, kepha kuyothi lapho sebesibona isijeziso kuyohlulelwa phakathi kwabo ngobulungiswa futhi bona angeke benziwe okungesibona ubulungiswa أَلَآ إِنَّ لِلَّهِ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۗ أَلَآ إِنَّ وَعۡدَ ٱللَّهِ حَقٌّ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ ٥٥Ngokungangabazeki, ngempela kungokukaMvelinqangi konke okusemazulwini nasemhlabeni ngokungangabazeki, ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso kepha iningi labo alazi هُوَ يُحۡيِۦ وَيُمِيتُ وَإِلَيۡهِ تُرۡجَعُونَ ٥٦Yena uyaphilisa futhi uyabulala futhi niyophindiselwa kuyena يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ قَدۡ جَآءَتۡكُم مَّوۡعِظَةٌ مِّن رَّبِّكُمۡ وَشِفَآءٌ لِّمَا فِي ٱلصُّدُورِ وَهُدًى وَرَحۡمَةٌ لِّلۡمُؤۡمِنِينَ ٥٧Oh Bantu! Sifikile kunina isiyalo esivela eNkosini yenu nokwelashwa kwalokho okusezifubeni nokuholwa (ngeqiniso) nomusa kwabakholwayo قُلۡ بِفَضۡلِ ٱللَّهِ وَبِرَحۡمَتِهِۦ فَبِذَٰلِكَ فَلۡيَفۡرَحُواْ هُوَ خَيۡرٌ مِّمَّا يَجۡمَعُونَ ٥٨Ithi, “ngobubele bukaMvelinqangi nangomusa wakhe ngalokho bayazithokozisa, lokho kungcono kunalokho abakuqongelelayo” قُلۡ أَرَءَيۡتُم مَّآ أَنزَلَ ٱللَّهُ لَكُم مِّن رِّزۡقٍ فَجَعَلۡتُم مِّنۡهُ حَرَامًا وَحَلَٰلًا قُلۡ ءَآللَّهُ أَذِنَ لَكُمۡۖ أَمۡ عَلَى ٱللَّهِ تَفۡتَرُونَ ٥٩Ithi, “ngakube nikubonile yini lokho uMvelinqangi akwehlisela phansi kunina okuyisabelo ngakho-ke nabe senenza (ingxenye) yako yangabi semthethweni (nengxenye yako) nayenza yaba semthethweni” ithi, “ngakube uMvelinqangi owaninika imvume (yokwenza lokho) noma niqamba (amanga) ngoMvelinqangi na?” وَمَا ظَنُّ ٱلَّذِينَ يَفۡتَرُونَ عَلَى ٱللَّهِ ٱلۡكَذِبَ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِۗ إِنَّ ٱللَّهَ لَذُو فَضۡلٍ عَلَى ٱلنَّاسِ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَهُمۡ لَا يَشۡكُرُونَ ٦٠Futhi yimuphi umcabango walabo abaqambela uMvelinqangi amanga ngosuku lokuvuka kwabafileyo na? Ngempela uMvelinqangi unobubele kubantu kepha abantu abaningi ababongi وَمَا تَكُونُ فِي شَأۡنٍ وَمَا تَتۡلُواْ مِنۡهُ مِن قُرۡءَانٍ وَلَا تَعۡمَلُونَ مِنۡ عَمَلٍ إِلَّا كُنَّا عَلَيۡكُمۡ شُهُودًا إِذۡ تُفِيضُونَ فِيهِۚ وَمَا يَعۡزُبُ عَن رَّبِّكَ مِن مِّثۡقَالِ ذَرَّةٍ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَلَا فِي ٱلسَّمَآءِ وَلَآ أَصۡغَرَ مِن ذَٰلِكَ وَلَآ أَكۡبَرَ إِلَّا فِي كِتَٰبٍ مُّبِينٍ ٦١Futhi asikho isimo obhekene naso noma ukufunda iQur’an futhi (abantu) abangawenzi umsebenzi ngaphandle kokuthi thina singofakazi kunina uma nizibandakanya kuwona (umsebenzi) futhi akukho lutho olufihlekile eNkosini yakho ngisho noma ngabe luncane kangakanani kulomhlaba noma ezulwini futhi noma ngabe luncane kakhulu kangakanani kunalokho ngisho noma lukhulu kakhulu kangakanani kepha (kulotshiwe) encwadini ecacile أَلَآ إِنَّ أَوۡلِيَآءَ ٱللَّهِ لَا خَوۡفٌ عَلَيۡهِمۡ وَلَا هُمۡ يَحۡزَنُونَ ٦٢Ngokungangabazeki, ngempela abangani baMvelinqangi akukho ukwesaba kubona futhi bona angeke baphatheke kabi ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَكَانُواْ يَتَّقُونَ ٦٣Yilabo abakholwayo (ebunyeni bukaMvelinqangi) futhi ababemesaba uMvelinqangi لَهُمُ ٱلۡبُشۡرَىٰ فِي ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا وَفِي ٱلۡأٓخِرَةِۚ لَا تَبۡدِيلَ لِكَلِمَٰتِ ٱللَّهِۚ ذَٰلِكَ هُوَ ٱلۡفَوۡزُ ٱلۡعَظِيمُ ٦٤Okwabo yizindaba ezimnandi (iphupho) empilweni yakulomhlaba nasempilweni ezayo, akukho ukuguqulwa kwamazwi kaMvelinqangi, lokho kungukuphumelela okukhulu وَلَا يَحۡزُنكَ قَوۡلُهُمۡۘ إِنَّ ٱلۡعِزَّةَ لِلَّهِ جَمِيعًاۚ هُوَ ٱلسَّمِيعُ ٱلۡعَلِيمُ ٦٥Futhi ayingakuphathi kabi inkulumo yabo, ngempela ukuhlonipheka kungokukaMvelinqangi konke, yena ungozwayo owaziyo أَلَآ إِنَّ لِلَّهِ مَن فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَن فِي ٱلۡأَرۡضِۗ وَمَا يَتَّبِعُ ٱلَّذِينَ يَدۡعُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ شُرَكَآءَۚ إِن يَتَّبِعُونَ إِلَّا ٱلظَّنَّ وَإِنۡ هُمۡ إِلَّا يَخۡرُصُونَ ٦٦Ngokungangabazeki, ngempela bangabakaMvelinqangi bonke abasemazulwini nabobonke abasemhlabeni futhi abakulandeli (lokho) labo abamemeza abanye esikhundleni sikaMvelinqangi (ababizwa ngokuthi) bangabakhonzi bezithixo, abalandeli lutho ngaphandle kwemicabango futhi abaqambi lutho ngaphandle kwamanga هُوَ ٱلَّذِي جَعَلَ لَكُمُ ٱلَّيۡلَ لِتَسۡكُنُواْ فِيهِ وَٱلنَّهَارَ مُبۡصِرًاۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَٰتٍ لِّقَوۡمٍ يَسۡمَعُونَ ٦٧Nguyena owanenzela ubusuku ukuze niphumule kukona, nemini ukuze nibone ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abalalelayo قَالُواْ ٱتَّخَذَ ٱللَّهُ وَلَدًاۗ سُبۡحَٰنَهُۥۖ هُوَ ٱلۡغَنِيُّۖ لَهُۥ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَا فِي ٱلۡأَرۡضِۚ إِنۡ عِندَكُم مِّن سُلۡطَٰنِۭ بِهَٰذَآۚ أَتَقُولُونَ عَلَى ٱللَّهِ مَا لَا تَعۡلَمُونَ ٦٨Bathi, “uMvelinqangi unendodana” udumo malube kuye! Yena akaswele lutho kungokwakhe okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni, aninalo igunya (lokusho) lokhu, ngakube nisho ngoMvelinqangi lokho eningakwazi na قُلۡ إِنَّ ٱلَّذِينَ يَفۡتَرُونَ عَلَى ٱللَّهِ ٱلۡكَذِبَ لَا يُفۡلِحُونَ ٦٩Ithi, “ngempela labo abaqambela uMvelinqangi amanga angeke baphunyeleliswe” مَتَٰعٌ فِي ٱلدُّنۡيَا ثُمَّ إِلَيۡنَا مَرۡجِعُهُمۡ ثُمَّ نُذِيقُهُمُ ٱلۡعَذَابَ ٱلشَّدِيدَ بِمَا كَانُواْ يَكۡفُرُونَ ٧٠Yinjabulo kulomhlaba bese kuba kukuthina ukubuyela kwabo bese sibezwisa isijeziso esinzima ngenxa yokuthi babengakholwa ۞ وَٱتۡلُ عَلَيۡهِمۡ نَبَأَ نُوحٍ إِذۡ قَالَ لِقَوۡمِهِۦ يَٰقَوۡمِ إِن كَانَ كَبُرَ عَلَيۡكُم مَّقَامِي وَتَذۡكِيرِي بِـَٔايَٰتِ ٱللَّهِ فَعَلَى ٱللَّهِ تَوَكَّلۡتُ فَأَجۡمِعُوٓاْ أَمۡرَكُمۡ وَشُرَكَآءَكُمۡ ثُمَّ لَا يَكُنۡ أَمۡرُكُمۡ عَلَيۡكُمۡ غُمَّةً ثُمَّ ٱقۡضُوٓاْ إِلَيَّ وَلَا تُنظِرُونِ ٧١Futhi batshele indaba kaNowa ngenkathi ethi kubantu bakhe, “Oh Bantu bami uma kunzima kunina ukuhlala kwami (lapha) nesikhumbuzo sami ngamavesi kaMvelinqangi ngakho-ke ngithembele kuMvelinqangi, cazululani udaba lwenu nabahlanganyeli benu, alunganihluphi udaba lwenu bese nehlulela mina bese ninganginiki ithuba فَإِن تَوَلَّيۡتُمۡ فَمَا سَأَلۡتُكُم مِّنۡ أَجۡرٍۖ إِنۡ أَجۡرِيَ إِلَّا عَلَى ٱللَّهِۖ وَأُمِرۡتُ أَنۡ أَكُونَ مِنَ ٱلۡمُسۡلِمِينَ ٧٢Ngakho-ke uma nifulathele angizange ngiwucele umvuzo kunina, umvuzo wami (awukumuntu) ngaphandle kokuthi ukuMvelinqangi futhi ngiphoqiwe ukuthi ngibe ngowabakholwayo فَكَذَّبُوهُ فَنَجَّيۡنَٰهُ وَمَن مَّعَهُۥ فِي ٱلۡفُلۡكِ وَجَعَلۡنَٰهُمۡ خَلَٰٓئِفَ وَأَغۡرَقۡنَا ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِنَاۖ فَٱنظُرۡ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلۡمُنذَرِينَ ٧٣Ngakho-ke bamphika (uNowa) sabe sesiyamsindisa kanye nababekanye naye emkhunjini, sabenza ukuthi babe ngabalandelayo esikhundleni sabo futhi sabaminzisa labo ababephika amavesi ethu ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sababexwayisiwe ثُمَّ بَعَثۡنَا مِنۢ بَعۡدِهِۦ رُسُلًا إِلَىٰ قَوۡمِهِمۡ فَجَآءُوهُم بِٱلۡبَيِّنَٰتِ فَمَا