بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
يَٰٓأَيُّهَا ٱلۡمُدَّثِّرُ ١Oh wena owemboziwe قُمۡ فَأَنذِرۡ ٢Vuka uxwayise وَرَبَّكَ فَكَبِّرۡ ٣Nenkosi yakho uyidumise وَثِيَابَكَ فَطَهِّرۡ ٤Nezingubo zakho uzihlanze وَٱلرُّجۡزَ فَٱهۡجُرۡ ٥Futhi uqhelelane nesinengiso وَلَا تَمۡنُن تَسۡتَكۡثِرُ ٦Futhi ungenzi umusa ukuze uzuze okuningi وَلِرَبِّكَ فَٱصۡبِرۡ ٧NgeNkosi yakho bekezela فَإِذَا نُقِرَ فِي ٱلنَّاقُورِ ٨Manjalo uma sekushawa icilongo فَذَٰلِكَ يَوۡمَئِذٍ يَوۡمٌ عَسِيرٌ ٩Ngakho-ke lolo wusuku kuyoba wusuku olunzima عَلَى ٱلۡكَٰفِرِينَ غَيۡرُ يَسِيرٍ ١٠Kwabangakholwa alulula ذَرۡنِي وَمَنۡ خَلَقۡتُ وَحِيدًا ١١Ngiyeke kanye nalowo engamdala ngedwa وَجَعَلۡتُ لَهُۥ مَالًا مَّمۡدُودًا ١٢Futhi ngambekela ingcebo enkulu وَبَنِينَ شُهُودًا ١٣Kanye namadodana (izingane) وَمَهَّدتُّ لَهُۥ تَمۡهِيدًا ١٤Futhi ngamenzela (izinto) zabalula ثُمَّ يَطۡمَعُ أَنۡ أَزِيدَ ١٥Bese efisa ukuthi nginezelele كـَلَّآۖ إِنَّهُۥ كَانَ لِأٓيَٰتِنَا عَنِيدًا ١٦Lutho! Ngempela yena uyisitha sezimpawu zethu سَأُرۡهِقُهُۥ صَعُودًا ١٧Ngiyomphoqa ukuba enyuke إِنَّهُۥ فَكَّرَ وَقَدَّرَ ١٨Ngempela yena wacabanga futhi wenza ngenhloso فَقُتِلَ كَيۡفَ قَدَّرَ ١٩Ngakho-ke akaqalekiswe (akabhujiswe) wenza kanjani ngenhloso ثُمَّ قُتِلَ كَيۡفَ قَدَّرَ ٢٠Bese eqalekiswa (ebhujiswa) wenza kanjani ngenhloso ثُمَّ نَظَرَ ٢١Wayese eyabheka ثُمَّ عَبَسَ وَبَسَرَ ٢٢Wabe eseyahwaqabala futhi wabheka (kabi) ثُمَّ أَدۡبَرَ وَٱسۡتَكۡبَرَ ٢٣Wayesephindela emumva wazigqaja (waqhosha) فَقَالَ إِنۡ هَٰذَآ إِلَّا سِحۡرٌ يُؤۡثَرُ ٢٤Wayesethi, “akuyilutholokhu ngaphandle komlingo wasemandulo” إِنۡ هَٰذَآ إِلَّا قَوۡلُ ٱلۡبَشَرِ ٢٥Lokhu akuyilutho ngaphandle kwenkulumo yomuntu سَأُصۡلِيهِ سَقَرَ ٢٦Ngiyomfaka esihogweni وَمَآ أَدۡرَىٰكَ مَا سَقَرُ ٢٧Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini isihogo لَا تُبۡقِي وَلَا تَذَرُ ٢٨(Isihogo) asishiyi lutho futhi asiyeki lutho (ingashile) لَوَّاحَةٌ لِّلۡبَشَرِ ٢٩Sishisa abantu عَلَيۡهَا تِسۡعَةَ عَشَرَ ٣٠Phezulu kwaso kuneshumi nesishiyagalolunye وَمَا جَعَلۡنَآ أَصۡحَٰبَ ٱلنَّارِ إِلَّا مَلَٰٓئِكَةًۖ وَمَا جَعَلۡنَا عِدَّتَهُمۡ إِلَّا فِتۡنَةً لِّلَّذِينَ كَفَرُواْ لِيَسۡتَيۡقِنَ ٱلَّذِينَ أُوتُواْ ٱلۡكِتَٰبَ وَيَزۡدَادَ ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ إِيمَٰنًا وَلَا يَرۡتَابَ ٱلَّذِينَ أُوتُواْ ٱلۡكِتَٰبَ وَٱلۡمُؤۡمِنُونَ وَلِيَقُولَ ٱلَّذِينَ فِي قُلُوبِهِم مَّرَضٌ وَٱلۡكَٰفِرُونَ مَاذَآ أَرَادَ ٱللَّهُ بِهَٰذَا مَثَلًاۚ كَذَٰلِكَ يُضِلُّ ٱللَّهُ مَن يَشَآءُ وَيَهۡدِي مَن يَشَآءُۚ وَمَا يَعۡلَمُ جُنُودَ رَبِّكَ إِلَّا هُوَۚ وَمَا هِيَ إِلَّا ذِكۡرَىٰ لِلۡبَشَرِ ٣١Futhi asizange sibeke abaqaphi bomlilo ngaphandle kwezingelosi futhi asizange sibeke