Millat al-Islam

Chapter 34 · 54 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Saba in Zulu

Arabic with tafsir Listen to Surah Saba (1155 reciters)
Meccanسورة سبأ54 verses

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ ٱلَّذِي لَهُۥ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَا فِي ٱلۡأَرۡضِ وَلَهُ ٱلۡحَمۡدُ فِي ٱلۡأٓخِرَةِۚ وَهُوَ ٱلۡحَكِيمُ ٱلۡخَبِيرُ ١Udumo malube kuMvelinqangi okunguyena okungokwakhe noma ngabe yini esemazulwini nanoma ngabe yini esemhlabeni futhi udumo kuyobe kungolwakhe empilweni ezayo futhi yena ungonobuhlakani ungowaziwayo يَعۡلَمُ مَا يَلِجُ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَمَا يَخۡرُجُ مِنۡهَا وَمَا يَنزِلُ مِنَ ٱلسَّمَآءِ وَمَا يَعۡرُجُ فِيهَاۚ وَهُوَ ٱلرَّحِيمُ ٱلۡغَفُورُ ٢Wazi noma ngabe yini engena emhlabathini nanoma ngabe yini ephuma kuwona kanye nanoma ngabe yini eyehlayo ivela ezulwini nanoma ngabe yini engena kulona futhi yena ungonomusa, othethelelayo وَقَالَ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَا تَأۡتِينَا ٱلسَّاعَةُۖ قُلۡ بَلَىٰ وَرَبِّي لَتَأۡتِيَنَّكُمۡ عَٰلِمِ ٱلۡغَيۡبِۖ لَا يَعۡزُبُ عَنۡهُ مِثۡقَالُ ذَرَّةٍ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَلَا فِي ٱلۡأَرۡضِ وَلَآ أَصۡغَرُ مِن ذَٰلِكَ وَلَآ أَكۡبَرُ إِلَّا فِي كِتَٰبٍ مُّبِينٍ ٣Futhi labo abangakholwangwa bathi, “angeke lifike kuthina ihora” ithi “yebo ngeNkosi yami ngempela liyofika kunina, isazi sokungabonwayo asigejwa ngisho noma ngabe yinto encane kangakanani emazulwini ngisho nasemhlabeni ngisho noma kukuncane kakhuku kunalokho ngisho noma ngabe kukukhulu kakhulu kepha kusencwadini ecacile” لِّيَجۡزِيَ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِۚ أُوْلَٰٓئِكَ لَهُم مَّغۡفِرَةٌ وَرِزۡقٌ كَرِيمٌ ٤Ukuze abanike umvuzo labo abakholwayo futhi abenza imisebenzi elungileyo labo-ke, okwabo yintethelelo nesabelo esisezingeni eliphezulu وَٱلَّذِينَ سَعَوۡ فِيٓ ءَايَٰتِنَا مُعَٰجِزِينَ أُوْلَٰٓئِكَ لَهُمۡ عَذَابٌ مِّن رِّجۡزٍ أَلِيمٌ ٥Futhi labo abazabalazayo ukuphikisana namavesi ethu ukuwadikibalisa labo-ke okwabo yisijeziso esinzima esibuhlungu وَيَرَى ٱلَّذِينَ أُوتُواْ ٱلۡعِلۡمَ ٱلَّذِيٓ أُنزِلَ إِلَيۡكَ مِن رَّبِّكَ هُوَ ٱلۡحَقَّ وَيَهۡدِيٓ إِلَىٰ صِرَٰطِ ٱلۡعَزِيزِ ٱلۡحَمِيدِ ٦Futhi labo ababenikezwe ulwazi bayakubona lokho okwembulwa kuwena okuvela eNkosini yakho ukuthi kona kuyiqiniso futhi kuholela endleleni yophakeme ngamandla, ofanelwe ukudunyiswa وَقَالَ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ هَلۡ نَدُلُّكُمۡ عَلَىٰ رَجُلٍ يُنَبِّئُكُمۡ إِذَا مُزِّقۡتُمۡ كُلَّ مُمَزَّقٍ إِنَّكُمۡ لَفِي خَلۡقٍ جَدِيدٍ ٧Futhi labo abangakholwanga bathi, “ngakube singanikhombisa yini indoda ezonitshela ukuthi uma senihlukanisiwe ukuhlukaniswa okuphelele (seningeyilutho) ngempela nina nizoba sendalweni entsha?” أَفۡتَرَىٰ عَلَى ٱللَّهِ كَذِبًا أَم بِهِۦ جِنَّةُۢۗ بَلِ ٱلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ بِٱلۡأٓخِرَةِ فِي ٱلۡعَذَابِ وَٱلضَّلَٰلِ ٱلۡبَعِيدِ ٨Ngakube uqambela uMvelinqangi amanga noma unokuhlanya na?, kepha labo abangakholelwa empilweni ezayo basesonweni nasekudukeni okukude le أَفَلَمۡ يَرَوۡاْ إِلَىٰ مَا بَيۡنَ أَيۡدِيهِمۡ وَمَا خَلۡفَهُم مِّنَ ٱلسَّمَآءِ وَٱلۡأَرۡضِۚ إِن نَّشَأۡ نَخۡسِفۡ بِهِمُ ٱلۡأَرۡضَ أَوۡ نُسۡقِطۡ عَلَيۡهِمۡ كِسَفًا مِّنَ ٱلسَّمَآءِۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَةً لِّكُلِّ عَبۡدٍ مُّنِيبٍ ٩Ngakube abakuboni yini lokho okungaphambilini kwabo kanye nalokho okungemumva kwabo okwezulu nomhlaba, uma sithanda singenza ukuthi umhlaba ubagwinye noma sehlisele phezu kwabo izicucu zezulu ngempela kulokho kunophawu kuleyo naleyo nceku eyiphendukele (kuMvelinqangi) ngentethelelo ۞ وَلَقَدۡ ءَاتَيۡنَا دَاوُۥدَ مِنَّا فَضۡلًاۖ يَٰجِبَالُ أَوِّبِي مَعَهُۥ وَٱلطَّيۡرَۖ وَأَلَنَّا لَهُ ٱلۡحَدِيدَ ١٠Futhi ngempela samnikeza uDavide umusa ovela kithina (sathi), “Oh zintaba! mdumiseni uMvelinqangi kanye naye kanye nezinyoni” futhi samthambisela insimbi أَنِ ٱعۡمَلۡ سَٰبِغَٰتٍ وَقَدِّرۡ فِي ٱلسَّرۡدِۖ وَٱعۡمَلُواْ صَٰلِحًاۖ إِنِّي بِمَا تَعۡمَلُونَ بَصِيرٌ ١١(Sathi) “Yenza izivatho zensimbi ngokuphelele futhi ulinganise iziyingi zamaketango futhi nenze imisebenzi elungileyo, ngempela mina ngiyakubona loko enikwenzayo” وَلِسُلَيۡمَٰنَ ٱلرِّيحَ غُدُوُّهَا شَهۡرٌ وَرَوَاحُهَا شَهۡرٌۖ وَأَسَلۡنَا لَهُۥ عَيۡنَ ٱلۡقِطۡرِۖ وَمِنَ ٱلۡجِنِّ مَن يَعۡمَلُ بَيۡنَ يَدَيۡهِ بِإِذۡنِ رَبِّهِۦۖ وَمَن يَزِغۡ مِنۡهُمۡ عَنۡ أَمۡرِنَا نُذِقۡهُ مِنۡ عَذَابِ ٱلسَّعِيرِ ١٢Futhi sawenza umoya wamthobela uSolomoni ikuseni yawo (yayiwuhambo) olungangenyanga futhi intambama yawo (yayiwuhambo) olungangenyanga futhi sawenza umthombo wethusi ukuthi