بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
إِذَا ٱلسَّمَآءُ ٱنشَقَّتۡ ١Khumbula lapho izulu liyohlakazeka khona وَأَذِنَتۡ لِرَبِّهَا وَحُقَّتۡ ٢Futhi khumbula lilalela iNkosi yalo futhi kufanele likwenze lokho وَإِذَا ٱلۡأَرۡضُ مُدَّتۡ ٣Futhi khumbula nangenkathi umhlaba unwetshwa وَأَلۡقَتۡ مَا فِيهَا وَتَخَلَّتۡ ٤Futhi khumbula (umhlaba) ukhipha konke okuphakathi kuwona usale ungenalutho وَأَذِنَتۡ لِرَبِّهَا وَحُقَّتۡ ٥Futhi ulalela iNkosi yawo futhi kufanele ukwenze lokho يَٰٓأَيُّهَا ٱلۡإِنسَٰنُ إِنَّكَ كَادِحٌ إِلَىٰ رَبِّكَ كَدۡحًا فَمُلَٰقِيهِ ٦Oh muntu! Ngempela wena usebenzele iNkosi yakho ukusebenza okuphelele ekugcineni uzohlangana nayo فَأَمَّا مَنۡ أُوتِيَ كِتَٰبَهُۥ بِيَمِينِهِۦ ٧Mayelana nalowo onikezwa incwadi yakhe (yezenzo zakhe) esandleni sakhe sokunene فَسَوۡفَ يُحَاسَبُ حِسَابًا يَسِيرًا ٨Manjalo uyokwahlulela ngokwahlulela okulula وَيَنقَلِبُ إِلَىٰٓ أَهۡلِهِۦ مَسۡرُورًا ٩Futhi aphindele kubantu bakhe ejabulile وَأَمَّا مَنۡ أُوتِيَ كِتَٰبَهُۥ وَرَآءَ ظَهۡرِهِۦ ١٠Kepha lowo onikezwe incwadi yakhe (yezenzo zakhe) ngemumva komhlane wakhe فَسَوۡفَ يَدۡعُواْ ثُبُورًا ١١Manjalo uyobe ezifunela ukubhujiswa وَيَصۡلَىٰ سَعِيرًا ١٢Futhi angene emlilweni ovuthayo إِنَّهُۥ كَانَ فِيٓ أَهۡلِهِۦ مَسۡرُورًا ١٣Ngempela yena wayephakathi kwabantu bakhe (bakubo) ejabulile إِنَّهُۥ ظَنَّ أَن لَّن يَحُورَ ١٤Ngempela yena wayecabanga ukuthi angeke aphindele (kuMvelinqangi) بَلَىٰٓۚ إِنَّ رَبَّهُۥ كَانَ بِهِۦ بَصِيرًا ١٥Yebo! Ngempela iNkosi yakhe ngasosonke isikhathi yayimbona فَلَآ أُقۡسِمُ بِٱلشَّفَقِ ١٦Kepha lutho! Ngifunga ngobubomvu bokushona kwelanga وَٱلَّيۡلِ وَمَا وَسَقَ ١٧Futhi ngifunga nangobusuku kanye nalokho okwenza ukuthi kubemnyama وَٱلۡقَمَرِ إِذَا ٱتَّسَقَ ١٨Futhi ngifunga nangenyanga ngenkathi igcwala لَتَرۡكَبُنَّ طَبَقًا عَن طَبَقٍ ١٩Ngempela niyodlula izigaba ngezigaba فَمَا لَهُمۡ لَا يُؤۡمِنُونَ ٢٠Ngakho-ke kwenzenjani ngabo ukuthi bangakholwa na وَإِذَا قُرِئَ عَلَيۡهِمُ ٱلۡقُرۡءَانُ لَا يَسۡجُدُونَۤ ۩ ٢١Futhi uma befundelwa iQur’an abajabalali (abakhothami kuMvelinqangi) بَلِ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ يُكَذِّبُونَ ٢٢Kepha labo abangakholwanga bayaphika وَٱللَّهُ أَعۡلَمُ بِمَا يُوعُونَ ٢٣Futhi uMvelinqangi wazi kakhulu ngalokho abakugcina ngaphakathi kubona فَبَشِّرۡهُم بِعَذَابٍ أَلِيمٍ ٢٤Ngakho-ke batshele ngesijeziso esibuhlungu إِلَّا ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ لَهُمۡ أَجۡرٌ غَيۡرُ مَمۡنُونِۭ ٢٥Ngaphandle kwalabo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo okwabo ngumvuzo ongasoze wanqamuka