بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
حمٓ ١Ha Meem وَٱلۡكِتَٰبِ ٱلۡمُبِينِ ٢Ngencwadi ecacile إِنَّآ أَنزَلۡنَٰهُ فِي لَيۡلَةٍ مُّبَٰرَكَةٍۚ إِنَّا كُنَّا مُنذِرِينَ ٣Ngempela sayithumela phansi ebusuku obubusisiwe, ngempela thina sasingabaxwayisi فِيهَا يُفۡرَقُ كُلُّ أَمۡرٍ حَكِيمٍ ٤Kubona (ubusuku) kunqunywe zonke izindaba ezonobuhlakani أَمۡرًا مِّنۡ عِندِنَآۚ إِنَّا كُنَّا مُرۡسِلِينَ ٥Udaba oluvela kuthina, ngempela thina sasingabathumeli رَحۡمَةً مِّن رَّبِّكَۚ إِنَّهُۥ هُوَ ٱلسَّمِيعُ ٱلۡعَلِيمُ ٦Umusa ovela eNkosini yakho, ngempela yona ingezwayo eyaziyo رَبِّ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَمَا بَيۡنَهُمَآۖ إِن كُنتُم مُّوقِنِينَ ٧INkosi yamazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ukube nina beniqinisekile لَآ إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ يُحۡيِۦ وَيُمِيتُۖ رَبُّكُمۡ وَرَبُّ ءَابَآئِكُمُ ٱلۡأَوَّلِينَ ٨Akukho okunokukhonzwa ngaphandle kwakhe (uMvelinqangi) uyaphilisa futhi uyabulala, iNkosi yenu neNkosi yobaba benu basendulo بَلۡ هُمۡ فِي شَكٍّ يَلۡعَبُونَ ٩Kepha bona basekungabazeni, bayazidlalela nje فَٱرۡتَقِبۡ يَوۡمَ تَأۡتِي ٱلسَّمَآءُ بِدُخَانٍ مُّبِينٍ ١٠Ngakho-ke lindela usuku lapho isibhababhaka siyoletha intuthu egqamile يَغۡشَى ٱلنَّاسَۖ هَٰذَا عَذَابٌ أَلِيمٌ ١١Imboza abantu, lesi yisijeziso esibuhlungu رَّبَّنَا ٱكۡشِفۡ عَنَّا ٱلۡعَذَابَ إِنَّا مُؤۡمِنُونَ ١٢Nkosi yethu sisuse kuthina isijeziso, ngempela singabakholwayo أَنَّىٰ لَهُمُ ٱلذِّكۡرَىٰ وَقَدۡ جَآءَهُمۡ رَسُولٌ مُّبِينٌ ١٣Bangaba kanjani nesikhumbuzo kulapho sezafika kubona izithunywa ezicacile ثُمَّ تَوَلَّوۡاْ عَنۡهُ وَقَالُواْ مُعَلَّمٌ مَّجۡنُونٌ ١٤Babe sebeyasifulathela (isithunywa) futhi bathi, “sifundisiwe futhi siyahlanya” إِنَّا كَاشِفُواْ ٱلۡعَذَابِ قَلِيلًاۚ إِنَّكُمۡ عَآئِدُونَ ١٥Ngempela siyasisusa isijeziso kancane ngempela nina niyaphindela (ekoneni) يَوۡمَ نَبۡطِشُ ٱلۡبَطۡشَةَ ٱلۡكُبۡرَىٰٓ إِنَّا مُنتَقِمُونَ ١٦Ngosuku lapho siyobashaya ngokushaya okukhulu, ngempela thina singabaziphindiselayo ۞ وَلَقَدۡ فَتَنَّا قَبۡلَهُمۡ قَوۡمَ فِرۡعَوۡنَ وَجَآءَهُمۡ رَسُولٌ كَرِيمٌ ١٧Futhi ngempela sabalinga ngaphambilini kwabo abantu baFaro, futhi safika kubona isithunywa esihloniphekile أَنۡ أَدُّوٓاْ إِلَيَّ عِبَادَ ٱللَّهِۖ إِنِّي لَكُمۡ رَسُولٌ أَمِينٌ ١٨(UMose wathi), “zikhulule zize kimina izinceku zikaMvelinqangi, ngempela mina ngiyisithunywa esihloniphekile kunina” وَأَن لَّا تَعۡلُواْ عَلَى ٱللَّهِۖ إِنِّيٓ ءَاتِيكُم بِسُلۡطَٰنٍ مُّبِينٍ ١٩Futhi