umgobhozele futhi kwakunamaJinn ayesebenza ngaphambili kwakhe ngemvume yeNkosi yakhe futhi noma ngabe ngubani wabo ochezukayo empoqweni yethu siyokwenza ukuthi ezwe isijeziso sokusha يَعۡمَلُونَ لَهُۥ مَا يَشَآءُ مِن مَّحَٰرِيبَ وَتَمَٰثِيلَ وَجِفَانٍ كَٱلۡجَوَابِ وَقُدُورٍ رَّاسِيَٰتٍۚ ٱعۡمَلُوٓاْ ءَالَ دَاوُۥدَ شُكۡرًاۚ وَقَلِيلٌ مِّنۡ عِبَادِيَ ٱلشَّكُورُ ١٣(Abantu) babemenzela loko akufisayo okuyizakhiwo eziphakeme, izithombe, izitsha ezinkulu ezingangamathange amanzi nezimbiza zensimbi zokupheka ezinkulu ezizinzisiwe (ezinganyakazi) “Sebenzani Oh mndeni kaDavide ngokubonga! kepha bambalwa ezincekwini zami ababongayo فَلَمَّا قَضَيۡنَا عَلَيۡهِ ٱلۡمَوۡتَ مَا دَلَّهُمۡ عَلَىٰ مَوۡتِهِۦٓ إِلَّا دَآبَّةُ ٱلۡأَرۡضِ تَأۡكُلُ مِنسَأَتَهُۥۖ فَلَمَّا خَرَّ تَبَيَّنَتِ ٱلۡجِنُّ أَن لَّوۡ كَانُواْ يَعۡلَمُونَ ٱلۡغَيۡبَ مَا لَبِثُواْ فِي ٱلۡعَذَابِ ٱلۡمُهِينِ ١٤Kepha kwathi lapho sesimnqumela ukufa (uSolomoni) akukho okwabatshela ngokufa kwakhe ngaphandle kwesidalwa (isilwane) somhlaba esadla induku yakhe, ngakho-ke kwathi lapho esewela phansi kwawacacela amaJinn ukuthi ukube ayekwazi okungabonwayo ayengeke ahlale esijezisweni esiyihlazo لَقَدۡ كَانَ لِسَبَإٍ فِي مَسۡكَنِهِمۡ ءَايَةٌۖ جَنَّتَانِ عَن يَمِينٍ وَشِمَالٍۖ كُلُواْ مِن رِّزۡقِ رَبِّكُمۡ وَٱشۡكُرُواْ لَهُۥۚ بَلۡدَةٌ طَيِّبَةٌ وَرَبٌّ غَفُورٌ ١٥NgempelakwakunophawukuShebaezindawenizabozokuhlala, izivande ezimbili ngakwesokudla nangakwesokunxele yidlani esabelweni seNkosi yenu futhi niyibonge, yizwe elihle neNkosi ethethelelayo فَأَعۡرَضُواْ فَأَرۡسَلۡنَا عَلَيۡهِمۡ سَيۡلَ ٱلۡعَرِمِ وَبَدَّلۡنَٰهُم بِجَنَّتَيۡهِمۡ جَنَّتَيۡنِ ذَوَاتَيۡ أُكُلٍ خَمۡطٍ وَأَثۡلٍ وَشَيۡءٍ مِّن سِدۡرٍ قَلِيلٍ ١٦Kepha bafulathela (benqaba) ngakho-ke sathumela kubona izikhukhula (amanzi) aphuma edamini futhi sabashintshela izivande zabo ezimbili zaba yizivande zabo ezimbili ezithela izithelo ezibabayo namatamariski (uhlobo lwesihlahla) kanye nezomlothi ezimbalwa ذَٰلِكَ جَزَيۡنَٰهُم بِمَا كَفَرُواْۖ وَهَلۡ نُجَٰزِيٓ إِلَّا ٱلۡكَفُورَ ١٧Ngalokho sabanika umvuzo ngenxa yokuthi babengabongi bengakholwa futhi asijezisi ngalendlela ngaphandle kwabangakholwa وَجَعَلۡنَا بَيۡنَهُمۡ وَبَيۡنَ ٱلۡقُرَى ٱلَّتِي بَٰرَكۡنَا فِيهَا قُرًى ظَٰهِرَةً وَقَدَّرۡنَا فِيهَا ٱلسَّيۡرَۖ سِيرُواْ فِيهَا لَيَالِيَ وَأَيَّامًا ءَامِنِينَ ١٨Futhi senza phakathi kwabo kanye namadolobha esasiwabusisile ukuthi kube amadolobha abonakalayo kalula futhi sahlukanisa phakathi kwawo uhambo, sathi “hambani phakathi kwawo ebusuku nasemini niphephile” فَقَالُواْ رَبَّنَا بَٰعِدۡ بَيۡنَ أَسۡفَارِنَا وَظَلَمُوٓاْ أَنفُسَهُمۡ فَجَعَلۡنَٰهُمۡ أَحَادِيثَ وَمَزَّقۡنَٰهُمۡ كُلَّ مُمَزَّقٍۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَٰتٍ لِّكُلِّ صَبَّارٍ شَكُورٍ ١٩Kepha bathi, “Nkosi yethu yenza amabanga amade ohambweni lethu futhi bayona bona imiphefumulo yabo sabe sesibenza ondabuzekwayo futhi sabadabula ukudabulwa okuphelele, ngempela kunezimpawu kulokho kubona bonke ababekezelayo ababongayo وَلَقَدۡ صَدَّقَ عَلَيۡهِمۡ إِبۡلِيسُ ظَنَّهُۥ فَٱتَّبَعُوهُ إِلَّا فَرِيقًا مِّنَ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ٢٠Futhi u-Iblis (uSathane) wawuqinisekisa ngabo umcabango wakhe, ngakho-ke bamlandela ngaphandle kweqembu labakholwayo وَمَا كَانَ لَهُۥ عَلَيۡهِم مِّن سُلۡطَٰنٍ إِلَّا لِنَعۡلَمَ مَن يُؤۡمِنُ بِٱلۡأٓخِرَةِ مِمَّنۡ هُوَ مِنۡهَا فِي شَكٍّۗ وَرَبُّكَ عَلَىٰ كُلِّ شَيۡءٍ حَفِيظٌ ٢١Futhi (uSathane) akanalo igunya phezu kwabo kepha ukuze sazi ukuthi ngubani okholelwa empilweni ezayo kulowo osekungabazeni ngayo, futhi iNkosi yakho ingumlondolozi wazona zonke izinto قُلِ ٱدۡعُواْ ٱلَّذِينَ زَعَمۡتُم مِّن دُونِ ٱللَّهِ لَا يَمۡلِكُونَ مِثۡقَالَ ذَرَّةٍ فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَلَا فِي ٱلۡأَرۡضِ وَمَا لَهُمۡ فِيهِمَا مِن شِرۡكٍ وَمَا لَهُۥ مِنۡهُم مِّن ظَهِيرٍ ٢٢Ithi “bizani labo enanibenza (onkulunkulu) esikhundleni sikaMvelinqangi abanalutho ngisho nokuncane kakhulu emazulwini nasemhlabeni futhi abanaso isabelo kukona kokubili futhi akanaye umlekeleli phakathi kwabo” وَلَا تَنفَعُ ٱلشَّفَٰعَةُ عِندَهُۥٓ إِلَّا لِمَنۡ أَذِنَ لَهُۥۚ حَتَّىٰٓ إِذَا فُزِّعَ عَن قُلُوبِهِمۡ قَالُواْ مَاذَا قَالَ رَبُّكُمۡۖ قَالُواْ ٱلۡحَقَّۖ وَهُوَ ٱلۡعَلِيُّ ٱلۡكَبِيرُ ٢٣Futhi ukuncengela akusizi kuyena ngaphandle kwalowo amvumelayo kuze kuthi uma ukwesaba kususiwe ezihliziyweni zabo bathi, “yathini iNkosi yenu bathi iqiniso futhi yona iphakeme yinkulu” ۞ قُلۡ مَن يَرۡزُقُكُم مِّنَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۖ قُلِ ٱللَّهُۖ وَإِنَّآ أَوۡ إِيَّاكُمۡ لَعَلَىٰ هُدًى أَوۡ فِي ضَلَٰلٍ مُّبِينٍ ٢٤Ithi, “ngubani oninika isabelo