كَانُواْ لِيُؤۡمِنُواْ بِمَا كَذَّبُواْ بِهِۦ مِن قَبۡلُۚ كَذَٰلِكَ نَطۡبَعُ عَلَىٰ قُلُوبِ ٱلۡمُعۡتَدِينَ ٧٤Sabe sesithumela emva kwakhe izithunywa kubantu babo zafika kubona nezimpawu ezicacileyo (abantu) abazange bakholwe yilokho ababekuphikile ngaphambilini, kanjalo siyazisicilela izinhliziyo zezoni ثُمَّ بَعَثۡنَا مِنۢ بَعۡدِهِم مُّوسَىٰ وَهَٰرُونَ إِلَىٰ فِرۡعَوۡنَ وَمَلَإِيْهِۦ بِـَٔايَٰتِنَا فَٱسۡتَكۡبَرُواْ وَكَانُواْ قَوۡمًا مُّجۡرِمِينَ ٧٥Emva kwabo sabe sesithumela uMose no-Aroni kuFaro namakhosi akhe, ngamavesi ethu babeqhosha baphenduka abantu abayizoni فَلَمَّا جَآءَهُمُ ٱلۡحَقُّ مِنۡ عِندِنَا قَالُوٓاْ إِنَّ هَٰذَا لَسِحۡرٌ مُّبِينٌ ٧٦Ngakho-ke kwathi lapho sebefikelwa yiqiniso elivela kuthina bathi, “ngempela lokho ngumlingo ocacile” قَالَ مُوسَىٰٓ أَتَقُولُونَ لِلۡحَقِّ لَمَّا جَآءَكُمۡۖ أَسِحۡرٌ هَٰذَا وَلَا يُفۡلِحُ ٱلسَّٰحِرُونَ ٧٧UMose wathi, “Ngakube nisho (lokhu) ngeqiniso eselifikile kunina na? Ngakube umlingo yini lona? Futhi angeke baphunyeleliswe abalumbi” قَالُوٓاْ أَجِئۡتَنَا لِتَلۡفِتَنَا عَمَّا وَجَدۡنَا عَلَيۡهِ ءَابَآءَنَا وَتَكُونَ لَكُمَا ٱلۡكِبۡرِيَآءُ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَمَا نَحۡنُ لَكُمَا بِمُؤۡمِنِينَ ٧٨Bathi, “ngakube uze kuthina ukuzosisusa kulokho esafica obaba bethu bekukona (bekulandela) na?” Bese nobabili niba bakhulu ezweni futhi thina angeke sikholelwe kunina nobabili” وَقَالَ فِرۡعَوۡنُ ٱئۡتُونِي بِكُلِّ سَٰحِرٍ عَلِيمٍ ٧٩Futhi uFaro wathi “lethani kumina bonke abalumbi abanolwazi olunzulu” فَلَمَّا جَآءَ ٱلسَّحَرَةُ قَالَ لَهُم مُّوسَىٰٓ أَلۡقُواْ مَآ أَنتُم مُّلۡقُونَ ٨٠Kwathi lapho sebefikile abalumbi uMose wathi kubona, “phonsani lokho nina eningabaphonsi bako” فَلَمَّآ أَلۡقَوۡاْ قَالَ مُوسَىٰ مَا جِئۡتُم بِهِ ٱلسِّحۡرُۖ إِنَّ ٱللَّهَ سَيُبۡطِلُهُۥٓ إِنَّ ٱللَّهَ لَا يُصۡلِحُ عَمَلَ ٱلۡمُفۡسِدِينَ ٨١Kwathi lapho sebephonsile phansi uMose wathi, “lokhu enifike nakho kungumlingo, ngempela uMvelinqangi uzokubhuntshisa ngempela uMvelinqangi akawulungisi umsebenzi wezoni” وَيُحِقُّ ٱللَّهُ ٱلۡحَقَّ بِكَلِمَٰتِهِۦ وَلَوۡ كَرِهَ ٱلۡمُجۡرِمُونَ ٨٢Futhi uMvelinqangi uzoliqinisekisa iqiniso ngamazwi akhe yize noma ngabe bengakuthandi lokho abayizoni فَمَآ ءَامَنَ لِمُوسَىٰٓ إِلَّا ذُرِّيَّةٌ مِّن قَوۡمِهِۦ عَلَىٰ خَوۡفٍ مِّن فِرۡعَوۡنَ وَمَلَإِيْهِمۡ أَن يَفۡتِنَهُمۡۚ وَإِنَّ فِرۡعَوۡنَ لَعَالٍ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَإِنَّهُۥ لَمِنَ ٱلۡمُسۡرِفِينَ ٨٣Abekho abakholelwa kuMose ngaphandle kwesizukulwane sabantu bakhe ngenxa yokwesaba uFaro nabaholi babo ukuthi bangase babahluphe futhi ngempela uFaro wayephakeme (eqhosha) ezweni futhi ngempela yena wayengomunye wabamoshayo (abangamhloniphi uMvelinqangi) وَقَالَ مُوسَىٰ يَٰقَوۡمِ إِن كُنتُمۡ ءَامَنتُم بِٱللَّهِ فَعَلَيۡهِ تَوَكَّلُوٓاْ إِن كُنتُم مُّسۡلِمِينَ ٨٤Futhi uMose wathi, “Oh bantu bami! uma nikholiwe kuMvelinqangi ngakho-ke thembelani kuyena uma nina ningabazinikeleyo (ngaphansi kwentando kaMvelinqangi) فَقَالُواْ عَلَى ٱللَّهِ تَوَكَّلۡنَا رَبَّنَا لَا تَجۡعَلۡنَا فِتۡنَةً لِّلۡقَوۡمِ ٱلظَّٰلِمِينَ ٨٥Ngakho-ke bathi, “kuMvelinqangi sibeka ithemba lethu, Nkosi yethu ungasenzi ukuba silingelwe abantu abayizoni” وَنَجِّنَا بِرَحۡمَتِكَ مِنَ ٱلۡقَوۡمِ ٱلۡكَٰفِرِينَ ٨٦Futhi sisindise ngomusa wakho kubantu abangakholwa وَأَوۡحَيۡنَآ إِلَىٰ مُوسَىٰ وَأَخِيهِ أَن تَبَوَّءَا لِقَوۡمِكُمَا بِمِصۡرَ بُيُوتًا وَٱجۡعَلُواْ بُيُوتَكُمۡ قِبۡلَةً وَأَقِيمُواْ ٱلصَّلَوٰةَۗ وَبَشِّرِ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ٨٧Futhi sambula kuMose nomfowabo ukuthi batholele abantu babo izindawo zokuhlala eGibhithe futhi nenze izindlu zenu ukuthi zibe yizindawo zokuthandaza futhi nenze imithandazo, futhi batshene izindaba ezimnandi abakholwayo وَقَالَ مُوسَىٰ رَبَّنَآ إِنَّكَ ءَاتَيۡتَ فِرۡعَوۡنَ وَمَلَأَهُۥ زِينَةً وَأَمۡوَٰلًا فِي ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا رَبَّنَا لِيُضِلُّواْ عَن سَبِيلِكَۖ رَبَّنَا ٱطۡمِسۡ عَلَىٰٓ أَمۡوَٰلِهِمۡ وَٱشۡدُدۡ عَلَىٰ قُلُوبِهِمۡ فَلَا يُؤۡمِنُواْ حَتَّىٰ يَرَوُاْ ٱلۡعَذَابَ ٱلۡأَلِيمَ ٨٨Futhi uMose wathi, “Nkosi yethu ngempela wena wanika uFaro nabaholi bakhe ubuhle obukhulu nengcebo empilweni yalomhlaba Nkosi yethu ukuze badukise (abantu) endleleni yakho, Nkosi bhubhisa ingcebo yabo futhi wenze izinhliziyo zabo lukhuni ukuze bangakholwa kuze kube babona isijeziso esibuhlungu” قَالَ قَدۡ أُجِيبَت دَّعۡوَتُكُمَا فَٱسۡتَقِيمَا وَلَا تَتَّبِعَآنِّ سَبِيلَ ٱلَّذِينَ لَا يَعۡلَمُونَ ٨٩(UMvelinqangi) wathi, “umthandazo wenu nobabili (waMose no-Aroni) uphendulekile ngakho-ke nobabili yimani kanjalo endleleni eqondile nobabili ningalandeli indlela yalabo abangalazi (iqiniso) ۞ وَجَٰوَزۡنَا بِبَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ ٱلۡبَحۡرَ فَأَتۡبَعَهُمۡ فِرۡعَوۡنُ وَجُنُودُهُۥ بَغۡيًا وَعَدۡوًاۖ حَتَّىٰٓ إِذَآ أَدۡرَكَهُ ٱلۡغَرَقُ قَالَ ءَامَنتُ أَنَّهُۥ لَآ إِلَٰهَ إِلَّا ٱلَّذِيٓ ءَامَنَتۡ بِهِۦ بَنُوٓاْ إِسۡرَٰٓءِيلَ وَأَنَا۠ مِنَ ٱلۡمُسۡلِمِينَ ٩٠Futhi sabawelisa olwandle abantwana bakwa-Israyeli ngakho- ke uFaro namabutho akhe wabalandela ukuze abacindezele futhi abadlove (njengezitha) kwaze kwaba yilapho eminza khona, wathi, “ngiyakholwa ukuthi akekho onokukhonzwa ngaphandle kwalowo abakholwa kuyena abantwana bakwa- Israyeli nami ngingomunye wabazinikeleyo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi” ءَآلۡـَٰٔنَ وَقَدۡ عَصَيۡتَ قَبۡلُ وَكُنتَ مِنَ ٱلۡمُفۡسِدِينَ ٩١Manje (uyakholwa) kepha wawungahloniphi naphambilini futhi wena wawungomunye wabangalungile فَٱلۡيَوۡمَ نُنَجِّيكَ بِبَدَنِكَ لِتَكُونَ لِمَنۡ خَلۡفَكَ ءَايَةًۚ وَإِنَّ كَثِيرًا مِّنَ ٱلنَّاسِ عَنۡ ءَايَٰتِنَا لَغَٰفِلُونَ ٩٢Ngakho-ke ngalolusuku sizokuhlenga emzimbeni wakho (olwandle futhi ungonakali umzimba wakho) ukuze ube uphawu kulabo abayolandela emva kwakho futhi ngempela baningi abantu abangazinaki izimpawu zethu وَلَقَدۡ بَوَّأۡنَا بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ مُبَوَّأَ صِدۡقٍ وَرَزَقۡنَٰهُم مِّنَ ٱلطَّيِّبَٰتِ فَمَا ٱخۡتَلَفُواْ حَتَّىٰ جَآءَهُمُ ٱلۡعِلۡمُۚ إِنَّ رَبَّكَ يَقۡضِي بَيۡنَهُمۡ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ فِيمَا كَانُواْ فِيهِ يَخۡتَلِفُونَ ٩٣Futhi ngempela sabahlalisa abantwana bakwa-Israyeli endaweni yokuhlala enhle futhi sababele ezintweni ezinhle, abazange baphikisane kwaze kwaba yilapho befikelwa khona ulwazi, ngempela iNkosi yakho iyohlulela phakathi kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo kulokho ababephikisana kukona فَإِن كُنتَ فِي شَكٍّ مِّمَّآ أَنزَلۡنَآ إِلَيۡكَ فَسۡـَٔلِ ٱلَّذِينَ يَقۡرَءُونَ ٱلۡكِتَٰبَ مِن قَبۡلِكَۚ لَقَدۡ جَآءَكَ ٱلۡحَقُّ مِن رَّبِّكَ فَلَا تَكُونَنَّ مِنَ ٱلۡمُمۡتَرِينَ ٩٤Uma ungabaza kulokhu esakwehlisela phansi kuwena ngakho- ke buza labo abayifundayo incwadi ngaphambilini kwakho ngempela lakufikela iqiniso elivela eNkosini yakho, ungabi ngomunye wabangabazayo وَلَا تَكُونَنَّ مِنَ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِ ٱللَّهِ فَتَكُونَ مِنَ ٱلۡخَٰسِرِينَ ٩٥Futhi ungabi ngomunye walabo ababephika amavesi kaMvelinqangi ngokuba uzoba ngomunye wabalahlekelweyo إِنَّ ٱلَّذِينَ حَقَّتۡ عَلَيۡهِمۡ كَلِمَتُ رَبِّكَ لَا يُؤۡمِنُونَ ٩٦Ngempela labo elagcwaliseka kubona izwi leNkosi yakho, angeke bakholwe وَلَوۡ جَآءَتۡهُمۡ كُلُّ ءَايَةٍ حَتَّىٰ يَرَوُاْ ٱلۡعَذَابَ ٱلۡأَلِيمَ ٩٧Ngisho noma ngabe bangafikelwa yizona zonke izimpawu (angeke bakholwe), kuze kube babona isijeziso esibuhlungu فَلَوۡلَا كَانَتۡ قَرۡيَةٌ ءَامَنَتۡ فَنَفَعَهَآ إِيمَٰنُهَآ إِلَّا قَوۡمَ يُونُسَ لَمَّآ ءَامَنُواْ كَشَفۡنَا عَنۡهُمۡ عَذَابَ ٱلۡخِزۡيِ فِي ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا وَمَتَّعۡنَٰهُمۡ إِلَىٰ حِينٍ ٩٨Ngakube lalikhona yini idolobha (umphakathi) owawukholwa kwawuzuzisa ukukholwa kwawo ngaphandle kwabantu bakaJona na? Ngenkathi sebekholwa sasisusa kubona isijeziso esiyihlazo empilweni yalomhlaba futhi sabanika injabulo yesikhashana وَلَوۡ شَآءَ رَبُّكَ لَأٓمَنَ مَن فِي ٱلۡأَرۡضِ كُلُّهُمۡ جَمِيعًاۚ أَفَأَنتَ تُكۡرِهُ ٱلنَّاسَ حَتَّىٰ يَكُونُواْ مُؤۡمِنِينَ ٩٩Futhi ukube iNkosi yakho yayithanda babezokholwa bonke abantu abasemhlabeni ngakube wena uphoqa abantu kuze kube bayakholwa na وَمَا كَانَ لِنَفۡسٍ أَن تُؤۡمِنَ إِلَّا بِإِذۡنِ ٱللَّهِۚ وَيَجۡعَلُ ٱلرِّجۡسَ عَلَى ٱلَّذِينَ لَا يَعۡقِلُونَ ١٠٠Futhi akusikhona okomuntu ukuthi akholwe ngaphandle kwentando kaMvelinqangi futhi abeke intukuthelo phezulu kwalabo abangenawo umqondo قُلِ ٱنظُرُواْ مَاذَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۚ وَمَا تُغۡنِي ٱلۡأٓيَٰتُ وَٱلنُّذُرُ عَن قَوۡمٍ لَّا يُؤۡمِنُونَ ١٠١Ithi, “Bhekani ukuthi yini esemazulwini nasemhlabeni futhi angeke zibasize ngalutho izimpawu nabaxwayisi abantu abangakholwayo” فَهَلۡ يَنتَظِرُونَ إِلَّا مِثۡلَ أَيَّامِ ٱلَّذِينَ خَلَوۡاْ مِن قَبۡلِهِمۡۚ قُلۡ فَٱنتَظِرُوٓاْ إِنِّي مَعَكُم مِّنَ ٱلۡمُنتَظِرِينَ ١٠٢Ngakho-ke ngakube balindele (okunye) ngaphandle kokufana nezinsuku zalabo asebadlula ngaphambilini kwabo ithi, “lindani ngempela mina ngikanye nani kwabalindileyo” ثُمَّ نُنَجِّي رُسُلَنَا وَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْۚ كَذَٰلِكَ حَقًّا عَلَيۡنَا نُنجِ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ١٠٣Bese siyazisindisa izithunywa zethu kanye nalabo abakholwayo kanjalo-ke