Millat al-Islam

Chapter 86 · 17 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah At-Tariq in Zulu

Arabic with tafsir Listen to Surah At-Tariq (1312 reciters)
Meccanسورة الطارق17 verses

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

وَٱلسَّمَآءِ وَٱلطَّارِقِ ١Ngifunga ngesibhakabhaka nangokukhanyayo ebusuku وَمَآ أَدۡرَىٰكَ مَا ٱلطَّارِقُ ٢Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini okukhanyayo ebusuku ٱلنَّجۡمُ ٱلثَّاقِبُ ٣Yinkanyezi ekhanyayo إِن كُلُّ نَفۡسٍ لَّمَّا عَلَيۡهَا حَافِظٌ ٤Awukho umphefumulo kepha phezu kwawo kunomlondolozi فَلۡيَنظُرِ ٱلۡإِنسَٰنُ مِمَّ خُلِقَ ٥Ngakho-ke akabheke umuntu ukuthi wadalwa ngani خُلِقَ مِن مَّآءٍ دَافِقٍ ٦Wadalwa ngamanzi (uketshezi) olukhishwa (owesilisa nowesifazane) isidoda يَخۡرُجُ مِنۢ بَيۡنِ ٱلصُّلۡبِ وَٱلتَّرَآئِبِ ٧Aphuma phakathi emgogodleni nasezimbanjeni إِنَّهُۥ عَلَىٰ رَجۡعِهِۦ لَقَادِرٌ ٨Ngempela yena (uMvelinqangi) uyakwazi ukumphindisela emumva (empilweni) يَوۡمَ تُبۡلَى ٱلسَّرَآئِرُ ٩Ngosuku lapho izimfihlo ziyolingwa (ziyovezwa obala) فَمَا لَهُۥ مِن قُوَّةٍ وَلَا نَاصِرٍ ١٠Ngifunga ngakho-ke angeke abenawo amandla nomsizi وَٱلسَّمَآءِ ذَاتِ ٱلرَّجۡعِ ١١Futhi ngifunga ngezulu (ngesibhakabhaka) esiletha imvula ngokuphindelela وَٱلۡأَرۡضِ ذَاتِ ٱلصَّدۡعِ ١٢Futhi ngifunga ngomhlaba ngenkathi uqhekeka phakathi إِنَّهُۥ لَقَوۡلٌ فَصۡلٌ ١٣Ngempela kona kuyinkulumo ehlukanisayo (okuhle nokubi) وَمَا هُوَ بِٱلۡهَزۡلِ ١٤Futhi kona akuyiwona umdlalo إِنَّهُمۡ يَكِيدُونَ كَيۡدًا ١٥Ngempela bona benza icebo وَأَكِيدُ كَيۡدًا ١٦Futhi nami ngenza icebo فَمَهِّلِ ٱلۡكَٰفِرِينَ أَمۡهِلۡهُمۡ رُوَيۡدَۢا ١٧Ngakho-ke banike ithuba abangakholwa, bayekwe okwesikhashana ngobumnene

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.