esivela emazulwini nasemhlabeni na?” ithi, “nguMvelinqangi” futhi ngempela yithina noma yinina mhlawumbe abasekuholweni noma abasekudukeni okucacile قُل لَّا تُسۡـَٔلُونَ عَمَّآ أَجۡرَمۡنَا وَلَا نُسۡـَٔلُ عَمَّا تَعۡمَلُونَ ٢٥Ithi angeke nibuzwe ngecala lethu futhi angeke sibuzwe ngalokho enikwenzayo قُلۡ يَجۡمَعُ بَيۡنَنَا رَبُّنَا ثُمَّ يَفۡتَحُ بَيۡنَنَا بِٱلۡحَقِّ وَهُوَ ٱلۡفَتَّاحُ ٱلۡعَلِيمُ ٢٦Ithi, iNkosi yethu iyosiqoqela ndawomye bese iyehlulela phakathi kwethu ngeqiniso futhi yona ingumehluleli onolwazi قُلۡ أَرُونِيَ ٱلَّذِينَ أَلۡحَقۡتُم بِهِۦ شُرَكَآءَۖ كـَلَّاۚ بَلۡ هُوَ ٱللَّهُ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡحَكِيمُ ٢٧Ithi ngikhombiseni labo enanimenzela abahlanganyeli ngabo, lutho! kepha yena unguMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani وَمَآ أَرۡسَلۡنَٰكَ إِلَّا كَآفَّةً لِّلنَّاسِ بَشِيرًا وَنَذِيرًا وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَ ٱلنَّاسِ لَا يَعۡلَمُونَ ٢٨Futhi asizange sikuthumele ngaphandle kokuba ngumlethi wezindaba ezimnandi nomxwayisi kubantu bonke, kepha iningi labantu alazi وَيَقُولُونَ مَتَىٰ هَٰذَا ٱلۡوَعۡدُ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ ٢٩Futhi bathi siyofika nini lesisithembiso uma kungukuthi nina niqinisile na قُل لَّكُم مِّيعَادُ يَوۡمٍ لَّا تَسۡتَـٔۡخِرُونَ عَنۡهُ سَاعَةً وَلَا تَسۡتَقۡدِمُونَ ٣٠Ithi isinqumo senu esosuku eningeke nikwazi ukulihlehlisa ihora futhi eningeke nikwazi ukulisheshisa وَقَالَ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَن نُّؤۡمِنَ بِهَٰذَا ٱلۡقُرۡءَانِ وَلَا بِٱلَّذِي بَيۡنَ يَدَيۡهِۗ وَلَوۡ تَرَىٰٓ إِذِ ٱلظَّٰلِمُونَ مَوۡقُوفُونَ عِندَ رَبِّهِمۡ يَرۡجِعُ بَعۡضُهُمۡ إِلَىٰ بَعۡضٍ ٱلۡقَوۡلَ يَقُولُ ٱلَّذِينَ ٱسۡتُضۡعِفُواْ لِلَّذِينَ ٱسۡتَكۡبَرُواْ لَوۡلَآ أَنتُمۡ لَكُنَّا مُؤۡمِنِينَ ٣١Futhi labo abangakholwanga bathi, “asisoze sikholelwe kuleQur’an ngisho noma kulokho okungaphambilini kwayo”, futhi uma ungazibona izoni zimisiwe ngaphambili kweNkosi yazo, ezinye zazo ziphendukela kwezinye ngezwi (lokusola), labo ababenziwe buthakathaka bayothi kulabo ababeqhosha “ukube kwakungesingenxa yenu sasizoba ngabakholwayo” قَالَ ٱلَّذِينَ ٱسۡتَكۡبَرُواْ لِلَّذِينَ ٱسۡتُضۡعِفُوٓاْ أَنَحۡنُ صَدَدۡنَٰكُمۡ عَنِ ٱلۡهُدَىٰ بَعۡدَ إِذۡ جَآءَكُمۖ بَلۡ كُنتُم مُّجۡرِمِينَ ٣٢Labo ababeqhosha bathi