ملة الإسلام

السورة 61 · 14 آية · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

سورة الصف باللغة الزولو

السورة بالعربية مع التفسير استمع إلى سورة الصف (1,188 قارئاً)
مدنيةسورة الصف١٤ آية

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

سَبَّحَ لِلَّهِ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَا فِي ٱلۡأَرۡضِۖ وَهُوَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡحَكِيمُ ١Kudumisa uMvelinangi konke okusemazulwini kanye nako konke okusemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ لِمَ تَقُولُونَ مَا لَا تَفۡعَلُونَ ٢Oh Nina enikholwayo! Kungani nisho lokho eningakwenzi na كَبُرَ مَقۡتًا عِندَ ٱللَّهِ أَن تَقُولُواْ مَا لَا تَفۡعَلُونَ ٣Kuzondekile kakhulu kuMvelinqangi ukuthi nisho lokho eningakwenzi إِنَّ ٱللَّهَ يُحِبُّ ٱلَّذِينَ يُقَٰتِلُونَ فِي سَبِيلِهِۦ صَفًّا كَأَنَّهُم بُنۡيَٰنٌ مَّرۡصُوصٌ ٤Ngempela uMvelinqangi uyabathanda labo abalwayo endleleni yakhe beyimigqa okusengathi bona bayisakhiwo esakhiwe saqina وَإِذۡ قَالَ مُوسَىٰ لِقَوۡمِهِۦ يَٰقَوۡمِ لِمَ تُؤۡذُونَنِي وَقَد تَّعۡلَمُونَ أَنِّي رَسُولُ ٱللَّهِ إِلَيۡكُمۡۖ فَلَمَّا زَاغُوٓاْ أَزَاغَ ٱللَّهُ قُلُوبَهُمۡۚ وَٱللَّهُ لَا يَهۡدِي ٱلۡقَوۡمَ ٱلۡفَٰسِقِينَ ٥Futhi khumbula ngenkathi uMose ethi kubantu bakhe, “Oh Bantu bami! Kungani ningihlupha kulapho senazi ukuthi mina ngiyisithunywa sikaMvelinqangi kunina” ngakho-ke kwathi lapho sebephambuka, waziphambukisa uMvelinqangi izinhliziyo zabo futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abephula umthetho (abayizoni) وَإِذۡ قَالَ عِيسَى ٱبۡنُ مَرۡيَمَ يَٰبَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ إِنِّي رَسُولُ ٱللَّهِ إِلَيۡكُم مُّصَدِّقًا لِّمَا بَيۡنَ يَدَيَّ مِنَ ٱلتَّوۡرَىٰةِ وَمُبَشِّرَۢا بِرَسُولٍ يَأۡتِي مِنۢ بَعۡدِي ٱسۡمُهُۥٓ أَحۡمَدُۖ فَلَمَّا جَآءَهُم بِٱلۡبَيِّنَٰتِ قَالُواْ هَٰذَا سِحۡرٌ مُّبِينٌ ٦Futhi khumbula ngenkathi ethi uJesu indodana kaMariya, “Oh bantwana baka-Israyeli ngempela mina ngiyisithunywa sikaMvelinqangi kunina ngiqinisekisa lokho okwakungaphambilini kwami okuyi-Torah futhi ngingumlethi wezindaba ezinhle ngesithunywa esiza ngemumva kwami igama laso ngu-Ahmad, manjalo kwathi lapho esefika kubona nobufakazi obucacile bathi, “lona ngumlingo ocacile” وَمَنۡ أَظۡلَمُ مِمَّنِ ٱفۡتَرَىٰ عَلَى ٱللَّهِ ٱلۡكَذِبَ وَهُوَ يُدۡعَىٰٓ إِلَى ٱلۡإِسۡلَٰمِۚ وَٱللَّهُ لَا يَهۡدِي ٱلۡقَوۡمَ ٱلظَّٰلِمِينَ ٧Futhi ngubani ongenabo ubulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga kulapho yena ememelwa kwi-Islam futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni يُرِيدُونَ لِيُطۡفِـُٔواْ نُورَ ٱللَّهِ بِأَفۡوَٰهِهِمۡ وَٱللَّهُ مُتِمُّ نُورِهِۦ وَلَوۡ كَرِهَ ٱلۡكَٰفِرُونَ ٨Bafuna ukucisha ukukhanya kukaMvelinqangi ngemilomo yabo kepha uMvelinqangi ungumphelelisi wokukhanya kwakhe ngisho noma ngabe bengakuthandi lokho abangakholwa هُوَ ٱلَّذِيٓ أَرۡسَلَ رَسُولَهُۥ بِٱلۡهُدَىٰ وَدِينِ ٱلۡحَقِّ لِيُظۡهِرَهُۥ عَلَى ٱلدِّينِ كُلِّهِۦ وَلَوۡ كَرِهَ ٱلۡمُشۡرِكُونَ ٩Yena uyilowo owathumela isithunywa sakhe nokuhola nenkolo eyiqiniso ukuze ayenze igqame ngaphezulu kwazo zonke izinkolo yize noma ngabe bengakuthandi lokho abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ هَلۡ أَدُلُّكُمۡ عَلَىٰ تِجَٰرَةٍ تُنجِيكُم مِّنۡ عَذَابٍ أَلِيمٍ ١٠Oh Nina enikholwayo! Ngakube nginikhombise yini uhwebo oluzonisindisa esijezisweni esibuhlungu na تُؤۡمِنُونَ بِٱللَّهِ وَرَسُولِهِۦ وَتُجَٰهِدُونَ فِي سَبِيلِ ٱللَّهِ بِأَمۡوَٰلِكُمۡ وَأَنفُسِكُمۡۚ ذَٰلِكُمۡ خَيۡرٌ لَّكُمۡ إِن كُنتُمۡ تَعۡلَمُونَ ١١Kholwani kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi nizabalaze endleleni kaMvelinqangi ngengcebo yenu nangemiphefumulo yenu lokho kungcono kunina ukube benazi يَغۡفِرۡ لَكُمۡ ذُنُوبَكُمۡ وَيُدۡخِلۡكُمۡ جَنَّٰتٍ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهَا ٱلۡأَنۡهَٰرُ وَمَسَٰكِنَ طَيِّبَةً فِي جَنَّٰتِ عَدۡنٍۚ ذَٰلِكَ ٱلۡفَوۡزُ ٱلۡعَظِيمُ ١٢Uyonithethelela izono zenu futhi aningenise ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula kanye nezindawo zokuhlala ezinhle ezivandeni zangunaphakade lokho ukuphumelela okukhulu وَأُخۡرَىٰ تُحِبُّونَهَاۖ نَصۡرٌ مِّنَ ٱللَّهِ وَفَتۡحٌ قَرِيبٌۗ وَبَشِّرِ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ١٣Futhi okunye enikuthandayo usizo oluvela kuMvelinqangi kanye nokunqoba okuseduzane futhi banikeze izindaba ezinhle abakholwayo يَٰٓأَيُّهَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ كُونُوٓاْ أَنصَارَ ٱللَّهِ كَمَا قَالَ عِيسَى ٱبۡنُ مَرۡيَمَ لِلۡحَوَارِيِّـۧنَ مَنۡ أَنصَارِيٓ إِلَى ٱللَّهِۖ قَالَ ٱلۡحَوَارِيُّونَ نَحۡنُ أَنصَارُ ٱللَّهِۖ فَـَٔامَنَت طَّآئِفَةٌ مِّنۢ بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ وَكَفَرَت طَّآئِفَةٌۖ فَأَيَّدۡنَا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ عَلَىٰ عَدُوِّهِمۡ فَأَصۡبَحُواْ ظَٰهِرِينَ ١٤Oh nina enikholwayo! Yibani ngabalekeleli baMvelinqangi njengoba asho uJesu indodana kaMariya kubafundi, “ngobani abasizi bami kuMvelinqangi” abafundi bathi, “thina singabasizi baMvelinqangi” manjalo lakholwa iqembu labantwana bakwa-Israyeli futhi (elinye) iqembu langakholwa ngakho-ke sabalekelela ezitheni zabo babangabanqobi labo abakholwa”

الترجمة: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.