ملة الإسلام

السورة 62 · 11 آية · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

سورة الجمعة باللغة الزولو

السورة بالعربية مع التفسير استمع إلى سورة الجمعة (1,229 قارئاً)
مدنيةسورة الجمعة١١ آية

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

يُسَبِّحُ لِلَّهِ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَا فِي ٱلۡأَرۡضِ ٱلۡمَلِكِ ٱلۡقُدُّوسِ ٱلۡعَزِيزِ ٱلۡحَكِيمِ ١Kudumisa uMvelinqangi konke okusemazulwini kanye nako konke okusemhlabeni iNkosi, engcwele, ephakeme ngamandla enobuhlakani هُوَ ٱلَّذِي بَعَثَ فِي ٱلۡأُمِّيِّـۧنَ رَسُولًا مِّنۡهُمۡ يَتۡلُواْ عَلَيۡهِمۡ ءَايَٰتِهِۦ وَيُزَكِّيهِمۡ وَيُعَلِّمُهُمُ ٱلۡكِتَٰبَ وَٱلۡحِكۡمَةَ وَإِن كَانُواْ مِن قَبۡلُ لَفِي ضَلَٰلٍ مُّبِينٍ ٢Yena uyilowo owathumela phakathi kwabangafundile isithunywa phakathi kwabo sibafundela amavesi akhe futhi sibahlanze futhi sibafundise incwadi nobuhlakani yize noma ngabe ngaphambilini babesekudukeni (ephutheni) elicacile وَءَاخَرِينَ مِنۡهُمۡ لَمَّا يَلۡحَقُواْ بِهِمۡۚ وَهُوَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡحَكِيمُ ٣Futhi abanye babo abangakangeni kubona – futhi yena (uMvelinqangi) uphakeme ngamandla unobuhlakani ذَٰلِكَ فَضۡلُ ٱللَّهِ يُؤۡتِيهِ مَن يَشَآءُۚ وَٱللَّهُ ذُو ٱلۡفَضۡلِ ٱلۡعَظِيمِ ٤Lokho ngumusa kaMvelinqangi uwunikeza lowo amthandayo futhi uMvelinqangi ungumnikazi womusa omkhulu مَثَلُ ٱلَّذِينَ حُمِّلُواْ ٱلتَّوۡرَىٰةَ ثُمَّ لَمۡ يَحۡمِلُوهَا كَمَثَلِ ٱلۡحِمَارِ يَحۡمِلُ أَسۡفَارَۢاۚ بِئۡسَ مَثَلُ ٱلۡقَوۡمِ ٱلَّذِينَ كَذَّبُواْ بِـَٔايَٰتِ ٱللَّهِۚ وَٱللَّهُ لَا يَهۡدِي ٱلۡقَوۡمَ ٱلظَّٰلِمِينَ ٥Isibonelo salabo ababethweswe (ababenikezwe) iTorah, bese bengayithwali njengembongolo ethwele umthwalo omkhulu, okubi yisibonelo sabantu labo ababephika amavesi nezimpawu zikaMvelinqangi futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni قُلۡ يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ هَادُوٓاْ إِن زَعَمۡتُمۡ أَنَّكُمۡ أَوۡلِيَآءُ لِلَّهِ مِن دُونِ ٱلنَّاسِ فَتَمَنَّوُاْ ٱلۡمَوۡتَ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ ٦Ithi, “Oh nina maJuda! Uma nizibiza ngokuthi nina ningabangane baMvelinqangi ngaphandle kwabantu ngakho- ke fisani ukufa uma kungukuthi nina ningabaneqiniso وَلَا يَتَمَنَّوۡنَهُۥٓ أَبَدَۢا بِمَا قَدَّمَتۡ أَيۡدِيهِمۡۚ وَٱللَّهُ عَلِيمُۢ بِٱلظَّٰلِمِينَ ٧Futhi angeke bakufise nakancane ngenxa yalokho okwalethwa yizandla zabo ngaphambilini, futhi uMvelinqangi uyisazi ngezoni قُلۡ إِنَّ ٱلۡمَوۡتَ ٱلَّذِي تَفِرُّونَ مِنۡهُ فَإِنَّهُۥ مُلَٰقِيكُمۡۖ ثُمَّ تُرَدُّونَ إِلَىٰ عَٰلِمِ ٱلۡغَيۡبِ وَٱلشَّهَٰدَةِ فَيُنَبِّئُكُم بِمَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ ٨Ithi, “ngempela ukufa loku enikubalekayo –ngempela kuyohlangana nani bese niphindiselwa esazini sokungabonwa nokubonwayo bese sinitshena ngalokho enanikwenza” يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ إِذَا نُودِيَ لِلصَّلَوٰةِ مِن يَوۡمِ ٱلۡجُمُعَةِ فَٱسۡعَوۡاْ إِلَىٰ ذِكۡرِ ٱللَّهِ وَذَرُواْ ٱلۡبَيۡعَۚ ذَٰلِكُمۡ خَيۡرٌ لَّكُمۡ إِن كُنتُمۡ تَعۡلَمُونَ ٩Oh Nina enikholwayo! Uma nimenyezelwa umthandazo ngosuku lwangolesihlanu phuthumani niye enkumbulweni kaMvelinqangi niyeke uhwebo, lokho kungcono kunina uma nina nazi فَإِذَا قُضِيَتِ ٱلصَّلَوٰةُ فَٱنتَشِرُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَٱبۡتَغُواْ مِن فَضۡلِ ٱللَّهِ وَٱذۡكُرُواْ ٱللَّهَ كَثِيرًا لَّعَلَّكُمۡ تُفۡلِحُونَ ١٠Ngakho-ke uma sewenziwe (sewuqediwe) umthandazo sakazekani (hambani) emhlabeni nifune umusa kaMvelinqangi futhi nikhumbule uMvelinqangi kakhulu ukuze niphumelele وَإِذَا رَأَوۡاْ تِجَٰرَةً أَوۡ لَهۡوًا ٱنفَضُّوٓاْ إِلَيۡهَا وَتَرَكُوكَ قَآئِمًاۚ قُلۡ مَا عِندَ ٱللَّهِ خَيۡرٌ مِّنَ ٱللَّهۡوِ وَمِنَ ٱلتِّجَٰرَةِۚ وَٱللَّهُ خَيۡرُ ٱلرَّٰزِقِينَ ١١Futhi uma bebona uhwebo noma injabulo baya kukona begijima futhi bakushiya umile ithi, “lokho okukuMvelinqangi kungcono kunomdlalo nohwebo futhi uMvelinqangi ungongcono kakhulu kunabaphayo”

الترجمة: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.