kulabo ababenziwe buthakathaka “ngakube yithina yini esanivimbela ekuholweni emva kokuba sekunifikele na? Qhabo nina naniyizoni” وَقَالَ ٱلَّذِينَ ٱسۡتُضۡعِفُواْ لِلَّذِينَ ٱسۡتَكۡبَرُواْ بَلۡ مَكۡرُ ٱلَّيۡلِ وَٱلنَّهَارِ إِذۡ تَأۡمُرُونَنَآ أَن نَّكۡفُرَ بِٱللَّهِ وَنَجۡعَلَ لَهُۥٓ أَندَادًاۚ وَأَسَرُّواْ ٱلنَّدَامَةَ لَمَّا رَأَوُاْ ٱلۡعَذَابَۚ وَجَعَلۡنَا ٱلۡأَغۡلَٰلَ فِيٓ أَعۡنَاقِ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْۖ هَلۡ يُجۡزَوۡنَ إِلَّا مَا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ ٣٣Futhi labo ababenziwe buthakathaka bathi kulabo ababeqhosha “kepha kwakuyisu lenu lasebusuku nasemini ngenkathi nisiphoqa ukuthi singakholwa kuMvelinqangi nokuthi simbekele izimbangi” futhi bayokufihla ukuzisola uma sebesibona isijeziso futhi siyowagaxa amaketango ezintamweni zalabo abangakholwanga, ngakube bayonikwa umvuzo ngaphandle kwalokho ababekwenza na وَمَآ أَرۡسَلۡنَا فِي قَرۡيَةٍ مِّن نَّذِيرٍ إِلَّا قَالَ مُتۡرَفُوهَآ إِنَّا بِمَآ أُرۡسِلۡتُم بِهِۦ كَٰفِرُونَ ٣٤Futhi sasingakaze simthumele umxwayisi edolobheni ngaphandle kokuthi abanothile balo bathi, “ngempela asikholelwa kulokho enithunywe ngako” وَقَالُواْ نَحۡنُ أَكۡثَرُ أَمۡوَٰلًا وَأَوۡلَٰدًا وَمَا نَحۡنُ بِمُعَذَّبِينَ ٣٥Futhi bathi, “thina sinengcebo eningi kakhulu kanye nezingane futhi thina angeke sijeziswe قُلۡ إِنَّ رَبِّي يَبۡسُطُ ٱلرِّزۡقَ لِمَن يَشَآءُ وَيَقۡدِرُ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَ ٱلنَّاسِ لَا يَعۡلَمُونَ ٣٦Ithi ngempela iNkosi yami iyasandisa isabelo kulowo emthandayo futhi isinciphiso kepha iningi labantu alazi وَمَآ أَمۡوَٰلُكُمۡ وَلَآ أَوۡلَٰدُكُم بِٱلَّتِي تُقَرِّبُكُمۡ عِندَنَا زُلۡفَىٰٓ إِلَّا مَنۡ ءَامَنَ وَعَمِلَ صَٰلِحًا فَأُوْلَٰٓئِكَ لَهُمۡ جَزَآءُ ٱلضِّعۡفِ بِمَا عَمِلُواْ وَهُمۡ فِي ٱلۡغُرُفَٰتِ ءَامِنُونَ ٣٧Futhi akusiyona ingcebo yenu noma izingane zenu ezinisondeza eduzane nathi kepha yilabo abakholwayo futhi abenza imisebenzi emihle elungileyo labo-ke okwabo umvuzo ophindiwe kabili ngenxa yalokho ababekwenza futhi bayohlala ezindaweni zokuhlala bephephile وَٱلَّذِينَ يَسۡعَوۡنَ فِيٓ ءَايَٰتِنَا مُعَٰجِزِينَ أُوْلَٰٓئِكَ فِي ٱلۡعَذَابِ مُحۡضَرُونَ ٣٨Futhi labo abazabalazayo ukuphikisana namavesi ethu ukuwadikibalisa labo-ke bayolethwa esijezisweni قُلۡ إِنَّ رَبِّي يَبۡسُطُ ٱلرِّزۡقَ لِمَن