بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ فَاطِرِ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ جَاعِلِ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةِ رُسُلًا أُوْلِيٓ أَجۡنِحَةٍ مَّثۡنَىٰ وَثُلَٰثَ وَرُبَٰعَۚ يَزِيدُ فِي ٱلۡخَلۡقِ مَا يَشَآءُۚ إِنَّ ٱللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيۡءٍ قَدِيرٌ ١Udumo lungolukaMvelinqangi umsunguli wamazulu nomhlaba owenza izingelosi izithunywa ezinamaphiko angambili nangantathu nangane uyakwandisa endalweni lokho akuthandayo, ngempela uMvelinqangi unamandla okwenza zonke izinto مَّا يَفۡتَحِ ٱللَّهُ لِلنَّاسِ مِن رَّحۡمَةٍ فَلَا مُمۡسِكَ لَهَاۖ وَمَا يُمۡسِكۡ فَلَا مُرۡسِلَ لَهُۥ مِنۢ بَعۡدِهِۦۚ وَهُوَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡحَكِيمُ ٢Noma ngabe yini uMvelinqangi ayinikeza abantu emseni ngakho-ke akekho ongayigodla, futhi noma ngabe yini ayigodlayo akekho ongayikhulula ngemva kwakhe futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ ٱذۡكُرُواْ نِعۡمَتَ ٱللَّهِ عَلَيۡكُمۡۚ هَلۡ مِنۡ خَٰلِقٍ غَيۡرُ ٱللَّهِ يَرۡزُقُكُم مِّنَ ٱلسَّمَآءِ وَٱلۡأَرۡضِۚ لَآ إِلَٰهَ إِلَّا هُوَۖ فَأَنَّىٰ تُؤۡفَكُونَ ٣Oh Bantu! khumbulani ububele bukaMvelinqangi kunina, ngakube ukhona yini omunye umdali ngaphandle kukaMvelinqangioninikaisabeloesivelaezulwininasemhlabeni na? Akekho onelungelo lokukhonzwa ngaphandle kwakhe, nimfulathelelani na وَإِن يُكَذِّبُوكَ فَقَدۡ كُذِّبَتۡ رُسُلٌ مِّن قَبۡلِكَۚ وَإِلَى ٱللَّهِ تُرۡجَعُ ٱلۡأُمُورُ ٤Futhi uma bekuphika ngempela zaziphikwa izithunywa ngaphambilini kwakho futhi ikuMvelinqangi lapho zibuyiselwa khona izindaba يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ إِنَّ وَعۡدَ ٱللَّهِ حَقٌّۖ فَلَا تَغُرَّنَّكُمُ ٱلۡحَيَوٰةُ ٱلدُّنۡيَا وَلَا يَغُرَّنَّكُم بِٱللَّهِ ٱلۡغَرُورُ ٥Oh Bantu! ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso ngakho-ke ayinganikhohlisi impilo yalomhlaba futhi akanganikhohlisi umkhohlisi ngoMvelinqangi إِنَّ ٱلشَّيۡطَٰنَ لَكُمۡ عَدُوٌّ فَٱتَّخِذُوهُ عَدُوًّاۚ إِنَّمَا يَدۡعُواْ حِزۡبَهُۥ لِيَكُونُواْ مِنۡ أَصۡحَٰبِ ٱلسَّعِيرِ ٦Ngempela usathane uyisitha senu, ngakho-ke mthatheni njengesitha kuphela umema iqembu lakhe ukuze libengabanye babangane bomlilo ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَهُمۡ عَذَابٌ شَدِيدٌۖ وَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ لَهُم