ningaziphakamisi ngokuphambene noMvelinqangi, ngempela mina ngize kunina negunya elicacile وَإِنِّي عُذۡتُ بِرَبِّي وَرَبِّكُمۡ أَن تَرۡجُمُونِ ٢٠Futhi ngempela ngifune isiphephelo eNkosini yami neNkosi yenu hleze ningikhande ngamatshe وَإِن لَّمۡ تُؤۡمِنُواْ لِي فَٱعۡتَزِلُونِ ٢١Kepha uma ningangikholwa, ngakho-ke qhelelanani nami فَدَعَا رَبَّهُۥٓ أَنَّ هَٰٓؤُلَآءِ قَوۡمٌ مُّجۡرِمُونَ ٢٢(UMose) wabe esebiza iNkosi yakhe ukuthi laba bangabantu abayizoni فَأَسۡرِ بِعِبَادِي لَيۡلًا إِنَّكُم مُّتَّبَعُونَ ٢٣Ngakho-ke hamba nezinceku zami ebusuku ngempela nina nizolandelwa وَٱتۡرُكِ ٱلۡبَحۡرَ رَهۡوًاۖ إِنَّهُمۡ جُندٌ مُّغۡرَقُونَ ٢٤Futhi ushiye ulwandle lucwebile ngempela bona bayimpi ezominza كَمۡ تَرَكُواْ مِن جَنَّٰتٍ وَعُيُونٍ ٢٥Zingaki izivande nemithombo abayishiya ngemumva وَزُرُوعٍ وَمَقَامٍ كَرِيمٍ ٢٦Kanye namasimu nezindawo ezinhle وَنَعۡمَةٍ كَانُواْ فِيهَا فَٰكِهِينَ ٢٧Nobuntofontofo (bempilo) ababethokoza kubona كَذَٰلِكَۖ وَأَوۡرَثۡنَٰهَا قَوۡمًا ءَاخَرِينَ ٢٨Kanjalo sabenza abanye abantu babayizindlalifa zawo (umhlaba) فَمَا بَكَتۡ عَلَيۡهِمُ ٱلسَّمَآءُ وَٱلۡأَرۡضُ وَمَا كَانُواْ مُنظَرِينَ ٢٩Ngakho-ke izulu nomhlaba akuzange kubakhalele futhi abazange baphunyuzwe (abantu baFaro) وَلَقَدۡ نَجَّيۡنَا بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ مِنَ ٱلۡعَذَابِ ٱلۡمُهِينِ ٣٠Futhi ngempela sabasindisa abantwana bakwa-Israyeli esijezisweni esidumazayo مِن فِرۡعَوۡنَۚ إِنَّهُۥ كَانَ عَالِيًا مِّنَ ٱلۡمُسۡرِفِينَ ٣١KuFaro, ngempela yena wayephakeme phakathi kwabakhonza izithombe وَلَقَدِ ٱخۡتَرۡنَٰهُمۡ عَلَىٰ عِلۡمٍ عَلَى ٱلۡعَٰلَمِينَ ٣٢Futhi ngempela sabakhetha ngolwazi ngaphezulu kwemihlaba وَءَاتَيۡنَٰهُم مِّنَ ٱلۡأٓيَٰتِ مَا فِيهِ بَلَٰٓؤٌاْ مُّبِينٌ ٣٣Futhi sabanika ezimpawini okunokulingwa okucacile kuzona إِنَّ هَٰٓؤُلَآءِ لَيَقُولُونَ ٣٤Ngempela laba bathi إِنۡ هِيَ إِلَّا مَوۡتَتُنَا ٱلۡأُولَىٰ وَمَا نَحۡنُ بِمُنشَرِينَ ٣٥Akuyilutho lokho ngaphandle kokufa kwethu kokuqala futhi thina angeke sivuswe kwabafileyo فَأۡتُواْ بِـَٔابَآئِنَآ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ ٣٦Ngakho-ke lethani obaba bethu uma kungukuthi nina ningabaqinisileyo أَهُمۡ خَيۡرٌ أَمۡ قَوۡمُ تُبَّعٍ وَٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡ أَهۡلَكۡنَٰهُمۡۚ إِنَّهُمۡ كَانُواْ مُجۡرِمِينَ ٣٧Ngakube bona bangcono noma abantu baseTubba kanye nalabo ababengaphambilini kwabo na? Sababhubhisa ngempela bona babeyizoni وَمَا خَلَقۡنَا ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ وَمَا بَيۡنَهُمَا لَٰعِبِينَ ٣٨Futhi asizange siwadale amazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngokudlala مَا خَلَقۡنَٰهُمَآ إِلَّا بِٱلۡحَقِّ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ ٣٩Asizange sikudale kokubili (amazulu nomhlaba) ngaphandle kweqiniso kepha iningi labo alazi إِنَّ يَوۡمَ ٱلۡفَصۡلِ مِيقَٰتُهُمۡ أَجۡمَعِينَ ٤٠Ngempela usuku lokwahlulela yisikhathi esinqunyelwe bona bonke يَوۡمَ لَا يُغۡنِي مَوۡلًى عَن مَّوۡلًى شَيۡـًٔا وَلَا هُمۡ يُنصَرُونَ ٤١Usuku lapho umngane engeke amsize ngalutho umngane futhi bona angeke balekelelwe إِلَّا مَن رَّحِمَ ٱللَّهُۚ إِنَّهُۥ هُوَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلرَّحِيمُ ٤٢Ngaphandle kwalabo uMvelinqangi anomusa kubona, ngempela yena ungophakeme ngamandla onesihawu إِنَّ شَجَرَتَ ٱلزَّقُّومِ ٤٣Ngempela isihlahla sezaqum طَعَامُ ٱلۡأَثِيمِ ٤٤Ukudla kwezoni كَٱلۡمُهۡلِ يَغۡلِي فِي ٱلۡبُطُونِ ٤٥Njengamafutha abilayo, abila eziswini كَغَلۡيِ ٱلۡحَمِيمِ ٤٦Njengokugxabha kwamanzi abilayo خُذُوهُ فَٱعۡتِلُوهُ إِلَىٰ سَوَآءِ ٱلۡجَحِيمِ ٤٧Mthatheni bese nimdonsela maphakathi nesihogo ثُمَّ صُبُّواْ فَوۡقَ رَأۡسِهِۦ مِنۡ عَذَابِ ٱلۡحَمِيمِ ٤٨Bese nithela phezulu kwekhanda lakhe isijeziso samanzi abilayo ذُقۡ إِنَّكَ أَنتَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡكَرِيمُ ٤٩Yizwa, ngempela wena wawuphakeme ngamandla uhloniphekile إِنَّ هَٰذَا مَا كُنتُم بِهِۦ تَمۡتَرُونَ ٥٠Ngempela lokhu yilokho nina enanikungabaza إِنَّ ٱلۡمُتَّقِينَ فِي مَقَامٍ أَمِينٍ ٥١Ngempela abalungileyo bayokuba sendaweni ephephile فِي جَنَّٰتٍ وَعُيُونٍ ٥٢Ezivandeni nasemithonjeni يَلۡبَسُونَ مِن سُندُسٍ وَإِسۡتَبۡرَقٍ مُّتَقَٰبِلِينَ ٥٣Begqoke usilika nokuhlotshiswe ngokugqamile bebhekene كَذَٰلِكَ وَزَوَّجۡنَٰهُم بِحُورٍ عِينٍ ٥٤Kanjalo siyobashadisa namakhosikazi amahle anamehlo amahle amakhulu يَدۡعُونَ فِيهَا بِكُلِّ فَٰكِهَةٍ ءَامِنِينَ ٥٥Lapho phakathi bayobiza zonke (izinhlobo) zezithelo ngokuthula bephephile لَا يَذُوقُونَ فِيهَا ٱلۡمَوۡتَ إِلَّا ٱلۡمَوۡتَةَ ٱلۡأُولَىٰۖ وَوَقَىٰهُمۡ عَذَابَ ٱلۡجَحِيمِ ٥٦Lapho phakathi angeke bakuzwe ukufa ngaphandle kokufa kokuqala futhi uyobasindisa esijezisweni somlilo ovuthayo فَضۡلًا مِّن رَّبِّكَۚ ذَٰلِكَ هُوَ ٱلۡفَوۡزُ ٱلۡعَظِيمُ ٥٧Ngumusa ovela eNkosini yakho, lokho ukuphumelela okukhulu فَإِنَّمَا يَسَّرۡنَٰهُ بِلِسَانِكَ لَعَلَّهُمۡ يَتَذَكَّرُونَ ٥٨Ngempela sakwenza kwabalula olimini lwakho ukuze bakhumbule فَٱرۡتَقِبۡ إِنَّهُم مُّرۡتَقِبُونَ ٥٩Ngakho-ke linda ngempela bona bangabalindileyo