يَشَآءُ مِنۡ عِبَادِهِۦ وَيَقۡدِرُ لَهُۥۚ وَمَآ أَنفَقۡتُم مِّن شَيۡءٍ فَهُوَ يُخۡلِفُهُۥۖ وَهُوَ خَيۡرُ ٱلرَّٰزِقِينَ ٣٩Ithi ngempela iNkosi yami iyaselula isabelo kunoma ngabe ngubani eyimthandayo ezincekwini zayo futhi imnciphisele futhi noma ngabe yini oluthize enilusebenzisayo (eninikela ngalo) ngakho-ke yona iyolubuyisa futhi yona ingcono kunabobonke abanika isabelo” وَيَوۡمَ يَحۡشُرُهُمۡ جَمِيعًا ثُمَّ يَقُولُ لِلۡمَلَٰٓئِكَةِ أَهَٰٓؤُلَآءِ إِيَّاكُمۡ كَانُواْ يَعۡبُدُونَ ٤٠Futhi ngosuku eyobaqoqela ngalo ndawonye bonke bese ithi ezingelosini, “ngakube yibona yini laba ababenikhonza na?” قَالُواْ سُبۡحَٰنَكَ أَنتَ وَلِيُّنَا مِن دُونِهِمۖ بَلۡ كَانُواْ يَعۡبُدُونَ ٱلۡجِنَّۖ أَكۡثَرُهُم بِهِم مُّؤۡمِنُونَ ٤١(Izingelosi) ziyothi, “udumo malube kuwe! wena ungumvikeli wethu hhayi bona, kepha babekhonza amaJinn, abaningi babo babengabakholelwa kuwona” فَٱلۡيَوۡمَ لَا يَمۡلِكُ بَعۡضُكُمۡ لِبَعۡضٍ نَّفۡعًا وَلَا ضَرًّا وَنَقُولُ لِلَّذِينَ ظَلَمُواْ ذُوقُواْ عَذَابَ ٱلنَّارِ ٱلَّتِي كُنتُم بِهَا تُكَذِّبُونَ ٤٢Ngakho-ke ngalolusuku abekho abanye benu abaphathela abanye inzuzo nokulimala futhi siyothi kulabo abona, “yizwani isijeziso somlilo leso enanisiphika” وَإِذَا تُتۡلَىٰ عَلَيۡهِمۡ ءَايَٰتُنَا بَيِّنَٰتٍ قَالُواْ مَا هَٰذَآ إِلَّا رَجُلٌ يُرِيدُ أَن يَصُدَّكُمۡ عَمَّا كَانَ يَعۡبُدُ ءَابَآؤُكُمۡ وَقَالُواْ مَا هَٰذَآ إِلَّآ إِفۡكٌ مُّفۡتَرًىۚ وَقَالَ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لِلۡحَقِّ لَمَّا جَآءَهُمۡ إِنۡ هَٰذَآ إِلَّا سِحۡرٌ مُّبِينٌ ٤٣Futhi uma befundelwa amavesi ethu acacile bathi, “lona akayilutho ngaphandle kokuba yindoda eyithanda ukunivimbela kulokho okwakukhonzwa ngoyihlo”, futhi bathi “lokhu akuyilutho ngaphandle kwamanga aqanjiwe futhi bathi labo abazange bakholwe mayelana neqiniso ngenkathi lifika kubona “lokhu akuyilutho ngaphandle komlingo ocacile” وَمَآ ءَاتَيۡنَٰهُم مِّن كُتُبٍ يَدۡرُسُونَهَاۖ وَمَآ أَرۡسَلۡنَآ إِلَيۡهِمۡ قَبۡلَكَ مِن نَّذِيرٍ ٤٤Futhi asibanikezanga izincwadi ababengazifunda futhi asizange simthumele kubona umxwayisi ngaphambilini kwakho وَكَذَّبَ ٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡ وَمَا بَلَغُواْ مِعۡشَارَ مَآ ءَاتَيۡنَٰهُمۡ فَكَذَّبُواْ رُسُلِيۖ فَكَيۡفَ كَانَ نَكِيرِ ٤٥Nalabo ababengaphambilini kwabo baliphika (iqiniso) futhi laba abakayitholi