مَّغۡفِرَةٌ وَأَجۡرٌ كَبِيرٌ ٧Labo abangakholwanga okwabo yisijeziso esinzima. Futhi okwalaboabakholwayofuthiabenzaizenzoezinhleezilungileyo yintethelelo kanye nomvuzo omkhulu أَفَمَن زُيِّنَ لَهُۥ سُوٓءُ عَمَلِهِۦ فَرَءَاهُ حَسَنًاۖ فَإِنَّ ٱللَّهَ يُضِلُّ مَن يَشَآءُ وَيَهۡدِي مَن يَشَآءُۖ فَلَا تَذۡهَبۡ نَفۡسُكَ عَلَيۡهِمۡ حَسَرَٰتٍۚ إِنَّ ٱللَّهَ عَلِيمُۢ بِمَا يَصۡنَعُونَ ٨Ngakube lowo owenzelwe izenzo zakhe ezimbi zabukeka zizinhle uzibona zizinhle ngakho-ke ngempela uMvelinqangi udukisa lowo amthandayo, futhi uholela (endleleni eqondile) lowo amthandayo, ngakho-ke awungaphatheki kabi umphefumulo wakho ngabo, ngempela uMvelinqangi uyisazi ngalokho abakwenzayo وَٱللَّهُ ٱلَّذِيٓ أَرۡسَلَ ٱلرِّيَٰحَ فَتُثِيرُ سَحَابًا فَسُقۡنَٰهُ إِلَىٰ بَلَدٍ مَّيِّتٍ فَأَحۡيَيۡنَا بِهِ ٱلۡأَرۡضَ بَعۡدَ مَوۡتِهَاۚ كَذَٰلِكَ ٱلنُّشُورُ ٩Futhi nguMvelinqangi othumela imimoya bese iphakamisa amafu bese siwathumela ezweni elifile sivuse ngawo umhlaba emva kokufa kwawo, kunjalo ukuvuswa kokufileyo مَن كَانَ يُرِيدُ ٱلۡعِزَّةَ فَلِلَّهِ ٱلۡعِزَّةُ جَمِيعًاۚ إِلَيۡهِ يَصۡعَدُ ٱلۡكَلِمُ ٱلطَّيِّبُ وَٱلۡعَمَلُ ٱلصَّٰلِحُ يَرۡفَعُهُۥۚ وَٱلَّذِينَ يَمۡكُرُونَ ٱلسَّيِّـَٔاتِ لَهُمۡ عَذَابٌ شَدِيدٌۖ وَمَكۡرُ أُوْلَٰٓئِكَ هُوَ يَبُورُ ١٠Noma ngabe ngubani ofisa ukuhlonipheka ngakho-ke ukuhlonipheka konke kungokukaMvelinqangi, kuyena kukhuphukelaizwielihlekanyenomsebenziomuhleolungileyo uyalenyusa futhi labo abenza amacebo ngezinto ezimbi okwabo yisijeziso esinzima futhi icebo labo liyashabalala وَٱللَّهُ خَلَقَكُم مِّن تُرَابٍ ثُمَّ مِن نُّطۡفَةٍ ثُمَّ جَعَلَكُمۡ أَزۡوَٰجًاۚ وَمَا تَحۡمِلُ مِنۡ أُنثَىٰ وَلَا تَضَعُ إِلَّا بِعِلۡمِهِۦۚ وَمَا يُعَمَّرُ مِن مُّعَمَّرٍ وَلَا يُنقَصُ مِنۡ عُمُرِهِۦٓ إِلَّا فِي كِتَٰبٍۚ إِنَّ ذَٰلِكَ عَلَى ٱللَّهِ يَسِيرٌ ١١Futhi uMvelinqangi wanidala ngothuli kwasekuba ingeconsi lesidoda wayesenenza nabangambili, futhi akekho owesifazane okhulelwe otetayo ngaphandle kolwazi lwakhe futhi akusikona ukuthi umuntu omdala welulelwa iminyaka noma incishiswe iminyaka yakhe kepha kusencwadini ngempela lokho kulula kuMvelinqangi وَمَا يَسۡتَوِي ٱلۡبَحۡرَانِ هَٰذَا عَذۡبٌ فُرَاتٌ سَآئِغٌ شَرَابُهُۥ وَهَٰذَا مِلۡحٌ أُجَاجٌۖ وَمِن كُلٍّ تَأۡكُلُونَ لَحۡمًا طَرِيًّا وَتَسۡتَخۡرِجُونَ حِلۡيَةً تَلۡبَسُونَهَاۖ وَتَرَى ٱلۡفُلۡكَ فِيهِ مَوَاخِرَ لِتَبۡتَغُواْ مِن فَضۡلِهِۦ وَلَعَلَّكُمۡ تَشۡكُرُونَ ١٢Futhi ulwandle olubili alufani lolu luhlwabusile lusashukela luyaphuzeka, loluya lusasawoti luyababa, kulona (lolubili) nidla inyama emnandi (izinhlanzi) futhi nikhipha imihlobiso eniyigqokayo futhi ubona imikhumbi ihamba kulona (ulwandle) ukuze nifune umusa wakhe futhi ukuze mhlawumbe nibonge يُولِجُ ٱلَّيۡلَ فِي ٱلنَّهَارِ وَيُولِجُ ٱلنَّهَارَ فِي ٱلَّيۡلِ وَسَخَّرَ ٱلشَّمۡسَ وَٱلۡقَمَرَۖ كُلٌّ يَجۡرِي لِأَجَلٍ مُّسَمًّىۚ ذَٰلِكُمُ ٱللَّهُ رَبُّكُمۡ لَهُ ٱلۡمُلۡكُۚ وَٱلَّذِينَ تَدۡعُونَ مِن دُونِهِۦ مَا يَمۡلِكُونَ مِن قِطۡمِيرٍ ١٣Wenza ukuthi ubusuku bungenele emini futhi wenza ukuthi imini ingenele ebusukwini futhi wenza ukuthi ilanga nenyanga ngakunye kuhambe isikhathi esinqunyiwe, lowo nguMvelinqangi iNkosi yenu, ubukhosi bungobakhe futhi labo enibamemezayo esikhundleni sakhe abanawo ngisho umucwana wohlamvu lwesundu إِن تَدۡعُوهُمۡ لَا يَسۡمَعُواْ دُعَآءَكُمۡ وَلَوۡ سَمِعُواْ مَا ٱسۡتَجَابُواْ لَكُمۡۖ وَيَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ يَكۡفُرُونَ بِشِرۡكِكُمۡۚ وَلَا يُنَبِّئُكَ مِثۡلُ خَبِيرٍ ١٤Uma nibamemeza abawuzwa umthandazo wenu futhi noma ngabe bayezwa abakwazi ukuniphendula futhi ngosuku lokuvuka kwabafileyo bayophika ukuzibandakanya kanye nani futhi akekho ongakutshela (lokhu) onjengonolwazi ۞ يَٰٓأَيُّهَا ٱلنَّاسُ أَنتُمُ ٱلۡفُقَرَآءُ إِلَى ٱللَّهِۖ وَٱللَّهُ هُوَ ٱلۡغَنِيُّ ٱلۡحَمِيدُ ١٥Oh Bantu! Nina ningabadinga uMvelinqangi kepha yena uMvelinqangi akadingi lutho ungodunyiswayo إِن يَشَأۡ يُذۡهِبۡكُمۡ وَيَأۡتِ بِخَلۡقٍ جَدِيدٍ ١٦Uma ethanda anganisusa bese enza indalo entsha وَمَا ذَٰلِكَ عَلَى ٱللَّهِ بِعَزِيزٍ ١٧Futhi lokho kuMvelinqangi akunzima وَلَا تَزِرُ وَازِرَةٌ وِزۡرَ أُخۡرَىٰۚ وَإِن تَدۡعُ مُثۡقَلَةٌ إِلَىٰ حِمۡلِهَا لَا يُحۡمَلۡ مِنۡهُ شَيۡءٌ وَلَوۡ كَانَ ذَا قُرۡبَىٰٓۗ إِنَّمَا تُنذِرُ ٱلَّذِينَ يَخۡشَوۡنَ رَبَّهُم بِٱلۡغَيۡبِ وَأَقَامُواْ ٱلصَّلَوٰةَۚ وَمَن تَزَكَّىٰ فَإِنَّمَا يَتَزَكَّىٰ لِنَفۡسِهِۦۚ وَإِلَى ٱللَّهِ ٱلۡمَصِيرُ ١٨Futhi akekho umthwali wemithwalo oyothwala umthwalo womunye futhi uma omunye ethwele okusindayo ubiza omunye ukuthwala umthwalo wakhe, akekho oyothwala ingxenye kuwona ngisho noma ngabe yisihlobo esisondele, kuphela ungabaxwayisa labo abesaba iNkosi yabo engabonwayo futhi abenza umthandazo futhi noma ngabe ngubani ozihlanzayo kuphela uzihlanzela umphefumulo wakhe