kungumthwalo kuthina ukuthi sisindise abakholwayo قُلۡ يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ إِن كُنتُمۡ فِي شَكٍّ مِّن دِينِي فَلَآ أَعۡبُدُ ٱلَّذِينَ تَعۡبُدُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ وَلَٰكِنۡ أَعۡبُدُ ٱللَّهَ ٱلَّذِي يَتَوَفَّىٰكُمۡۖ وَأُمِرۡتُ أَنۡ أَكُونَ مِنَ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ١٠٤Yithi “Oh Bantu! Uma kungukuthi ninokungabaza enkolweni yami (yazini ukuthi) angisoze ngakhonza labo enibakhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi kepha ngikhonza uMvelinqangi okunguyena onenza ukuba nife futhi ngiphoqwe ukuthi ngibe ngomunye wabakholwayo” وَأَنۡ أَقِمۡ وَجۡهَكَ لِلدِّينِ حَنِيفًا وَلَا تَكُونَنَّ مِنَ ٱلۡمُشۡرِكِينَ ١٠٥Nokuthi ubhekise ubuso bakho enkolweni ngobuqotho futhi ungabi ngomunye wabakhonzi bezithixo وَلَا تَدۡعُ مِن دُونِ ٱللَّهِ مَا لَا يَنفَعُكَ وَلَا يَضُرُّكَۖ فَإِن فَعَلۡتَ فَإِنَّكَ إِذًا مِّنَ ٱلظَّٰلِمِينَ ١٠٦Futhi ungamemezi lutho (ungakhonzi lutho) ngaphandle kukaMvelinqangi lokho okungeke kukusize noma kukulimaze ngalutho ngakho-ke uma ukwenzile (lokho) ngempela wena uzokuba ngomunye wezoni وَإِن يَمۡسَسۡكَ ٱللَّهُ بِضُرٍّ فَلَا كَاشِفَ لَهُۥٓ إِلَّا هُوَۖ وَإِن يُرِدۡكَ بِخَيۡرٍ فَلَا رَآدَّ لِفَضۡلِهِۦۚ يُصِيبُ بِهِۦ مَن يَشَآءُ مِنۡ عِبَادِهِۦۚ وَهُوَ ٱلۡغَفُورُ ٱلرَّحِيمُ ١٠٧Futhi uma uMvelinqangi ekuthinta ngenhlupheko akekho oyokuqeda (ukuhlupheka) ngaphandle kwakhe futhi uma ekuthandela okuhle akekho ongawuvimbela umusa wakhe, uwenza ufinyelele kulowo amthandayo ezincekwini zakhe futhi yena ungothethelelayo onesihawu قُلۡ يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ قَدۡ جَآءَكُمُ ٱلۡحَقُّ مِن رَّبِّكُمۡۖ فَمَنِ ٱهۡتَدَىٰ فَإِنَّمَا يَهۡتَدِي لِنَفۡسِهِۦۖ وَمَن ضَلَّ فَإِنَّمَا يَضِلُّ عَلَيۡهَاۖ وَمَآ أَنَا۠ عَلَيۡكُم بِوَكِيلٍ ١٠٨Ithi, “Oh Bantu! Selifikile kunina iqiniso elivela eNkosini yenu noma ngabe ngubani oholiwe ngakho-ke umphefumulo wakhe oholiwe futhi noma ngabe ngubani odukayo ngakho- ke kuphela udukise wona (umphefumulo) futhi angisiyena umlondolozi wenu” وَٱتَّبِعۡ مَا يُوحَىٰٓ إِلَيۡكَ وَٱصۡبِرۡ حَتَّىٰ يَحۡكُمَ ٱللَّهُۚ وَهُوَ خَيۡرُ ٱلۡحَٰكِمِينَ ١٠٩Futhi landela lokho okwembulwa kuwena futhi ubekezele kuze kube uMvelinqangi uyehlulela futhi yena ungongcono kunabanye abehluleli