Chapter 100 · 11 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Surah Al-Adiyat in Zulu
Arabic with tafsir
Listen to Surah Al-Adiyat (1269 reciters)
بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
وَٱلۡعَٰدِيَٰتِ ضَبۡحًا ١Ngifunga ngalokho okugijimayo (amahashi) okukhefuzelayo فَٱلۡمُورِيَٰتِ قَدۡحًا ٢Okukhipha umlilo فَٱلۡمُغِيرَٰتِ صُبۡحًا ٣Amahashi ahlasela ekuseni فَأَثَرۡنَ بِهِۦ نَقۡعًا ٤Futhi ngifunga ngamahashi avusa uthuli فَوَسَطۡنَ بِهِۦ جَمۡعًا ٥Kanye nokufika lapho maphakathi beyisixuku إِنَّ ٱلۡإِنسَٰنَ لِرَبِّهِۦ لَكَنُودٌ ٦Ngempela umuntu eNkosini yakhe akabongi وَإِنَّهُۥ عَلَىٰ ذَٰلِكَ لَشَهِيدٌ ٧Futhi ngempela yena kulokho ungufakazi وَإِنَّهُۥ لِحُبِّ ٱلۡخَيۡرِ لَشَدِيدٌ ٨Futhi ngempela yena usothandweni kakhulu lengcebo ۞ أَفَلَا يَعۡلَمُ إِذَا بُعۡثِرَ مَا فِي ٱلۡقُبُورِ ٩Ngakube akazi yini ukuthi ngenkathi kusakazwa lokho okusemangcwabeni وَحُصِّلَ مَا فِي ٱلصُّدُورِ ١٠Futhi kwenziwa kwaziwa lokho okusezifubeni إِنَّ رَبَّهُم بِهِمۡ يَوۡمَئِذٍ لَّخَبِيرُۢ ١١Ngempela iNkosi yabo ngalolosuku (lokwahlulela) iyazi kabanzi ngabo
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.