ملة الإسلام

السورة 83 · 36 آية · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

سورة المطففين باللغة الزولو

السورة بالعربية مع التفسير استمع إلى سورة المطففين (1,318 قارئاً)
مكيةسورة المطففين٣٦ آية

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

وَيۡلٌ لِّلۡمُطَفِّفِينَ ١Usizi kulabo abakhwabanisayo ٱلَّذِينَ إِذَا ٱكۡتَالُواْ عَلَى ٱلنَّاسِ يَسۡتَوۡفُونَ ٢Labo okuthi uma bethatha isilinganiso kubantu, bathatha ngokugcwele وَإِذَا كَالُوهُمۡ أَو وَّزَنُوهُمۡ يُخۡسِرُونَ ٣Futhi uma bebalinganisela noma bebakalela banikeza okungaphansi (kwesisindo) أَلَا يَظُنُّ أُوْلَٰٓئِكَ أَنَّهُم مَّبۡعُوثُونَ ٤Abacabangi yini ukuthi bona bayovuswa kwabafileyo لِيَوۡمٍ عَظِيمٍ ٥(Bevuselwa) usuku olukhulu يَوۡمَ يَقُومُ ٱلنَّاسُ لِرَبِّ ٱلۡعَٰلَمِينَ ٦Usuku lapho abantu beyokuma ngaphambili kweNkosi yemihlaba كـَلَّآ إِنَّ كِتَٰبَ ٱلۡفُجَّارِ لَفِي سِجِّينٍ ٧Lutho! Ngempela ukubhalwa phansi kwezenzo (zabonayo) kusejele (esimweni esinzima) وَمَآ أَدۡرَىٰكَ مَا سِجِّينٌ ٨Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini ijele (isimo esinzima) كِتَٰبٌ مَّرۡقُومٌ ٩Incwadi ekubhalwa kuyona (izenzo zabantu) ibhaliwe وَيۡلٌ يَوۡمَئِذٍ لِّلۡمُكَذِّبِينَ ١٠Usizi ngalolosuku kwabaphikayo ٱلَّذِينَ يُكَذِّبُونَ بِيَوۡمِ ٱلدِّينِ ١١Labo abaphika usuku lokwahlulelwa وَمَا يُكَذِّبُ بِهِۦٓ إِلَّا كُلُّ مُعۡتَدٍ أَثِيمٍ ١٢Futhi akekho oluphikayo ngaphandle kwawo wonke (umuntu) owephula umthetho oyisoni إِذَا تُتۡلَىٰ عَلَيۡهِ ءَايَٰتُنَا قَالَ أَسَٰطِيرُ ٱلۡأَوَّلِينَ ١٣Uma efundelwa amavesi ethu uthi, “yizinganekwane zabasendulo” كـَلَّاۖ بَلۡۜ رَانَ عَلَىٰ قُلُوبِهِم مَّا كَانُواْ يَكۡسِبُونَ ١٤Lutho! Kepha kunesembozo ezinhliziyweni zabo salokho ababekusebenzela كـَلَّآ إِنَّهُمۡ عَن رَّبِّهِمۡ يَوۡمَئِذٍ لَّمَحۡجُوبُونَ ١٥Lutho! Ngempela bona ngalolosuku bayosithezwa (ekuboneni) iNkosi yabo ثُمَّ إِنَّهُمۡ لَصَالُواْ ٱلۡجَحِيمِ ١٦Bese ngempela bona bayongena emlilweni ovuthayo ثُمَّ يُقَالُ هَٰذَا ٱلَّذِي كُنتُم بِهِۦ تُكَذِّبُونَ ١٧Bese kuthiwa, “nakhu lokhu nina enanikuphika كـَلَّآ إِنَّ كِتَٰبَ ٱلۡأَبۡرَارِ لَفِي عِلِّيِّينَ ١٨Lutho! Ngempela umbhalo (umlando) wabalungile ugciniwe kwi-Illiyun وَمَآ أَدۡرَىٰكَ مَا عِلِّيُّونَ ١٩Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini I-illiyun كِتَٰبٌ مَّرۡقُومٌ ٢٠Incwadi elotshiwe يَشۡهَدُهُ ٱلۡمُقَرَّبُونَ ٢١Bayoyibona labo abasondele (kuMvelinqangi) إِنَّ ٱلۡأَبۡرَارَ لَفِي نَعِيمٍ ٢٢Ngempela abalungile basenjabulweni عَلَى ٱلۡأَرَآئِكِ يَنظُرُونَ ٢٣Babheke emibhedeni yokucambalala emihle تَعۡرِفُ فِي وُجُوهِهِمۡ نَضۡرَةَ ٱلنَّعِيمِ ٢٤Uyazi (ngokuzibonela) ebusweni babo ukukhanya kwenjabulo يُسۡقَوۡنَ مِن رَّحِيقٍ مَّخۡتُومٍ ٢٥Baphuziswa iwayini elimsulwa elisicilelwe خِتَٰمُهُۥ مِسۡكٌۚ وَفِي ذَٰلِكَ فَلۡيَتَنَافَسِ ٱلۡمُتَنَٰفِسُونَ ٢٦Isisicilelo salo amakha futhi kulokho abancintisane abancintisani وَمِزَاجُهُۥ مِن تَسۡنِيمٍ ٢٧Inhlanganisela yalo (iwayini) yiTasneem (yisipho sasezulwini esiseqophelweni eliphezulu) عَيۡنًا يَشۡرَبُ بِهَا ٱلۡمُقَرَّبُونَ ٢٨Umthombo lapho kuphuza khona abasondele (kuMvelinqangi) إِنَّ ٱلَّذِينَ أَجۡرَمُواْ كَانُواْ مِنَ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ يَضۡحَكُونَ ٢٩Ngempela labo ababejwayele ukwenza ubugebengu babejwayele ukuhleka labo abakholwayo وَإِذَا مَرُّواْ بِهِمۡ يَتَغَامَزُونَ ٣٠Futhi kwakuthi uma (ababenza ubugebengu) bedlula ngakubona bacishelane amehlo وَإِذَا ٱنقَلَبُوٓاْ إِلَىٰٓ أَهۡلِهِمُ ٱنقَلَبُواْ فَكِهِينَ ٣١Futhi uma bephindela kubantu babo baphindela benza amahlaya وَإِذَا رَأَوۡهُمۡ قَالُوٓاْ إِنَّ هَٰٓؤُلَآءِ لَضَآلُّونَ ٣٢Futhi uma bebabona babethi, “ngempela laba badukile” وَمَآ أُرۡسِلُواْ عَلَيۡهِمۡ حَٰفِظِينَ ٣٣Futhi babengathunyelwanga kubona ukuba ngabalondolozi babo فَٱلۡيَوۡمَ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ مِنَ ٱلۡكُفَّارِ يَضۡحَكُونَ ٣٤Ngakho-ke ngalolusuku labo abakholwayo bahleka labo abangakholwa عَلَى ٱلۡأَرَآئِكِ يَنظُرُونَ ٣٥Emibhedeni yokucambalala emini bebhekile هَلۡ ثُوِّبَ ٱلۡكُفَّارُ مَا كَانُواْ يَفۡعَلُونَ ٣٦Ngakube banikezwa umvuzo abangakholwa ngalokho ababekwenza

الترجمة: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.