futhi sikuMvelinqangi isiphetho وَمَا يَسۡتَوِي ٱلۡأَعۡمَىٰ وَٱلۡبَصِيرُ ١٩Futhi akefani ongaboni nobonayo وَلَا ٱلظُّلُمَٰتُ وَلَا ٱلنُّورُ ٢٠Ngisho nobumnyama nokukhanya (akufani) وَلَا ٱلظِّلُّ وَلَا ٱلۡحَرُورُ ٢١Ngisho nomthunzi nokushisa kwelanga (akufani) وَمَا يَسۡتَوِي ٱلۡأَحۡيَآءُ وَلَا ٱلۡأَمۡوَٰتُۚ إِنَّ ٱللَّهَ يُسۡمِعُ مَن يَشَآءُۖ وَمَآ أَنتَ بِمُسۡمِعٍ مَّن فِي ٱلۡقُبُورِ ٢٢Futhi abefani abaphilayo nabafileyo, ngempela uMvelinqangi wenza ukuthi ezwe lowo amthandayo futhi wena awusiyena owenza ukuthi bezwe labo abasemangcwabeni إِنۡ أَنتَ إِلَّا نَذِيرٌ ٢٣Wena awuyilutho ngaphandle kokuba ngumxwayisi إِنَّآ أَرۡسَلۡنَٰكَ بِٱلۡحَقِّ بَشِيرًا وَنَذِيرًاۚ وَإِن مِّنۡ أُمَّةٍ إِلَّا خَلَا فِيهَا نَذِيرٌ ٢٤Ngempela sakuthumela neqiniso njengomlethi wezindaba ezimnandi nomxwayisi, futhi asikho isizwe ekungazange kudlule kusona umxwayisi وَإِن يُكَذِّبُوكَ فَقَدۡ كَذَّبَ ٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡ جَآءَتۡهُمۡ رُسُلُهُم بِٱلۡبَيِّنَٰتِ وَبِٱلزُّبُرِ وَبِٱلۡكِتَٰبِ ٱلۡمُنِيرِ ٢٥Futhi uma bekuphika ngempela labo ababengaphambilini kwabo baphikwa, zafika kubona izithunywa zabo nezimpawu ezicacile nemibhalo kanye nencwadi ekhanyisayo ثُمَّ أَخَذۡتُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْۖ فَكَيۡفَ كَانَ نَكِيرِ ٢٦Ngabe sengiyababamba labo ababengakholwa (bheka) ukuthi kwakunjani ukubaphika kwami أَلَمۡ تَرَ أَنَّ ٱللَّهَ أَنزَلَ مِنَ ٱلسَّمَآءِ مَآءً فَأَخۡرَجۡنَا بِهِۦ ثَمَرَٰتٍ مُّخۡتَلِفًا أَلۡوَٰنُهَاۚ وَمِنَ ٱلۡجِبَالِ جُدَدُۢ بِيضٌ وَحُمۡرٌ مُّخۡتَلِفٌ أَلۡوَٰنُهَا وَغَرَابِيبُ سُودٌ ٢٧Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi wehlisela phansi amanzi avela esibhakabhakeni esiveza ngawo izithelo ezinemibala eyizinhlobonhlobo futhi ezintabeni kunezindlela ezimhlophe nezibomvu ezemibala eyehlukehlukene (ezinye) zimnyama kakhulu وَمِنَ ٱلنَّاسِ وَٱلدَّوَآبِّ وَٱلۡأَنۡعَٰمِ مُخۡتَلِفٌ أَلۡوَٰنُهُۥ كَذَٰلِكَۗ إِنَّمَا يَخۡشَى ٱللَّهَ مِنۡ عِبَادِهِ ٱلۡعُلَمَٰٓؤُاْۗ إِنَّ ٱللَّهَ عَزِيزٌ غَفُورٌ ٢٨Futhi phakathi kwabantu nasezilwaneni kanye nasezinkomeni kunemibala eyehlukehlukene, kuphela abesaba uMvelinqangi ezincekwini zakhe abanolwazi, ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla ungothethelelayo إِنَّ ٱلَّذِينَ يَتۡلُونَ كِتَٰبَ ٱللَّهِ وَأَقَامُواْ ٱلصَّلَوٰةَ وَأَنفَقُواْ مِمَّا رَزَقۡنَٰهُمۡ سِرًّا وَعَلَانِيَةً يَرۡجُونَ تِجَٰرَةً لَّن تَبُورَ ٢٩Ngempela labo abayifundayo incwadi kaMvelinqangi benze umthandazo futhi basebenzise (banikele) kulokho esababela kukona esithe nasobala bethembele ohwebweni olungasoze lwashabalala لِيُوَفِّيَهُمۡ أُجُورَهُمۡ وَيَزِيدَهُم مِّن فَضۡلِهِۦٓۚ إِنَّهُۥ غَفُورٌ شَكُورٌ ٣٠Ukuze abakhokhele imivuzo yabo ngokugcwele futhi abanezelele emseni wakhe, ngempela yena uyathethelela uyabonga وَٱلَّذِيٓ أَوۡحَيۡنَآ إِلَيۡكَ مِنَ ٱلۡكِتَٰبِ هُوَ ٱلۡحَقُّ مُصَدِّقًا لِّمَا بَيۡنَ يَدَيۡهِۗ إِنَّ ٱللَّهَ بِعِبَادِهِۦ لَخَبِيرُۢ بَصِيرٌ ٣١Futhi loko esikwambulile kuwena kwencwadi kuyiqiniso eligcwalisela lokho okungaphambilini kwayo, ngempela uMvelinqangi uyazi uyazibona izinceku zakhe ثُمَّ أَوۡرَثۡنَا ٱلۡكِتَٰبَ ٱلَّذِينَ ٱصۡطَفَيۡنَا مِنۡ عِبَادِنَاۖ فَمِنۡهُمۡ ظَالِمٌ لِّنَفۡسِهِۦ وَمِنۡهُم مُّقۡتَصِدٌ وَمِنۡهُمۡ سَابِقُۢ بِٱلۡخَيۡرَٰتِ بِإِذۡنِ ٱللَّهِۚ ذَٰلِكَ هُوَ ٱلۡفَضۡلُ ٱلۡكَبِيرُ ٣٢Sabe sesibanikeza incwadi njengendlalifa labo esabakhethayo ezincekwini zethu, ngakho-ke phakathi kwabo kunalowo owona umphefumulo wakhe futhi phakathi kwabo kunalowo omaphakathi nendawo futhi phakathi kwabo kunalowo ophambili kunabo bonke ezenzweni ezinhle ngemvume kaMvelinqangi lokho kungumusa omkhulu جَنَّٰتُ عَدۡنٍ يَدۡخُلُونَهَا يُحَلَّوۡنَ فِيهَا مِنۡ أَسَاوِرَ مِن ذَهَبٍ وَلُؤۡلُؤًاۖ وَلِبَاسُهُمۡ فِيهَا حَرِيرٌ ٣٣Izivande zangunaphakade abayongena kuzona, lapho phakathi bayohlotshiswa ngezigqizo zegolide nangobuhlalo futhi izingubo zabo lapho phakathi kuyoba ngezikasilika وَقَالُواْ ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ ٱلَّذِيٓ أَذۡهَبَ عَنَّا ٱلۡحَزَنَۖ إِنَّ رَبَّنَا لَغَفُورٌ شَكُورٌ ٣٤Futhi bayothi, “udumo malube kuMvelinqangi okunguyena owasusa usizi kuthina! ngempela iNkosi yethu iyathethelela iyabonga” ٱلَّذِيٓ أَحَلَّنَا دَارَ ٱلۡمُقَامَةِ مِن فَضۡلِهِۦ لَا يَمَسُّنَا فِيهَا نَصَبٌ وَلَا يَمَسُّنَا فِيهَا لُغُوبٌ ٣٥(Inkosi) esihlalise endaweni yokuhlala yangunaphakade, ngomusa wayo futhi lapho phakathi angeke kusithinte ukusebenza futhi lapho phakathi angeke kusithinte ukukhathala وَٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَهُمۡ نَارُ جَهَنَّمَ لَا يُقۡضَىٰ عَلَيۡهِمۡ فَيَمُوتُواْ وَلَا يُخَفَّفُ عَنۡهُم مِّنۡ عَذَابِهَاۚ كَذَٰلِكَ نَجۡزِي كُلَّ كَفُورٍ ٣٦Futhi labo abangakholwanga okwabo