isibalo sazo ngaphandle kwesilingo kulabo abangakholwanga ukuze baqiniseke labo abanikezwa incwadi, futhi banezeleleke enkolweni labo abakholwayo futhi kungabibikho ukungabaza kulabo ababenikezwe incwadi kanye nabakholwayo futhi ukuze labo ezinhliziyweni zabo okunesifo (okunokugula) kanye nabangakholwa bathi, “uqonde ukuthini uMvelinqangi ngalesisibonelo?” Kanjalo uMvelinqangi udukisa lowo amthandayo futhi uhola lowo amthandayo futhi akekho owazi impi (ibutho) leNkosi yakho ngaphandle kwayo futhi kona akuyilutho ngaphandle kwesikhumbuzo kubantu كـَلَّا وَٱلۡقَمَرِ ٣٢Lutho kepha ngifunga ngenyanga وَٱلَّيۡلِ إِذۡ أَدۡبَرَ ٣٣Futhi ngifunga ngobusuku ngenkathi buhamba وَٱلصُّبۡحِ إِذَآ أَسۡفَرَ ٣٤Futhi ngifunga ngokusa ngenkathi kukhanya إِنَّهَا لَإِحۡدَى ٱلۡكُبَرِ ٣٥Ngempela kona kowokunye okukhulu kakhulu نَذِيرًا لِّلۡبَشَرِ ٣٦Isixwayiso kubantu لِمَن شَآءَ مِنكُمۡ أَن يَتَقَدَّمَ أَوۡ يَتَأَخَّرَ ٣٧Kulowo phakathi kwenu othanda ukuya phambili noma ukusala ngemumva كُلُّ نَفۡسِۭ بِمَا كَسَبَتۡ رَهِينَةٌ ٣٨Yonke imiphefumulo iyovuma ngalokho okusebenzele إِلَّآ أَصۡحَٰبَ ٱلۡيَمِينِ ٣٩Ngaphandle kwabangane bangakwesokunene فِي جَنَّٰتٍ يَتَسَآءَلُونَ ٤٠Bazobasezivandeni bebuzana عَنِ ٱلۡمُجۡرِمِينَ ٤١Ngezigebengu (labo abanecala) مَا سَلَكَكُمۡ فِي سَقَرَ ٤٢Yini enilethe esihogweni na قَالُواْ لَمۡ نَكُ مِنَ ٱلۡمُصَلِّينَ ٤٣Bayothi, “sasingeyibona balabo abathandazayo” وَلَمۡ نَكُ نُطۡعِمُ ٱلۡمِسۡكِينَ ٤٤Futhi sasingabondli abampofu وَكُنَّا نَخُوضُ مَعَ ٱلۡخَآئِضِينَ ٤٥Futhi sasikhuluma izinkulumo eziyize kanye nabakhulumi beze وَكُنَّا نُكَذِّبُ بِيَوۡمِ ٱلدِّينِ ٤٦Futhi sasiluphika usuku lokuhlawula حَتَّىٰٓ أَتَىٰنَا ٱلۡيَقِينُ ٤٧Kwaze kwaba yilapho sifikelwa ukuqiniseka (ukufa) فَمَا تَنفَعُهُمۡ شَفَٰعَةُ ٱلشَّٰفِعِينَ ٤٨Ngakho-ke akubasizi ngalutho ukuncenga kwabancengeli فَمَا لَهُمۡ عَنِ ٱلتَّذۡكِرَةِ مُعۡرِضِينَ ٤٩Ngakho-ke kungani ngabo befulathela isikhumbuzo كَأَنَّهُمۡ حُمُرٌ مُّسۡتَنفِرَةٌ ٥٠Okusengathi bona bayizimbongolo zasendle فَرَّتۡ مِن قَسۡوَرَةِۭ ٥١Zibalekela ibhubesi (noma umzingeli) بَلۡ يُرِيدُ كُلُّ ٱمۡرِيٍٕ مِّنۡهُمۡ أَن يُؤۡتَىٰ صُحُفًا مُّنَشَّرَةً ٥٢Kepha! Lowo nalowo muntu kubona ufisa ukuthi anikezwe amakhasi avuliwe كـَلَّاۖ بَل لَّا يَخَافُونَ ٱلۡأٓخِرَةَ ٥٣Lutho! Kepha abayesabi impilo ezayo كـَلَّآ إِنَّهُۥ تَذۡكِرَةٌ ٥٤Lutho! Ngempela yona iQur’an iyisikhumbuzo فَمَن شَآءَ ذَكَرَهُۥ ٥٥Ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akayikhumbule وَمَا يَذۡكُرُونَ إِلَّآ أَن يَشَآءَ ٱللَّهُۚ هُوَ أَهۡلُ ٱلتَّقۡوَىٰ وَأَهۡلُ ٱلۡمَغۡفِرَةِ ٥٦Futhi abakhumbuli ngaphandle kokuba uma ethanda 57. uMvelinqangi, yena ufanelwe ukwesatshwa futhi ufanelwe ukuthethelela