Millat al-Islam

Chapter 45 · 37 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Al-Jathiya in Zulu

Arabic with tafsir Listen to Surah Al-Jathiya (1136 reciters)

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

حمٓ ١Ha Meem تَنزِيلُ ٱلۡكِتَٰبِ مِنَ ٱللَّهِ ٱلۡعَزِيزِ ٱلۡحَكِيمِ ٢Isambulo sencwadi sivela kuMvelinqangi ophakeme ngamandla onobuhlakani إِنَّ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ لَأٓيَٰتٍ لِّلۡمُؤۡمِنِينَ ٣Ngempela emazulwini nasemhlabeni kunezimpawu kwabakholwayo وَفِي خَلۡقِكُمۡ وَمَا يَبُثُّ مِن دَآبَّةٍ ءَايَٰتٌ لِّقَوۡمٍ يُوقِنُونَ ٤Futhi ekudalweni kwenu nakho konke nakusakazayo (emhlabeni) okuyizidalwa ezinyakazayo kuyizimpawu kubantu abaqinisekile (enkolweni) وَٱخۡتِلَٰفِ ٱلَّيۡلِ وَٱلنَّهَارِ وَمَآ أَنزَلَ ٱللَّهُ مِنَ ٱلسَّمَآءِ مِن رِّزۡقٍ فَأَحۡيَا بِهِ ٱلۡأَرۡضَ بَعۡدَ مَوۡتِهَا وَتَصۡرِيفِ ٱلرِّيَٰحِ ءَايَٰتٌ لِّقَوۡمٍ يَعۡقِلُونَ ٥Futhi ukuphambana kobusuku nemini kanye nalokho okwehliselwaphansinguMvelinqangiokuvelaesibhakabhakeni okuyisabelo (imvula) bese ephilisa ngayo umhlaba emva kokufa kwawo nokushintsha kwemimoya kuyizimpawu kubantu abanomqondo تِلۡكَ ءَايَٰتُ ٱللَّهِ نَتۡلُوهَا عَلَيۡكَ بِٱلۡحَقِّۖ فَبِأَيِّ حَدِيثِۭ بَعۡدَ ٱللَّهِ وَءَايَٰتِهِۦ يُؤۡمِنُونَ ٦Lawa ngamavesi kaMvelinqangi siwafundela wena ngeqiniso ngakho-ke iyiphi inkulumo abayokholwa yiyo emva kukaMvelinqangi nezimpawu namavesi akhe وَيۡلٌ لِّكُلِّ أَفَّاكٍ أَثِيمٍ ٧Usizi kulowo nalowo mqambimanga oyisoni يَسۡمَعُ ءَايَٰتِ ٱللَّهِ تُتۡلَىٰ عَلَيۡهِ ثُمَّ يُصِرُّ مُسۡتَكۡبِرًا كَأَن لَّمۡ يَسۡمَعۡهَاۖ فَبَشِّرۡهُ بِعَذَابٍ أَلِيمٍ ٨Owezwayo amavesi kaMvelinqangi efundelwa wona bese eqhubeka nokuziqhenya, kube sengathi akawezwa, ngakho-ke mtshene ngesijeziso esibuhlungu وَإِذَا عَلِمَ مِنۡ ءَايَٰتِنَا شَيۡـًٔا ٱتَّخَذَهَا هُزُوًاۚ أُوْلَٰٓئِكَ لَهُمۡ عَذَابٌ مُّهِينٌ ٩Futhi uma esekufundile okuthize emavesini ethu ukuthatha njengenhlekisa labo-ke okwabo yisijeziso esijabhisayo مِّن وَرَآئِهِمۡ جَهَنَّمُۖ وَلَا يُغۡنِي عَنۡهُم مَّا كَسَبُواْ شَيۡـًٔا وَلَا مَا ٱتَّخَذُواْ مِن دُونِ ٱللَّهِ أَوۡلِيَآءَۖ وَلَهُمۡ عَذَابٌ عَظِيمٌ ١٠Ngaphambili kwabo kunesihogo futhi angeke kubasize ngalutho lokho ababekusebenzela ngisho nalokho abakuthatha njengabavikeli esikhundleni sikaMvelinqangi futhi okwabo yisijeziso esikhulu هَٰذَا هُدًىۖ وَٱلَّذِينَ كَفَرُواْ بِـَٔايَٰتِ رَبِّهِمۡ لَهُمۡ عَذَابٌ مِّن رِّجۡزٍ أَلِيمٌ ١١Lokhu ukuholwa, futhi labo abangakholelwa emavesini eNkosi yabo okwabo yisijeziso esibuhlungu seRijz ۞ ٱللَّهُ ٱلَّذِي سَخَّرَ لَكُمُ ٱلۡبَحۡرَ لِتَجۡرِيَ ٱلۡفُلۡكُ فِيهِ بِأَمۡرِهِۦ وَلِتَبۡتَغُواْ مِن فَضۡلِهِۦ وَلَعَلَّكُمۡ تَشۡكُرُونَ ١٢NguMvelinqangi owanenzela ulwandle lwanithobela ukuze imikhumbi ihambe kulona ngempoqo yakhe futhi ukuze nifune ububele bakhe futhi ukuze nibonge وَسَخَّرَ لَكُم مَّا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَا فِي ٱلۡأَرۡضِ جَمِيعًا مِّنۡهُۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَٰتٍ لِّقَوۡمٍ يَتَفَكَّرُونَ ١٣Futhi wanenzela yanithobela noma ngabe yini esemazulwini kanye nakho konke okusemhlabeni, kuvela kuyena, ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abacabangayo قُل لِّلَّذِينَ ءَامَنُواْ يَغۡفِرُواْ لِلَّذِينَ لَا يَرۡجُونَ أَيَّامَ ٱللَّهِ لِيَجۡزِيَ قَوۡمَۢا بِمَا كَانُواْ يَكۡسِبُونَ ١٤Ithi kulabo abakholwayo abathethelele labo abangazethembi izinsuku zikaMvelinqangi ukuze anike umvuzo abantu ngenxa yalokho ababekusebenzela مَنۡ عَمِلَ صَٰلِحًا فَلِنَفۡسِهِۦۖ وَمَنۡ أَسَآءَ فَعَلَيۡهَاۖ ثُمَّ إِلَىٰ رَبِّكُمۡ تُرۡجَعُونَ ١٥Noma ngabe ngubani owenza izenzo ezinhle kungokwakhe uqobo futhi noma ngabe ngubani owenza okubi ngakho-ke kuphambene naye bese nibuyiselwa eNkosini yenu وَلَقَدۡ ءَاتَيۡنَا بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ ٱلۡكِتَٰبَ وَٱلۡحُكۡمَ وَٱلنُّبُوَّةَ وَرَزَقۡنَٰهُم مِّنَ ٱلطَّيِّبَٰتِ وَفَضَّلۡنَٰهُمۡ عَلَى ٱلۡعَٰلَمِينَ ١٦Futhi ngempela sabanikeza abantwana bakwa-Israyeli incwadi nesehlulelo nobuphrofethi futhi sababela ezintweni ezinhle futhi sabakhetha ngaphezulu kwemihlaba وَءَاتَيۡنَٰهُم بَيِّنَٰتٍ مِّنَ ٱلۡأَمۡرِۖ فَمَا ٱخۡتَلَفُوٓاْ إِلَّا مِنۢ بَعۡدِ مَا جَآءَهُمُ ٱلۡعِلۡمُ بَغۡيَۢا بَيۡنَهُمۡۚ إِنَّ رَبَّكَ يَقۡضِي بَيۡنَهُمۡ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ فِيمَا كَانُواْ فِيهِ يَخۡتَلِفُونَ ١٧Futhi sabanikeza ubufakazi obucacile odabeni, ngakho-ke abazange baphikisane kwaze kwaba yingemumva kokuba sebefikelwe ulwazi ngenxa yomona phakathi kwabo, ngempela iNkosi yakho iyokwehlulela phakathi kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo kulokho ababephikisana kukona ثُمَّ جَعَلۡنَٰكَ عَلَىٰ شَرِيعَةٍ مِّنَ ٱلۡأَمۡرِ فَٱتَّبِعۡهَا وَلَا تَتَّبِعۡ أَهۡوَآءَ ٱلَّذِينَ لَا يَعۡلَمُونَ ١٨Sabe sesikwenza ukuthi ube sendleleni esemthethweni empoqweni, ngakho-ke yilandele, ungalandeli izifiso zalabo abangazi إِنَّهُمۡ لَن يُغۡنُواْ عَنكَ مِنَ ٱللَّهِ شَيۡـًٔاۚ وَإِنَّ ٱلظَّٰلِمِينَ بَعۡضُهُمۡ أَوۡلِيَآءُ بَعۡضٍۖ وَٱللَّهُ وَلِيُّ ٱلۡمُتَّقِينَ ١٩Ngempela bona abasoze bakusize ngalutho maqondana noMvelinqangi futhi ngempela izoni ezinye zazo zingabangane zezinye, kepha uMvelinqangi ungumvikeli wabalungileyo هَٰذَا بَصَٰٓئِرُ لِلنَّاسِ وَهُدًى وَرَحۡمَةٌ لِّقَوۡمٍ يُوقِنُونَ ٢٠Lokhu kuwukubona okucacile kubantu nokuholeleka (endleleni elungileyo) kanye nomusa kubantu abaqinisekile (enkolweni) أَمۡ حَسِبَ ٱلَّذِينَ ٱجۡتَرَحُواْ ٱلسَّيِّـَٔاتِ أَن نَّجۡعَلَهُمۡ كَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ سَوَآءً مَّحۡيَاهُمۡ وَمَمَاتُهُمۡۚ سَآءَ مَا يَحۡكُمُونَ ٢١Noma ngakube labo abenza izenzo ezimbi bacabanga ukuthi siyobenza njengalabo abakholwayo futhi abenze okuhle okulungileyo? Iyalingana impilo yabo kanye nokufa kwabo, okubi yilokho abakwehlulelayo وَخَلَقَ ٱللَّهُ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ بِٱلۡحَقِّ وَلِتُجۡزَىٰ كُلُّ نَفۡسِۭ بِمَا كَسَبَتۡ وَهُمۡ لَا يُظۡلَمُونَ ٢٢Futhi uMvelinqangi wadala amazulu nomhlaba ngeqiniso futhi ukuze anike umvuzo yonke imiphefumulo ngenxa yalokho eyakusebenzela, futhi bona angeke benziwe okungenabo ubulungiswa أَفَرَءَيۡتَ مَنِ ٱتَّخَذَ إِلَٰهَهُۥ هَوَىٰهُ وَأَضَلَّهُ ٱللَّهُ عَلَىٰ عِلۡمٍ وَخَتَمَ عَلَىٰ سَمۡعِهِۦ وَقَلۡبِهِۦ وَجَعَلَ عَلَىٰ بَصَرِهِۦ غِشَٰوَةً فَمَن يَهۡدِيهِ مِنۢ بَعۡدِ ٱللَّهِۚ أَفَلَا تَذَكَّرُونَ ٢٣Ngakube umbonile yini lowo othathe njengonkulunkulu wakhe ukufisa kwakhe? Futhi uMvelinqangi umshiye ekudukeni ngenxa yolwazi futhi wasicilela ukuzwa kwakhe nenhliziyo yakhe futhi wabeka isembozo ekuboneni kwakhe, ngakho-ke ngubani ongamhola emva kukaMvelinqangi? Ngakube anikhumbuli yini na وَقَالُواْ مَا هِيَ إِلَّا حَيَاتُنَا ٱلدُّنۡيَا نَمُوتُ وَنَحۡيَا وَمَا يُهۡلِكُنَآ إِلَّا ٱلدَّهۡرُۚ وَمَا لَهُم بِذَٰلِكَ مِنۡ عِلۡمٍۖ إِنۡ هُمۡ إِلَّا يَظُنُّونَ ٢٤Futhi bathi, “akuyilutho ngaphandle kwempilo yethu yasemhlabeni, siyafa futhi siyaphila futhi akukho okungasibhubhisa ngaphandle kwesikhathi” futhi abanalo ulwazi ngalokho, kuphela bayazicabangela nje وَإِذَا تُتۡلَىٰ عَلَيۡهِمۡ ءَايَٰتُنَا بَيِّنَٰتٍ مَّا كَانَ حُجَّتَهُمۡ إِلَّآ أَن قَالُواْ ٱئۡتُواْ بِـَٔابَآئِنَآ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ ٢٥Futhi uma befundelwa amavesi ethu acacile, kuphela ukuphika kwabo ukuthi bathi, “lethani obaba bethu uma kungukuthi nina niqinisile” قُلِ ٱللَّهُ يُحۡيِيكُمۡ ثُمَّ يُمِيتُكُمۡ ثُمَّ يَجۡمَعُكُمۡ إِلَىٰ يَوۡمِ ٱلۡقِيَٰمَةِ لَا رَيۡبَ فِيهِ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَ ٱلنَّاسِ لَا يَعۡلَمُونَ ٢٦Yithi, “uMvelinqangi uyaniphilisa bese enenza ukuthi nife bese eniqoqela ndawonye ngosuku lokuvuka kwabafileyo okungekho ukungabaza kulona, kepha iningi labantu alazi” وَلِلَّهِ مُلۡكُ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۚ وَيَوۡمَ تَقُومُ ٱلسَّاعَةُ يَوۡمَئِذٍ يَخۡسَرُ ٱلۡمُبۡطِلُونَ ٢٧Futhi ungokaMvelinqangi umbuso wamazulu nomhlaba futhi ngosuku lokufika kwehora, ngalolosuku bayolahlekelwa abalandeli bamanga وَتَرَىٰ كُلَّ أُمَّةٍ جَاثِيَةًۚ كُلُّ أُمَّةٍ تُدۡعَىٰٓ إِلَىٰ كِتَٰبِهَا ٱلۡيَوۡمَ تُجۡزَوۡنَ مَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ ٢٨Futhi uyozibona zonke izizwe ziguqe phansi, zonke izizwe ziyobizelwa kokubhalwe encwadini yazo, ngalolusuku nizonikwa umvuzo ngalokho enanikwenza هَٰذَا كِتَٰبُنَا يَنطِقُ عَلَيۡكُم بِٱلۡحَقِّۚ إِنَّا كُنَّا نَسۡتَنسِخُ مَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ ٢٩Lena yincwadi yethu ekhuluma nani ngeqiniso, ngempela thina sasikubhala lokho enanikwenza فَأَمَّا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ فَيُدۡخِلُهُمۡ رَبُّهُمۡ فِي رَحۡمَتِهِۦۚ ذَٰلِكَ هُوَ ٱلۡفَوۡزُ ٱلۡمُبِينُ ٣٠Ngakho-ke labo abakholwayo futhi abenza okuhle okulungileyo iNkosi yabo iyobangenisa emseni wayo, lokho ukuphumelela okucacile وَأَمَّا ٱلَّذِينَ كَفَرُوٓاْ أَفَلَمۡ تَكُنۡ ءَايَٰتِي تُتۡلَىٰ عَلَيۡكُمۡ فَٱسۡتَكۡبَرۡتُمۡ وَكُنتُمۡ قَوۡمًا مُّجۡرِمِينَ ٣١Kepha labo abangakholwanga ngakube akazange yini amavesi ami afundelwe nina? Nabe seniyazikhukhumeza futhi ningabantu abayizoni وَإِذَا قِيلَ إِنَّ وَعۡدَ ٱللَّهِ حَقٌّ وَٱلسَّاعَةُ لَا رَيۡبَ فِيهَا قُلۡتُم مَّا نَدۡرِي مَا ٱلسَّاعَةُ إِن نَّظُنُّ إِلَّا ظَنًّا وَمَا نَحۡنُ بِمُسۡتَيۡقِنِينَ ٣٢Futhi uma kuthiwa ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso nehora akukho ukungabaza kulona nathi “asazi ukuthi yini ihora, sicabanga umcabango nje futhi thina asenelisekile (ngalo) وَبَدَا لَهُمۡ سَيِّـَٔاتُ مَا عَمِلُواْ وَحَاقَ بِهِم مَّا كَانُواْ بِهِۦ يَسۡتَهۡزِءُونَ ٣٣Futhi buyovela kubona ububi baloko ababekwenza futhi kuyobazungeleza lokho ababenza ngako inhlekisa وَقِيلَ ٱلۡيَوۡمَ نَنسَىٰكُمۡ كَمَا نَسِيتُمۡ لِقَآءَ يَوۡمِكُمۡ هَٰذَا وَمَأۡوَىٰكُمُ ٱلنَّارُ وَمَا لَكُم مِّن نَّٰصِرِينَ ٣٤Futhi kuyothiwa, “ngalolusuku sizonikhohlwa njengoba nakhohlwa ukuhlangana ngalolusuku lwenu” ذَٰلِكُم بِأَنَّكُمُ ٱتَّخَذۡتُمۡ ءَايَٰتِ ٱللَّهِ هُزُوًا وَغَرَّتۡكُمُ ٱلۡحَيَوٰةُ ٱلدُّنۡيَاۚ فَٱلۡيَوۡمَ لَا يُخۡرَجُونَ مِنۡهَا وَلَا هُمۡ يُسۡتَعۡتَبُونَ ٣٥Lokho kungenxa yokuthi nina nanithatha amavesi kaMvelinqangi njengenhlekisa futhi yanikhohlisa impilo yalomhlaba ngakho-ke ngalolusuku angeke bakhishwe kusona (isihogo) futhi bona angeke bemukelwe emseni kaMvelinqangi فَلِلَّهِ ٱلۡحَمۡدُ رَبِّ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَرَبِّ ٱلۡأَرۡضِ رَبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ ٣٦Ngakho-ke udumo ngolukaMvelinqangi iNkosi yamazulu neNkosi yezwe iNkosi yemihlaba وَلَهُ ٱلۡكِبۡرِيَآءُ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۖ وَهُوَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡحَكِيمُ ٣٧Futhi ngobakhe ubukhosi emazulwini nasemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.