ngumlilo wesihogo, asikho isikhathi esinqunyiwe kubona ukuthi bafe futhi angeke bancishiselwe esijezisweni sawo, sibanika umvuzo kanjalo bonke abangabongi وَهُمۡ يَصۡطَرِخُونَ فِيهَا رَبَّنَآ أَخۡرِجۡنَا نَعۡمَلۡ صَٰلِحًا غَيۡرَ ٱلَّذِي كُنَّا نَعۡمَلُۚ أَوَلَمۡ نُعَمِّرۡكُم مَّا يَتَذَكَّرُ فِيهِ مَن تَذَكَّرَ وَجَآءَكُمُ ٱلنَّذِيرُۖ فَذُوقُواْ فَمَا لِلظَّٰلِمِينَ مِن نَّصِيرٍ ٣٧Futhi lapho phakathi bayokhalela (usizo) “Nkosi yethu sikhiphe sizokwenza izenzo ezinhle ezilungileyo hhayi lezo esasizenza” asizange yini sininike impilo ende ngokwanele ukuze noma ngabe ngubani owayengayaleka ayaleke na? Futhi wafika kunina umxwayisi, ngakho-ke yizwani abayizoni angeke babenaye umsizi إِنَّ ٱللَّهَ عَٰلِمُ غَيۡبِ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۚ إِنَّهُۥ عَلِيمُۢ بِذَاتِ ٱلصُّدُورِ ٣٨Ngempela uMvelinqangi uyisazi sokungabonwayo samazulu nomhlaba ngempela yena uyakwazi lokho okusezifubeni هُوَ ٱلَّذِي جَعَلَكُمۡ خَلَٰٓئِفَ فِي ٱلۡأَرۡضِۚ فَمَن كَفَرَ فَعَلَيۡهِ كُفۡرُهُۥۖ وَلَا يَزِيدُ ٱلۡكَٰفِرِينَ كُفۡرُهُمۡ عِندَ رَبِّهِمۡ إِلَّا مَقۡتًاۖ وَلَا يَزِيدُ ٱلۡكَٰفِرِينَ كُفۡرُهُمۡ إِلَّا خَسَارًا ٣٩Nguyena owanenza ukuba ngabalandelayo ngokuhlala emhlabeni. Ngakho-ke noma ngabe ngubani ongakholwa kukuyena ukungakholwa kwakhe futhi akubanezezeli abangakholwa ukungakholwa kwabo eNkosini yabo ngaphandle kokunengeka futhi akubanezeleli (ngalutho) abangakholwa ukungakholwa kwabo ngaphandle kokulahlekelwa قُلۡ أَرَءَيۡتُمۡ شُرَكَآءَكُمُ ٱلَّذِينَ تَدۡعُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ أَرُونِي مَاذَا خَلَقُواْ مِنَ ٱلۡأَرۡضِ أَمۡ لَهُمۡ شِرۡكٌ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ أَمۡ ءَاتَيۡنَٰهُمۡ كِتَٰبًا فَهُمۡ عَلَىٰ بَيِّنَتٍ مِّنۡهُۚ بَلۡ إِن يَعِدُ ٱلظَّٰلِمُونَ بَعۡضُهُم بَعۡضًا إِلَّا غُرُورًا ٤٠Ithi, “ngakube nibabonile yini abahlanganyeli benu labo enibabizayo esikhundleni sikaMvelinqangi na?, Ngikhombiseni ukuthi yini abayidalayo emhlabeni noma ngakube banomhlanganyeli emazulwini na? Noma ngakube sabanikeza incwadi bona basebufakazini obucacile kuyona na? Qhabo! izoni azithembisani lutho ngaphandle kwenkohliso” ۞ إِنَّ ٱللَّهَ يُمۡسِكُ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ أَن تَزُولَاۚ وَلَئِن زَالَتَآ إِنۡ أَمۡسَكَهُمَا مِنۡ أَحَدٍ مِّنۢ بَعۡدِهِۦٓۚ إِنَّهُۥ كَانَ حَلِيمًا غَفُورًا ٤١Ngempela