ngisho ingxenye eyodwa eshumini yaloko esabanika kona (abasendulo) kepha baziphika izithunywa zami ngakho-ke kwakunjani ukuphika kwami ۞ قُلۡ إِنَّمَآ أَعِظُكُم بِوَٰحِدَةٍۖ أَن تَقُومُواْ لِلَّهِ مَثۡنَىٰ وَفُرَٰدَىٰ ثُمَّ تَتَفَكَّرُواْۚ مَا بِصَاحِبِكُم مِّن جِنَّةٍۚ إِنۡ هُوَ إِلَّا نَذِيرٌ لَّكُم بَيۡنَ يَدَيۡ عَذَابٍ شَدِيدٍ ٤٦Ithi kuphela nginelulekela entweni eyodwa ukuthi niphakamele uMvelinqangi ngababili nangamunye bese niyacabanga ukuthi benikanye naye akukho ukuhlanya kuye, akayilutho ngaphandle kokuba ngumxwayisi wenu ngaphambi kwesijeziso esinzima قُلۡ مَا سَأَلۡتُكُم مِّنۡ أَجۡرٍ فَهُوَ لَكُمۡۖ إِنۡ أَجۡرِيَ إِلَّا عَلَى ٱللَّهِۖ وَهُوَ عَلَىٰ كُلِّ شَيۡءٍ شَهِيدٌ ٤٧Ithi noma ngabe yimuphi umvuzo, engiwucela kunina ungowenu, umvuzo wami ukuMvelinqangi kuphela futhi yena ungufakazi phezu kwezinto zonke قُلۡ إِنَّ رَبِّي يَقۡذِفُ بِٱلۡحَقِّ عَلَّٰمُ ٱلۡغُيُوبِ ٤٨Ithi ngempela iNkosi yami iyaliveza iqiniso, isazi sokungabonwayo قُلۡ جَآءَ ٱلۡحَقُّ وَمَا يُبۡدِئُ ٱلۡبَٰطِلُ وَمَا يُعِيدُ ٤٩Ithi iqiniso selifikile futhi inkohliso angeke isungulwe futhi angeke iphindwe قُلۡ إِن ضَلَلۡتُ فَإِنَّمَآ أَضِلُّ عَلَىٰ نَفۡسِيۖ وَإِنِ ٱهۡتَدَيۡتُ فَبِمَا يُوحِيٓ إِلَيَّ رَبِّيٓۚ إِنَّهُۥ سَمِيعٌ قَرِيبٌ ٥٠Ithiumangiphambukakuphelangiphambukelaumphefumulo wami futhi uma ngiholiwe kungenxa yalokho iNkosi yami ekwembulile kumina ngempela yona iyezwa isondele وَلَوۡ تَرَىٰٓ إِذۡ فَزِعُواْ فَلَا فَوۡتَ وَأُخِذُواْ مِن مَّكَانٍ قَرِيبٍ ٥١Futhi uma ungababona lapho sebesaba, ngakho-ke angeke baphunyuke futhi bayobanjwa endaweni eseduzane وَقَالُوٓاْ ءَامَنَّا بِهِۦ وَأَنَّىٰ لَهُمُ ٱلتَّنَاوُشُ مِن مَّكَانِۭ بَعِيدٍ ٥٢Futhi bayothi, “siyakholelwa kuyona” kepha bangakuthola kanjani lokho (iqiniso) besendaweni ekude na وَقَدۡ كَفَرُواْ بِهِۦ مِن قَبۡلُۖ وَيَقۡذِفُونَ بِٱلۡغَيۡبِ مِن مَّكَانِۭ بَعِيدٍ ٥٣Futhi ngempela abakholelwanga kulona (iqiniso) ngaphambilini futhi babengathekisa ngokungabonwayo basendaweni ekude وَحِيلَ بَيۡنَهُمۡ وَبَيۡنَ مَا يَشۡتَهُونَ كَمَا فُعِلَ بِأَشۡيَاعِهِم مِّن قَبۡلُۚ إِنَّهُمۡ كَانُواْ فِي شَكٍّ مُّرِيبِۭ ٥٤Futhi kuyobekwa okuhlukanisayo phakathi kwabo naloko abakufisayo njengoba kwenziwa kwabafananabo ngaphambilini, ngempela bona basekungabazeni okukhulu

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.