uMvelinqangi uyawabamba amazulu nomhlaba ukuthi angasuki endaweni yawo futhi uma esuka endaweni yawo akekho ngisho noyedwa ongawabamba womabili emva kwakhe ngempela yena ngasosonke isikhathi uyabekezela uyathethelela وَأَقۡسَمُواْ بِٱللَّهِ جَهۡدَ أَيۡمَٰنِهِمۡ لَئِن جَآءَهُمۡ نَذِيرٌ لَّيَكُونُنَّ أَهۡدَىٰ مِنۡ إِحۡدَى ٱلۡأُمَمِۖ فَلَمَّا جَآءَهُمۡ نَذِيرٌ مَّا زَادَهُمۡ إِلَّا نُفُورًا ٤٢Futhi bafunga ngoMvelinqangi izifungo zabo ezinqala ukuthi uma kungase kufike umxwayisi kubona bangaba ngabaholwe kakhulu ngaphezu kwanoma yiziphi izizwe kepha kwathi lapho sekufika umxwayisi kubona abazange banezelelwe yilutho ngaphandle kokukugwema lokho ٱسۡتِكۡبَارًا فِي ٱلۡأَرۡضِ وَمَكۡرَ ٱلسَّيِّيِٕۚ وَلَا يَحِيقُ ٱلۡمَكۡرُ ٱلسَّيِّئُ إِلَّا بِأَهۡلِهِۦۚ فَهَلۡ يَنظُرُونَ إِلَّا سُنَّتَ ٱلۡأَوَّلِينَۚ فَلَن تَجِدَ لِسُنَّتِ ٱللَّهِ تَبۡدِيلًاۖ وَلَن تَجِدَ لِسُنَّتِ ٱللَّهِ تَحۡوِيلًا ٤٣Beqhosha emhlabeni futhi benza icebo elibi futhi icebo elibi alimsingathi omunye umuntu ngaphandle kwabantu balo ngakho-ke ngakube kukhona yini abakulindele ngaphandle kwendlela yasemandulo na? Kepha awusoze uyifumane inguquko endleleni kaMvelinqangi futhi awusoze ukufumane ukuchezuka endleleni kaMvelinqangi أَوَلَمۡ يَسِيرُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ فَيَنظُرُواْ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡ وَكَانُوٓاْ أَشَدَّ مِنۡهُمۡ قُوَّةًۚ وَمَا كَانَ ٱللَّهُ لِيُعۡجِزَهُۥ مِن شَيۡءٍ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَلَا فِي ٱلۡأَرۡضِۚ إِنَّهُۥ كَانَ عَلِيمًا قَدِيرًا ٤٤Abazange yini bahambe ezweni babone ukuthi sasinjani isiphetho salabo ababengaphambilini kwabo futhi babeqatha ngamandla kunabo futhi uMvelinqangi akukho lutho elimphunyukayo emazulwini nasemhlabeni futhi yena ngasosonke isikhathi uyazi unamandla okwenza وَلَوۡ يُؤَاخِذُ ٱللَّهُ ٱلنَّاسَ بِمَا كَسَبُواْ مَا تَرَكَ عَلَىٰ ظَهۡرِهَا مِن دَآبَّةٍ وَلَٰكِن يُؤَخِّرُهُمۡ إِلَىٰٓ أَجَلٍ مُّسَمًّىۖ فَإِذَا جَآءَ أَجَلُهُمۡ فَإِنَّ ٱللَّهَ كَانَ بِعِبَادِهِۦ بَصِيرَۢا ٤٥Futhi ukube uMvelinqangi wayengase abajezise abantu ngenxa yalokho abakusebenzele wayengeke azishiye izidalwa ezinyakazayo (izilwane) phezu kwawo (umhlaba) kepha ubayekela isikhathi esinqunyiwe ngakho-ke uma kufika isikhathi sabo ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi ungumboni wezinceku zakhe